Ukuphila Ngemva Kokufa—Imibuzo Engaphendulwanga
“UMA umuntu efa, uyakubuye aphile na?” (Jobe 14:14) Lombuzo, owaphakanyiswa emakhulwini eminyaka adlule inzalamizi uJobe, uye wacatshangelwa ngabantu kuyo yonke imiphakathi phakathi neminyaka edlule, futhi kuye kwavezwa izimpendulo eziningi.
AmaGreki akudala ayethi imiphefumulo yabafileyo yayiqhubeka iphila. Lena yayiweliswa ngaphesheya komfula iStyx iyiswa endaweni enkulu engaphansi komhlaba ebizwa ngokuthi izwe labafileyo. Lapho abahluleli babegweba imiphefumulo ukuba iye ekuhlushweni ejele elinezindonga eziphakeme noma iye enjabulweni enkulu eKhaya labangcwele. Abanye abantu bakudala babecabanga ukuthi imiphefumulo yayiba izinkanyezi noma amacomet. Abanye futhi babambelela ekutheni imiphefumulo yayikhanya futhi yayidonselwa phezulu enyangeni; nyanga zonke lapho inyanga isigcwele, imiphefumulo yayidluliselwa elangeni.
Namuhla, izimfundiso eziphathelene nokuphila ngemva kokufa zisaqhubeka zanda. AmaHindu namaBuddha akholelwa enkolelweni yokuphindukuzalwa. AmaMuslim afundisa ukuthi umphefumulo uyasinda ekufeni komzimba futhi ekwahlulelweni kokugcina uyoya epharadesi noma esihogweni. AmaProthestani amaningi afundiswa ukuthi imiphefumulo iqhubeka iphila ngemva kokufa ukuze ithole injabulo enkulu yasezulwini noma ukuhlushwa emalangabini esihogo. Kulokhu, ubuKatolika bunezela iLimbo nesihlanzo.
Kwamanye amazwe, izinkolelo eziphathelene nalokho okuthiwa kuyimiphefumulo yabafileyo ziyingxubevange eyinqaba yesiko lendawo nobuKristu bokuzisholo. Ngokwesibonelo, kungumkhuba wamaKatolika namaProthestani amaningi eNtshonalanga Afrika ukumboza izibuko lapho othile efa ukuze kungabikho muntu ongase abuke futhi abone umoya womuntu ofile. Ezinsukwini ezingamashumi amane ngemva kokufa kothandekayo, umndeni nabangane bazogubha umkhosi wokunyukela komphefumulo ezulwini. Ngemva kwalokho, ngokuvamile ngoKhisimusi noma ngoSuku LukaNcibijane, izihlobo zizovakashela emangcwabeni futhi zithele utshwala phezu kwethuna. Zizokhuluma ngisho nanofile, zicela izipho futhi zilandisa izindaba zomkhaya.
Ngokusobala, akukho ukuvumelana phakathi kwezinkolo zezwe ngokuthi kwenzekani ngempela ngemva kokufa. Nokho, cishe kunokuvumelana kwendawo yonke ephuzwini elilodwa elibalulekile: ukungafi komphefumulo womuntu. Izimfundiso eziningi eziphathelene nokuphila ngemva kokufa zimane nje ziyizinhlobonhlobo zaleliphuzu eliyisisekelo.
Nokho, imibuzo eminingana ebeleselayo iyaphakama: Pho uvelaphi umqondo wokuthi umphefumulo awufi? Ingabe uyafundiswa emiBhalweni? Uma kunjalo, kungani ngisho nezinkolo ezingezona ezobuKristu ziwufundisa? Lena akuyona imibuzo okumelwe inganakwa. Kungakhathaliseki ukuthi uyini umbono wakho ongokwenkolo, ukufa kuyiqiniso okumelwe kubhekwane nalo. Ngakho lezimpikiswano zikuhilela ngendlela engokomuntu siqu ejulile. Ngakho-ke siyakumema ukuba uhlolisise lezindaba ngomqondo ovulekile.