UJehova Wabusisa Ukuzimisela Kwami
NJENGOBA ILANDISWA NGURICHARD WUTTKE
“Uzokufa phakathi nezinyanga ezintathu!” “Usho ukuthini?” “Yilokho udokotela obonane naye eAssis angitshele khona,” kuphendula umfowethu uWilliam.
KODWA ngangifuna ukuphila, hhayi ukufa. Ngokokuqala ngqá, ngathandazela usizo kuNkulunkulu. Ngokujabulisayo, eminyakeni engu-46 kamuva, ngingasho ukuthi nakuba udokotela engazange asho ukuthi inkinga yami yayiyini, ukuxilonga kwakhe kwakunephutha. Nokho, ukwethuka kwangenza ngacabanga ngenjongo yami ekuphileni nesidingo sokukhonza uMdali wethu.
Umkhaya Othuthayo
Lapho ngizalwa ngoNovember 11, 1921, abazali bami babehlala eGrosen, idolobha elincane elisempumalanga yeJalimane. Bazalelwa eRashiya bezalwa abafuduki abangamaJalimane. Kodwa, lapho ukuvukela kwamaBolshevik ngo-1917 kungenisa ubuKhomanisi, bona nabanye abadabuka eJalimane badingiswa futhi balahlekelwa yiyo yonke impahla yabo. Ngemva kohambo olude ngesitimela esithwala izimpahla, abazali bami nabantwana babo abancane bafika emngceleni waseJalimane. Nokho, benqatshelwa ukungena futhi kwakumelwe bathathe uhambo lokuphindela eRashiya. Nalapho benqatshelwa ukuphinde bangene, ngakho kwadingeka ukuba babuyele eJalimane. Ngemva kwezinyanga eziningi zobunzima, ekugcineni bavunyelwa ukungena kulelozwe.
Lapho ngineminyaka eyishumi ubudala, ubaba washona. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-1933, uHitler waqala ukubusa, futhi ngaphoqeleka ukuba ngizihlanganise nenhlangano yeNtsha YamaNazi. Phakathi nokubusa kukaHitler, amaJalimane ayezalelwe kwamanye amazwe aba nezinkinga, futhi kwakunobufakazi bokuthi iJalimane yayilungiselela enye impi. Ngakho sanquma ukuthuthela eBrazil, sikhuthazwa abanye abase bethuthele lapho kakade. Safika eSantos, eBrazil, ngoMay 1936.
Ngemva kokusebenza izinyanga ezimbalwa emasimini ekhofi, sathenga ipulazi elincane endaweni evundile eduze naseMaracaí ezweni laseSão Paulo. Lapho sisakha indlu yethu, sakwazi ukuhlala emzini womfundisi waseLuthela. Wasikhuthaza ukuba size esontweni lakhe kodwa lapho yena, futhi kamuva nowamlandela esikhundleni, eqala ukukhuluma ngezombangazwe ezintshumayelweni zakhe, salishiya isonto.
Ukuhlangana Okokuqala Neqiniso LeBhayibheli
Cishe kwakungalesikhathi lapho umfowethu angitshela khona ngokuxilonga kukadokotela okwethusayo. Ngakho ngaya eSão Paulo ukuze ngithole umbono wesibili. Ngenkathi ngiselapho, umkhaya engangihlala nawo wavakashelwa umngane wawo, uOtto Erbert. Wayengomunye woFakazi BakaJehova, futhi waqala ukufakaza kithi. Nokho, lomkhaya awuzange ukwazise lokho ayekusho, futhi bonke baphuma endlini ngamunye ngamunye, bengishiya nesivakashi sabo.
UOtto wakhuluma nami cishe amahora amabili ngendaba yesihogo somlilo; ukungafi komphefumulo; uNkulunkulu weqiniso, uJehova; uMbuso wakhe; nethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Yeka ikusasa elikhazimulayo angibonisa lona! Yeka ukuthi kwakwehluke kanjani kulokho engangikufunde eSontweni laseLuthela! Ekugcineni, uOtto wabuza: “Ukholelwa ezimfundisweni zamanga zeLobukholwa noma eBhayibhelini?”
“EBhayibhelini,” ngiphendula.
“Khona-ke litadishe,” wanxusa, enezela: “Uma ufuna ukuzwa okwengeziwe ngalo, ufike uzongibona.” Njengoba ngakuthanda engangikuzwile, ikakhulukazi mayelana nokuphila phakade emhlabeni, ngaya kombona ngosuku olulandelayo. Leyongxoxo yesibili yangiqinisekisa ukuthi ngase ngilitholile iqiniso ‘elikhulula isintu.’ (Johane 8:32) Ngabuya nencwajana ethi, Health and Life, nesimemo sesifundo seBhayibheli ngesiJalimane.
Ukugcwalisa Isifiso Sami Esijule Kakhulu
Phakathi nalesosikhathi, ngathola ukwelashwa okufanele futhi ngakwazi ukuphindela ekhaya. Ngahamba no-Otto Erbert ukuze angivakashele. Umama wajabula kakhulu ngokuthi ngangitadisha iBhayibheli, incwadi eyayihlala isetafuleni lakithi kodwa ingafundwa. Ngemva kokuba uOtto ebuyele eSão Paulo, ngangiba nesifundo seBhayibheli nomkhaya wakithi cishe njalo kusihlwa, ngangokusemandleni ami. Ngajabula kakhulu lapho umama, umfowethu uRobert, nodadewethu uOlga bonke bamukela isigijimi seqiniso. Ikhaya lakithi lalilokhu liyisikhungo semibuthano yokuzijabulisa, kodwa cishe ngemva kokuba sesifakaze izinyanga ezimbili, cishe lalingasenamuntu. Omunye wababevame ukuza ekhaya lakithi wathi: “Uma niqhubeka nalokhu, nizogcina nisesibhedlela sezinhlanya!”
Nokho, isifiso sami sokukhonza uJehova saqhubeka sikhula. Ngathola izincwadi ezengeziwe, futhi ngangifunda kuze kube sebusuku kakhulu. Kodwa zonke izincwadi zazibhalwe ngesiJalimane, futhi ngaqaphela ukuthi uma ngizofundisa abanye, kwakuzomelwe ngifunde isiPutukezi. Ngakho, ngo-1945, ngathuthela eSão Paulo ukuze ngifunde isiPutukezi. Ngahlala no-Otto Erbert, kamuva owashada nodadewethu uOlga.
Nginabanye abacishe babe ngu-50, ngaqala ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso okwakuwukuphela kwalo eSão Paulo. Lelobandla elilodwa manje liye lakhula laba amabandla angaphezu kuka-510 engxenyeni enkulu yeSão Paulo, nabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-50 000. NgoJanuary 6, 1946, ngabhapathizwa ngibonakalisa ukuzinikezela kwami ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngawo lowonyaka ngaba khona eMhlanganweni Ongokwasezulwini “Wezizwe Ezithokozayo” eSão Paulo, umhlangano wami wokuqala omkhulu. Yeka indlela okwakuhlaba umxhwele ngayo ukubona abantu abangu-1 700 bekhona ngeSonto! Kulomhlangano ngahlangana no-Otto Estelmann, owangikhuthaza, ethi: “Richard, usemusha; unempilo enhle; ngakho yiba yiphayona.”
Ngangike ngayicabangela inkonzo yesikhathi esigcwele ngaphambili, kodwa manje ngenze njalo ngokungathi sína ngokwengeziwe. Mina kanye nabanye ababili sazibekela isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha kusengaphambili esasizoqala ngaso. Lapho lesikhathi sifika, ngabuza: “Senikulungele ukuqala?” Akekho kubo owayekulungele. Ngakho ngabatshela ukuthi ngangizoqala noma kunjalo. “Uzoba nezinkinga,” bexwayisa. Kodwa nganamathela esinqumweni sami. NgoMay 24, 1947, ngathola isabelo sami njengephayona elivamile.
Iminyango Yenkonzo Emisha Iyavuleka
Insimu yami yayinkulu kakhulu, njengoba yayihlanganisa izindawo zokuhlala nezamabhizinisi zaseSão Paulo. Ngahambisa amakhulukhulu ezincwadi nezincwajana inyanga ngayinye. Ngolunye usuku ekuseni ngangena endlini enkulu eyayinamadoda amaningana esebenza. Ngaya endodeni yokuqala futhi ngayinikeza incwadi ethi “I Qiniso Li Ya Ku Nikulula.”
“Unezincwadi ezingaki esikhwameni sakho?” ibuza.
“Cishe ezingu-20,” ngiphendula. Yazithatha zonke yanika indoda ngayinye eyayilapho. Ngathola ukuthi kwakusehholo ledolobha!
Nokho, injabulo yami enkulu kakhulu kwakuwukuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Phakathi neminyaka emine nje, ngosizo lukaJehova, abangu-38 balabo engangifunda nabo babhapathizwa. Abaningana bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Phakathi kwabo kwakunoAfonso Grigalhunas, owakhonza njengephayona elisizayo iminyaka engaphezu kweyishumi, kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1988—futhi enomlenze wokufakelwa. Khona-ke kwakukhona nomkhaya wakwaCiuffa. UFrancisco, indodana, wakhonza iminyaka eminingi njengombonisi ojikelezayo, futhi udadewabo, uÂngela, useyiphayona namanje.
Ngo-1951 ngamenyelwa ukuba ngibe umbonisi ojikelezayo. Isabelo sami sasihlanganisa izingxenye ezinkulu zasezindaweni zaseRio Grande do Sul naseSanta Catarina. Izinkulungwane zabantu abadabuka eYurophu zazihlala lapho eBrazil eseningizimu. Ngangihambela ikakhulu abantu abangabodwa namaqembu, njengoba kwakunamabandla ambalwa ngalesosikhathi. Kwakunemifula eminingi kodwa amabhuloho embalwa, okwakusho ukuwela imifula emincane ngibelethe ipotimende ngiphethe umshini wokubhala nesikhwama sezincwadi ngezandla. Imigwaqo yayingagandayiwe futhi igcwele izigodi. Ukuze ngivikele izingubo zami ezintulini, ngangigqoka ijazi elilula. Lokhu kwenza abanye bacabanga ukuthi ngangiwumpristi wabo omusha, futhi bazama ukuqabula isandla sami.
Ukulwela Izithakazelo ZoMbuso
Njengoba ngangizama ukuzigcina nginombono okhanyayo ngezinkinga, nasi isimiso engasilandela: Uma abanye bekwazi ukuhlala kude kangaka namadolobha, behamba kulezindlela futhi bewela kulemifula, kungani ngingeke ngikwenze okufanayo, ikakhulu njengoba nginesigijimi esibaluleke kangaka okumelwe ngisilethe?
Izinkinga zohlobo olwehlukile zazivame ukuphakama emadolobhaneni amancane. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi senza amalungiselelo okuba nomhlangano esikoleni sasendaweni esiseduze nepaki. Ngakolunye uhlangothi lwepaki kwakunenkantini encane kanye nesonto lamaKatolika. Lapho uthisha engafiki ukuzovula isikole, nganquma ukunikeza inkulumo epaki. Ngokushesha ngemva kokuba inkulumo iqalile, amadoda ayisithupha aphuma enkantini futhi aqala ukumemeza nokusikhomba ngezandla. Kamuva sathola ukuthi ayekhokhelwe umpristi ukuba enze lokhu.
Ngaqala ukukhuluma kakhudlwana, ngibheke ngqó kuwo. Ayeka, futhi enye yathi: “Ukhuluma ngoNkulunkulu. Umpristi angasho kanjani ukuthi ungokaDeveli?” Lapho umpristi ebona ukuthi lamadoda awawuhlakazi umhlangano, wangena emotweni yakhe eyiveni wazungeza ipaki, ememeza, “Noma ubani ongumKatolika kumelwe angabibikho kulomhlangano!” Akukho muntu owanyakaza, futhi umhlangano waqhubeka ngokuthula.
EMirante do Paranapanema, eSão Paulo, ngahambela isikhulu samaphoyisa ukuze ngichaze isimo somsebenzi wethu ngicele nokusebenzisa ihholo elithile ngenjongo yenkulumo yeningi. Wasihlelela ukuba sisebenzise ihholo lekilabhu. Samtshela nokuthi sasizolungiselela amapheshana amemezela inkulumo. “Nizobe niwasakaza kuyiphi ingxenye yedolobha?” ebuza. Sesimtshelile, wacela amanye ukuze awasakaze kwenye ingxenye yedolobha. NgeSonto weza enkulumweni, ehambisana namaphoyisa amabili, njengoba asho, “ukuze alondoloze ukuhleleka.”
“Uyafuna ngethule inkulumo yakho?” ebuza.
“Ngingakujabulela lokho,” ngiphendula, “kodwa ake ngikuchazele ukuthi sizethula kanjani izikhulumi zethu.” Ngemva kokungethula, wahlala phansi khona esiteji ukuze alalele. Uyazi, kwakuyizilaleli eziziphethe kahle kakhulu. Asizange sibe nayo inkinga lapho, nembala kunamaphoyisa amabili ngasemnyango nesikhulu sihlezi esiteji!
NgoMarch 1956 ngamiswa njengombonisi wesigodi futhi ngakhonza imihlangano kulo lonke elaseBrazil. Amabanga okuhamba ayemakhulu. Ngesinye isikhathi kwathatha izinsuku ezintathu ukusuka komunye umhlangano kuya kolandelayo. Engxenyeni yezwe engasenyakatho, ngezinye izikhathi kwakuhanjwa ngemoto enjengeveni. Lezimoto zazingenawo amafasitela ngaleyondlela zishaya umoya kahle kakhulu, okwakuwumbono omuhle, ngoba abagibeli babehlanganisa izinkukhu nezingulube!
IGileyadi Iqinisa Ukuzimisela Kwami
Yeka ukuthi kwakuvusa amadlingozi kanjani ukuba khona eWatchtower Bible School of Gilead ngo-1958! Ikilasi lethu lathweswa iziqu ngalelohlobo emhlanganweni owawuseYankee Stadium nasePolo Grounds, lapho abangu-253 922 bevela emazweni angu-123 ahlukene baba khona enkulumweni yeningi. Yeka umbukwane! Khona-ke ngabuyela eBrazil, ngizimisele kunanini ngaphambili ukuqhubeka ngimemezela uMbuso kaJehova.
Ngo-1962 ngashada noRuth Honemann, owayesekhonze iminyaka engaphezu kweyisithupha kakade njengesithunywa sevangeli eBrazil. Selokhu sashada ngiye ngaqhubeka ngijabulela amalungelo engeziwe enkonzo, ukuqhuba izifundo eSikoleni Senkonzo SoMbuso naseSikoleni Senkonzo Samaphayona, kuhlanganise nokuhola ekulungiseleleni imihlangano yesizwe neyezizwe zonke nasekwakheni iHholo LoMhlangano lokuqala eSão Paulo.
Njengamanje sijabulela ilungelo elikhulu kunawo wonke enkambweni yethu engokwasezulwini njengamalungu omkhaya waseBethel yaseBrazil. Lapho ngibheka emuva eminyakeni engaphezu kuka-40 yenkonzo yesikhathi esigcwele, engu-35 yayo njengombonisi ojikelezayo, ngingasho ngithi ibigcwele intshiseko ejabulisayo, enikeza umvuzo. (IzAga 10:22) Ngiye ngafunda okuningi enhlanganweni kaJehova, kuhlanganise nesidingo sokubonisa uzwela, ukuba umngane hhayi ubasi, nokungabi matasa kakhulu kangangokuba ngingakwazi ukunakekela izidingo zabanye. Ekuphetheni, ngingathanda ukusho, ikakhulukazi entsheni, lokho okwashiwo uMzalwan’ uEstelmann kimi eminyakeni eminingi edlule: “Usemusha; unempilo enhle; ngakho yiba yiphayona!”
[Isithombe ekhasini 29]
Ikhaya lethu lamanje, iBethel yaseBrazil