Kwenzekeni Esimweni Somuntu Esingokwemvelo?
“Kungani kukhona unya olwenziwa ezinganeni kulenkathi? Kungani kukhona unya olwenziwa ezilwaneni? Kungani kukhona ubudlova? . . . Kungani abantu beba amaphekula? Kungani abantu beba abathandi bezidakamizwa? . . . Kungani, lapho benayo yonke into, abanye abantu bephendukela kulezozinto eziyisisekelo eziwohloza yonke impucuko?”
LEYOMIBUZO yabuzwa obala ngundunankulu waseBrithani. Mhlawumbe nawe uye wabuza imibuzo efana nalena izikhathi eziningi. Ingabe zikhona izimpendulo ezanelisayo oye wazithola?
Lapho ecacisa imibuzo yakhe, undunankulu waseBrithani wathi: “Iminyaka eminingi lapho ngisemncane futhi ngikwezombangazwe ngawo wonke amathemba ami nangemigomo nangezifiso, kimi nakontanga bami abaningi kwabonakala sengathi uma kwakungafika inkathi lapho sasingaba nezindlu ezinhle, imfundo enhle, izinga lokuphila elikahle, khona-ke yonke into yayiyolunga futhi kwakumelwe sibe nekusasa elihle nelithokomele ngokwengeziwe. Manje sesiyazi ukuthi akunjalo. Sibhekene nezinkinga ezingokoqobo zesimo somuntu esingokwemvelo.”—Omalukeke sizenzele.
Isimo somuntu esingokwemvelo singachazwa ngokuthi “inkimbinkimbi yezimo eziyisisekelo nezici zabantu.” Ngokusobala, izimo nezici eziphikisanayo zingabangela izinkinga ngezinga lomuntu siqu, lesizwe, ngisho nelezizwe zonke. Kodwa kungezinga elingakanani ngempela isimo somuntu esingokwemvelo esingasolwa ngalo ngenxa yokuthambekela kobudlova okuyingozi kwanamuhla, ubuphekula, ukushushumbiswa kwezidakamizwa, nokunye okunjalo?
Ingabe yisimo somuntu esingokwemvelo sodwa okumelwe sisolwe ngenxa yezimo ezisongela “ukuwohloza yonke impucuko”? Noma ingabe zikhona ezinye izici okumelwe sizicabangele ukuze sichaze ukuthi kungani abantu bedonseleka kalula kangaka emikhubeni ehlazisayo, yobugovu uma bebengaphishekela iminako ephakeme, emihle? Ake sibone.