Imuphi UNkulunkulu Omkhulekelayo?
KUWO wonke umhlaba, abantu bangaphendula lowombuzo ngezindlela eziningi ezihlukene. Umphostoli uPawulu waphawula: “Bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,” futhi namuhla onkulunkulu abakhulekelwayo babalelwa ezigidini. (1 Korinte 8:5) Nokho, ubuwazi yini ukuthi abantu abaningi bakhulekela unkulunkulu ohlukile kulowo abacabanga ukuthi bayamkhulekela? Futhi ubuqaphela yini ukuthi iningi labangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu lizinikele ngokwengeziwe kunalabo abakholelwa kunkulunkulu othile? Ngayiphi indlela?
Nokho, enye incazelo yokukhulekela “ukubheka ngenhlonipho enkulu, ngisho neyeqile, ukwazisa, noma ukuzinikela.” Ezilimini zokuqala zeBhayibheli, amagama okukhulekela aphethe umqondo wokukhonza noma ukukhothama phambi kothile. Sinalokhu engqondweni, ake sibone ukuthi abantu bangalenza kanjani iphutha ngokuphathelene nalowo noma nalokho abakukhulekelayo.
Ukukhulekela Okuxubile
Cabangela ngokwesibonelo amaSamariya asendulo. Amaningi awo ngaphambili ayengabafokazi ama-Asiriya abafaka ePalestina ukuze athathe indawo yezizwe zasenyakatho eziyishumi zakwaIsrayeli ezazisekudingisweni. Ngaphambili, ayelandele onkulunkulu bamaqaba, kodwa manje enza umzamo wokufunda ngoJehova, uNkulunkulu kaIsrayeli. Ingabe ayishiya inkolo yawo endala? Cha. IBhayibheli liyabika: “Benza njengemithetho yabo yakuqala. Zesaba-ke lezozizwe uJehova, kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo.” (2 AmaKhosi 17:40, 41) Ngakho amaSamariya, nakuba ezisholo ukuthi ayamqaphela uJehova, ayesakhonza onkulunkulu bawo abadala, ngaleyondlela eqhuba uhlobo lwenkolo exubile.
Okuthile okufanayo kwenzeka lapho abavangeli bengenisa ubuRoma Katolika eNingizimu Melika. Baphendula iningi lezakhamuzi, kodwa njengamaSamariya asendulo, izakhamuzi azibakhohlwanga onkulunkulu bazo bakuqala. Ngaleyondlela, eBrazil imikhuba yobuqaba yokulumba isahlonishwa “amaKristu,” njengoba kunjalo ngemicimbi yokuhlonipha onkulunkulu basendulo, njengonkulunkulukazi uIemanjá. Izinto ezifanayo ziyenzeka kwamanye amazwe aseNingizimu Melika.
Ngaphezu kwalokho, inkolo labobavangeli abayingenisa eNingizimu Melika ngokwayo yayiyinkolo exubile. Eziningi zezimfundiso zayo, njengoZiqu-zintathu, isihogo somlilo, nokungafi komphefumulo, kwavela ezinkolweni zobuqaba zasendulo namafilosofi. Ngokuqinisekile zazingekho eBhayibhelini. Ngokufanayo, amadili ayo—kuhlanganise noKhisimusi namaEaster—ayenomsuka ongewona owobuKristu.a Ingabe kungenzeka ukuhlanganyela emikhosini enjalo yobuqaba futhi kukholelwe ezimfundisweni ezinjalo ezingezona ezobuKristu futhi ngesikhathi esifanayo kukhulekelwe uNkulunkulu weBhayibheli, owathi: “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami”? (Eksodusi 20:3) Ngokuqinisekile akunakwenzeka!
“Zilindeni Ezithombeni”
Cabangela enye indlela abantu abakhohliseka ngayo endabeni yokukhulekela. Umphostoli uJohane wabhala: “Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.” (1 Johane 5:21) Cishe abantu abayizigidi eziyinkulungwane babalwa njengabangaphansi kweLobukholwa, futhi laba ngokunokwenzeka bazisholo ukuthi bakhulekela uNkulunkulu ofanayo nalowo owayekhulekelwa uJohane. Nokho, amakhulu ezigidi abo akhothamela izithombe “zosanta,” zikaJesu, nezencasakazi uMariya.
Kunezinye izinhlobo ezinobuqili zokukhulekela izithombe. Ngonyaka ka-44 C.E., iNkosi uHerode Agripha wethula inkulumo yasobala, futhi abantu bajabula kakhulu kangangokuthi bamemeza: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.” (IzEnzo 12:21, 22) Yebo, benza uHerode isithixo, bemenza unkulunkulu. Izinto ezifanayo ziyenzeka namuhla. Ezinsukwini ezinobudlova lapho ubuNazi babuthatha amandla okubusa eYurophu, isiqubulo esithi “Heil Hitler!” ngempela sasiwukwenanela kokudumisa. Abaningi babezimisele ukulwela nokufela iFührer njengokungathi yayingunkulunkulu, umsindisi wesizwe. Nokho, iningi lalabo ababebonisa leyonhlonipho babengamalungu amasonto eLobukholwa!
Ngaphambi nangemva kukaHitler, abanye abaholi bezombangazwe baye baziphakamisa ngokufanayo njengabasindisi futhi bafuna ukuzinikela okukhethekile. Labo abazinikela benza lamadoda aba onkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi labo “bakhulekeli” babengabayiphi inkolo ehleliwe noma ngabe babezisholo ngisho nokuthi abakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Inhlonipho abadlali abaphambili abathandwayo, abadlali bamabhayisikobho, nabanye abantu bezokuzijabulisa abayithola kubalandeli babo iyefana nokukhulekela.
Ukukhulekelwa Kwemali
Ngaphezu kwalokho, cabanga ngalokho okwakushiwo amazwi kaJesu lapho ethi: “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.” (Mathewu 6:24) Ingabe ukhona othile omaziyo ongowenkolo ethile kodwa osithakazelo sakhe esiyinhloko ekuphileni siwukuba nemali eningi? Ubani-ke amkhonzayo lowo ngempela, uNkulunkulu noma ingcebo? Bangaki abangakholwa obaziyo ababambeke ekusanganisweni ukuphishekela imali? Ngokuqinisekile, nabo futhi bangabakhulekeli bemali, mhlawumbe bashiseka ukwedlula abakholwayo abaningi.
Umphostoli uPawulu wachaza isimiso esifanayo lapho ebhala: “Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.” (Kolose 3:5) Uma sifisa into ethile ngokunamandla kangangokuba sinikele wonke amandla ethu ekuyitholeni, mhlawumbe sephule nomthetho lapho senze njalo, khona-ke leyonto iyisithixo kithi, ingunkulunkulu. (Efesu 5:5) Kwenye incwadi, uPawulu wabhala ngabenzi bobubi abathile: “Abankulunkulu wabo yisisu.” (Filipi 3:19) Uma injongo yethu eyinhloko ekuphileni iwukuzithokozisa thina, ngomqondo ongokomfanekiso sisuthisa isisu sethu, khona-ke singunkulunkulu wethu siqu. Bangaki obaziyo abakhulekela loluhlobo lukankulunkulu?
Yebo, njengoba umphostoli uPawulu abhala: “Bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi.” Futhi ezimweni eziningi, abakhulekeli babo banjengamaSamariya asendulo, bakhonza omunye unkulunkulu ngamazwi abo nomunye ngezenzo zabo. Nokho, eqinisweni kukhona uNkulunkulu oyedwa ofanelwe ukukhulekela kwethu. Ingabe uyazi ukuthi ungubani? Ngaphezu kwalokho, kunento eyodwa ehlanganisa ukukhulekelwa kwabo bonke onkulunkulu ngaphandle kwakhe. Yini leyo? Sizobona esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, amakhasi 212-13, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.