Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukushumayela Izindaba Ezinhle ‘Ekugcineni Komhlaba’
“LELIVANGELI lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” Washo kanjalo uJesu kubafundi bakhe ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe. Ngokushesha ngemva kokuvuka kwakhe, waqhubeka wathi: “Nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (Mathewu 24:14; IzEnzo 1:8) Namuhla, leziprofetho zigcwaliseka emazweni angaphezu kuka-200, kuhlanganise nezwe laseNingizimu Melika lasePeru.
OFakazi abangaphezu kuka-32 000 bashumayela izindaba ezinhle kulelozwe elihle, futhi insimu yabo ngokuqinisekile ihlanganisa ezinye zezingxenye ezikude kakhulu zomhlaba: iAndes ephakeme, efinyelela ukuphakama kwamamitha aphakathi kwangu-4 000 nangu-4 500, kanye nehlanze elishisayo laseAmazon, lapho abantu bengafinyeleleka khona kuphela ngezikebhe zasemfuleni. Igatsha lasePeru liyabika:
◻ “Endaweni yasehlanzeni, sinamaphayona akhethekile ayisishiyagalombili abelwe izikebhe zasemfuleni ezimbili okuthiwa amalancha. Lezikebhe zidinga amanzi ajule [ngamamitha angu-0,3] kuphela ukuze zintante, ngakho kuye kwaba nokwenzeka ukuba ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kuqhutshekiselwe ezindaweni eziningi ezintsha emifudlaneni emincane. Kuze kube manje, abazalwane abasebenzisa lezikebhe baye bahambisa amakhulu ezinkulungwane zomagazini, izincwadi namaBhayibheli kuyo yonke iAmazon Valley yasePeru. Ngenxa yalokho ngokuqondile, kuye kwamiswa amabandla amasha amane, kanye namaqembu angawodwa amahlanu abika umsebenzi naba nemihlangano. Kwethenjwa ukuthi lamaqembu ngokushesha azoba amabandla.”
◻ Elinye idolobha lasehlanzeni lakhula lazungeza isiteshi sokumpompa somjikelezo kawoyela weTrans-Andes, othwala uwoyela osuka ehlanzeni unqamule iAndes ephakeme uze uyoshaya ogwini olusentshonalanga. Ngenxa yokuba khona kwezisebenzi zasemjikelezweni kawoyela, lelidolobha lalinezindawo zotshwala ezingaba ngu-20 futhi laziwa njengendawo yokudakwa nokuzijabulisa. Nokho, ngemva kokuba amaphayona akhethekile enikeze ubufakazi obugcwele, abaningi basabela esigijimini soMbuso, futhi manje kunezindawo zokuphuzela ezine kuphela ezisasele edolobheni! Phakathi nokuhambela kwamuva kombonisi wesifunda, kweza abantu abangu-189 enkulumweni yeningi. Manje kuneqembu labamemezeli abayisikhombisa kulelidolobha, futhi abantu abangaphezu kuka-45 baba khona kuyo yonke imihlangano. Ngokushesha, ngesibusiso sikaJehova, kufanele libe yibandla.
◻ Kwelinye lamabandla angu-221 asenhloko-dolobha yasePeru, iLima, indoda eneminyaka engu-29 ixoxa ngendlela eyathola ngayo iqiniso. Ngemva kokuba ishiye isikole ineminyaka ewu-13 ubudala, yazihlanganisa neqembu lezidlwangudlwangu futhi yaqala inkambo yokuphila yokulwa, ukusebenzisa imilaliso, nokuziphatha kabi. Ngemva kweminyaka emibili yenkonzo yezempi eyimpoqo, yaqala ukuba nezinkinga ezingokwengqondo. Khona-ke, ngo-1983, udade othobekile, omnene wayithola enkonzweni yakhe yendlu ngendlu. Ngokokuqala ngqá, yezwa ngezwe elisha lothando nokuthula. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli, futhi ngosizo lothando lwebandla nangamandla kaJehova, yakwazi ukunqoba imikhuba yayo emibi. Ngo-1986 yabhapathizwa futhi manje isikhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni.
Ngempela, amazwi kaJesu athi uMbuso uyoshunyayelwa “kuze kube-sekugcineni komhlaba” ayagcwaliseka ePeru kanye nemiphumela emangalisayo, ngokwenzuzo yabaningi abalambele nabomele iqiniso kulelozwe.