Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Yonke ImiBhalo Ayifunda Yangithinta Inhliziyo”
“IZWI likaNkulunkulu liphilile, linamandla,” kusho umphostoli uPawulu. (Heberu 4:12) Lokhu kwaba yiqiniso ekuphileni kowesifazane waseVietnam owakhula engumBuddha. Nansi indaba yakhe.
“Abazali bami, abasahlala eVietnam, bangamaBuddha ngegama, ngakho ngakhula ngingumBuddha kwaze kwaba yilapho ngishada ngineminyaka engu-22. Abasemzini bazama ukungiphoqa ukuba ngibhapathizwe eSontweni LamaKatolika. Bathi umamezala wami owayeshonile wayevinjelwe ukuba aye ezulwini ngoba ngangingumBuddha! Ekuqaleni ngenqaba ukukwenza, kodwa kamuva ngabhapathizwa ukuze ngibajabulise. Nokho, ekujuleni kwenhliziyo yami, ngazizwa ngiyinhlekisa ngoba ngangibuzonda ubuzenzisi obuseSontweni LamaKatolika. Lalingahlukile enkolweni yobuBuddha. Nalo ngokufanayo lalihilelekile empini nakwezombangazwe, futhi zombili lezinkolo zazikhuthaza ukukhulekelwa kokhokho.
“Ukuba ngahlala eVietnam, ngangiyoba nethuba elincane kakhulu lokufunda iqiniso. Ngakhula ngesikhathi kuneziyaluyalu ezingokombangazwe eNingizimu yeVietnam, futhi ngangihlala edolobheni elikude kakhulu naseSaigon. Ngakho kwaba isibusiso ukuba ngikwazi ukubalekela eAustralia.
“Ngangingomunye wabantu aba-ba nenhlanhla kakhulu ababehamba ngesikebhe. Ngigone usana lwami olunezinyanga ezimbili ubudala, kwadingeka ngigijime ebumnyameni ukuze ngibalekele amaphoyisa futhi ngingene esikebheni esincane sokudoba. Ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa sisolwandle, safika eMalaysia, lapho sahlala khona izinyanga ezimbalwa enkanjini yababaleki ngaphambi kokuba size eAustralia.
“Ngemva kweminyaka emibili nengxenye ngiseAustralia, ngahlangana noFakazi BakaJehova enkonzweni yabo yendlu ngendlu. Ekuhambeleni kokuqala, ngasamukela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke ngoba ngabona ukuthi leli yithuba elihle lokufunda isiNgisi. Kodwa ukuziphatha kukaFakazi owangithola kanye neqiniso ayengifundisa lona kwangihlaba umxhwele kakhulu. Yonke imibhalo ayeyifunda yangithinta inhliziyo, futhi ngangingabuboni ubuzenzisi enhlanganweni kaJehova. Ngemva kokufunda iBhayibheli unyaka owodwa nengxenye, nganikezela ukuphila kwami kuJehova futhi ngabhapathizwa.
“Kumelwe ngisho ukuthi iqiniso liye lawushintsha wonke umbono wami ngokuphila. Umyeni wami akakholwa, kodwa uJehova uye wangisiza futhi wangisekela, kanye nomkhaya wami omncane. Uye waba nguMfundisi wami Omuhle futhi uye wangifundisa ukuba ngibe inkosikazi nomama ongcono. Ngiyaqhubeka ngibonga uJehova ngokuthi uye wangisiza ukuba ngiphume ebumnyameni obungokomoya ngize ekukhanyeni kweqiniso leBhayibheli.”
Yiqiniso, iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe lanikeza amandla okwenza okuhle kulokhu. Ukufunda iBhayibheli nokusebenzisa okufundwayo kwenza ukuphila kube nenjongo futhi kuholela ekuphileni okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu aphefumlela uMose ukuba athi, “akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu.”—Duteronomi 32:47.