Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 4/15 kk. 5-7
  • Ukuthula Okuhlala Njalo Kuyofika Nini Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthula Okuhlala Njalo Kuyofika Nini Ngempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu Ongaletha Ukuthula
  • Izenzakalo Eziholela Ekuthuleni Okuhlala Njalo
  • Isibonakaliso Sokugcina
  • Ukuthula Kweqiniso—Kuvela Kumuphi Umthombo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ubani Oyoholela Isintu Ekuthuleni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • “Ukuthula KukaNkulunkulu” Makulondoloze Inhliziyo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Funa Ukuthula Kweqiniso, Ukuphishekele!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 4/15 kk. 5-7

Ukuthula Okuhlala Njalo Kuyofika Nini Ngempela?

“IMPI ingenye yezinto ezihlala zikhona emlandweni, futhi ayizange inciphe lapho kufika impucuko noma isimiso sokubusa ngentando yeningi,” kubhala uWill noAriel Durant encwadini yabo ethi The Lessons of History. “Ukuthula kuyisimo sokuzinza esintengantengayo, esingalondolozwa kuphela ngokuba omunye avume ubukhulu bomunye noma ukuthi bayalingana.”

Ngempela, naphezu kwemizamo emikhulu, isintu kuze kube manje sihlulekile ukuthola ukuthula okuhlala njalo. Ngani? Isizathu siwukuthi izimbangela zempi zijule kakhulu ngaphezu kwemizabalazo engokombangazwe, yezindawo, noma yezenhlalo esikwaziyo ukuyibona. AbakwaDurant baphawula: “Izimbangela zempi ziyafana nezimbangela zokuncintisana phakathi kwabantu ngabanye: Ukuhaha, ukuthanda ukulwa, kanye nokuqhosha; ukufisa ukudla, izwe, okokwenza izinto, amafutha, ukubusa.”

Nokho, iBhayibheli ngokuyinhloko liphawula imbangela ejulile yombango nempi phakathi kwabantu ngabanye nangezinga elikhulu. Siyafunda: “Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi-lutho; niyalwa nenza impi.”—Jakobe 4:1, 2.

Khona-ke, inkinga ngamafuphi iwukuthi: Ukuze ukuthula kweqiniso kufike, kumelwe singasusi kuphela izimpawu—izimpi, ukuhlubuka emibusweni, ukuketula nokuvukela imibuso—kodwa nezimbangela ezijulile—ukusola, ukuhaha, inzondo, ubutha—kubo bonke abantu. Lezi kumelwe zithathelwe indawo izenzo ezivumelana nezimfanelo zokungabi nabugovu ezinjengothando, umusa, ukwethemba nokupha. Ingabe ukhona umuntu okwaziyo ukufeza lokhu? Uma kuxhomeke kubantu basemhlabeni abangaphelele nabafayo, impendulo kumelwe ibe ngucha. Kodwa kukhona othile lokhu okungenzima kakhulu ngaye. Lona yiLowo ongaphendula umbuzo othi: Ukuthula kuyofika nini ngempela?

Umuntu Ongaletha Ukuthula

Emakhulwini acishe abe ngu-28 eminyaka adlule, umprofethi uIsaya waphefumlelwa ukuba athi: “Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso [wobukhosi, NW] uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso [wobukhosi, NW], uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”—Isaya 9:6, 7.

Uphawu lwalomuntu ozoletha ukuthula okungenakuphela kamuva lembulwa kwabonakala kungenakuba omunye ngaphandle kukaJesu Kristu, “iNdodana yoPhezukonke.” (Luka 1:30-33; Mathewu 1:18-23) Kodwa kungani lona ezophumelela kuyilapho wonke amanye amakhosana nababusi behlulekile? Okokuqala, kufanele kuphawulwe ukuthi ‘lowomntwana’ othenjisiwe wayengeke ahlale ewusana olungenakuzisiza phakade, njengoba abanye bengase bamcabange. Kunalokho, wayezosebenzisa “umbuso [wobukhosi, NW]” ‘njengeNkosi yokuthula,’ kuphumele esibusisweni saphakade esintwini.

Kunokwengeziwe ekubuseni kukaJesu. ‘NjengoMluleki omangalisayo,’ onokuqonda okungaphezu kokuvamile ngesimo somuntu esingokwemvelo nangekhono eliwadlula wonke, uyokwazi ukufinyelela umsuka wezimpikiswano ezilukhuni futhi kanjalo axazulule izinkinga ezinzima ababusi bezwe ababhekene nazo nezibakhungathekisayo namuhla. (Mathewu 7:28, 29; Marku 12:13-17; Luka 11:14-20) Khona-ke, ‘njengoNkulunkulu Onamandla,’ umuntu ovusiwe onjengonkulunkulu, uJesu Kristu, manje osesihlalweni sobukhosi emazulwini njengeNkosi yobuMesiya, uyosebenzela ukuthula ngokukuphinda ngezinga elikhulu lokho akwenza ngenkathi eselapha emhlabeni—ukuphulukisa abanezifo ezingalapheki, ukulungiselela izixuku zabantu ukudla neziphuzo, ngisho nokulawula isimo sezulu. (Mathewu 14:14-21; Marku 4:36-39; Luka 17:11-14; Johane 2:1-11) ‘NjengoYise ongunaphakade,’ uJesu unamandla okuvusa labo abaye babhubha ekufeni futhi abanikeze ukuphila okuphakade. Futhi yena ngokwakhe uyophila phakade, kanjalo eqinisekisa ukuthi ukubusa kwakhe kanye nokuthula ngeke kuphele.—Mathewu 20:28; Johane 11:25, 26; Roma 6:9.

Efaneleka kanjalo, uJesu Kristu ngokusobala uyena okwaziyo ukusingatha izimbangela ezijulile zempi nombango. Ngeke amane ahlele isivumelwano sokuthula noma icebo lalokho okuthiwa isimiso esinokuthula sokuhlala ngokuthula kwezizwe, okuvele nje kuqedwe ngenye impi. Kunalokho, uyosusa konke ukungalingani okungokombangazwe, kwezindawo, kwezenhlalo nokwezomnotho ngokuletha sonke isintu ngaphansi kokubusa okukodwa, okoMbuso wakhe wobuMesiya. Ngokuhola bonke abantu ekukhulekelweni kukaNkulunkulu oyedwa weqiniso, uJehova, uyoqeda lokho ngokuvamile okuyimbangela yempi eyisisekelo—inkolo yamanga. Akungabazeki ukuthi uJesu Kristu, iNkosi Yokuthula, uyokufeza konke lokhu. Umbuzo uwukuthi, Nini?

Izenzakalo Eziholela Ekuthuleni Okuhlala Njalo

Ngemva kokuvuswa nokwenyukela kwakhe ezulwini ngo-33 C.E., uJesu kwadingeka alinde isikhathi esimisiwe sokuba athathe isinyathelo. Lokhu kwakungokuvumelana nomyalo kaJehova: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho. Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.” (IHubo 110:1, 2; Luka 22:69; Efesu 1:20; Heberu 10:12, 13) Lokho kwenzeka nini? Eminyakeni engaphezu kwengu-70, oFakazi BakaJehova bebelokhu bememezela emhlabeni wonke izindaba ezinhle zokuthi uJesu Kristu uqale ukubusa eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini ngonyaka ka-1914.a

Kodwa ungase uthi, ‘Akuzange kube nokuthula kusukela ngo-1914. Ngokuphambene, izimo ziye zaba zimbi kakhulu kusukela ngalesosikhathi.’ Uqinisile impela. Lokhu eqinisweni kufakazela ukuthi izenzakalo zenzeka njengoba nje zazibikezelwe. IBhayibheli lisitshela ukuthi ngaso kanye isikhathi lapho ‘umbuso wezwe uba ngoweNkosi yethu nokaKristu wayo, izizwe zaba nolaka.’ (IsAmbulo 11:15, 18) Esikhundleni sokuzithoba ekubuseni kukaJehova uNkulunkulu neNkosi yakhe Yokuthula, izizwe zagxambukela emzabalazweni wobuhlanya wokubusa izwe futhi zabonisa intukuthelo ikakhulukazi ngokumelene namaKristu ayefakazela uMbuso omisiwe kaNkulunkulu.

Incwadi yesAmbulo yembula futhi ukuthi ngokushesha lapho uJesu Kristu efika emandleni oMbuso, wathatha isinyathelo sokukhipha uSathane kanye namademoni akhe ezulwini: “Kulokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswé phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.” Waba yini umphumela? Ukulandisa kuyaqhubeka: “Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”—IsAmbulo 12:10, 12.

Isibonakaliso Sokugcina

Lokhu kusinikeza ukuqonda ngokuthi kungani izizwe ziye zangakwazi ukuletha ukuthula naphezu kwayo yonke imizamo yazo. Intukuthelo enkulu kaDeveli, ebonakala entukuthelweni yezizwe ngokwazo, iye yagcina izwe lizamazama futhi linesiyaluyalu esingazange sibe khona nanini emlandweni wesintu. Kuyophela nini konke lokhu? IBhayibheli linikeza umkhondo obalulekile: “Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle, khona ukubhujiswa kuyabazuma.”—1 Thesalonika 5:3.

Ingabe uyakuqonda ukubaluleka kwalesixwayiso? Izenzakalo zezwe njengalezo esiye saziningiliza esihlokweni esandulelayo zibonisa ukuthi ababusi kanye nabantu abaningi bakhuluma ngokuthula futhi bayazikhandla ukuze bakuthole. Abanye banomuzwa wokuthi ngokuphela kweMpi Yokubhekana Ngeziqu Zamehlo, ukusongela kukakhukhulela-ngoqo wenuzi kuyinto yesikhathi esidlule. Yebo, izizwe bezilokhu zisho okuningi ‘ngokuthula nokuhlala kahle.’ Kodwa ingabe isimo sezwe ngempela siya lapho? Khumbula, uJesu wathi ngalabo abayobe bephila ezinsukwini zokugcina, ezaqala ngo-1914: “Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.” (Mathewu 24:34) Yebo, ukuthula kuzofika ngempela phakathi nalesizukulwane kodwa hhayi ngemizamo yezizwe. Ukuthula okuzinzile, okunokwahlulela ngokulunga nokulungile okuthenjiswe uJehova uNkulunkulu kungeza kuphela ngokubusa okusondelayo kweNkosi yakhe Yokuthula, uJesu Kristu.—Isaya 9:7.

Uma ulangazelela ukubona lolosuku ukuthula okuyofika ngalo ngempela futhi ulujabulele kanye nabathandekayo bakho, khona-ke thembela eNkosini Yokuthula futhi uwakhumbule kahle amazwi ayo aqinisekisayo: “Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe-namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”—Luka 21:36.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole imininingwane ngokohlelo lokubalwa kwezikhathi lweBhayibheli nangeziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile, bheka izahluko 12 kuya ku-14 zencwadi ethi “Let Your Kingdom Come,” eyakhishwa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Ibhokisi ekhasini 6]

INCAZELO YOKUTHULA

Namuhla abantu abaningi bacabanga ukuthi ukuthula kusho ukungabikho kwempi noma umbango. Nokho, lokhu kuyincazelo elinganiselwe kakhulu yaleligama. Ngezikhathi zeBhayibheli igama elithi “ukuthula” (ngesiHeberu, sha·lohmʹ) noma amazwi athi “Ukuthula makube-kinina!” ayesetshenziswa njengendlela evamile yokubingelela. (AbAhluleli 19:20; Daniyeli 10:19; Johane 20:19, 21, 26) Ngokusobala, akubhekiseli nje ekungabini khona kwempi. Phawula lokho incwadi iConcept of Peace ekushoyo ngaleliphuzu: “Lapho igama elithi shalom lisetshenziselwa ukuthula, lokho labo ababelisebenzisa ekuqaleni ababekucabanga kwakuyisimo sezwe noma umphakathi wabantu okukhona kuwo ukuphelela, ubunye, ukubumbana, ukugcwala. . . . Lapho kukhona khona ukuthula, kokubili into ephelele kanye nezingxenye zayo kusuke kufinyelelé amazinga aphelele nanelisayo okuba khona.” Lapho uNkulunkulu eletha ukuthula, abantu akukhona kuphela ukuthi ngeke ‘besafunda ukulwa’ kodwa ‘bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi komvini nomkhiwane wakhe.’—Mika 4:3, 4.

[Isithombe ekhasini 7]

Ukungabikho kokuthula kuye kwazwakala ngokujulile kusukela eMpini Yezwe I

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela