Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukuziphatha Okuhlobisa Inkonzo Yethu YobuKristu
UMPHOSTOLI uPetru unxusa amaKristu: “Nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe.” (1 Petru 2:12) Umphostoli uPawulu ubonisa ukuthi ngokuziphatha kwethu okuhle, ‘sihlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.’ (Thithu 2:10) OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke banedumela lokuziphatha okuhle. Phawula ezinye izibonelo.
Umuzwa Kathisha Ngokuziphatha Okuhle
◻ Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society eCosta Rica libika ukuthi inani elikhulu lentsha kulelozwe libeka isibonelo esihle. Omunye umzalwane uxoxa ngokwamdonsela eqinisweni. Uyalandisa: “Into okuyiyona eyangiheha kakhulu kwakuwukuziphatha okuhle kokubili okwabasebasha nokwabadala kodwa ikakhulukazi okwabasebasha. Lapho ngisebenza njengothisha, ngaba nethuba lokubaqaphela ngokuseduze oFakazi esikoleni engangifundisa kuso. Futhi njengoba ngangiqashe emkhayeni woFakazi BakaJehova, ngaqaphela ukuziphatha kwabantwana nalapho.
“Ngangivele ngiwuqaphele umehluko phakathi kwabafundi ababengoFakazi nabanye abafundi esikoleni engangifundisa kuso. OFakazi ngaso sonke isikhathi babegcina isikhathi futhi behlonipha, bengalokothi baqambe amanga, futhi ngaso sonke isikhathi babewenza umsebenzi wabo. Ngaqaphela futhi ukuthi babethembeka lapho behlolwa, ngisho nakuba abanye abafundi ngokuvamile babekopela. Ngaphezu kwalokho, babezithobe kakhulu futhi bengihlonipha njengothisha wabo. Ngihlatshwe umxhwele oFakazi abasebasha esikoleni nasekhaya lapho ngangiqashe khona, ngaqala ukuyihlola lenkolo futhi ekugcineni ngamukela iqiniso.”
Imiphumela Emihle Eyalethwa Ukuziphatha KobuKristu Emhlanganweni
◻ Omunye woFakazi BakaJehova ebandleni elisengxenyeni esentshonalanga ye-El Salvador wayefuna ukuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso nabafowabo ababili. Omunye walalela futhi waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Omunye wayengowesonto labaVangeli elibizwa ngokuthi iNkosana Yokuthula, futhi wathi kumfowabo: “Ungangikhulumisi; ukhonza izithakazelo zikaDeveli.”
Lapho kufika isikhathi somhlangano wesigodi, lona owayetadisha wamema umfowabo ukuba aye naye emhlanganweni. Umfowabo wathi: “Kulungile, ngizohamba nawe; ngiyela ukuyobona nje ukuthi ngingababamba kuphi oFakazi.” Lezizelamani ezimbili zaba khona emhlanganweni ndawonye. Inani elikhulu lababekhona nokuhleleka okuhle emhlanganweni kwamhlaba umxhwele lomVangeli, owathi wayengakaze abone lutho olufana nakho ngaphambili. Lapho efika ekhaya, wathi kumfowabo: “Xhawula.” “Ngixhawuleleni?” kubuza umfowabo. “Xhawula nje,” ephendula. Baxhawulana, futhi umfowabo owayekade engowesonto labaVangeli wathi: “Kusukela manje ngizofunda noFakazi BakaJehova. Ngempela, bengingakwazi obekungilahlekela.” Manje naye usengummemezeli okhuthele futhi oshisekayo wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.