Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 6/1 k. 29
  • Ukuziphatha Okuhlobisa Inkonzo Yethu YobuKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuziphatha Okuhlobisa Inkonzo Yethu YobuKristu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuzwa Kathisha Ngokuziphatha Okuhle
  • Imiphumela Emihle Eyalethwa Ukuziphatha KobuKristu Emhlanganweni
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Zuza Ngokugcwele Emhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” Ka-1993
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Lapho Abazali Nabantwana Belalela Futhi Bafunde Khona Ndawonye
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 6/1 k. 29

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukuziphatha Okuhlobisa Inkonzo Yethu YobuKristu

UMPHOSTOLI uPetru unxusa amaKristu: “Nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe.” (1 Petru 2:12) Umphostoli uPawulu ubonisa ukuthi ngokuziphatha kwethu okuhle, ‘sihlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.’ (Thithu 2:10) OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke banedumela lokuziphatha okuhle. Phawula ezinye izibonelo.

Umuzwa Kathisha Ngokuziphatha Okuhle

◻ Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society eCosta Rica libika ukuthi inani elikhulu lentsha kulelozwe libeka isibonelo esihle. Omunye umzalwane uxoxa ngokwamdonsela eqinisweni. Uyalandisa: “Into okuyiyona eyangiheha kakhulu kwakuwukuziphatha okuhle kokubili okwabasebasha nokwabadala kodwa ikakhulukazi okwabasebasha. Lapho ngisebenza njengothisha, ngaba nethuba lokubaqaphela ngokuseduze oFakazi esikoleni engangifundisa kuso. Futhi njengoba ngangiqashe emkhayeni woFakazi BakaJehova, ngaqaphela ukuziphatha kwabantwana nalapho.

“Ngangivele ngiwuqaphele umehluko phakathi kwabafundi ababengoFakazi nabanye abafundi esikoleni engangifundisa kuso. OFakazi ngaso sonke isikhathi babegcina isikhathi futhi behlonipha, bengalokothi baqambe amanga, futhi ngaso sonke isikhathi babewenza umsebenzi wabo. Ngaqaphela futhi ukuthi babethembeka lapho behlolwa, ngisho nakuba abanye abafundi ngokuvamile babekopela. Ngaphezu kwalokho, babezithobe kakhulu futhi bengihlonipha njengothisha wabo. Ngihlatshwe umxhwele oFakazi abasebasha esikoleni nasekhaya lapho ngangiqashe khona, ngaqala ukuyihlola lenkolo futhi ekugcineni ngamukela iqiniso.”

Imiphumela Emihle Eyalethwa Ukuziphatha KobuKristu Emhlanganweni

◻ Omunye woFakazi BakaJehova ebandleni elisengxenyeni esentshonalanga ye-El Salvador wayefuna ukuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso nabafowabo ababili. Omunye walalela futhi waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Omunye wayengowesonto labaVangeli elibizwa ngokuthi iNkosana Yokuthula, futhi wathi kumfowabo: “Ungangikhulumisi; ukhonza izithakazelo zikaDeveli.”

Lapho kufika isikhathi somhlangano wesigodi, lona owayetadisha wamema umfowabo ukuba aye naye emhlanganweni. Umfowabo wathi: “Kulungile, ngizohamba nawe; ngiyela ukuyobona nje ukuthi ngingababamba kuphi oFakazi.” Lezizelamani ezimbili zaba khona emhlanganweni ndawonye. Inani elikhulu lababekhona nokuhleleka okuhle emhlanganweni kwamhlaba umxhwele lomVangeli, owathi wayengakaze abone lutho olufana nakho ngaphambili. Lapho efika ekhaya, wathi kumfowabo: “Xhawula.” “Ngixhawuleleni?” kubuza umfowabo. “Xhawula nje,” ephendula. Baxhawulana, futhi umfowabo owayekade engowesonto labaVangeli wathi: “Kusukela manje ngizofunda noFakazi BakaJehova. Ngempela, bengingakwazi obekungilahlekela.” Manje naye usengummemezeli okhuthele futhi oshisekayo wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela