Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kungani uIsaya 11:6 kuyiNew World Translation of the Holy Scriptures ethi “empeleni impisi iyohlala okwesikhashana newundlu leduna”? Ngeke yini ukuthula okunjalo kube okuhlala njalo?
Ukuthula okuqabulayo endalweni eyizilwane okuprofethwe ngakho kuIsaya 11:6-9 kuyoba okuhlala njalo. Kodwa ukuhunyushwa okucophelelayo kukaIsaya 11:6 kwenza kucace ukuthi izilwane ezinjalo ngeke zibe ndawonye ngaso sonke isikhathi.
KuyiNew World Translation of the Holy Scriptures, uIsaya 11:6 ufundeka kanje: “Empeleni impisi iyohlala okwesikhashana newundlu leduna, futhi ingwe uqobo iyobuthisa nezinyane lembuzi, futhi inkonyane nebhongo lengonyama nesilwane esondlekile kuhlale ndawonye; futhi umfanyana omncane uyokuhola.”
Ezinye izinguqulo eziningi zamaBhayibheli zifundeka kanje: “Nempisi iyohlala [noma, “iyophila”] newundlu.” Ukuhunyushwa okunjalo kungase kudlulisele umqondo wokuthi impisi newundlu ziyoba abangane abangahlukani, njengokungathi kusemkhayeni omusha noma elungiselelweni elisha lokuhlala.
Nokho, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “hlala” noma “phila” lithi gur. Ngokombhali wesichaza-mazwi uWilliam Gesenius, lisho “ukungenisa, ukuhlala okwesikhashana, ukuhlala hhayi njengokungathi kusekhaya, okungukuthi njengesihambi, umuntu wangaphandle, isivakashi.” (A Hebrew and English Lexicon of the Old Testament, eyahunyushwa uEdward Robinson) Isichaza-mazwi sikaF. Brown, S. Driver, noC. Briggs sinikeza incazelo ethi “ukungenisa, ukuhlala isikhathi (esinqunyiwe noma esinganqunyiwe), ukuhlala njengesifiki . . . esingenawo amalungelo endabuko.”
UNkulunkulu wasebenzisa igama elithi gur lapho etshela uAbrahama ukuba ‘agogobale’ eKhanani. Lenzalamizi yayingeke ibe ngeyakulelozwe, kodwa yayingaba isakhamuzi esivikelekile lapho. (Genesise 26:3; Eksodusi 6:2-4; Heberu 11:9, 13) Ngokufanayo, uJakobe wathi ‘wayegogobele’ endaweni yaseHarana, ngoba wayezophindela eKhanani.—Genesise 29:4; 32:4.
EPharadesi uNkulunkulu azolimisa ngokushesha, izilwane nabantu bayoba nokuthula. Izinyane lemvu ngeke libe sengozini uma linempisi noma inkonyane ikanye nengwe. Njengokungathi luveza umehluko esimweni esikhona, ulimi luvumela ngisho nomqondo wokuthi impisi iyoba isakhamuzi esivikelwe yizinyane lemvu.—Isaya 35:9; 65:25.a
Nokho, izilwane ezinjalo zisengaba nezindawo ezihlukene zokuhlala. Ezinye izilwane zifanelwe kangcono ukuhlala emahlathini, ezinye emathafeni, futhi ezinye izindaweni ezingasogwini noma ezintabeni. Ngisho nangesikhathi sePharadesi lokuqala, uNkulunkulu wakhuluma ‘ngezilwane zasekhaya nezilo zasendle.’ (Genesise 1:24, qhathanisa neNW.) Izilwane zasekhaya ngokusobala kwakuyilezo ezazingase zivame ukuba seduze nabantu noma nezindawo zabo zokuhlala. Izilo zasendle, nakuba zingenabo ubudlova, ngokusobala zakhetha ukuhlala kude nesintu. Ngakho, njengoba isiprofetho sikaIsaya sibikezela, impisi “iyohlala okwesikhashana newundlu leduna,” kodwa ngeke ihlale inezilwane zasekhaya ezinjalo ngokuqhubekayo.
[Umbhalo waphansi]
a IBible in Living English ibeka uIsaya 11:6 ngalendlela: “Futhi imvu iyoqashisa impisi.”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Zoological Research Center, Tel-Aviv Hebrew University