Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 9/8 k. 24-k. 27 isig. 7
  • Isilwane Esiyimpicabadala—Siyazondwa Futhi Siyathandwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isilwane Esiyimpicabadala—Siyazondwa Futhi Siyathandwa
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iyazondwa Futhi Iyathandwa
  • Ukuzingela Ngemihlambi
  • Ukuxhumana Kwama-wolf
  • Isilwane Esihle
  • Ukuvumela Imvelo Iqhubeke Ngendlela Yayo
  • Ikusasa Le-wolf
  • Ukuphila Ngokuthula
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Kungani Kunezixwayiso Zamanga Eziningi Kangaka?
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 9/8 k. 24-k. 27 isig. 7

Isilwane Esiyimpicabadala—Siyazondwa Futhi Siyathandwa

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECANADA

I-CANIS LUPUS. Ithe coshosho edwaleni phezulu entabeni, isithunzana sayo sikhanyiswe inyanga, ikhanda libheke phezulu, ikhwice umsila ovukuzelayo, amadlebe abheke emuva, ikhamisile—umkhulungwane wayo owethusayo udabula phakathi nobusuku. Phela, nokucabanga nje ngomkhulungwane wayo kwenza umzimba ugijinywe uhlevane lokwesaba kuvuke namadlingozi!

BAMBALWA abantu abake baba nelungelo lokusibona ngamehlo sisendle lesisilwane esihle nesiyimpicabadala—ngokuvamile esaziwa ngokuthi i-wolf empunga noma yasemahlathini. Nokho, lesisilwane esihlaba umxhwele sikukhumbuza izinto eziningi ezihlukahlukene.

Iyazondwa Futhi Iyathandwa

Kungakhathaliseki ukuthi yini ecatshangwayo ngayo, igama elithi “wolf” livame ukubandisa amathumbu. Iye yaba isisulu sokungaqondwa kahle, ubandlululo, nokwesaba. Abanye abantu i-wolf bayizonda ngenxa yokuthi iyisilwane esidla ezinye. Ama-wolf ebelokhu ewuhlupho kubalimi nabafuyi bempahla ngenxa yokuthi adla izimvu, izinkomo, nenye imfuyo. Izinganekwane ziye zanezela edumeleni lawo elibi. Ubani ongakaze azizwe izinkulumo ezinjengokuthi “impisi embethe isikhumba semvu”? Izinganekwane zikhuluma “Ngempisi Enkulu Embi.” Enye yalezizindaba ikhuluma nge-wolf eyayifuna ukudla intombazanyana. Lokhu kuye kwanikeza abantu umqondo wokuthi ama-wolf ahlasela abantu.

Nokho, izazi zesayensi nezazi zezinto eziphilayo ziwabheka ngenye indlela ama-wolf. Ziwabheka njengezilwane ezinamahloni kakhulu ezizama ngazo zonke izindlela ukubagwema abantu. Eqinisweni, ngokusho kwesinye isihloko esavela kumagazini i-GEO, empeleni ama-wolf ayabesaba abantu. Naphezu kokubukeka kwe-wolf okwesabekayo, sibonakala singekho isisekelo senkolelo yokuthi ama-wolf aphile kahle asendle aseNyakatho Melika ayingozi kubantu.

Isazi sezinto eziphilayo uPaul Paquet, oye wenza ukucwaninga okunzulu ngama-wolf, uyavuma ukuthi ubelokhu enothando ngalezizilwane zasendle kusukela ebuntwaneni. Okunye kwalokho akutholile ukubhale phansi. Uthi kukaningi ebona ama-wolf ebonakalisa ukujabula, isizungu, nokudlala. Ngesinye isikhathi wake wabukela i-wolf endala, ekhubazekile eyayingasakwazi ukuzingela ilethelwa ukudla amanye amalungu omhlambi. Ngisho nakuba le-wolf yayingasenalusizo kangako, umhlambi wawusakwazisa ukuphila kwayo futhi uyigcina iphila. Nokho, isici sokuzingela ngemihlambi siye sawafaka engozini ama-wolf.

Ukuzingela Ngemihlambi

Ukuzingela ngemihlambi kumane kuyindlela ama-wolf azisuthisa ngayo futhi ondle imidlwane yawo. Nokho, okumelwe kuqashelwe ukuthi ukubulawa kwezimvu nezinkomo ama-wolf kuyinkinga ebacasulayo abalimi. Njengesilwane esizingelayo esinamehlo abukhali, ikhala elibukhali, udlebe, nemihlathi enamandla ngokuyisimangaliso—kuhlanganise nejubane layo—i-wolf ikuhlomele kahle kakhulu ukuzingela. Futhi isebenzisa noma imaphi amathuba avelayo. Kungaba ubuwula ukucabanga ukuthi lesisilwane esinobuqili singayiyeka nje inyamazane esobala esingayihlwitha—ikakhulukazi imvu enkulu ekhuluphele nezinkomo. Kungashiwo ukuthi ama-wolf ngokungazi ‘ayazizuzisa’ izinyamazane zawo zasendle ngokukhetha lezo ezibambeka kalula ezingaphilile nezibuthakathaka, ngaleyondlela lezi ezinye zisale zinokudla okuningi.

Ukuxhumana Kwama-wolf

Kuthiwani ngalomkhulungwane osiphuzelisa unwele ongazwakala ebangeni elikude futhi owenza olalele agijinywe uhlevane? Kuyi-wolf lokhu kumane nje kuyindlela yokuphila komhlambi—kuyindlela yokuxhumana. I-wolf edukelene namanye kuzingelwa ingase ikhwele phezu kwedwala bese ishaya umkhulungwane ukuze ibize amanye amalungu omhlambi. Noma ukushaya umkhulungwane kungasetshenziselwa ukwazisa amanye ngemingcele yendawo yayo. Ngezinye izikhathi kubonakala sengathi ama-wolf ashaya umkhulungwane ukuze nje abonakalise injabulo. Uma umhlambi uhlangana ndawonye ukuze ushaye umkhulungwane, ungacishe ucabange ukuthi uhaya ingoma. Kithina bekungase kuzwakale kangconywana ukube ayalindana, kodwa kubonakala sengathi akhetha ukuhlabelela ngokushiyana. Empeleni anazo ezinye izindlela zokuxhumana. Analokho okuye kwachazwa ngokuthi ukunswininiza, ukuhahama, ukukhonkotha, ukuklewula uma ephakathi kwamanye, nokukhonkotha kwemidlwane emphandwini. Ukuxhumana ngokuma komzimba nakho kuyasetshenziswa ukuze kwaziwe izikhundla nobuhlobo phakathi komhlambi.

Isilwane Esihle

Ake usibukisise lesisilwane esihle ngokuphawulekayo. Phawula isikhumba saso esiwugqinsi esinoboya obumpunga (amanye amnyama bhuqe), obuxube umbala omnyama, omhlophe, nonsundu. Ake ubhekisise ukugqolozela kwaso ngamehlo aso ahlabayo aphuzi. Hlola izici ezisebusweni baso. Konke lokhu kwenza i-wolf ibe isilwane esihle kakhulu ukusibuka. Nokho, sekunokukhathazeka ngekusasa layo. Sikhona isizathu sokukhathazeka?

Nokho, lokho okwakuyinto evame ukubonwa ezindaweni ezinkulu zaseYurophu, e-Asia, naseNyakatho Melika—ukubona i-wolf—sekuyivela kancane manje eCanada, e-Alaska, nasezindaweni ezingenabo abantu abaningi zase-United States, eYurophu, naseRussia. Abantu bathi sekumelwe kulungiselelwe amanye ama-wolf ezindaweni ezikhethiwe zasendle. Njengoba abantu beye bafunda ukuphila nezilwane ezidla ezinye njengezinkozi, amabhele, namabhubesi asentabeni, kukhona abanye abasabuza ukuthi, “Kungani kungabi okufanayo nangama-wolf?”

Ukuvumela Imvelo Iqhubeke Ngendlela Yayo

Ukuvikela, hhayi ukucekela phansi noma ukulawula, yiko okuyikhambi. Amapaki manje asebhekwa njengezindawo zesiphephelo zezilwane, hhayi nje izindawo zasendle zokudlala abantu. Ngokusho kukamagazini i-Canadian Geographic, abaphathi bamapaki bangathanda ukubona ukuphilisana kwezinto eziphilayo okulawulwa imvelo. Ngemva kokunyamalala iminyaka engu-40 e-Banff National Park, eCanada, lesisilwane esidla ezinye esiyinhloko, i-wolf, sazibuyela ngokwaso ngawo-1980 ezintabeni zaseningizimu Rocky—ayengu-65 kuphela ngenani, kodwa kwaba isenzakalo esingenakulibaleka kwabaningi. IFrance ibika ukubuya kwe-wolf ngemva kweminyaka engu-50 yanyamalala.a E-Italy i-wolf isiyabuya nakhona futhi isingezwakala ishaya umkhulungwane eTivoli, eduze naseRome.

Ukubuyiselwa kwama-wolf eYellowstone National Park, e-United States, njengesilwane esisengozini, kusacatshangelwa. Ama-wolf ayeyingxenye yesimiso semvelo sakulendawo eminyakeni engaphezu kuka-40 edlule, ngaphambi kokuba aqothulwe aphele. Manje abantu abaningi, ikakhulukazi izivakashi zasemapaki, bafuna abuyiselwe. Nokho, abafuyi bempahla bakhathazeke kakhulu ngokubuyiselwa kwama-wolf eduze kwabo. “Uma ama-wolf ebuyiselwa eYellowstone, ukuqashisiswa kwama-wolf ngaphandle kwalelipaki kuzoba into esemqoka,” kusho isazi sempilo yama-wolf uL. David Mech.

Ikusasa lisiphatheleni lesisilwane esiphila ezweni elingahanjwa kakhulu ngabantu?

Ikusasa Le-wolf

Inani labantu abasekela ukubuyiselwa kwalesisilwane ebesesicishe saqedwa ukungabekezeli kwabantu isikhathi eside kangaka kubonisa ukuguquka kwesimo sengqondo okukhulu. Incwadi ethi The Wolf—The Ecology and Behavior of an Endangered Species ithi: “Sisekhona isikhathi sokusindisa loluhlobo enkingeni yalo. Ukuthi lokho kuyenziwa yini noma cha kuxhomeke olwazini lomuntu ngesimo sezinto eziphilayo ezizungezile nangendlela i-wolf ephila ngayo, ukuqhubeka kwakhe ecwaninga ngemikhuba ye-wolf, nokuzifundisa kwakhe ukubheka i-wolf njengesidalwa okufanele aphilisane naso emhlabeni hhayi imbangi.”

Ukuphila Ngokuthula

Ukuhlalisana ngokuthula phakathi kwabantu nama-wolf kungenzeka ukuthi kuye kwathuthuka kuleminyaka embalwa edlule, kodwa lapho kunokungezwani kahle khona, ukuthula akubi khona. Lokho kumelwe kushiyelwe esikhathini esizayo esiseduze, lapho okuyothi ngaphansi kukahulumeni woMbuso woMdali, bonke ubutha nokwesaba kuthathelwe isikhundla isimo sengqondo sokusethemba nesokuphilisana naso lesisilwane esinamandla kodwa esinozwela futhi esinamahloni.

Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli libeka i-wolf ezimweni eziningana ezingokwesiprofetho, lenze sikwazi ukuyibona ezimweni ezingafani. KuzEnzo 20:29, 30, amadoda ayizihlubuki afaniswa ‘nezimpisi ezihahayo’ ezaziyohlasela ibandla lobuKristu labanjengezimvu futhi zikhiphe amanye amalungu omhlambi.

Iziprofetho zeBhayibheli encwadini ka-Isaya, nakuba zisazogcwaliseka okokugcina, zichaza izilwane namuhla esizazi njengezitha ukuthi ziyohlala ndawonye ngokuthula. Phawula ukungabikho kwempilo yokuzingelana ku-Isaya 65:25: “Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, . . . aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.”

Nakuba imizamo yomuntu ibonisa ukuthi uyazama ukuyibekezelela i-wolf, lombhalo osanda kucashunwa usiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu unendawo yayo esimisweni sakhe esisha sezinto. UMhlaba uyobe usuba ikhaya lazo zonke izinhlobo zezinto eziphilayo, kuhlanganise ne-Canis lupus.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka esithi “Ukubuka Okwezwe” ku-Phaphama! ka-January 22, 1994.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Thomas Kitchin/Victoria Hurst

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

Thomas Kitchin

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela