Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 11/15 kk. 13-18
  • Ukuhlakulela Isithelo Sokuzithiba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlakulela Isithelo Sokuzithiba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwesaba UNkulunkulu Nokuzonda Okubi
  • Ukuzithiba, Yinkambo Yokuhlakanipha
  • Uthando Olungenabugovu Luyasiza
  • Ukholo Nokuthobeka Njengosizo
  • Ukuzithiba Emkhayeni
  • Ukusebenzisa Usizo Olulungiselelwa NguNkulunkulu
  • Ukuzithiba—Kungani Kubaluleke Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukuze Uzuze Umklomelo, Zithibe!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukuzithiba Kubalulekile KumaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Nezelani Olwazini Lwenu Ukuzithiba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 11/15 kk. 13-18

Ukuhlakulela Isithelo Sokuzithiba

“Izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho-mthetho omelana nokunjalo.”—GALATHIYA 5:22, 23.

1. Obani abaye basinikeza izibonelo ezinhle kakhulu zokuzithiba, njengoba kubonakala ngamiphi imibhalo?

UJEHOVA UNKULUNKULU noJesu Kristu baye basinikeza izibonelo ezinhle kakhulu zokuzithiba. Kusukela ekungalalelini komuntu ensimini yase-Edene, uJehova uye waqhubeka ebonisa lemfanelo. (Qhathanisa noIsaya 42:14.) Izikhathi eziyisishiyagalolunye emiBhalweni YesiHeberu sifunda ukuthi ‘uyephuza ukuthukuthela.’ (Eksodusi 34:6) Lokho kudinga ukuzithiba. Futhi ngokuqinisekile iNdodana kaNkulunkulu yabonisa ukuzithiba okukhulu, ngoba ‘yathi ithukwa, ayiphindisanga ithuke.’ (1 Petru 2:23) Nokho, uJesu wayengacela uYise wasezulwini ukuba amsekele ‘ngamalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili.’—Mathewu 26:53.

2. Yiziphi izibonelo ezinhle ezingokomBhalo esinazo zokubonisa ukuzithiba okwenziwa abantu abangaphelele?

2 Futhi sinezibonelo ezinhle ezingokomBhalo zokuzithiba okwaboniswa ngabantu abangaphelele. Ngokwesibonelo, lemfanelo yaboniswa phakathi nesenzakalo esiphawulekayo ekuphileni kukaJosefa, indodana yenzalamizi uJakobe. Yeka ukuthi uJosefa wabonisa ukuzithiba okunjani lapho umkaPotifari ezama ukumyenga! (Genesise 39:7-9) Futhi kwakunesibonelo esihle sabasha abane abangamaHeberu ababonisa ukuzithiba ngokwenqaba ukudla izibiliboco zenkosi yaseBabiloni ngenxa yokwenqabela koMthetho kaMose.—Daniyeli 1:8-17.

3. Obani abaphawulekayo ngenxa yokuziphatha kwabo okuhle, njengoba kubonakala ngabuphi ubufakazi?

3 Ngokuphathelene nezibonelo zanamuhla zokuzithiba, singabhekisela koFakazi BakaJehova bebonke. Bakufanele ukutusa abakunikezwa yiNew Catholic Encyclopedia—ukuthi ‘bangelinye lamaqembu aziphatha kahle kakhulu emhlabeni.’ Umfundisi waseyunivesithi yasePhilippine wathi “oFakazi bakwenza ngentshiseko lokho abakufunda emiBhalweni.” Ngokuphathelene nomhlangano woFakazi owawuseWarsaw ngo-1989, intatheli yasePoland yabhala: “Abantu abangu-55 000 abazange babheme ngisho nosikilidi owodwa izinsuku ezintathu! . . . Lokhu kubonakaliswa kokuqeqesheka okungaphezu kokomuntu kungihlabe umxhwele ngokumangala okuhlangene nokwesaba.”

Ukwesaba UNkulunkulu Nokuzonda Okubi

4. Yiluphi olunye losizo olukhulu kakhulu ekuboniseni ukuzithiba?

4 Olunye losizo olukhulu kakhulu ekuhlakuleleni ukuzithiba luwukwesaba uNkulunkulu, ukwesaba okunempilo ukudumaza uBaba wethu wasezulwini onothando. Ukuthi kufanele kube okubaluleke kangakanani kithina ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho kungabonakala ngeqiniso lokuthi imiBhalo ikhuluma ngakho izikhathi eziningi. Lapho uAbrahama esezonikela ngendodana yakhe uIsaka, uNkulunkulu wathi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi-lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.” (Genesise 22:12) Ngokungangabazeki ukucindezeleka okungokomzwelo kwakukukhulu, ngakho kumelwe ukuthi kwadinga ukuzithiba okukhulu ngoAbrahama ukuba aqhubeke nomyalo kaNkulunkulu kuze kube seqophelweni lokuphakamisa ummese wakhe ukuze abulale indodana yakhe ethandekayo uIsaka. Yebo, ukwesaba uNkulunkulu kuzosisiza ukuba sibonise ukuzithiba.

5. Ukuzonda okubi kufeza yiphi indima ekuboniseni kwethu ukuzithiba?

5 Okuhlobene kakhulu nokwesaba uJehova ukuzonda okubi. KuzAga 8:13 siyafunda: “Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi.” Kanti, ukuzonda okubi nakho kuyasisiza ukuba sibonise ukuzithiba. Ngokuphindaphindiwe, imiBhalo isitshela ukuba sizonde—yebo, senyanye—okubi. (IHubo 97:10; Amose 5:14, 15; Roma 12:9) Okubi ngokuvamile kujabulisa kakhulu, kulinga kakhulu, kuyenga kakhulu ngendlela yokuthi kumelwe simane nje sikuzonde ukuze simelane nakho ngokuqinile. Konke ukuzonda okubi okunjalo kuba nomphumela wokuqinisa ukuzimisela kwethu ukubonisa ukuzithiba futhi kanjalo kube isivikelo kithi.

Ukuzithiba, Yinkambo Yokuhlakanipha

6. Kungani kuyinkambo yokuhlakanipha ukulawula ukuthambekela kwethu kobugovu ngokuzithiba?

6 Olunye usizo olukhulu ekuzithibeni kwethu luwukwazisa ukuhlakanipha kokubonisa lemfanelo. UJehova usicela ukuba sibonise ukuzithiba ngenxa yenzuzo yethu siqu. (Qhathanisa noIsaya 48:17, 18.) IZwi lakhe liqukethe izeluleko eziningi ezibonisa indlela okuhlakaniphe ngayo ukulawula ukuthambekela kwethu kobugovu ngokuzithiba. Asinakuyibalekela imithetho kaNkulunkulu engenakuguquka. IZwi lakhe liyasitshela: “Lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.” (Galathiya 6:7, 8) Isibonelo esisobala yileso sokudla nokuphuza. Izifo eziningi zibangelwa ukuthi abantu badla noma baphuza ngokweqile. Konke ukuvumela ukunqotshwa ubugovu okunjalo kuphuca umuntu ukuzihlonipha. Ngaphezu kwalokho, umuntu akanakuvumela ukunqotshwa ubugovu ngaphandle futhi kokulimaza ubuhlobo bakhe nabanye. Okungathi sína kakhulu kunakho konke, ukuntula ukuzithiba kulimaza ubuhlobo bethu noBaba wethu wasezulwini.

7. Yisiphi isihloko esikhulu sencwadi yezAga, njengoba kuboniswa yimiphi imibhalo yeBhayibheli?

7 Ngakho-ke, kumelwe siqhubeke sizitshela ukuthi ubugovu buwukuzibhubhisa. Isihloko esivelele sencwadi yezAga, esigcizelela ukuzikhuza, siwukuthi ubugovu bumane nje abunambuyiselo futhi kunokuhlakanipha ekuboniseni ukuzithiba. (IzAga 14:29; 16:32) Futhi makuphawulwe ukuthi ukuzikhuza kuhilela okungaphezu nje kokumane sigweme okubi. Ukuzikhuza, noma ukuzithiba, kuyadingeka futhi ukuze senze okulungile, okungase kube nzima ngoba lokhu kuyaphikisana nokuthambekela kwethu okunesono.

8. Yikuphi okuhlangenwe nakho okuqokomisa ukuhlakanipha kokubonisa ukuzithiba?

8 Indaba yomunye woFakazi BakaJehova owayemi emgqeni ebhange lapho indoda ethile ingenela ngaphambi kwakhe ibonisa ukuhlakanipha kokubonisa ukuzithiba. Nakuba uFakazi acasuka kancane, wabonisa ukuzithiba. Ngalo lolosuku kwakumelwe abonane nonjiniyela othile ukuze asayine amapulani eHholo LoMbuso. Kwatholakala ukuthi wayengubani lonjiniyela? Phela, yona kanye leyandoda eyayingenele ngaphambi kwakhe ebhange! Lonjiniyela akazange nje abe nobungane obukhulu kodwa wabiza uFakazi imali engaphansi kwengxenye eyodwa kweziyishumi yemali evamile. Yeka indlela uFakazi ajabula ngayo ngokuthi wayebonise ukuzithiba ngaphambidlana ngalolosuku, engazivumeli ukuba acasuke!

9. Iyini inkambo yokuhlakanipha uma sihlangabezana nokusabela okuhlambalazayo enkonzweni?

9 Njalo lapho sihamba indlu ngendlu sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu noma simi ejikeni lomgwaqo sizama ukwenza abadlulayo babe nesithakazelo esigijimini sethu, sihlangabezana nenkulumo ehlambalazayo. Iyini inkambo yokuhlakanipha? KuzAga 15:1 kushiwo lamazwi ahlakaniphile: “Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.” Ngamanye amazwi, kudingeka sibonise ukuzithiba. Futhi akubona bodwa oFakazi BakaJehova abaye bathola lokhu kuyiqiniso kodwa nabanye bakuthole kuyiqiniso. Ukubaluleka okwelaphayo kokuzithiba kuya kuqondwa ngokwengeziwe ngabezokwelapha.

Uthando Olungenabugovu Luyasiza

10, 11. Kungani uthando luwusizo lwangempela ekuboniseni ukuzithiba?

10 Incazelo kaPawulu yothando kweyoku-1 Korinte 13:4-8 ibonisa ukuthi amandla alo angasisiza ukuba sibonise ukuzithiba. “Uthando luyabekezela.” Ukuba ngobekezelayo kudinga ukuzithiba. “Uthando . . . alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi.” Lemfanelo yothando isisiza ukuba silawule imicabango nemizwelo yethu, silawule noma yikuphi ukuthambekela kokuba nomhawu, kokuzigabisa, noma kokuzikhukhumeza. Uthando lusishukumisela ukuba sibe okuphambene nalokho, lusenza sithobeke, sizehlise, njengoba uJesu ayenjalo.—Mathewu 11:28-30.

11 UPawulu uyaqhubeka athi uthando “aluziphathi ngokungafanele.” Kudinga futhi ukuzithiba ukwenza izinto ngokufanele ngazo zonke izikhathi. Lemfanelo yothando isenza singabi nakho ukuhaha, ‘singazifuneli okwethu’ kuphela. Uthando “alucunuki.” Yeka indlela okulula ngayo ukucunuka ngenxa yalokho abanye abakushoyo noma abakwenzayo! Kodwa uthando luyosisiza ukuba sibonise ukuzithiba futhi singasho noma senze izinto esizozisola ngazo kamuva. Uthando “alunagqubu.” Isimo somuntu esingokwemvelo sithambekele ekubambeni igqubu noma ekufukameleni ukucasuka. Kodwa uthando luyosisiza ukuba sikhiphe imicabango enjalo ezingqondweni zethu. Uthando “aluthokozi ngokungalungile.” Kudinga ukuzithiba ukungajatshuliswa okungalungile, njengezincwadi nezithombe ezingcolile noma imidlalo yeTV ewuchungechunge eyonakele. Uthando futhi “lubekezelela izinto zonke” futhi “lukhuthazelela izinto zonke.” Kudinga ukuzithiba ukubekezelela izimo, ukukhuthazelela izimo ezivivinyayo noma ezisindayo futhi singazivumeli ukuba zisidumaze, zisibangele ukuba siphindisele ngendlela efanayo, noma zisenze sithambekele ekuyekeni ukukhonza uJehova.

12. Iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo ukwazisa kwethu ngakho konke lokho uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasenzele khona?

12 Uma simthanda ngempela uBaba wethu wasezulwini futhi sizazisa izimfanelo zakhe ezimangalisayo nakho konke aye wasenzela khona, sizofuna ukumjabulisa ngokubonisa ukuzithiba ngazo zonke izikhathi. Futhi, uma siyithanda ngempela iNkosi yethu, uJesu Kristu, futhi sikwazisa konke eye yasenzela khona, sizolalela umyalo wayo wokuba ‘sithathe isigxobo sethu sokuhlushwa bese siyilandela ngokuqhubekayo.’ (Marku 8:34, qhathanisa neNW.) Lokho ngokuqinisekile kudinga ukuba sibonise ukuzithiba. Uthando ngabafowethu nodadewethu abangamaKristu luyosenza futhi ukuba singabalimazi ngokuthatha inkambo ethile yobugovu.

Ukholo Nokuthobeka Njengosizo

13. Kungani ukholo lungasisiza ukuba sibonise ukuzithiba?

13 Olunye usizo olukhulu ekuboniseni ukuzithiba luwukuba nokholo kuNkulunkulu nasezithembisweni zakhe. Ukholo luyosenza sikwazi ukuthembela kuJehova futhi silindele isikhathi sakhe esifanele sokulungisa izinto. Umphostoli uPawulu uveza iphuzu elifanayo lapho ethi kwabaseRoma 12:19: “Ningaziphindiseli nina-bathandwa, . . . ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.” Ngokuphathelene nalokhu, ukuthobeka nakho futhi kungasisiza. Uma sithobekile, ngeke sisheshe ukucasuka ngenxa yokulimala okucatshangelwayo noma okungokoqobo. Ngeke sisheshele ekuzibambeleni mathupha umthetho, ngomqondo ongokomfanekiso, kodwa sizobonisa ukuzithiba futhi sizimisele ukulindela uJehova.—Qhathanisa neHubo 37:1, 8.

14. Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi ukuzithiba kungatholwa ngisho nayilabo abakuntula kakhulu?

14 Ukuthi singafunda ukubonisa ukuzithiba kwacaciswa ngokunamandla kokuhlangenwe nakho okuhilela indoda ethile eyayinomoya wobudlova. Phela, yayinomoya onjalo kangangokuthi lapho kubizwa amaphoyisa ngenxa yenxushunxushu yona kanye noyise ababeyibangela, yashaya amaphoyisa amathathu yawalahla phansi ngaphambi kokuba amanye ayinqobe! Nokho, ngokuhamba kwesikhathi yahlangana noFakazi BakaJehova futhi yafunda ukubonisa ukuzithiba, esinye sezithelo zomoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23) Namuhla, eminyakeni engu-30 kamuva, lendoda isakhonza uJehova ngokwethembeka.

Ukuzithiba Emkhayeni

15, 16. (a) Yini eyosiza indoda ukuba ibonise ukuzithiba? (b) Ukuzithiba kudingeka ikakhulukazi kusiphi isimo, njengoba kuboniswa yikuphi okuhlangenwe nakho? (c) Kungani umfazi edinga ukuzithiba?

15 Ukuzithiba ngokuqinisekile kuyadingeka emkhayeni. Ukuze indoda ithande umkayo njengoba izithanda yona kudingeka ilawule kakhulu imicabango yayo, amazwi, nezenzo. (Efesu 5:28, 29) Yebo, kudinga ukuzithiba ngamadoda ukulalela amazwi omphostoli uPetru kweyoku-1 Petru 3:7: “Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi.” Ikakhulukazi lapho umkayo engeyena okholwayo kuyodingeka ukuba indoda ekholwayo ibonise ukuzithiba.

16 Ngokwesibonelo: Kwakukhona umdala owayenomfazi ongakholwa onomoya omubi kakhulu. Nokho, wabonisa ukuzithiba, futhi lokhu kwamzuzisa kakhulu kangangokuba udokotela wakhe wamtshela: “John, kuphakathi kokuthi uyindoda ebekezela kakhulu impela ngokwemvelo noma unenkolo enamandla.” Ngempela sinenkolo enamandla, ngoba “uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza,” osenza sikwazi ukubonisa ukuzithiba. (2 Thimothewu 1:7) Ngaphezu kwalokho, kudinga ukuzithiba ngomfazi ukuzithoba, ikakhulukazi lapho umyeni wakhe engeyena okholwayo.—1 Petru 3:1-4.

17. Kungani ukuzithiba kubalulekile ebudlelwaneni obuphakathi komzali nomntwana?

17 Ukuzithiba kuyadingeka futhi ebudlelwaneni obuphakathi komzali nomntwana. Ukuze babe nabantwana abazithibayo, abazali ngokwabo kumelwe kuqala babeke isibonelo esihle. Futhi lapho abantwana bedinga isiyalo sohlobo oluthile, njalo kufanele sinikezwe ngesizotha nangothando, okudinga ukuzithiba kwangempela. (Efesu 6:4; Kolose 3:21) Futhi, ukuze abantwana babonise ukuthi babathanda ngempela abazali babo kudinga ukulalela, futhi ukulalela ngokuqinisekile kudinga ukuzithiba.—Efesu 6:1-3; qhathanisa neyoku-1 Johane 5:3.

Ukusebenzisa Usizo Olulungiselelwa NguNkulunkulu

18-20. Yimaphi amalungiselelo amathathu angokomoya okumelwe siwasebenzise ukuze sihlakulele izimfanelo eziyosisiza ukuba sibonise ukuzithiba?

18 Ukuze sikhule ekwesabeni uNkulunkulu, othandweni olungenabugovu, okholweni, ekuzondeni okubi, nasekuzithibeni, sidinga ukulusebenzisa lonke usizo uJehova uNkulunkulu aye walulungiselela. Ake sicabangele amalungiselelo amathathu angokomoya angasisiza ukuba sibonise ukuzithiba. Okokuqala ngqá, kunelungelo eliyigugu lomthandazo. Asifuni ukuba matasa kakhulu ukuba singathandaza. Yebo, kufanele sifune ‘ukukhuleka singaphezi,’ ‘ukuqinisela njalo ekukhulekeni.’ (1 Thesalonika 5:17; Roma 12:12) Masenze ukuhlakulela ukuzithiba kube yindaba yomthandazo. Kodwa lapho sishiyeka ekuboniseni ukuzithiba, ngokuzisola masinxuse uBaba wethu wasezulwini ukuba asithethelele.

19 Into yesibili engasisiza ekuboniseni ukuzithiba ukuthola usizo oluvela ekuzondleni ngeZwi likaNkulunkulu kanye nezincwadi ezisenza sikwazi ukuqonda futhi sisebenzise imiBhalo. Kulula kakhulu ukudebesela lengxenye yenkonzo yethu engcwele! Kumelwe sibonise ukuzithiba futhi siqhubeke sizitshela ukuthi ayikho incwadi ebaluleke ukwedlula iBhayibheli kanye nalokho okulungiselelwa “yinceku ethembekileyo neqondayo,” futhi kanjalo kumelwe silinikeze indawo yokuqala. (Mathewu 24:45-47) Kuye kwashiwo ngokufanelekile ukuthi ukuphila akukaze kube yilokhu kanye nalokho kodwa yilokhu noma lokho. Ingabe ngempela singamadoda nabesifazane abangokomoya? Uma sisiqaphela isidingo sethu esingokomoya, sizobonisa ukuzithiba okudingekayo ukuba sicishe iTV futhi silungiselele imihlangano yethu noma sifunde INqabayokulinda okungenzeka ukuthi isanda kuphuma eposini.

20 Okwesithathu, kunendaba yokwenza ubulungisa emihlanganweni yethu yebandla nasemihlanganweni yesifunda neyesigodi. Ingabe yonke imihlangano enjalo iyinto okumelwe nakanjani sibe khona kuyo? Ingabe siza sikulungiselele ukuba nengxenye bese senza kanjalo lapho sithola ithuba? Ngezinga esenza ngalo ubulungisa emihlanganweni yethu, kungalelozinga esiyoqiniswa ngalo ekuzimiseleni kwethu ukubonisa ukuzithiba ngaphansi kwazo zonke izimo.

21. Yimiphi eminye yemivuzo esingayijabulela ngenxa yokuhlakulela isithelo somoya sokuzithiba?

21 Yimiphi imivuzo esingayilindela ngokuzama kanzima ukubonisa ukuzithiba ngazo zonke izikhathi? Phakathi kokunye, ngeke sivune izithelo ezimuncu zobugovu. Siyoba nokuzihlonipha nonembeza omuhle. Siyoziphephisa ezinkathazweni eziningi kangaka futhi siyohlala sisendleleni eya ekuphileni. Ngaphezu kwalokho, siyokwazi ukwenza okuhle kakhulu ngangokunokwenzeka kwabanye. Ngaphezu kwakho konke, siyobe silalela izAga 27:11: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” Futhi lowo umvuzo omkhulu kunayo yonke esingawuthola—ilungelo lokujabulisa inhliziyo kaBaba wethu wasezulwini onothando, uJehova!

Ingabe Uyakhumbula?

◻ Ukwesaba uNkulunkulu kusisiza kanjani ukuba sibonise ukuzithiba?

◻ Kungani uthando lusisiza ukuba sibonise ukuzithiba?

◻ Ukuzithiba kusiza kanjani ebudlelwaneni bomkhaya?

◻ Yimaphi amalungiselelo okumelwe siwasebenzise kahle ukuze sihlakulele ukuzithiba?

[Isithombe ekhasini 15]

UJosefa wabonisa ukuzithiba lapho elingwa

[Isithombe ekhasini 17]

Ukuyala umntwana okunikezwa ngesizotha nangothando kudinga ukuzithiba kwangempela

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela