Ukuze Uzuze Umklomelo, Zithibe!
“Wonke umuntu onengxenye emncintiswaneni uyazithiba ezintweni zonke.”—1 KORINTE 9:25.
1. Ngokuvumelana neyabase-Efesu 4:22-24, izigidi zishó kanjani ukuthi yebo kuJehova?
LAPHO ubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, wazibonakalisa obala ukuthi uzimisele ukungenela umncintiswano omklomelo wawo uwukuphila okuphakade. Wathi yebo ekwenzeni intando kaJehova. Ngaphambi kokuzinikezela kuJehova, abaningi bethu kwadingeka benze izinguquko ezinkulu ukuze ukuzinikezela kwabo kube nenjongo, kwamukeleke kuNkulunkulu. Salandela iseluleko somphostoli uPawulu esiqondiswe kumaKristu: “Nilahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili futhi obonakaliswayo ngokwezifiso zabo zenkohliso . . . Nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.” (Efesu 4:22-24) Ngamanye amazwi, ngaphambi kokuthi yebo ekuzinikezeleni kuNkulunkulu, kwadingeka sithi cha endleleni yokuphila yangaphambili engamukeleki.
2, 3. Eyoku-1 Korinte 6:9-12 ibonisa kanjani ukuthi kudingeka kwenziwe izinhlobo ezimbili zezinguquko ukuze umuntu amukeleke kuNkulunkulu?
2 Izici ezithile zobuntu obudala okumelwe bazilahle labo abafuna ukuba oFakazi BakaJehova zilahlwa ngokuqondile yiZwi likaNkulunkulu. UPawulu wazibala ezinye zazo encwadini ayibhalela abaseKorinte, wathi: “Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda, amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” Wabe esebonisa ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala enza izinguquko ezidingekayo ebuntwini bawo, wanezela: “Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho.” Phawula ukuthi uthi ababeyikho, hhayi abayikho.—1 Korinte 6:9-11.
3 UPawulu wasikisela nokuthi izinguquko ezengeziwe zingase zidingeke, ngoba waqhubeka: “Zonke izinto zingokomthetho kimi; kodwa akuzona zonke izinto ezisizayo.” (1 Korinte 6:12) Ngaleyo ndlela, abaningi namuhla abafisa ukuba oFakazi BakaJehova bayasibona isidingo sokuthi cha ezintweni ezingasizi ngalutho noma ezizuzisa isikhashana, nakuba zingokomthetho. Lezi zinto zingase zidle isikhathi futhi zibaphazamise ekuphishekeleni izinto ezibaluleke kakhudlwana.
4. Yini amaKristu azinikezele avumelana ngayo noPawulu?
4 Umuntu uzinikezela ngokuzithandela kuNkulunkulu, engakhonondi, njengokungathi ukuzinikezela kuwumthwalo omkhulu. AmaKristu azinikezele avumelana noPawulu, okwathi ngemva kokuba ebe umlandeli kaKristu wathi: “Ngenxa [kaJesu] ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.” (Filipi 3:8) Ngenjabulo uPawulu wathi cha ezintweni ezingazuzisi kangako ukuze akwazi ukuqhubeka ethi yebo kuNkulunkulu.
5. Imuphi umncintiswano uPawulu awugijima ngokuphumelelayo, futhi thina singakwenza kanjani okufanayo?
5 UPawulu wabonisa ukuzithiba lapho egijima umncintiswano wakhe ongokomoya futhi ekugcineni wakwazi ukuthi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo. Kusukela manje kuqhubeke ngigcinelwe umqhele wokulunga, lowo iNkosi, umahluleli olungileyo, eyonginika wona njengomvuzo ngalolo suku, nokho kungemina ngedwa, kodwa futhi nabo bonke labo abakuthandile ukubonakaliswa kwayo.” (2 Thimothewu 4:7, 8) Siyokwazi yini nathi ukusho okufanayo ngelinye ilanga? Siyokwazi, uma sibonisa ukuzithiba ngokholo, njengoba sigijima umncintiswano wethu wobuKristu singakhathali kuze kube sekupheleni.
Ukuzithiba Kuyadingeka Ukuze Senze Okuhle
6. Kuyini ukuzithiba, futhi yiziphi izindlela ezimbili okumelwe sikubonise ngazo?
6 Amagama esiHebheru nesiGreki ahunyushwe eBhayibhelini ngokuthi “ukuzithiba,” ngokwezwi nezwi abonisa ukuthi umuntu unamandla noma angakwazi ukuzilawula. Ngokuvamile anomqondo wokuzikhuza ekwenzeni okubi. Kodwa kusobala ukuthi kudingeka isilinganiso esithile sokuzithiba nalapho sifuna ukusebenzisa imizimba yethu ekwenzeni imisebenzi emihle. Ukuthambekela kwemvelo ngabantu abangaphelele kuwukwenza okungalungile, ngakho-ke sinomshikashika onhlobombili. (UmShumayeli 7:29; 8:11) Lapho sikugwema ukwenza okubi, kumelwe futhi siziphoqe ukuba senze okuhle. Empeleni, ukulawula umzimba wethu ukuze senze okuhle enye yezindlela ezingcono kakhulu zokugwema ukwenza okubi.
7. (a) Kufanele sithandazeleni, njengoba kwenza uDavide? (b) Ukuzindla ngani okuyosisiza sizithibe ngesilinganiso esithé xaxa?
7 Kusobala ukuthi ukuzithiba kubalulekile uma sifuna ukufeza ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu. Kudingeka sithandaze njengoba kwenza uDavide: “O Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela, ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile.” (IHubo 51:10) Singazindla ngezinzuzo zokugwema izinto ezingqubuzana nezimiso zokuziphatha noma eziwohloza umzimba. Cabanga ngomonakalo ongase udaleke uma ungazigwemi izinto ezinjalo: izinkinga zempilo ezingathí sina, ubuhlobo obulimele nabanye, ngisho nokufa ngaphambi kwesikhathi. Ngakolunye uhlangothi, cabanga ngezinzuzo eziningi zokunamathela endleleni yokuphila uJehova athi siphile ngayo. Nokho, kumelwe sibheke izinto njengoba zinjalo, singakhohlwa ukuthi inhliziyo yethu iyakhohlisa. (Jeremiya 17:9) Kumelwe sizimisele ukumelana nemizamo yayo yokululaza ukubaluleka kokunamathela ezindinganisweni zikaJehova.
8. Iliphi iqiniso okuhlangenwe nakho okusifundisa lona? Fanekisa.
8 Abaningi bethu bazi ngokuhlangenwe nakho ukuthi inyama engavumi ngokuvamile izama ukucima intshiseko yomoya ovumayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngokushumayela ngoMbuso. UJehova uyajabula ngokuzimisela kwabantu ukwenza lo msebenzi onika ukuphila. (IHubo 110:3; Mathewu 24:14) Kwabaningi bethu, kwakungelula ukufunda ukushumayela obala. Kwakudinga—mhlawumbe namanje kusadinga—ukuba silawule umzimba wethu, ‘siwutube’ futhi ‘siwuphathe njengesigqila,’ kunokuba siwuvumele kube yiwo onquma inkambo elula ukuyithatha.—1 Korinte 9:16, 27; 1 Thesalonika 2:2.
“Ezintweni Zonke”?
9, 10. Yini ehilelekile ekuboniseni ‘ukuzithiba ezintweni zonke’?
9 Iseluleko seBhayibheli sokubonisa ‘ukuzithiba ezintweni zonke’ sibonisa ukuthi kuhileleke okwengeziwe ekuzithibeni kunokulawula intukuthelo nje nokugwema ukuziphatha okubi. Singase sibe nomuzwa wokuthi sesikufundile ukuzithiba kulezi zici, futhi uma kunjalo, kufanele sibonge ngempela. Nokho, kuthiwani ngezinye izici zokuphila lapho isidingo sokuzithiba singase singabi sobala kangako? Ngokwesibonelo, ake sithi sihlala ezweni elinothile ngesilinganiso esithile lapho ukuphila kwakhona kusezingeni eliphezulu. Bekungeke yini kube ukuhlakanipha ukuzifundisa ukuthi cha ekuthengeni izinto ezingadingekile? Benza kahle abazali ngokufundisa izingane zabo ukungathengi noma yini eziyibonayo ngoba nje nansi ikhona, iyakhanga, noma ngoba zinemali yokuyithenga. Yiqiniso, ukuze lokho kufundisa kwabo kusebenze, abazali kumelwe babeke isibonelo esifanele.—Luka 10:38-42.
10 Ukufunda ukuphila ngaphandle kwezinto ezithile kungaqinisa ukuzimisela kwethu. Kungasenza sizazise nakakhulu izinto esinazo futhi sibazwele kakhudlwana labo okumelwe baphile bengenazo, kungekhona ukuthi bafuna kanjalo, kodwa ngenxa yesidingo. Yiqiniso, ukuphila okuphansi kuphambene nokucabanga okuvamile okunjengokuthi “kumelwe uzijabulise usaphila” noma “wena ufanelwe okungcono kakhulu.” Ezokukhangisa zaleli zwe zigqugquzela isifiso sokuthola okufunayo ngaso leso sikhathi, kodwa zikwenza lokhu ukuze zizizuzise zona ngokwezimali. Lesi simo singathiya imizamo yethu yokubonisa ukuzithiba. Muva nje umagazini othile ezweni elicebile laseYurophu uthe: “Uma labo abaphila kabuhlungu bedla imbuya ngothi kudingeka balwe kanzima ukulawula ukuthambekela okungathandeki, kudingeka kakhulu kangakanani-ke kulabo abaphila ezweni lobisi nezinyosi emphakathini wanamuhla okhomba ngophakathi!”
11. Kungani kuzuzisa ukufunda ukuphila ngaphandle kwezinto ezithile, kodwa yini eyenza lokhu kube nzima?
11 Uma sinobunzima bokuhlukanisa phakathi kwezinto esizifunayo nesizidinga ngempela, kungase kusize ukuthatha izinyathelo ukuze siqiniseke ukuthi asenzi izinto singacabangisisanga. Ngokwesibonelo, uma sifuna ukulwa nokuthambekela kokuthenga noma yini, singase sithande ukuzinqumela ukuthi ngeke sithenge ngesikweletu, noma sizinqumele ukuphatha imadlana elingene lapho siyothenga. Khumbula ukuthi uPawulu wathi ‘ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyindlela yokuthola inzuzo enkulu.’ Wabeka lesi sizathu: “Asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:6-8) Thina ingabe siyaneliswa? Ukufunda ukuphila ngendlela elula, engenaziphazamiso zokuphila kokuzitika—kungakhathaliseki ukuthi ukuzitika okunjani—kudinga ukuzimisela nokuzithiba. Nokho, kuyisifundo okufanele sifundwe.
12, 13. (a) Imihlangano yobuKristu idinga ukuzithiba ngaziphi izindlela? (b) Kukuziphi izici lapho sidinga khona ukuhlakulela ukuzithiba?
12 Ukuya emihlanganweni yobuKristu emincane nemikhulu nakho kuhilela ukubonisa ukuzithiba okuthile. Ngokwesibonelo, leyo mfanelo iyadingeka ukuze izingqondo zethu zingazuli phakathi nesimiso. (IzAga 1:5) Kungase kudinge ukuzithiba ukungabaphazamisi abanye ngokuhlebeza okuthile kumuntu ohlezi eduze kwethu, kunokulalelisisa isikhulumi. Ukulungisa isimiso sethu ukuze sifike ngesikhathi kungase kudinge ukuzithiba. Ngaphezu kwalokho, ukuzithiba kungase kudingeke ukuze sibekele eceleni isikhathi sokulungiselela imihlangano bese sihlanganyela kuyo.
13 Ukuzithiba ezintweni ezincane kwenza ikhono lethu lokuzithiba ezintweni ezinkulu libe bukhali. (Luka 16:10) Ngaleyo ndlela, akuve kukuhle ukuzijwayeza umkhuba wokufunda iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini njalo, sizitadishe futhi sizindle ngalokho esikufundile! Akuve kuwukuhlakanipha ukuzifundisa ukuzikhuza ngokuqondene nemisebenzi yokuziphilisa engafaneleki, ubungane obungafaneleki, izimo zengqondo nemikhuba engafaneleki noma sizifundise ukuthi cha ekwenzeni izinto ezingasilahlekisela isikhathi esiyigugu senkonzo kaNkulunkulu! Impela ukuhlala simatasa enkonzweni kaJehova kuyisivikelo esihle ezintweni ezingase zisidedisele kude nepharadesi elingokomoya lebandla likaJehova lomhlaba wonke.
Yibani Abakhule Ngokugcwele Ngokuzithiba
14. (a) Izingane kufanele zikufunde kanjani ukuzithiba? (b) Zinzuzo zini ezingaba khona lapho izingane zifunda izifundo ezinjengalesi lapho zisencane?
14 Usana olusanda kuzalwa alukwazi ukuzithiba. Incwajana eyabhalwa ochwepheshe bokuziphatha kwezingane iyachaza: “Ukuzithiba akuzenzakaleli noma kwenzeke ngokuphazima kweso. Izinsana nezingane ezisacathula zidinga isiqondiso nokusekela kwabazali ukuze ziqale inqubo yokufunda ukuzithiba. . . . Njengoba abazali bazo beqondisa le nqubo, ikhono lokuzithiba liyathuthuka kuyo yonke iminyaka zisesikoleni.” Ukuhlola okwenziwa ngezingane ezineminyaka emine kwembula ukuthi lezo ezafunda ukuzithiba ngesilinganiso esithile “ngokuvamile zazikhula ziba intsha ezwana nabantu, ethandwayo, ethanda ukuzama izinto ezintsha, enokuzethemba nenokwethenjelwa.” Lezo ezazingazange zisifunde lesi sifundo “ayemaningi amathuba okuba zibe nesizungu, zisheshe zikhungatheke futhi zibe nenkani. Zazivumela ukucindezeleka zibuye zesabe izinselele.” Kusobala ukuthi ukuze ingane ibe umuntu omdala okahle, kumelwe ifunde ukuzithiba.
15. Kubonisani ukuntula ukuzithiba, futhi kuphambene namuphi umgomo oseBhayibhelini?
15 Ngokufanayo, uma sifuna ukuba ngamaKristu akhule ngokugcwele, kumelwe sifunde ukubonisa ukuzithiba. Ukukuntula kubonisa ukuthi siseyizinsana ngokomoya. IBhayibheli lisiyala ukuba ‘sibe abakhule ngokugcwele emandleni okuqonda.’ (1 Korinte 14:20) Umgomo wethu ‘ukufinyelela ubunye okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu, sibe amadoda akhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.’ Ngani? “Ukuze singabe sisaba yizingane sijikijeleka ngapha nangapha sengathi sijikijelwa amagagasi futhi siyiswa lé nalé yiyo yonke imimoya yemfundiso ngokukhohlisa kwabantu, ekuklameni isiphambeko ngobuqili.” (Efesu 4:13, 14) Ngokusobala, ukufunda ukuzithiba kubalulekile engokomoyeni lethu.
Ukuhlakulela Ukuzithiba
16. UJehova ulunikeza kanjani usizo?
16 Ukuze sihlakulele ukuzithiba, sidinga usizo lukaNkulunkulu, futhi lukhona. Njengesibuko esibukisa kahle, iZwi likaNkulunkulu lisibonisa izindawo lapho kudingeka senze khona ushintsho, futhi linikeza neseluleko sendlela yokwenza lokho. (Jakobe 1:22-25) Abazalwane abanothando nabo bakulungele ukusisiza. Abadala abangamaKristu babonisa ukuqonda lapho besiza umuntu. UJehova ngokwakhe usipha umoya wakhe ongcwele ngesihle uma siwucela ngomthandazo. (Luka 11:13; Roma 8:26) Ngakho-ke, masiwasebenzise ngenjabulo la malungiselelo. Ukusikisela okusekhasini 21 kungase kube usizo.
17. IzAga 24:16 zisinikeza siphi isikhuthazo?
17 Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyayazisa imizamo yethu lapho sizama ukumjabulisa! Lokhu kufanele kusikhuthaze ukuba siqhubeke sizama ukuzithiba nakakhulu. Kungakhathaliseki ukuthi sehluleka kangaki, masingalokothi siphonse ithawula. “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka.” (IzAga 24:16) Njalo lapho siphumelela ukujabulisa uJehova, siba nesizathu sokujabula ngesikwenzile. Singaqiniseka nangokuthi uJehova uyajabula ngathi. Omunye uFakazi uthi ngaphambi kokunikezela ukuphila kwakhe kuJehova, njalo lapho ekwazile ukuzibamba angabhemi kulelo sonto, wayeziklomelisa ngokuzithengela okuthile okuwusizo ngemali ukuzithiba okumsize ukuba ayonge.
18. (a) Yini ehilelekile empini yethu yokuzithiba? (b) UJehova unikeza siphi isiqinisekiso?
18 Ngaphezu kwakho konke, kufanele sikhumbule ukuthi ukuzithiba kuhilela ingqondo nemizwelo. Lokhu singakubona emazwini kaJesu: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28; Jakobe 1:14, 15) Lowo osefunde ukulawula ingqondo nemizwa yakhe uyokuthola kulula ukulawula umzimba wakhe wonke. Ngakho-ke, masiqinise ukuzimisela kwethu ukugwema hhayi nje kuphela ukwenza okubi, kodwa ngisho nokucabanga ngakho. Uma imicabango emibi ifika, yenqabe ngokushesha. Singasibalekela isilingo ngokugcina amehlo ethu egxile kuJesu ngosizo lomthandazo. (1 Thimothewu 6:11; 2 Thimothewu 2:22; Hebheru 4:15, 16) Njengoba senza konke okusemandleni, siyobe silandela iseluleko seHubo 55:22: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”
Uyakhumbula?
• Iziphi izindlela ezimbili okumelwe sibonise ukuzithiba ngazo?
• Kusho ukuthini ‘ukuzithiba ezintweni zonke’?
• Ikuphi ukusikisela okusebenzayo kokuhlakulela ukuzithiba oye wakuphawula ngokukhethekile kulesi sifundo?
• Kuqalaphi ukuzithiba?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]
Indlela Yokuthuthukisa Ukuzithiba
• Kuhlakulele nasezintweni ezincane
• Zindla ngezinzuzo zako zamanje nezesikhathi esizayo
• Esikhundleni sezinto uNkulunkulu azenqabelayo, yenza azikhuthazayo
• Yenqabe ngokushesha imicabango engafaneleki
• Gcwalisa ingqondo yakho ngemicabango eyakhayo ngokomoya
• Yamukela usizo olunganikezwa amaKristu avuthiwe okanye nawo
• Zigweme izimo ezingakufaka esilingweni
• Thandazela usizo lukaNkulunkulu lapho ulingwa
[Izithombe ekhasini 18, 19]
Ukuzithiba kusishukumisela ukuba senze okuhle