Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 1/1 kk. 24-25
  • IGenesaretha—‘Iyamangalisa Futhi Yinhle’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IGenesaretha—‘Iyamangalisa Futhi Yinhle’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Woza Uzovakashela ULwandle LwaseGalile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukuphila Ngezikhathi ZeBhayibheli—Umdobi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 1/1 kk. 24-25

Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso

IGenesaretha—‘Iyamangalisa Futhi Yinhle’

“Eduze neChibi iGenesaretha kunezwe elendlalekile elibizwa ngegama elifanayo, elinezici nobuhle obumangalisayo. Ngenxa yomhlabathi ovundile asikho isitshalo esingamili lapho, futhi izakhamuzi zitshala yonke into: umoya awubandi futhi awushisi kakhulu kangangokuba ufanelana nezinhlobo ezihlukahlukene kakhulu zezinto eziphilayo. . . . Akukhona nje kuphela ukuthi lelizwe likhiqiza izithelo ezihlukahlukene ngokumangalisayo; lihlala lithela njalo. . . . Liniselwa isiphethu esinamandla amakhulu okuvundisa.”

Isazi-mlando uJosephus salichaza kanjalo ithafa elingunxantathu elisechosheni elisenyakatho-ntshonalanga lalokho ngokuvamile okwaziwa ngokuthi uLwandle LwaseGalile. Izithombe ezingenhla zingase zikunikeze umbono wokuthi lelithafa lalikhiqiza kangakanani, elinye lamathafa avunde kakhulu eGalile.a Lendawo yayibaluleke kakhulu ezikhathini zasendulo kangangokuba umlobi weVangeli uLuka wabiza ulwandle oluseduze nayo olunamanzi angenasawoti ngokuthi ‘ulwandle lwaseGenesaretha.’—Luka 5:1.

Wasebenzisa lawomazwi lapho elandisa ukuthi uJesu weza kulendawo futhi wathola amadoda amane aba abaphostoli. Ingabe ayengabalimi ababephila ngokulima enhlabathini evundile, betshala izivini, izihlahla zamantongomane, iminqumo, noma amakhiwane? Cha. Izitshalo ezinjalo zaziziningi eThafeni LaseGenesaretha, kodwa lamadoda ayengabadobi, futhi kulula ukuqonda ukuthi kungani ayengabadobi.

Ngokunokwenzeka imifudlana eyayigeleza kulelithafa yayiyisa uhlaza olwandle olwaluba ukudla kwezinhlanzi. Ngakho lamanzi ayegcwele izinhlobonhlobo zezinhlanzi, okwakuholela ekubeni khona kwemboni yezinhlanzi enkulu. UPetru noAndreya babengabadobi abahwebayo kuleyondawo, njengoJakobe noJohane, amadodana omdobi uZebedewu.—Mathewu 4:18-22; Luka 5:2-11.

Ngokuvamile kwakudotshwa ngamanetha adonswa isikebhe. Yilokho uPetru noAndreya ababekwenza lapho uJesu eya kubo. Kwakwendlalwa inetha libe yisiyingi esingaphelele. Okokuntantisa inetha okwenziwe ngokhuni kwakuphakamisa ichopho elingaphezulu, kuyilapho izinto ezisindayo ezingezansi zazigcina inetha lendlalekele ngaphansi kwamanzi. Izinhlanzi eziningi zazingase zibanjwe ngenetha elinjalo. Khona-ke lalidonselwa esikebheni noma lihudulelwe emanzini angajulile kakhulu, ukuze lithululwe ogwini. Izinhlanzi ezifanele ukudliwa zazihlukaniswa kwezingafanele. Phawula ukunemba komniningwane okuLuka 5:4-7 nakuJohane 21:6-11. Ingabe uyakhumbula ukuthi uJesu wakhuluma ngalendlela yokudoba emfanekisweni wakhe wenetha? (Mathewu 13:47, 48) Ngaphezu kwalokho, uMathewu 4:21 uqokomisa ukuthi ngokuvamile abadobi kwakudingeka bathathe isikhathi belungisa amanetha adatshulwe amadwala noma izinhlanzi.

Uma uhamba ngasogwini lwaseGenesaretha, cishe ungabona izindawo ezimbalwa okuthiwa kwenzeka kuzo izenzakalo ezithile phakathi nenkonzo kaJesu. Enye yazo igquma eliluhlaza lelo, ngokwenkolelo evamile, uJesu ayekulo lapho enikeza iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni. Lendawo ayiphikisani nokulandisa kwamaVangeli, ngoba uJesu wayeseduze neThafa LaseGenesaretha lapho enikeza leyontshumayelo.—Mathewu 5:1–7:29; Luka 6:17–7:1.

Enye indawo okucatshangwa ukuthi kungaba yiyo ayivumelani namaqiniso eBhayibheli. Uyothola isonto elakhiwa lapho okucatshangwa ukuthi uJesu wasuthisa khona abantu abangu-4 000 ngezinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi ezimbalwa. (Mathewu 15:32-38; Marku 8:1-9) Esikhundleni sokuthi lokhu kwenzeka eThafeni LaseGenesaretha, ukulandisa kukaMarku kukhuluma ‘ngezwe laseDekapholi,’ elalingaphesheya kolwandle ebangeni eliqhele ngamakhilomitha angu-11.—Marku 7:31.

UMathewu noMarku bathi ngemva kokwenza lesimangaliso, uJesu wahamba ngesikebhe waya eMagadana, noma eDalmanutha. (Mathewu 15:39; Marku 8:10) Izazi zihlobanisa lendawo neMagdala (iMigdal), eseningizimu nje yeThafa LaseGenesaretha, ngaseTiberiya. NgokweMacmillan Bible Atlas, iMagdala ‘yayaziwa ngemboni yayo elungisa izinhlanzi ezizothengiswa.’ Ukudoba kakhulu okwakwenziwa kulengxenye yechibi ngokuqinisekile kwakungakwenza kube nokwenzeka ukuba khona kwemboni enjalo futhi ibe nenzuzo.

Ngokuthakazelisayo, isomiso esaba khona ngo-1985/86 sehlisa izinga lamanzi oLwandle LwaseGalile, kwavela izingxenye ezinkulu ezingaphansi kwechibi. Eduze neThafa LaseGenesaretha, amadoda amabili athola izinsalela zesikebhe sasendulo. Abavubukuli bakwazi ukusivuselela lesikebhe sokhuni sokudoba esihlehlela emuva phakathi nesikhathi uJesu ahambela ngaso iChibi neThafa LaseGenesaretha.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka isithombe esinombala esikhudlwana kuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1992.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Garo Nalbandian

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela