Badala, Yahlulelani Ngokulunga
“Lapho niqula icala phakathi kwabafowenu, kumelwe nahlulele ngokulunga.”—DUTERONOMI 1:16, NW.
1. Endabeni yokwahlulela, ikuphi ukuphathiswa igunya okuye kwenziwa, futhi lokhu kusho ukuthini ngabahluleli abangabantu?
UMAHLULELI Ophakeme, uJehova uye waphathisa iNdodana yakhe igunya lokwahlulela. (Johane 5:27) Naye, njengeNhloko yebandla lobuKristu, uKristu usebenzisa isigaba senceku ethembekile neqondayo kanye neNdikimba yayo Ebusayo ukuba imise abadala, labo ngezinye izikhathi okumelwe babe abahluleli. (Mathewu 24:45-47; 1 Korinte 5:12, 13; Thithu 1:5, 9) Njengabahluleli abasesikhundleni sothile, laba banesibopho sokulandela ngokuseduze isibonelo sabaHluleli basezulwini, uJehova noKristu Jesu.
UKristu—UmaHluleli Oyisibonelo
2, 3. (a) Isiphi isiprofetho sobuMesiya esembula izimfanelo zikaKristu njengomaHluleli? (b) Imaphi amaphuzu ngokukhethekile okufanele siwaphawule?
2 Ngokuqondene noKristu njengomaHluleli, kwalotshwa lokhu ngokwesiprofetho: “UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba-sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe. Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba.”—Isaya 11:2-4.
3 Kulesosiprofetho phawula izimfanelo ezenza uKristu akwazi ‘ukwahlulela izwe ngokulunga.’ (IzEnzo 17:31) Wahlulela ngokuvumelana nomoya kaJehova, ukuhlakanipha, ukuqonda, amasu, nokwazi kwaphezulu. Futhi, phawula ukuthi wahlulela ngokwesaba uJehova. Kanjalo, ‘isihlalo sokwahlulela sikaKristu,’ simelela ‘isihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.’ (2 Korinte 5:10; Roma 14:10) Uqikelela ukuba ahlulele izindaba ngendlela uNkulunkulu azahlulela ngayo. (Johane 8:16) Akahluleli nje ngokubukeka noma ngenzwa-bethi. Ubahlulela ngobuqotho abamnene nabathobekileyo. Yeka umaHluleli omuhle! Futhi yeka isibonelo esihle ngabantu abangaphelele ababekwa esikhundleni sokwahlulela namuhla!
Abahluleli Basemhlabeni
4. (a) Uyoba yini omunye wemisebenzi yabangu-144 000 phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane? (b) Isiphi isiprofetho esibonisa ukuthi amanye amaKristu agcotshiwe ayeyomiswa njengabahluleli lapho esesemhlabeni?
4 ImiBhalo ibonisa ukuthi inani elincane uma kuqhathaniswa lamaKristu agcotshiwe, kusukela kubaphostoli abangu-12, liyoba abahluleli abakanye noKristu Jesu phakathi neMinyaka Eyinkulungwane. (Luka 22:28-30; 1 Korinte 6:2; IsAmbulo 20:4) Insali yamalungu agcotshiwe kaIsrayeli ongokomoya emhlabeni nayo yahlulelwa futhi yabuyiselwa ngo-1918-19. (Malaki 3:2-4) Ngokuphathelene nalokhu kubuyiselwa kukaIsrayeli ongokomoya, kwaprofethwa: “Ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni.” (Isaya 1:26) Ngakho, njengoba ayenzile “ekuqaleni” ngoIsrayeli ongokwenyama, uJehova uye wanikeza insali ebuyiselwe abahluleli abalungile kanye nabeluleki.
5. (a) Obani ‘ababemiswa njengabahluleli’ ngemva kokubuyiselwa kukaIsrayeli ongokomoya, futhi bachazwa kanjani encwadini yesAmbulo? (b) Obani manje abasiza ababonisi abagcotshiwe emsebenzini wokwahlulela, futhi laba baqeqeshwa kanjani ukuba babe abahluleli abangcono?
5 Okokuqala, ‘amadoda ahlakaniphileyo’ ‘ayemiswa njengabahluleli’ wonke ayengamadoda amadala agcotshiwe, noma abadala. (1 Korinte 6:4, 5, qhathanisa neNW.) Ababonisi abagcotshiwe abathembekile, abahlonishwayo encwadini yesAmbulo bachazwa njengabasesandleni sokunene sikaKristu, okusho ukuthi, bangaphansi kokulawula nokuqondisa kwakhe. (IsAmbulo 1:16, 20; 2:1) Kusukela ngo-1935 abagcotshiwe baye basekelwa ngokwethembeka “isixuku esikhulu” esiqhubeka sanda, esinethemba lokusinda “osizini olukhulu” futhi siphile phakade emhlabeni oyipharadesi. (IsAmbulo 7:9, 10, 14-17) Njengoba “umshado weWundlu” usondela, iNdikimba Ebusayo egcotshiwe imisa abengeziwe balaba ukuba bakhonze njengabadala nabahluleli emabandleni angaphezu kuka-66 000 oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.a (IsAmbulo 19:7-9) Ngezikole ezikhethekile, baqeqeshelwa ukusingatha umthwalo wemfanelo emphakathini oyokwakha ‘umhlaba omusha.’ (2 Petru 3:13) ISikole Senkonzo SoMbuso, esaqhutshwa ngasekupheleni kuka-1991 emazweni amaningi, sagcizelela ukusingathwa ngokufanelekile kwamacala okwahlulela. Abadala abakhonza njengabahluleli banesibopho sokulingisa uJehova noKristu Jesu kulomsebenzi, abazahlulelo zabo ziyiqiniso futhi zilungile.—Johane 5:30; 8:16; IsAmbulo 19:1, 2.
Abahluleli ‘Abaziphatha Ngokwesaba’
6. Kungani abadala abakhonza emakomitini okwahlulela kufanele ‘baziphathe ngokwesaba’?
6 Uma uKristu ngokwakhe ahlulela ngokwesaba uJehova nangosizo lomoya waKhe, kukangakanani ngabadala abangaphelele! Lapho babelwa ukuba bakhonze ekomitini yokwahlulela, kudingeka ‘baziphathe ngokwesaba,’ bacele ‘uBaba owahlulela ngokungakhethi’ ukuba abasize ukuba bahlulele ngokulunga. (1 Petru 1:17, qhathanisa neNW.) Kufanele bakhumbule ukuthi basebenza ngokuphila kwabantu, “imiphefumulo” yabo, ‘njengabayolandisa.’ (Heberu 13:17) Ngenxa yalokhu, ngokuqinisekile bayolandisa futhi phambi kukaJehova nganoma yimaphi amaphutha okwahlulela agwemekayo abangase bawenze. Lapho ekhulumela amaHeberu 13:17, uJ. H. A. Ebrard wabhala: “Kuwumsebenzi kamalusi ukuqapha imiphefumulo aphathiswe ukuba ayinakekele, futhi . . . kumelwe alandise ngayo yonke, nangaleyo elahleke ngenxa yephutha lakhe. Lokhu kuyizwi elifungelwe. Zonke izikhonzi zezwi mazicabange, ukuthi ziye zasingenela ngokuzithandela lesikhundla esinomthwalo wemfanelo owesabekayo.”—Qhathanisa noJohane 17:12; Jakobe 3:1.
7. (a) Yini abahluleli bosuku lwanamuhla okufanele bayikhumbule, futhi yini okufanele ibe umgomo wabo? (b) Iziphi izifundo abadala okufanele bazifunde kuMathewu 18:18-20?
7 Abadala abasesikhundleni sokwahlulela kufanele bakhumbule ukuthi abaHluleli bangempela becala ngalinye nguJehova noKristu Jesu. Khumbula lokho abahluleli bakwaIsrayeli abatshelwa khona: “Anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni. Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe-phezu kwenu; . . . yenzani njalo, aniyikuba-nacala.” (2 IziKronike 19:6-10) Ngokwesaba okunenhlonipho, abadala abahlulela icala kufanele benze konke abangakwenza ukuze baqiniseke ukuthi uJehova ‘unabo’ ngempela “ekwahluleleni.” Isinqumo sabo kufanele siyibonise ngokuqondile indlela uJehova noKristu abayibheka ngayo indaba. Lokho ngokomfanekiso ‘abakubophayo’ (abakuthola kunecala) noma ‘abakukhululayo’ (abakuthola kungenacala) emhlabeni kufanele kube yilokho osekuboshiwe noma osekukhululiwe kakade ezulwini—njengoba kwembulwa yilokho okulotshwe eZwini likaNkulunkulu eliphefumlelwe. Uma bethandaza kuJehova ngegama likaJesu, uJesu uyoba “phakathi kwabo” ukuze abasize. (Mathewu 18:18-20, umbhalo waphansi weNW; INqabayokulinda kaFebruary 15, 1988, ikhasi 9) Isimo esiba khona lapho kuqulwa icala lokwahlulela kufanele sibonise ukuthi uKristu uphakathi kwabo ngempela.
Abelusi Basikhathi Sonke
8. Uyini umthwalo wemfanelo oyinhloko wabadala emhlanjini, njengoba waboniswa nguJehova noJesu Kristu? (Isaya 40:10, 11; Johane 10:11, 27-29)
8 Abadala abahluleli ngaso sonke isikhathi. Bamiselwe ukuba abelusi basikhathi sonke. Bangabaphilisi, hhayi abajezisi. (Jakobe 5:13-16) Umqondo oyisisekelo wegama lesiGreki elisho umbonisi (e·piʹsko·pos) uwukunakekela okuvikelayo. ITheological Dictionary of the New Testament ithi: “Uma senezela elithi umalusi [kweyoku-1 Petru 2:25], igama elithi [e·piʹsko·pos] lisikisela umsebenzi womalusi wokuqapha noma ukulinda.” Yebo, umthwalo wabo wemfanelo oyinhloko uwukuqapha izimvu nokuzilinda, ukuzigcina zingaphakathi komhlambi.
9, 10. (a) UPawulu wawugcizelela kanjani umsebenzi oyinhloko wabadala, ngakho imuphi umbuzo ongase uphakanyiswe ngokufanelekile? (b) Asikiselani amazwi kaPawulu akuzEnzo 20:29, ngakho abadala bangazama kanjani ukunciphisa inani lamacala okwahlulela?
9 Ekhuluma nabadala basebandleni lase-Efesu, umphostoli uPawulu wagcizelela okwakufanele kugcizelelwe: “Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeké kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe-ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.” (IzEnzo 20:28) UPawulu uqokomisa ukwalusa, hhayi ukujezisa. Abanye abadala bangenza kahle ngokuzindla ngalombuzo olandelayo: ‘Ingabe besingonga isikhathi esiningi esidingekayo ekuhloleni nasekusingatheni amacala okwahlulela uma besinikela isikhathi esengeziwe namandla ekwaluseni?’
10 Yiqiniso, uPawulu waxwayisa ‘ngezimpisi ezihahayo.’ Kodwa ingabe akazange yini asole lezimpisi ngenxa ‘yokungawuhawukeli umhlambi’? (IzEnzo 20:29) Futhi nakuba asikisela ukuthi ababonisi abathembekile kufanele bazixoshe ‘lezimpisi,’ ingabe amazwi akhe awabonisi yini ukuthi abadala kufanele ‘bawahawukele’ lawa amanye amalungu omhlambi? Lapho imvu iba buthakathaka ngokomoya futhi ihluleka ukuqhubeka, yini eyidingayo—ukushaywa noma ukwelashwa, ukujeziswa noma ukwaluswa? (Jakobe 5:14, 15) Ngakho-ke, abadala kufanele njalo bahlele isikhathi sokwenza umsebenzi wokwalusa. Lokhu kungaletha umphumela omuhle wokunciphisa isikhathi esisetshenziselwa emacaleni okwahlulela adla isikhathi ahilela amaKristu aye anqotshwa isono. Ngokuqinisekile, ukukhathalela okuyinhloko kwabadala kufanele kube ukunikeza umthombo wempumuzo nokuqabuleka, kanjalo bathuthukise ukuthula, nokulondeka phakathi kwabantu bakaJehova.—Isaya 32:1, 2.
Ukukhonza Njengabelusi Nabahluleli Abanesihawu
11. Kungani abadala abakhonza emakomitini okwahlulela kudingeka bangakhethi futhi babe ‘nokuhlakanipha kwaphezulu’?
11 Ukwalusa ngenkuthalo ngaphambi kokuba umKristu aphambuke kuyolinciphisa kakhulu inani lamacala okwahlulela phakathi kwabantu bakaJehova. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:1.) Nokho, ngenxa yesono kanye nokungapheleli kwabantu, ababonisi abangamaKristu ngezinye izikhathi kungase kudingeke basingathe amacala okwenziwa kobubi. Yiziphi izimiso okufanele zibaqondise? Lezi azizange zishintshe kusukela esikhathini sikaMose noma samaKristu okuqala. Amazwi kaMose awasho kubahluleli bakwaIsrayeli asasebenza: “Lapho niqula icala phakathi kwabafowenu, kumelwe nahlulele ngokulunga . . . Akumelwe nikhethe ekwahluleleni.” (Duteronomi 1:16, 17, NW) Ukungakhethi kuyisici ‘sokuhlakanipha kwaphezulu,’ ukuhlakanipha okubaluleke kakhulu kubadala abakhonza emakomitini okwahlulela. (Jakobe 3:17; IzAga 24:23) Ukuhlakanipha okunjalo kuyobasiza ukuba babone umehluko phakathi kobuthakathaka nobubi.
12. Kungamuphi umqondo abahluleli kungadingeki nje babe amadoda alungileyo kuphela kodwa futhi babe amadoda anemfanelo yobuhle?
12 Abadala ‘kumelwe bahlulele ngokulunga,’ ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova zokulungile nokungalungile. (IHubo 19:9) Nokho, nakuba belwela ukuba amadoda alungile, kufanele futhi bazame ukuba amadoda anemfanelo yobuhle, ngomqondo womahluko uPawulu awuveza kweyabaseRoma 5:7, 8. Ikhulumela lamavesi esihlokweni sayo esithi “Righteousness” (Ukulunga), incwadi i-Insight on the Scriptures ithi: “Ukusetshenziswa kwegama lesiGreki kubonisa ukuthi umuntu ophawuleka, noma ohlukaniswa ngemfanelo yobuhle, ungumuntu onomusa (othambekele ekwenzeni okuhle noma ekuzuziseni abanye) futhi onesihawu (obubonisa ngezenzo ubuhle obunjalo). Akamane nje akhathalele ukwenza lokho okufunwa ubulungisa kodwa wenza okungaphezu kwalokhu, eshukunyiswa ukubacabangela okunempilo abanye kanye nesifiso sokubazuzisa nokubasiza.” (Umqulu 2, ikhasi 809) Abadala abangagcini nje ngokuba abalungile kuphela kodwa futhi abanemfanelo yobuhle bayophatha abenzi bobubi ngokucabangela okunomusa. (Roma 2:4) Kufanele bafune ukubonisa isihe nozwela. Kufanele benze konke abangakwenza ukuze basize umenzi wobubi ukuba asibone isidingo sokuphenduka, nakuba ekuqaleni engase abonakale engasabeli emizamweni yabo.
Isimo Sengqondo Esifanele Ekuqulweni Kwamacala
13. (a) Lapho umdala esebenza njengomahluleli, yini angayeki ukuba yiyo? (b) Isiphi iseluleko sikaPawulu esisebenzayo nasekuqulweni kwamacala okwahlulela?
13 Lapho isimo esithile sidinga ukuqulwa kwecala lokwahlulela, ababonisi akufanele bakhohlwe ukuthi basengabelusi, abasebenzelana nezimvu zikaJehova, ezingaphansi ‘kukamalusi omuhle.’ (Johane 10:11) Iseluleko uPawulu asinikeza sosizo lwasikhathi sonke olunikwa izimvu ezisenkingeni sisebenza ngendlela efanayo nasekuqulweni kwamacala okwahlulela. Wabhala: “Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe. Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.”—Galathiya 6:1, 2.b
14. Ababonisi kufanele bakubheke kanjani ukuqulwa kwamacala okwahlulela, futhi kufanele sibe njani isimo sabo sengqondo ngakumenzi wobubi?
14 Kunokuba bazibheke njengabahluleli abakhulu abahlangene ngenjongo yokukhipha isijeziso, abadala abakhonza ekomitini yokwahlulela kufanele babheke ukuqulwa kwecala njengesinye isici somsebenzi wabo wokwalusa. Enye yezimvu zikaJehova isenkingeni. Yini abangayenza ukuze bayisindise? Ingabe sekwephuze kakhulu ukuba bangasiza lemvu eye yaphambuka emhlanjini? Sethemba ukuthi kuyobe kungakephuzi. Abadala kufanele bahlale benombono oqondile ngokubonisa isihe lapho lokhu kuyoba okufanelekile khona. Akukhona ukuthi kufanele behlise izindinganiso zikaJehova uma kwenziwe isono esingathi sína. Kodwa ukuqaphela kwabo noma iziphi izimo ezenza indaba ibe ngcono kuyobasiza ukuba babonise isihe lapho kungenzeka khona. (IHubo 103:8-10; 130:3) Ngokudabukisayo, abanye abenzi bobubi baba ntamolukhuni esimweni sabo sengqondo kangangokuba abadala baphoqeleke ukuba babonise ukuqina, nakuba kungamelwe kube nokhahlo.—1 Korinte 5:13.
Injongo Yokuqulwa Kwamacala Okwahlulela
15. Lapho kuphakama inkinga engathi sína phakathi kwabantu, yini okufanele itholwe kuqala?
15 Lapho kuphakama inkinga engathi sína phakathi kwabantu, abadala abahlakaniphile bayoqala bathole ukuthi labo abahilelekile baye bazama yini ukuxazulula indaba ngasese, besebenzisa uMathewu 5:23, 24 noma uMathewu 18:15. Uma lokhu kwehlulekile, mhlawumbe iseluleko esinikezwa ngumdala oyedwa noma ababili siyoba ngesanele. Isinyathelo sokwahlulela sidingeka kuphela lapho kwenziwe isono esingathi sína esingaholela ekususweni ekuhlanganyeleni. (Mathewu 18:17; 1 Korinte 5:11) Kumelwe kube nesisekelo esizwakalayo esingokomBhalo sokwakha ikomiti yokwahlulela. (Bheka INqabayokulinda, September 15, 1989, ikhasi 18.) Lapho yakhiwa, kufanele kukhethwe abadala abafaneleka kangcono kakhulu ukuba basingathe icala elithile.
16. Yini abadala abazama ukuyifinyelela ngokuqula amacala okwahlulela?
16 Yini abadala abazama ukuyifinyelela ngokuqula amacala okwahlulela? Okokuqala, akunakwenzeka ukwahlulela ngokulunga ngaphandle kokuba iqiniso laziwe. NjengakwaIsrayeli, izindaba ezingathi sína kumelwe ‘ziphenyisiswe.’ (Duteronomi 13:14; 17:4) Ngakho omunye umgomo wokuqulwa kwecala uwukuthola amaqiniso endaba. Kodwa lokhu kungenziwa futhi kufanele kwenziwe ngothando. (1 Korinte 13:4, 6, 7) Lapho amaqiniso sebewazi, abadala bayokwenza noma yini edingekayo ukuze bavikele ibandla futhi balondoloze izindinganiso zikaJehova eziphakeme nokugeleza okukhululekile komoya wakhe phakathi kwalo. (1 Korinte 5:7, 8) Nokho, enye yezinjongo zokuqulwa kwecala iwukusindisa, uma kungenzeka, isoni esisengozini.—Qhathanisa noLuka 15:8-10.
17. (a) Umuntu omangalelwe kufanele aphathwe kanjani phakathi nokuqulwa kwecala, futhi ngayiphi injongo? (b) Lokhu kuyodingani kumalungu ekomiti yokwahlulela?
17 Umuntu omangalelwe akufanele nakancane angaphathwa njengemvu kaNkulunkulu. Kufanele aphathwe ngobumnene. Uma kwenziwe isono (noma izono), injongo yabahluleli bokulunga iyoba ukusiza isoni ukuba silungise, siqonde iphutha lenkambo yaso, siphenduke, futhi kanjalo sihlwithwe “ogibeni lukaSathane.” Kuyodingeka ‘isu lokufundisa,’ ‘ukuyala ngomoya omnene.’ (2 Thimothewu 2:24-26; 4:2) Khona-ke kuthiwani uma isoni siqaphela ukuthi sonile, sihlabeka ngempela enhliziyweni, futhi sicela ukuba uJehova asithethelele? (Qhathanisa nezEnzo 2:37.) Uma ikomiti ikholelwa ukuthi silufuna ngobuqotho usizo, ngokuvamile ngeke sibe khona isidingo sokuba sisuswe ekuhlanganyeleni.—Bheka INqabayokulinda, May 15, 1983, ikhasi 31, isigaba 2.
18. (a) Kunini lapho ikomiti yokwahlulela kufanele ibonise khona ukuqina ekususeni ekuhlanganyeleni umenzi wobubi? (b) Kungenxa yasiphi isimo esidabukisayo abadala kufanele bazikhandle ngenxa yezimvu eziphambukayo?
18 Ngakolunye uhlangothi, lapho amalungu ekomiti yokwahlulela ebhekana necala elisobala lokuhlubuka okungenakuzisola, ukuhlubuka ngamabomu emithethweni kaJehova, noma ububi nje ngokuqondile, umsebenzi wawo uwukuvikela amanye amalungu ebandla ngokususa ekuhlanganyeleni isoni esingaphenduki. Ikomiti yokwahlulela ayiphoqelekile ukuhlangana njalo nomenzi wobubi noma ukumfunza amazwi, izama ukumphoqa ukuba aphenduke, uma kubonakala ukuthi untula ukudabuka kokwesaba uNkulunkulu.c Eminyakeni yamuva ukususa ekuhlanganyeleni emhlabeni wonke ngokwesilinganiso kuye kwaba iphesenti elilodwa labamemezeli. Lokho kusho ukuthi ezimvwini ezingaba ikhulu ezisesibayeni, eyodwa iyalahleka—okungenani okwesikhashana. Uma kucatshangelwa isikhathi nomzamo okukudingayo ukuletha umuntu esibayeni, ingabe akudabukisi yini ukwazi ukuthi abangamashumi ezinkulungwane ‘babuyiselwa emuva kuSathane’ minyaka yonke?—1 Korinte 5:5, NW.
19. Yini abadala abakhonza ekomitini yokwahlulela okungafanele neze bayikhohlwe, ngakho uyoba yini umgomo wabo?
19 Abadala abaqalisa ukuqula icala lokwahlulela kufanele bakhumbule ukuthi amacala amaningi okona ebandleni ahilela ubuthakathaka, hhayi ububi. Akufanele bawukhohlwe umfanekiso kaJesu wemvu elahlekile, awuphetha ngalamazwi: “Kanjalo kuyakuba-khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.” (Luka 15:7) Ngempela, “iNkosi . . . [ayi]thandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Ngosizo lukaJehova, kwangathi amakomiti okwahlulela emhlabeni wonke angenza konke okusemandleni awo ukuba abangele injabulo ezulwini ngokusiza abenzi bobubi ukuba babone isidingo sokuphenduka futhi babuye baqale ukuhamba endleleni encane eholela ekuphileni okuphakade.—Mathewu 7:13, 14.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa ngesikhundla sabadala abangabezinye izimvu ngokuphathelene nokuba kwabo sesandleni sokunene sikaKristu, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, enyatheliswa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., ikhasi 136, umbhalo waphansi.
c Bheka INqabayokulinda, kaFebruary 15, 1982, ikhasi 30, isigaba 24.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Belandela isibonelo sikaMalusi Omkhulu noMalusi Omuhle, yini okufanele ibe isithakazelo esiyinhloko sabadala?
◻ Iyiphi indlela abadala abangazama ngayo ukunciphisa inani lamacala okwahlulela?
◻ Kungamuphi umqondo abahluleli kunga-dingeki babe abalungile kuphela kodwa futhi babe abanemfanelo yobuhle?
◻ Umenzi wobubi kufanele aphathwe kanjani phakathi nokuqulwa kwecala, futhi ngayiphi injongo?
◻ Kungani ukususa ekuhlanganyeleni kuyisinyathelo sokugcina ukuba kuphendukelwe kuso?
[Isithombe ekhasini 16]
Lapho kwenziwa ukwalusa kusengaphambili, kungagwenywa amacala amaningi okwahlulela
[Isithombe ekhasini 18]
Ngisho naphakathi kokuqulwa kwecala lokwahlulela, abadala kufanele bazame ukulungisa umenzi wobubi ngomoya wobumnene