Izibusiso Zemfundo YaseGileyadi Zisakazeka Emhlabeni Wonke
IMFUNDO kulelizwe elidala inokubaluleka okulinganiselwe kuphela. Njengoba isekelwe ikakhulukazi emibonweni yomuntu kunaseqinisweni likaNkulunkulu, ayinakudlulisela injongo yangempela ekuphileni. Kodwa iSikole saseGileyadi sihlukile. Emazwini akhe okuvula ekuthwesweni iziqu kwekilasi lama-93 laseGileyadi, uTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo wabonisa ukuthi lesikole sinikeza imfundo enokubaluleka kwangempela. Njengoba iHubo 119:160 lisho, “amazwi [kaNkulunkulu] onke ayiqiniso.” Kungakho izethameli ezingaba ngu-6 000 zazilalele ngenjabulo enkulu isimiso sokuthweswa iziqu ngoSeptember 13, 1992.
Inkulumo yokuqala ekuseni, eyanikezwa uLon Schilling weKomiti yeWatchtower Farms, yayinesihloko esithi “Qhubekani Ninqoba Izwe Nombusi Walo.” UMfoweth’ uSchilling wagxila kusAmbulo 12:11 futhi wabonisa ukuthi lelivesi liveza izindlela ezintathu zokunqoba: (1) ngegazi leWundlu, (2) ngokufakaza, (3) nokuba nomoya wokuzidela. Wakhumbuza abafundi ukuthi eziningi zezinceku zikaJehova ziye zawubonisa umoya onjalo futhi ziye zabhekana ngisho nokufa ngokuzithandela ukuze zilondoloze ukwethembeka kwazo nobuqotho.
Esithi “Vikelani Ithemba Lenu Elihle” kwakuyisihloko esakhulunyelwa uJohn E. Barr weNdikimba Ebusayo. Ngezwi lakhe elinemfudumalo, waqhathanisa ukuthembana komunye nomunye phakathi kukaJehova nezinceku zakhe nokuthembana okwakhiwa emshadweni omuhle. Esebenzisa amaphuzu akweyesi-2 Thimothewu 1:12, 13, wanxusa abafundi ukuba bavikele ithemba labo ngokusibambisisa njengesiyigugu “isibonelo samazwi aphilayo” aseBhayibhelini. Wagcizelela ukwenza isifundo somuntu siqu sibe yingxenye ebalulekile yesimiso sansuku zonke futhi ngomusa waluleka abafundi ukuba bangalokothi benze izimpendulo zabo emihlanganweni zibe ezingacatshangwanga kodwa ngaso sonke isikhathi bazenze zibe ezinengqondo.
UWilliam Van De Wall weKomiti YoMnyango WeNkonzo wanikeza inkulumo elandelayo, ethi “Bonisa Ukukhathalela Kothando Ngabantu Abanjengezimvu.” Wabuza abafundi ukuthi yini ababengayibheka kudokotela womkhaya futhi wabanxusa ukuba bahlakulele uzwela olufanayo, nesihe abebengakwazisa.
UDaniel Sydlik weNdikimba Ebusayo wakhuluma ngokushukumisayo ngesihloko esithi “Zonke Izinto Zingenzeka NgoNkulunkulu.” Wakhumbuza abafundi ukuthi uAbrahama noSara babeye balihleka ithemba elalibonakala lingenakwenzeka lokuba nendodana sebebadala ngeminyaka. Eziningi zezithembiso zikaNkulunkulu zibonakala zingenakwenzeka ngokokubheka komuntu; kodwa kunjengoba ingelosi yabuza uAbrahama, “kukhona into emahlula uJehova na?” (Genesise 18:14) UMfoweth’ uSydlik wanxusa abafundi ukuba babonise ukholo ekhonweni likaNkulunkulu lokwenza okungenakwenzeka, bangalokothi benze lolokholo lwabo lushabalale noma luntengantenge, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izilingo abangase babhekane nazo.
Abaqeqeshi Banikeza Iseluleko
Ngokulandelayo kwakhuluma abaqeqeshi ababili baseGileyadi. Okokuqala, uJack D. Redford wakhuluma ngesihloko esithi “Ukwakha Igama Elihle NoNkulunkulu.” Okwenza igama libe lihle noma libe libi, ebonisa, umnikazi walo. Waqhathanisa amagama anjengoAdamu, Nimrode, Jezebeli, Sawulu, noJuda namagama anjengoNowa, Abrahama, Ruthe, Pawulu, noThimothewu. Kunemiqondo nemizwa eminingi ehlobene negama ngalinye ngenxa yenkambo yokuphila yomnikazi walo. Wabuza abafundi ukuthi hlobo luni lwegama ababeyoba nalo eminyakeni eyishumi, eyikhulu, ngisho noma neyinkulungwane kusukela ngalesosikhathi—yilelo lomuntu oshiya akuqalile noma lomuntu okhonondayo, noma elokuba yisithunywa sevangeli esithembekile? Wabayala ukuba bagxile emakhambini nasemigomweni kunokuba bagxile ezinkingeni.
Esithi “Uluvikela Kahle Kangakanani Ukholo Lwakho?” kwakuyisihloko esishukumisa ingqondo esakhulunyelwa u-Ulysses V. Glass. Wafanisa ukholo oluqinile nekhampasi enhle ngaso sonke isikhathi ekhomba indlela efanele. Ikhampasi esemotweni ingase ithintwe kabi ezinye izindawo ezinozibuthe ngaphandle kowomhlaba, futhi izindawo ezinjalo zidinga ukwenziwa zingabi nozibuthe. Ngendlela efanayo, lelizwe elidala liveza amathonya amaningi angenza ukholo lwethu luntengantenge noma lube buthakathaka uma siwavumela. Njengoba ayexwayisa ikilasi ngamathonya anjalo, uMfoweth’ uGlass wabatusa futhi ngokuqaphelisisa kwabo izimo zengqondo nemizwa yabanye.
Inkulumo yokugcina ekuseni yanikezwa uAlbert D. Schroeder, ilungu leNdikimba Ebusayo. Wakhuthaza abafundi ukuba “Bagcine Umoya Wezithunywa Zevangeli,” ebatusa ngokubonisa umoya wezithunywa zevangeli ofanayo nowaboniswa ikilasi lokuqala emuva ngo-1943, lapho ayekhonza njengomqondisi walesikole. Waphawula ukuthi babenesithakazelo kubantu, bengabashumayeli ngokwemvelo, abathanda ukuqondiswa umoya kaNkulunkulu. Wabanxusa ukuba baqhubeke bethuthukisa lowomoya, besebenzisa ngokugcwele iNew World Translation esifundweni somuntu siqu. Njengesibonelo waphetha ngokuxoxa ngevesi ngalinye lamaHubo 24.
Ngokulandelayo, abafundi baseGileyadi bathweswa iziqu! Banikezwa iziqu zabo njengoba kwakumenyezelwa izabelo zabo zezithunywa zevangeli, okwaphelezelwa ihlombe elikhulu livela ezethamelini.
Ntambama, uCalvin Chyke weKomiti yeFekthri waqhuba iSifundo SeNqabayokulinda. Kwalandela isimiso esijabulisayo sabafundi, esabhekisela kokuhlangenwe nakho kwabafundi ensimini phakathi nemfundo eyathatha izinyanga ezinhlanu futhi kwaboniswa amaslide amanye amazwe abababelwe kuwo. Ngaphezu kwalokho, kwaxoxwa nombhangqwana osukhulile ngeminyaka, futhi waxoxa ngokunye kokuhlakanipha nokuhlangenwe nakho oye wakuzuza eminyakeni eminingi yokuba yizithunywa zevangeli. Isimiso santambama saphetha ngedrama efike ngesikhathi eyayinesihloko esithi Ungakhohliswa Noma Uhleke UNkulunkulu.
Izethameli zahamba zijabule kakhulu, zihlatshwe umxhwele ukubona lokho imfundo yeqiniso likaNkulunkulu engakwenza futhi zijabulile ukwazi ukuthi izinzuzo zemfundo enjalo ziyoqhubeka zizwakala emhlabeni wonke. Njengoba lezithunywa zevangeli ezingu-48 zihlakazeka ziya ezabelweni zazo, zilandelwa imithandazo eminingi, ezwakalisa ithemba elisuka enhliziyweni nokuqiniseka ngokuthi laba abathembekile bayoba yisibusiso kubantu bakaNkulunkulu nomaphi lapho beya khona.
[Ibhokisi ekhasini 19]
Izibalo Zekilasi
Inani lamazwe amelelwe: 7
Inani lamazwe ababelwa kuwo: 18
Inani labafundi: 48
Inani lemibhangqwana eshadile: 24
Isilinganiso sobudala: 32,8
Isilinganiso seminyaka eqinisweni: 15,3
Isilinganiso seminyaka enkonzweni yesikhathi esigcwele: 10,4
[Ibhokisi ekhasini 20]
ABATHWESWE IZIQU EKILASINI LOPHIKO LWASEGILEYADI
NgoJune 21, 1992, iqembu lezithunywa zevangeli ezingu-24 lathweswa iziqu ekilasini lesine loPhiko lweSikole saseGileyadi eSelters/Taunus, eJalimane. Lelikilasi, lalakhiwe imibhangqwana eshadile engu-11 nodade ababili abangashadile abavela emazweni ayisikhombisa, babenesilinganiso sobudala seminyaka engu-32, beneminyaka engu-14 kusukela babhapathizwa, futhi beneminyaka engu-8,5 yenkonzo yesikhathi esigcwele emsebenzini wokushumayela. Abangaphezu kuka-2 000 baba khona ekuthwesweni iziqu.
UMfoweth’ uJaracz waqalisa isimiso ngengxoxo yezAga 11:24, ezithi: “Ukhona ohlakazayo, nokho uyenezelwa kakhulu.” Waphawula ukuthi abafundi base bezohlakazwa futhi ngokuqinisekile babeyothuthukisa ukwanda.
Izinkulumo ezikhuthazayo ezingokomBhalo zanikezwa nguRichard Kelsey, umxhumanisi weKomiti Yegatsha yaseJalimane; uWolfgang Gruppe woMnyango WeNkonzo; uWerner Rudtke noEdmund Anstadt, nabo abangamalungu eKomiti Yegatsha; nabaqeqeshi ababili, uDietrich Förster noLothar Kaemmer. UAlbert Schroeder weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo eyinhloko ethakazelisayo eyayinesihloko esithi “Qhubekani Ningabafuni Bamagugu Angokomoya.” Umvuthwandaba wesimiso wawuwukunikezwa kwezabelo zokuya emazweni angu-11 eAfrika, eCentral America, naseMpumalanga-Yurophu, ngemva kwalokho umfundi othweswe iziqu wafunda incwadi evela ekilasini eya eNdikimbeni Ebusayo izwakalisa ukwazisa okuvela enhliziyweni.
[Isithombe ekhasini 18]
Ikilasi Lama-93 Elithweswa Iziqu LeWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuye emuva futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Hitesman, C.; West, P.; Evans, D.; Hipps, M.; Simonelli, N.; Wood, S.; Corkle, M.; Flores, C.; Thomas, J.; (2) Jones, M.; Nissinen, J.; Sponenberg, M.; Zachary, K.; Ravn, G.; Backman, M.; Wettergren, A.; Evans, D.; Flores, R.; Caporale, G. (3) Simonelli, N.; Rechsteiner, M.; Rechsteiner, M.; Ruiz-Esporza, L.; Gerbig, B.; Simpson, C.; Zanewich, C.; Zachary, B.; Ricketts, L.; (4) Simpson, J.; Backman, J.; Corkle, G.; Gerbig, M.; Ricketts, B.; Bagger-Hansen, L.; Jones, A.; Zanewich, K.; Ravn, J.; Hipps, C. (5) Sponenberg, S.; Hitesman, A.; Caporale, L.; Ruiz-Esparza, S.; Thomas, R.; Bagger-Hansen, B.; Wood, M.; West, M.; Wetteraren, C.; Nissinen, E.