Isizathu Sokuba Ube Khona
UYOTHOLA izinsuku ezine ezizuzisayo zokufundiswa okungokomoya eMhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu,” ozobe uqhubeka kulonyaka emadolobheni athile emhlabeni wonke jikelele. Ngokuvamile, isimiso siyoqala ngoLwesine ngo-1:20 ntambama siphele ngeSonto ngo-4:15 ntambana. Okuvelele kweminye imihlangano kuyoba yimibiko eyonikezwa yizithunywa zevangeli, eziye zasizwa ukuba zibuyele emazweni akubo ukuze zibe khona kulesenzakalo esijabulisayo.
Kungakhathaliseki ukuthi umdala noma umncane—indoda, inkosikazi, ubaba, umama, osemusha, noma ingane—uyothola ukufundiswa okuyokuzuzisa okunikezwa ngendlela ecacile, ethakazelisayo. Ngokwesibonelo, abaningi namuhla bayabuza, Iyini injongo yokuphila? NgoLwesihlanu ekuseni, uyojabulela ukuzwa kuxoxwa ngalombuzo futhi uyokujabulela oyokuthola ukuze usize abanye bayiqonde lendaba.
NgoLwesihlanu ntambama isimiso siyobe sinezingxenye ezithi “Ukwenza Umshado Ube Isibopho Esihlala Njalo,” “Sebenza Kanzima Ukuze Kusindiswe Umkhaya Wakho,” nethi “Bazali—Abantwana Benu Badinga Ukunakekelwa Okukhethekile.” Ngokushesha ngemva kwalezingxenye, ukunakekela okukhethekile kuyogxiliswa ezinkingeni abantu abasha ababhekene nazo nendlela abangazixazulula ngayo. Bayokhuthazwa idrama yosuku lwanamuhla enesihloko esithi Intsha Ekhumbula UMdali Wayo Manje.
NgoMgqibelo isimiso siyogxila esiprofethweni sikaJesu sezinsuku zokugcina ikakhulukazi amazwi akhe athi: “Masinyane emva kosizi lwalezozinsuku ilanga liyakufiphazwa.” (Mathewu 24:29) Uyothanda ukuzwa ingxoxo ephathelene nokuthi lolosizi lwenzeka nini. Isimiso sangoMgqibelo siyobukeza futhi umlando woFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla futhi sibonise lokho abaye bakufeza.
NgeSonto enye idrama, enesihloko esithi Ungadukiswa Noma Uhleke UNkulunkulu, iyokhuluma ngenselele ubuqotho bomuntu bobuKristu obubhekana nayo ngenxa yama-video nomculo wanamuhla othandwayo. Inkulumo yeningi ntambama iyobe inesihloko esithi “Ukufundisa Okuwusizo Ezikhathini Zethu Ezinzima.” Isimiso siyophetha ngesixwayiso esithi “Qhubeka ubambelele Ngokuqinile Ekufundiseni Kwaphezulu.”
Ngokuqinisekile, uyozuza ngokuba khona zonke izinsuku ezine! Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona. Ukuze uthole indawo yomhlangano eseduze nawe, thintana neHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova elisendaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balomagazini.