Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 6/15 k. 19
  • Walwela Ukholo Lwakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Walwela Ukholo Lwakhe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngigcinile Ukukholwa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Intsha ‘Enamandla Angaphezu Kwavamile’
    I-Phaphama!—1994
  • Ababona Abenzi Bemilingo Noma Onkulunkulu
    I-Phaphama!—1994
  • “Ungasho Neze Ukuthi Ngeke!”
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 6/15 k. 19

Walwela Ukholo Lwakhe

EMINYAKENI emithathu edlule uCaridad Bazán Listán, omunye woFakazi BakaJehova eCádiz, eSpain, kwadingeka ukuba ahlinzwe ngokuphuthumayo. Amatshe atholakala enyongweni (gallstones) ayembangela imfiva futhi efaka ushevu emgudwini wakhe wegazi. Lapho amukelwa esibhedlela sendawo, wachaza ukuma kwakhe okusekelwe eBhayibhelini kokwenqaba ukwamukela ukumpontshelwa igazi. Odokotela bavuma ukumhlinza ngaphandle kwegazi. Nokho, ngaphambi nje kokuba ayiswe egunjini lokuhlinzela, odokotela bamcela ukuba asayine ifomu elithile. Lalibonisa ukuthi babezimisele ukuhlonipha isinqumo sakhe ngokuphathelene negazi, kodwa uma kuvela isimo esiphuthumayo babefuna abavumele basebenzise noma yikuphi ukwelapha abangakubona kudingekile.

Umdala webandla owayekhona esibhedlela kanye nendodana kaCaridad, nayo enguFakazi, baxwayisa uCaridad ngalokho okushiwo ukusayina ifomu elinjalo. Ukusayina kwakhe kwakuzogunyaza odokotela ukuba bampompele igazi uma kuvela isimo esiphuthumayo. Lapho abezokwelapha bezomthatha ukuze bamyise egunjini lokuhlinzela, wachaza ukuthi wayengeke alisayine leliphepha. Ngokushesha wabuyiselwa egunjini lakhe futhi bamcindezela kakhulu ukuba ashintshe umqondo wakhe.

Ngemva kwezingxoxo eziningana banquma ukubiza umahluleli onolwazi lwezokwelapha ukuze azomenza avume, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. UCaridad wachaza ukuthi wayenomuzwa wokuthi wayeyoba necala phambi kukaNkulunkulu uma ayebavumele ukuba bamfake igazi. Waveza ukuthi ngaphansi koMthetho kaMose, uma owesifazane ayedlwenguliwe, wayengase abhekwe njengongenecala uma ayezabalazile ngokumemeza ecela usizo. (Duteronomi 22:23-27) “Odokotela abazinaki izifiso zami futhi bazama ukonakalisa unembeza wami,” esho, “ngakho kumelwe ngizabalaze njengokungathi bebengidlwengula.”

Kwadlula amahora amaningana, futhi ekugcineni odokotela bavuma ukumhlinza ngaphandle kwegazi. Egunjini lokuhlinzela, uCaridad wacela imvume yokuthandaza kuJehova. Lokhu wakwenza, futhi ukuhlinza kwaba impumelelo.

Nokho, kamuva isimo sikaCaridad saba sibi kakhulu, futhi odokotela banquma ukungazinaki izifiso zakhe futhi bamphoqelela ukuba ampontshelwe igazi. Ngakho, udokotela othile nomhlengikazi balungiselela ukumpompela igazi. Naphezu kwesimo sakhe esibuthakathaka, uCaridad wazabalaza ngawo wonke amandla akhe. Wakwazi ngisho nokuluma ipayipi okwakuzohamba kulo igazi. Ekugcineni, udokotela wazizwa enamahloni kakhulu ngalokho ababekwenza kangangokuthi wamyeka. “Anginakuqhubeka nalesinyathelo. Ngigeza izandla!” esho.

UCaridad wasinda kulesosimo esibucayi futhi walulama ngaphandle kwezinye izinkinga. Kokubili odokotela nabahlengikazi lwabahlaba umxhwele ngokujulile ukholo lwakhe kanye nesibindi. Konke lokhu kwenzeka lapho uCaridad eneminyaka engu-94 ubudala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela