Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 9/22 k. 20-k. 22
  • “Ungasho Neze Ukuthi Ngeke!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ungasho Neze Ukuthi Ngeke!”
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Igazi Liba Inkinga
  • Ngisho Noma Ayengafa, Wayengalifuni Igazi
  • Ukwelashwa Okuphelele Ngaphandle Kwegazi
  • Ababona Abenzi Bemilingo Noma Onkulunkulu
    I-Phaphama!—1994
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Hambani Njengabafundiswa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 9/22 k. 20-k. 22

“Ungasho Neze Ukuthi Ngeke!”

UMSHUMAYELI 9:​11 usitshela ukuthi ‘isikhathi nethuba kusehlela sonke.’ Kwenzeka emkhayeni wethu ngasekupheleni kukaNovember 1986. UTiarah, omunye wabantwana bethu abathathu, wayeneminyaka emithathu nengxenye ubudala ngesikhathi engenwa yilokho esasicabanga ukuthi umkhuhlane, ohambisana nokukhwehlela okungapheli. Samyisa kudokotela wabantwana, owasithumela kudokotela ovamile. Naye wacabanga ukuthi uTiarah wayenomkhuhlane, nokucinana okuthile esifubeni, kodwa wathi akukho okumelwe sizikhathaze ngakho. Wamnika omunye umuthi wokukhwehlela kanye nemithi elwa namagciwane.

Isimo sikaTiarah saba sibi ngokwengeziwe. Waba nemfiva engu-41° C., futhi ebuyisa, isisu sakhe singasebenzi kahle, futhi enezinhlungu esifubeni. Kwathathwa izithombe ze-X ray, futhi inani lemithi elwa namagciwane lenyuswa. Umhlengikazi wasibiza lapho izithombe zikaTiarah ze-X ray zibuya. Odokotela bacabanga ukuthi wayenepneumonia embi. Ngalesosikhathi wayesenemfiva engu-42° C. kuya ku-43° C. Yayibangela ukuba igazi lakhe lehle kakhulu, libe u-⁠2,0. NgoDecember 16, uTiarah walaliswa esibhedlela.

SingoFakazi BakaJehova futhi sinamathela esilulekweni esinikwe amaKristu kuzEnzo 15:​29, ‘sokuyeka igazi.’ Nokho, sasingakhathazekile kakhulu ngendaba yegazi. Udokotela kaTiarah uyisazi segazi, futhi wayazi kahle kakhulu ukuthi ngeke sikuvume ukumpontshelwa igazi. Lapho uTiarah ezolaliswa esibhedlela, ngokushesha sakhumbuza udokotela wakhe ngokuma kwethu endabeni yegazi. Impendulo yakhe yayithi: “Yebo, yebo, ngiyaziqonda izinkolelo zenu, kodwa angicabangi ukuthi kumelwe nikhathazeke ngendaba yegazi.”

Ngemva kokuba isibhedlela naso sithathe izithombe zaso ze-X ray, iEKG, namasampula egazi, uTiarah wayiswa ekamelweni. Sahlala waze wazunywa ubuthongo. Ngakusasa ekuseni ngatshelwa ukuthi ngempela uTiarah wayenepneumonia, ukuthi yayiyimbi kakhulu, nokuthi ngokungangabazeki wayezohlala esibhedlela cishe izinsuku ezingu-10 kuya kwezingu-15. Izinga lokushisa komzimba wakhe lahlala liku-43° C., okwenza odokotela bakhathazeka kakhulu. Baphinde bahlola izithombe ze-X ray, iEKG, namasampula egazi, futhi banquma ukumhlola ngokwengeziwe. Lokhu kuhlola kwabonisa ukuthi wayengenayo ipneumonia kodwa ngokunokwenzeka wayenohlobo oluthile lwesimila ephashini lakhe.

Igazi Liba Inkinga

Ngokusobala, lokhu kwaletha umbono omusha esimweni sikaTiarah. Benza ukuhlola okuninginingi, kuhlanganise nokumhlolela iTB, okwatholakala ukuthi akanayo. Bathatha amasonogram, bampopola ngemishini iCAT, izithombe ze-X ray ezengeziwe. Izithombe ze-X ray zokugcina zabonisa ukuthi wayengenwe yigciwane elibi ephashini langakwesokudla. Iphaphu langakwesobunxele labonakala liseduze nokuwa​—⁠futhi lelophaphu lalibaluleke kakhulu, njengoba lalenza ingxenye enkulu yomsebenzi wokuphefumula. Impikiswano yokumpontshelwa igazi yaphinde yaphakama. Ngesikhathi uTiarah elaliswa esibhedlela sasiye sasayina amafomu awubufakazi bokuthi siyasikhulula isibhedlela ecaleni ngokuqondene nokungalemukeli kwethu igazi. Manje babenomuzwa wokuthi ngenxa yokuthi ukuphila kwengane yethu kusengozini, singase sishintshe umqondo.

Lapho sibambelela ngokuqinile esinqumweni sethu, konke kwashintsha. Abaphathi besibhedlela basitshela ukuthi sasingakufanelekeli ukuba abazali, ukuthi babezothola incwadi yasenkantolo ebagunyaza ukuba banike uTiarah igazi, nokuthi babezokwenza ukuba siphucwe ezinye izingane zethu ezimbili. Babezolindela incwadi yasenkantolo, futhi lapho ifika, babezolikhipha iphaphu elinegciwane. Ngokwalokho okwabonakala kuyisikhathi sika-50, sabachazela ukuthi asimelene nokwelashwa, futhi nakuba singalemukeli igazi, siyazemukela izinto ezisetshenziswa esikhundleni segazi.

Konke kwaba nhlanga zimuka nomoya. Odokotela benqaba ukulalela. Banquma ukusebenzisa ukucindezela ukuze basenze sishintshe umqondo wethu. Baqala ukutshela bonke abasebenza khona nalabo ababesebenza kuleyongxenye yesibhedlela​—⁠kusukela kodokotela kuya kubahlengikazi kuya kubantu abacocayo​—⁠ngalokho esasikwenza enganeni yethu. Labantu babeza kithi futhi basibuze ukuthi kungani sasiyeka ingane yethu ukuba ife. Mina nomyeni wami satshela odokotela ukuthi sasizofuna udokotela nesibhedlela esasizothatha uTiarah futhi senze noma yini edingekile futhi siyenze ngaphandle kwegazi. Basitshela ukuthi akukho-sibhedlela esasingamthatha ekulesimo. Ngabatshela: “Ningasho neze ukuthi ngeke!”

Ngisho Noma Ayengafa, Wayengalifuni Igazi

Ngachazela uTiarah ngesimo, ngamtshela ukuthi odokotela babethini, ukuthi wawuyini umbono kaJehova ngendaba, nokuthi yini esasinqume ukuyenza, okwakuwukuthola udokotela nesibhedlela esasizomsiza ngaphandle kokumnika igazi. UTiarah waqonda kahle kakhulu nakuba ayemncane. Wayefuna ukulalela uJehova. Ngisho noma ayengafa, wayengalifuni igazi. Ukuzwa indodakazi yami, igula njengoba yayigula, ithatha ukuma kwayo kanjalo kwangifikisela izinyembezi. Ngaqaphela ngalesosikhathi ngendlela engangingakaze ngiqaphele ngayo ngaphambili ukubaluleka kokuqala ukuqeqesha umntwana ngeBhayibheli kusukela esewusana, njengoba ngisho nasebudaleni beminyaka emithathu nengxenye, uTiarah akwazi ukusitshela ngendlela yakhe elula ukuthi wayefuna ukuhlala ethembekile kuJehova naphezu kobunzima.​—⁠Efesu 6:⁠4; 2 Thimothewu 3:⁠15.

Emizamweni yethu yokukhipha uTiarah esibhedlela ngaphambi kokuba kufike incwadi yasenkantolo yokummpompela igazi, umyeni wami wayekhulume nabadala bebandla. Wakhuluma nodokotela owathi wayezobona ukuthi yini angayenza. Lokho kwasinika ithemba elithile.

Ngangiye ngahlala esibhedlela kusukela ngobusuku bangemva kokulaliswa kukaTiarah esibhedlela. Ngangikhathele ngokwengqondo, ngokomzimba nangokomzwelo. Umyeni wami othandekayo, ebona lokhu, wagcizelela ukuba ngiye ekhaya, ethi wayezohlala noTiarah ngalobobusuku. Ngaya ekhaya, kodwa angikwazanga ukulala. Ngacoca indlu, ngashayela abazali bami ucingo, futhi ngakhuluma nabanye abangane abangoFakazi. Ekugcineni ngazunywa ubuthongo​—⁠angazi ukuthi isikhathi esingakanani​—⁠kwase kukhala ucingo. Ngangesaba ukuluthatha, ngesaba ukuthi kwakuwumyeni wami engitshela ukuthi uTiarah wayeshonile.

Ekugcineni ngaluphendula. Kwakungudokotela umdala ayekhulume naye engitshela ukuthi babemtholile udokotela owayezimisele ukuhlonipha ukuma kwethu mayelana negazi nowayezothatha uTiarah ngisho nasesimweni sakhe sokuwohloka. Wayesewenzile kakade amalungiselelo okuba isibhedlela sethu sikhulule uTiarah! Ngambonga ngikhala. Ngabeka ucingo futhi ngaguqa ngabonga uJehova.

Ngemva kokuba kulesosibhedlela sokuqala izinsuku eziyishumi, uTiarah walaliswa kwesinye esikwenye ingxenye yeDolobha laseNew York. Lesosibhedlela saselapha kakhulu izinkinga zamaphaphu kubantwana. Lapho uTiarah efika, babemlindele. Benza uchungechunge lokumpopola ngeCAT, ama-X ray, amasonogram, amaEKG, bahlola negazi ukuze babhale emarekhodini abo, futhi bahlola namarekhodi esabanika wona evela kwesinye isibhedlela. Ngemva kwakho konke lokhu kuhlola, udokotela manje esasinaye, uchwepheshe wamaphaphu, waba nomuzwa wokuthi ukumpontshelwa kwakuzoba yiphutha nokuthi umzimba wakhe wawuzokwenqaba.

Ukwelashwa Okuphelele Ngaphandle Kwegazi

Ngesikhathi uTiarah esesibhedlela, wanakekelwa kahle kakhulu yilabo abangochwepheshe bokwelapha abantwana abanezifo zamaphaphu. Bakhuluma nathi ngezinkinga zokwelapha futhi basitshela ngezinqubo ababezozilandela. Abazange bamlalise ngokuphelele bamane babulala izinzwa zendawo ababezosebenza kuyo. Khona-ke bamunca uketshezi oluthile emgudwini wamaphaphu base beluthumela endlini yokuhlola ukuze luhlolwe ngemithi ehlukahlukene yokubulala amagciwane. Bathola owodwa nje olula osetshenziselwa ukwelapha imikhuhlane owawuzolwisana negciwane. UTiarah wathola omningana walomuthi, futhi wafakwa etendeni lomoya-mpilo izinsuku eziyishumi. Walulama kancane kancane.

Ekuhloleni izithombe zakhe zeCAT neze-​X ray, odokotela bathola ukuthi wayenethumba engxenyeni engezansi yephaphu lakhe langakwesokudla. Ngisho nakuba umuthi olwa namagciwane wawulunciphisa uketshezi oluzungeze iphaphu, wawungalwisani nethumba. Eqinisweni, ithumba lalikhiqiza uketshezi olwengeziwe, futhi odokotela babenomuzwa wokuthi lalingase lidinge ukukhishwa ngokuhlinzwa. Kodwa okokuqala baqhubeka nokwelapha ngomuthi obulala amagciwane kunolunye uhlobo olwalwenezelwe kuwo. Futhi bamnika isilinganiso esikhulu sokusansimbi futhi bamfunza ngamathumbu izinsuku ezintathu, kwalandela ukudla okungaqinile kakhulu. Igazi lakhe lenyuka laba u-5,0, lase liya ku-⁠7,0. Isazi segazi nesazi samaphaphu zamangazwa ukubona ukululama okusheshayo nokuqhubeka kangaka​—⁠kangangokuthi udokotela wamaphaphu wathi: “Kufanele ukuba uNkulunkulu wenu uyasiza.”

Njengoba ithumba lingazange lithintwe izilinganiso ezinkulu zomuthi obulala amagciwane, uketshezi olungaphakathi kwethumba ngokwalo lwahlolwa. Kwatholakala ukuthi olunye uhlobo lomuthi olwa namagciwane lungalwisana naleligciwane. Njengoba kwakuyigciwane lomkhuhlane ngokuvamile eliba semlonyeni, udokotela wacabanga ukuthi kungenzeka ukuthi uTiarah waligwinya nokudla okuthile nokuthi lehla ngethumbu okungeyilo langena ephashini lakhe. Imithi elwa namagciwane yayizama ukulwisana naleligciwane, okwabangela ukuba kwakheke udonga oluzungezile, lase liba ithumba. Ngokukadokotela, lokhu kwakungavamile neze, ngakho wakuthola kudingekile ukuba abhale phansi konke akuthole ekuhloleni nezinqubo futhi ahambise umbiko wakhe ukuze ubhalwe encwadini yezokwelapha.

Ngemva kokuhlala kulesosibhedlela inyanga eyodwa, uTiarah wadedelwa njengesiguli esihlala ngaphandle. Kwakudingeka ukuba abone lochwepheshe kanye njalo ngesonto izinyanga ezintathu futhi aphuze izilinganiso ezinkulu zemithi elwa namagciwane nokusansimbi. Nokho, akazange ahlinzwe. Useye walulama ngokuphelele, engenalo ngisho nechashaza emaphashini akhe.

UTiarah manje ungummemezeli ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova. Ngo-February 14, 1991, wabeka inkulumo yakhe yokuqala eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini sebandla. Mina nomyeni wami sibonga uJehova ngokubusisa ukuma kwethu okuqinile kokuyeka igazi ekulaleleni imiyalo yaKhe. Kwangathi sonke singaqhubeka sidumisa uJehova ngoba ufanele ukudunyiswa. Futhi khumbula, uma udokotela ekutshela ukuthi ngeke uphile ngaphandle kwegazi, mtshele, “Ungasho neze ukuthi ngeke!”​—⁠Inikelwe uNina Hooks, eBrooklyn, eNew York.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela