Ingabe Izintelezi Zenhlanhla Zingakuvikela?
IKRISTALU elisesikhwameni somuntu waseBrazil. Indibilishi yenhlanhla yomgijimi waseMelika. Isiphambano sikaSanta Brigid esilengiswe ngaphezu kombhede ekhaya lomndeni wabantu base-Ireland. Izigidi zabantu zisebenzisa izinto ezinjalo njengezintelezi noma izigqizo zenhlanhla.a Bakholelwa ukuthi ukuba nalezintelezi kungavimbela ingozi futhi kubalethele inhlanhla.
Ngokwesibonelo, cabangela iBrazil. Ngokusho kukamagazini i-Veja, abantu abaningi baseBrazil baphatha “izingcezu zamadwala namatshe angelona igugu kangako okuthiwa anamandla okudonsa nokulethela lowomuntu owaphethe inhlanhla namandla abalulekile.” Besaba ukululaza amandla omlingo, abanye kulelozwe babeka isifanekiselo esingokwenkolo noma umbhalo odongeni lwekhaya labo. Abanye baze basebenzise ngisho neBhayibheli njengentelezi engcwele; babukisa ngalo phezu kwetafula, lihlale livulwe kuyiHubo 91.
E-Afrika eseningizimu, umuthi wesintu uyasetshenziswa ngokufanayo, hhayi nje ngenxa yezici zawo zokwelapha, kodwa njengovikela emashweni. Ukugula, ukufa, ukwehla kwamandla emali, ngisho nokwaliwa ngokuvamile kucatshangwa ukuthi kuyimiphumela yokubekelwa imeqo yizitha noma ukwehluleka ukushweleza kwabaphansi. Umuthi wesintu ngokuvamile utholakala enyangeni yasemaphandleni, ethaka imithi eyenziwe ngezitshalo, izihlahla, noma izitho zezilwane. Nokho, ngokuthakazelisayo, umuthi wesintu awusetshenziswa emaphandleni nje kuphela; lomkhuba usakazekile emadolobheni aseNingizimu Afrika. Osomabhizinisi nabafundi basemayunivesithi baphakathi kwalabo abathembele emuthini wesintu.
Ukufunwa kwenhlanhla kuvamile nasemazweni aseYurophu. Incwadi ethi Studies in Folklife Presented to Emyr Estyn Evans iyasitshela: “Cishe akukho sifunda somfundisi noma idolobha e-Ireland lapho kungenakubonwa khona amasondo ehhashi eboshelwe eminyango noma ngaphezu kwayo kwezinye izindawo zokuhlala noma ezakhiweni ezingaxhumene nezindlu eziyinhloko.” Okuvame ngisho nakakhulu kulelozwe iziphambano ezenziwe ngencema ezilengiswe ngaphezu kwemibhede naseminyango ukuze zilethe inhlanhla. Izingqapheli zithi, lapho bephakathi kwabantu, abantu abaningi base-Ireland babheka izinkolelo-ze ezinjalo njengezingasho lutho. Nokho, bambalwa abazigwema ngokuphelele.
Ukufuna Isivikelo
Yini ekhangayo kulezinkolelo-ze ezinjalo? Kubonakala sengathi zisebenzela ukugcwalisa isidingo esiyisisekelo sokulondeka abantu abanaso. Empeleni, bangaki abantu abazizwa belondekile emakhaya abo, ingasaphathwa eyokuhamba emigwaqweni ebusuku? Ngaphezu kwalokho kunokucindezela kokuziphilisa nokunakekela abantwana. Yebo, siphila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “isikhathi sezinkinga.” (2 Thimothewu 3:1, The New English Bible) Ngakho kumane kungokwemvelo ukuthi abantu banesifiso esinamandla sokuvikeleka.
Lokhu kungase kube njalo ikakhulukazi emiphakathini lapho izinhlobo ezihlukahlukene zokukhulekelwa kwemimoya nemilingo kuvame khona. Ukwesaba imimoya okucatshangelwa ukuthi ingeyabafile noma ukuba yisisulu sokuqalekiswa yisitha kungenza ukuba lokho okuthiwa ukuvikela ngentelezi noma isigqizo senhlanhla kubonakale kudingekile nakanjani. Nokho, i-World Book Encyclopedia iyaphawula: “Abantu abaningi banokwesaba okubenza bangalondeki. Izinkolelo-ze zibasiza ukuba banqobe ukwesaba okunjalo ngokubanikeza ukulondeka. Ziqinisekisa abantu ukuthi bayokuthola lokho abakufunayo futhi bagweme izinkinga.”
Amandla Angabazisayo Ezigqizo Zenhlanhla
Nokho, emhlabeni wonke abantu bafaka, baphathe futhi babukise ngezinhlobo nokubukeka okuhlukahlukene kwezigqizo zenhlanhla, iziphandla, nezintelezi. Kodwa ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi intelezi eyenziwe ngumuntu inganikeza noma yikuphi ukuvikeleka kwangempela? Izinto eziningi ngokuvamile ezisetshenziswa njengezintelezi ziyimikhiqizo yezentengiselwano ekhiqizwa ngamanani amakhulu. Ingabe akubekeli ukuba nengqondo nokwahlulela okuhle inselele ukukholelwa ukuthi okuthile okuhlanganiswe embonini kungaba namandla omlingo? Futhi ngisho nekhubalo elilungiselelwe ngokukhethekile yinyanga yasemaphandleni limane nje liyinhlanganisela yezinto ezivamile—izimpande, amakhambi, nokunye. Kungani ingxube enjalo ibingaba nezici eziwumlingo? Ngaphandle kwalokho, ingabe bukhona noma yibuphi ubufakazi bangempela bokuthi abantu abasebenzisa izintelezi zenhlanhla baphila isikhathi eside—noma ukuthi bajabula kakhudlwana—kunalabo abangazisebenzisi? Bona kanye abenza izintelezi ezinjalo zemilingo ababi yini yizisulu zokugula nokufa ngokwabo?
Kunokuba zinikeze abantu isivikelo sangempela nomuzwa wokulawula ukuphila kwabo, ukusetshenziswa kwezigqizo zenhlanhla nezintelezi okuyinkolelo-ze kuvimbela abantu ekubeni babhekane ngobuhlakani nezinkinga zabo futhi kubakhuthaza ukuba babheke enhlanhleni njengewukuphela kwekhambi. Ukuthembela emandleni ezigqizo zenhlanhla kunganikeza futhi lowo ozisebenzisayo umuzwa wokulondeka oyiphutha. Umuntu ongaphansi kwethonya lotshwala angase athi ukusebenza kwezinzwa namakhono akhe akuphazamisekile, kodwa uma ezama ukushayela, cishe uyozifaka yena noma abanye engozini. Umuntu othembela emandleni esigqizo senhlanhla angase azilimaze ngokufanayo. Ezikhohlisa ngokuthi uvikelekile, angase athambekele ekuzifakeni ezingozini zobuwula noma enze izinqumo ezingahlakaniphile.
Ukukholelwa emandleni ezigqizo zenhlanhla kuletha ezinye futhi izingozi ezibulalayo ezifihlekile ezigidini zalabo abazisebenzisayo. Ziyini lezingozi, futhi ingabe ikhona indlela efanele yokugwema ukulimala? Isihloko esilandelayo sizophendula lemibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a I-Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary ichaza elithi “amulet” (isigqizo senhlanhla) ‘njengentelezi (enjengomhlobiso) ngokuvamile okuqoshwe kuyo isiqubulo noma uphawu lwemilingo ukuze ivikele lowo oyifakile ebubini (njengesifo noma ukuthakathwa) noma ukuba imsize.’