Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w93 12/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Izintelezi Zenhlanhla Zingakuvikela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Kungani Kufanele Uvume Iphutha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe Isivikelo Sangempela Singatholakala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • ‘Gqokani Ukubhekakade’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
w93 12/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Khona-ke ake ubone ukuthi ungayiphendula yini lemibuzo elandelayo:

▫ Yiluphi usizo olusebenzayo olunganikezwa abagulayo nabagugile ebandleni namuhla?

Ebandleni lobuKristu lokuqala, kwakugcinwa uhlu lwabafelokazi ababedinga ukusekelwa ngezinto ezibonakalayo. (1 Thimothewu 5:9, 10) Ngokufanayo nanamuhla, abadala bangase benze uhlu lwabagulayo nabagugile abadinga ukunakekelwa okukhethekile. Nokho, akufanele kushiyelwe kubadala kuphela ukuba bathathe isinyathelo kuqala kulokhu. Sonke ebandleni kumelwe siziqaphele izidingo ezinjalo. (1 Thimothewu 5:4-8)—8/15, amakhasi 28-9.

▫ Ingabe indaba yeBhayibheli ephathelene nokugwinywa kukaJona isilwane sasolwandle ayikholeki?

Cha, umkhomo noma ushaka omkhulu omhlophe, noma ushaka ongumkhomo ungamgwinya umuntu. Ngaphezu kwalokho, uJesu ngokwakhe wakuqinisekisa ukuthi ukulandisa kukaJona kuyiqiniso. (Mathewu 12:39, 40)—8/15, ikhasi 32.

▫ Yimuphi umonakalo obangelwa ukusebenzisa izigqizo zenhlanhla nezintelezi kokukholelwa ezeni?

Eqinisweni ukusetshenziswa kwazo kuvimbela abantu ekubeni babhekane ngobuhlakani nezinkinga zabo futhi kubakhuthaza ukuba babheke enhlanhleni njengewukuphela kwekhambi. Zinikeza futhi lowo ozisebenzisayo umuzwa wokulondeka okhohlisayo. Okubaluleke ngisho nakakhulu, umuntu othembela emandleni ezigqizo zemilingo nezintelezi zenhlanhla angase enze ukuphila kwakhe kulawulwe amandla obudemoni angabonakali.—9/1, ikhasi 4.

▫ Yiziphi izici ezine ezingasiza ekwenzeni umshado uhlale njalo?

Ziwukuzimisela ukulalela, ukukwazi ukuxolisa, ikhono lokunikeza ukusekela okungokomzwelo okungaguquguquki, nesifiso sokuthinta ngomuzwa wothando. (1 Korinte 13:4-8; Efesu 5:33; Jakobe 1:19)—9/1, ikhasi 20.

▫ Iyiphi enye indlela uJehova abanikeza ngayo ukukhuthazela labo ababhekana novivinyo?

UJehova wenza lokhu ngezibonelo zokukhuthazela ezilotshwe eZwini lakhe, iBhayibheli. (Roma 15:4) Lapho sicabanga ngalezizibonelo, sikhuthazwa ukuba sikhuthazele, futhi sifunda okuningi ngendlela esingakhuthazela ngayo.—9/15, amakhasi 11-12.

▫ Kuyini ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?

Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kubhekisela ekuzinikeleni kuJehova okusishukumisela ekwenzeni okumjabulisayo, ngisho naphezu kokuvivinywa okunzima, ngoba sithanda uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni.—9/15, ikhasi 15.

▫ Kufanele sisibheke kanjani isihe sikaNkulunkulu?

Akufanele neze sisithathe kalula isihe sikaNkulunkulu esikhulu. Kufanele sibe njengoPawulu sibonise ukwazisa kwethu ngokulwisana nokungapheleli kwethu. (1 Korinte 9:27) Ngalendlela siyobonisa ukuthi, naphezu kobunzima, sinesifiso esiqotho sokwenza okulungile.—10/1, ikhasi 23.

▫ Kungani kufaneleka ukuba uPawulu abeke ukubhekakade njengesici sokuqala sothando?

Kuye kwathiwa into okuthiwa ubudlelwane bobuKristu ngeke ibe khona ngaphandle kokubhekakade, noma ngaphandle kokubekezelelana ngesineke. Lokhu kubangelwa ukuthi sonke asiphelele, futhi ukungapheleli nokushiyeka kwethu kuwuvivinyo kwabanye abantu. Ngakho-ke ukubhekakade kubalulekile ukuze kube nothando phakathi kwabazalwane.—10/15, ikhasi 21.

▫ Ingabe amaKristu akuqala alisebenzisa igama likaNkulunkulu?

Ubufakazi buyavuma. UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Futhi ekupheleni kwenkonzo yakhe yasemhlabeni, wathandaza: “Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphé bona kwabasezweni.” (Johane 17:6) Ngaphandle kwalokho, amakhophi angaphambili e-Septuagint, ayenegama likaNkulunkulu libhalwe nge-Tetragrammaton yesiHeberu.—11/1, ikhasi 30.

▫ Iziphi izibonelo zeBhayibheli ezibonisa ukuthi indlela esisingatha ngayo amaphutha ethu ingathinta ukuphila kwethu?

INkosi uSawule yasenqaba ngenkani iseluleko, futhi amaphutha ayo anda, ekugcineni aholela ekufeni kwayo ingekho emseni kaNkulunkulu. (1 Samuweli 15:17-29) Ngakolunye uhlangothi, naphezu kwamaphutha nezono zayo, iNkosi uDavide ngokuphenduka yakwamukela ukulungiswa futhi yahlala ithembekile kuJehova. Lezizibonelo zeBhayibheli zibonisa ukuthi ukuvuma amaphutha ethu kusisiza ukuba silondoloze ubuhlobo obuhle noNkulunkulu futhi ngaleyondlela sibe nethemba lokuphila okuphakade. (IHubo 32:1-5)—11/15, amakhasi 29-30.

▫ UJehova ubasiza kanjani abantu bakhe lapho becindezelekile ngenxa yezinhlekelele ezingokwemvelo noma okunye?

UJehova uyabasiza hhayi ngokunqanda ngokuyisimangaliso amandla emvelo noma ngesenzo esithile samandla angaphezu kwawemvelo, kodwa ngamanye amandla abantu abaningi abangawaqondi ngempela—uthando. Yebo, uJehova ubathanda ngempela abantu bakhe, futhi uye wabenza baba nothando olujulile ngomunye nomunye kangangokuthi uyakwazi ukubenzela lokho okubonakala kuyisimangaliso. (1 Johane 4:10-12, 21)—12/1, ikhasi 10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela