Ukuthula Kwengqondo Emphakathini Oncintisanayo
UJESU KRISTU weluleka abaphostoli bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuba-ngowokuqala, makabe-ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.” Abaphostoli babephikisana ngokuthi ubani owayemkhulu phakathi kwabo. Babazi ukuthi uJesu wayelunyanya lolohlobo lomoya. Akazange nanini aqhathe abafundi bakhe ukuze enze kube nentuthuko engokomoya.—Marku 9:33-37.
Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, uJesu Kristu wahlanganyela ekudalweni kombhangqwana wokuqala wabantu futhi wayeyazi indlela owawenziwe ngayo. (Kolose 1:15, 16) Abantu bokuqala badalwa benamandla okuthuthuka ngaphandle kokuncintisana ngonya nabanye. Abantu kwakungadingeki balwe ukuze babone ukuthi ubani owayeyingqongqo, futhi abazange bancintisane nezilwane ukuze balwele ukusinda.—Genesise 1:26; 2:20-24; 1 Korinte 11:3.
Umsuka Womoya Wokuncintisana
Khona-ke, kwenzeka kanjani ukuba umoya onjalo wokuncintisana okunonya ubuse umphakathi wesintu? Isehlakalo sokuqala sokubulala emlandweni wesintu siyayikhanyisa lendaba. Umoya wokuncintisana kuKayini, indodana endala yombhangqwana wokuqala wabantu, waholela enhlekeleleni. UKayini wabulala umfowabo u-Abela ngenxa yokuthi umhlatshelo ka-Abela wawujabulise uNkulunkulu, kuyilapho okaKayini ungazange umjabulise. Futhi iBhayibheli lithi uKayini “waba-ngowomubi, wabulala umfowabo.”—1 Johane 3:12; Genesise 4:4-8.
Yebo, omubi, uSathane uDeveli, ungumqalisi nomgqugquzeli womoya wokuncintisana. Nakuba ayeyindodana kaNkulunkulu eyingelosi enamalungelo aphakeme, wafuna okwengeziwe. (Qhathanisa noHezekeli 28:14, 15.) Lapho ekhohlisa u-Eva, wembula isifiso sakhe siqu. Wathi ngokudla isithelo esenqatshelwe, wayeyoba “njengoNkulunkulu.” (Genesise 3:4, 5) Eqinisweni, nguSathane owayefuna ukuba njengoNkulunkulu, ebangisana noJehova. Umoya wokuncintisana noNkulunkulu wambangela ukuba ahlubuke.—Jakobe 1:14, 15.
Lomoya uyathathelwana. Ngaphansi kwethonya likaSathane, ukuthula uNkulunkulu akunikeza elungiselelweni lokuqala lomkhaya kwalahleka. (Genesise 3:6, 16) Kusukela ekuhlubukeni kwakhe kuNkulunkulu, uSathane uDeveli uye wabusa isintu, ethuthukisa umoya wokuncintisana, ekhohlisa nokukhohlisa amadoda nabesifazane ukuba bakholelwe ukuthi ukuncintisana konya kuyisihluthulelo sempumelelo. Nokho, iBhayibheli liyachaza: “Lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.” (Jakobe 3:14-16) Ngaleyondlela uSathane uye waphuca umuntu injabulo yakhe nokuthula kwengqondo.
Impumelelo Ngaphandle Kokuncintisana
Ngokuphambene nokunxenxa kukaSathane, iBhayibheli linikeza izibonelo zokuphumelela ngaphandle kokuncintisana. Esivelele kunazo zonke esikaJesu Kristu. Nakuba ayenesimo sikaNkulunkulu, akazange nanini acabange ukuthi ulingana noNkulunkulu kodwa wathatha isimo senceku futhi weza emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. Lesisimo sengqondo sokulalela, esingenawo neze umoya wokubanga, saholela ekubeni azuze umusa waphezulu. “Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke.” (Filipi 2:5-9) Iyiphi enye impumelelo engaphezulu eyayingafinyelelwa yinoma yisiphi isidalwa? Wajabulisa uYise ngendlela okungekho esinye isidalwa ebesingamjabulisa ngayo, futhi lokhu wakwenza ngaphandle kwanoma yimuphi umoya wokubanga noma ukuncintisana.—IzAga 27:11.
Izingelosi eziningi ezithembekile ezulwini zibonisa lesisimo sengqondo esifanayo. Nakuba uJesu, owayengumholi wezingelosi, aba ngaphansana kwezingelosi lapho eza emhlabeni, zakhonza izidingo zakhe ngokuzithandela. Ngokusobala, azizange zikucabange nokukucabanga ukusebenzisa lelothuba ukuze zizame ukumgudluza ekubeni iNgelosi Enkulu.—Mathewu 4:11; 1 Thesalonika 4:16; Heberu 2:7.
Ukuzonda kwazo isimo sengqondo sokuncintisana kubonakala ngisho nangokwengeziwe lapho sicabangela indlela ezasabela ngayo enjongweni kaNkulunkulu yokuphakamisela abantu abathile abangaphelele ekuphileni komoya kokungafi, isimo okuyothi uma bekuso ‘bahlulele izingelosi.’ (1 Korinte 6:3) Izingelosi zinokuhlangenwe nakho okuningi ekukhonzeni uJehova futhi zinamandla engeziwe okufeza okuhle ngaphezu kwabantu abangaphelele. Nakuba kunjalo, ngenjabulo izingelosi zikhonza abagcotshiwe emhlabeni, azinamona ngalokho abagcotshiwe abayokwamukela. (Heberu 1:14) Isimo sazo sengqondo esihle, sokungancintisani sizenza zikwazi ukuqhubeka zikhonza phambi kwesihlalo sobukhosi seNkosi enguMbusi uJehova.
Khona-ke, cabanga ngezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zasendulo eziyovuswa emhlabeni. U-Abrahama wayeyisibonelo esivelele sokholo futhi wabizwa ngokuthi “uyise wabo bonke abakholwayo.” (Roma 4:9, 11) UJobe wabeka isibonelo esihle kakhulu sokukhuthazela. (Jakobe 5:11) UMose, “wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba,” waholela isizwe sakwa-Israyeli enkululekweni. (Numeri 12:3) Ubani phakathi kwabantu abangaphelele oye wabeka isibonelo esingcono sokholo, ukukhuthazela, nobumnene ngaphezu kwalamadoda? Nokho, lamadoda asohlwini lokuzuza ifa lendawo yasemhlabeni yoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 25:34; Heberu 11:13-16) NjengoJohane umBhapathizi, ayoba sesikhundleni esingaphansi kwesalowo “omncane embusweni wezulu.” (Mathewu 11:11) Ingabe ayoke acabange ngokukhononda, ephikelela ngokuthi ukholo lwabo, ukukhuthazela, noma ubumnene kwakulingana noma kwezinye izimo kukudlula okwalabo abanikezwa ukuphila ezulwini? Ngokuqinisekile ngeke akhononde! Ayoba izikhonzi zasemhlabeni ezijabulayo zoMbuso kaNkulunkulu.
Ngokufanayo namuhla, kuyajabulisa ukuzungezwa abantu abangenaso isimo sengqondo sokuncintisana. UYasuo, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, wangena shí ezikweletini ngenxa yokuzibekela imali ngokuthenga nokuthengisa igolide futhi walahlekelwa yiyo yonke impahla yakhe. “Abangane” bakhe bamshiya. Njengoba umkakhe ayeseqale ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, waya emihlanganweni yabo ezizwa ehlazekile ngokuhlupheka ayekubangele umkhaya wakhe. Ekugcineni, wakuyeka ukuncintisana futhi waba omunye woFakazi BakaJehova. Manje uyajabula ngokuzungezwa abangane abangamaKristu, uhlobo oluzimisele ukumsiza ngezikhathi zosizi.
Indlela Yokulondoloza Ukuthula Kwengqondo
Akulula ngaso sonke isikhathi ukulondoloza ukuthula kwengqondo emphakathini ongenasihe, oncintisanayo. Senza kahle ukuphawula ukuthi iBhayibheli lilahla ‘ubutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, njengokuyizithelo zenyama’ ezivimbela abantu ukuba badle ifa loMbuso kaNkulunkulu. Yonke lemisebenzi ihambisana nomoya wokuncintisana. Kungakho umphostoli uPawulu akhuthaza abaseGalathiya: “Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.”—Galathiya 5:19-21, 26.
Kulomongo wayo, incwadi kaPawulu yabonisa isihluthulelo sokubhekana nokuncintisana kokuzazisa. Wathi: “Izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho-mthetho omelana nokunjalo.” (Galathiya 5:22, 23) Izithelo zomoya zisisiza ukuba sikhiphe ukubanga ezingqondweni zethu. Ngokwesibonelo, cabanga ngemfanelo yothando. “Uthando . . . alunamhawu,” kuchaza uPawulu. “Aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki.” (1 Korinte 13:4-7) Ngokuhlakulela uthando, singasusa umona, amandla abangela umoya wokuncintisana. Ezinye izithelo zomoya zingasisiza futhi ukuba sisuse ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu noma yimiphi iminonjana yomoya wokuncintisana okunonya. Phela, noma yisiphi isifiso sokuncintisana nabanye ukuze siwine kungakhathaliseki ukuthi imiphumela iba yini singanqotshwa ngokushesha ngokuzithiba!—IzAga 17:27.
Nokho, ukuze sihlakulele lezizimfanelo, kumelwe sivumele umoya kaNkulunkulu ukuba usebenze kithi. Singakukhuthaza lokhu kusebenza okunempilo komoya ongcwele ngokuphikelela emthandazweni futhi sicele ukuba umoya kaNkulunkulu usisize. (Luka 11:13) Lapho ephendula umthandazo wethu, uNkulunkulu uyosinikani? IBhayibheli lithi: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.
Lokhu kwabonakala endabeni yabaphostoli bakaJesu. Ngisho nangemva kokuba uJesu emise iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngobusuku bokugcina enabaphostoli bakhe, babelokhu bexabana ngokuthi ubani phakathi kwabo owayebonakala emkhulu. (Luka 22:24-27) UJesu wayezame izikhathi ezihlukahlukene ukubasiza ukuba balungise ukucabanga kwabo, kodwa lesisimo sengqondo sokuncintisana sasigxile ngokujulile kubo. (Marku 9:34-37; 10:35-45; Johane 13:12-17) Nokho, lapho sebethole umoya ongcwele ezinsukwini ezingaba ngu-50 ngemva kwalokho kuxabana, isimo sabo sengqondo sashintsha. Abazange baphikisane ngokuthi ubani owayezobamelela ekukhulumeni nesixuku esimangele esasibuthene ngalolosuku lwePentekoste.—IzEnzo 2:14-21.
Akekho umuntu owayevunyelwe ukubusa phezu kwebandla lobuKristu. Lapho kudingeka ukuba kuxazululwe inkinga ephathelene nokusoka, uJakobe, owayengeyena ngisho nomfundi ngesikhathi sokufa kukaJesu, wengamela lowomhlangano obalulekile. Akunazimpawu zokuphikisana ngokuthi ubani owayezohola kulowomhlangano wendikimba ebusayo yebandla lobuKristu. Yeka ushintsho kusuka esikhathini abaphostoli ababonakaliswe ngaso umoya wokuncintisana! Ngosizo lomoya ongcwele, bakhumbula izimfundiso zikaJesu futhi baqala ukuqonda okwakushiwo yilokho ayekufundisa.—Johane 14:26.
Kungaba njalo nakithi. Ngosizo lomoya ongcwele, singanqoba noma yisiphi isifiso sokuncintisana nabanye ukuze sithuthuke nakuba kusho ukulahlekelwa kwabo. Kunalokho, singazuza ukuthula kwengqondo okudlula ukuqonda konke. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi umthombo wokuncintisana okunonya, uSathane uDeveli, ngokushesha uzofakwa kwalasha, enziwe angasebenzi. (IsAmbulo 20:1-3) Ukubanga phakathi komakhelwane akusayikuba khona. Ingabe umphumela uyoba umphakathi ongathuthuki nganoma iyiphi indlela? Lutho neze! Abantu bayothuthukela ekupheleleni, hhayi nganoma yikuphi ukuncintisana phakathi kwabo, kodwa ngokusetshenziswa komhlatshelo wesihlengo sikaJesu kubo.—1 Johane 2:1, 2.
UKeinosuke, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, owayeke wajabulela udumo lwempumelelo yezwe ngokuthengisa inani lezimoto elaqopha umlando, wazikhandla engqondweni nasemzimbeni, kodwa ekugcineni wawuyeka umsebenzi wakhe. “Manje, ukuphila kwami kugcwele injabulo yeqiniso,” esho. Wabona isizathu sokuba ukuphila kukaJesu kube nempumelelo yangempela. Manje uthola ukuqabuleka kunoma yini akwazi ukuyenza ebandleni likaNkulunkulu lomhlaba wonke. Ngaleyondlela uhlonyiselwa izwe elisha, eliyobe lingenakho ukuncintisana. Nawe ungaba nombono wokuthi lomphakathi wezwe elisha uyoba njani ngokuvakashela kwelinye lamaHholo OMbuso endaweni okuyo futhi uhlanganyele noFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuthula nokubambisana kuyojatshulelwa umphakathi wesintu ezweni elisha likaNkulunkulu