Ingabe Ukuncintisana Kuyisihluthulelo Sempumelelo?
“AKUKHO okubaluleke kakhulu kunokuwina.” Abaningi namuhla baphila ngokuvumelana nalamazwi, ngokuvamile okuthiwa ashiwo umqondisi webhola likanobhutshuzwayo waseMelika, uVince Lombardi. Manje, amazwe ayengawobuKhomanisi aye ahlanganyela ekudumiseni isimiso sokuncintisana. Kuthiwa ukufaka kwawo ukuncintisana ezimakethe zawo kuyindlela eya engcebweni. EMpumalanga, abazali abaningi benza abantwana babo baqhudelane nabanye futhi babathumele ezikoleni ezingezona ezomphakathi ezibafundisa ikhono lokuphumelela ekuhlolweni kokwamukelwa ezikoleni ezihlonishwayo. Abazali abakhathazeka ngokweqile ngalendaba bayaqiniseka ukuthi ukungena esikoleni esihlonishwayo kuyisihluthulelo sokuchuma esikhathini esizayo.
Abaningi bakukholelwa ngokuqinile ukuthi ukuncintisana kuyisihluthulelo sempumelelo. Ngokwalokho abakukholelwayo, abantu baye bathuthuka ngokuncintisana nabanye. “Ukuncintisana ngenjongo yokukhushulwa esikhundleni kuwumthombo wamandla ezinkampani zaseJapane,” kusho izikhulu ezingamaphesenti angu-65,9 zezinkampani ezinkulu ezahlolwa yi-Federation of Economic Organizations yaseJapane. Futhi kubonakala sengathi izinkampani zaseJapane bezilokhu ziphumelela isikhathi eside. Nokho, ingabe ukuncintisana kuyisihluthulelo sempumelelo ngempela?
Ingabe Kuyazuzisa Ngempela?
Abantu abancintisana nabanye babonakalisa isimo sengqondo sobugovu, sokuzicabangela bona kuqala. Bayajabula lapho abanye bengaphumeleli, becabanga ukuthi umsebenzi wabo siqu uyobonakala ungcono. Ukuze kuzuze bona ngobugovu, bangase basebenzise izindlela zobuqili ezilimaza abanye. Ukuphishekelwa okunjalo kwempumelelo ngokuncintisana kuyoholelaphi? UYasuo, owangena shí emncintiswaneni wokuba umuntu obalulekile enkampanini ayesebenza kuyo, ukhumbula inkambo yakhe yangaphambili futhi uthi: “Ngigcwele umoya wokuncintisana nomcabango wokukhushulwa esikhundleni, ngangiziqhathanisa nabanye futhi ngizizwe ngimkhulu. Lapho labobantu bebekwa ezikhundleni ezingaphezu kwesami, ngangikhathazeka futhi ngikhononde nsuku zonke ngendlela inkampani eyayiphatha ngayo izisebenzi. Ngangingenabo abangane bangempela.”
Umoya wokuncintisana ungaholela futhi ekufeni ngaphambi kwesikhathi. Kanjani? I-Mainichi Daily News yaseJapane ihlobanisa i-karoshi, noma ukufa ngenxa yokusebenza ngokweqile, nohlobo-A lokuziphatha. Uhlobo-A luchaza indlela yokuziphatha ebhekana nokucindezeleka okubangelwa ukukhathazeka ngokweqile ngesikhathi, ukuncintisana, nokubanga. Izazi zenhliziyo nokusebenza kwayo zaseMelika uFriedman noRosenman zihlobanisa uhlobo-A lokuziphatha nesifo senhliziyo esinciphisa ukujikeleza kwegazi lisuka emithanjeni liya emisipheni yenhliziyo. Yebo, umoya wokuncintisana ungabulala.
Ukuncintisana emsebenzini kungaholela futhi kokunye ukuphazamiseka emzimbeni nasengqondweni. Esinye isibonelo uKeinosuke, owayengumthengisi ophambili kwenye yezinkampani ezinkulu ezithengisa izimoto eJapane. Waqopha umlando ngokuthengisa ingqikithi yezimoto ezingu-1 250. Isithombe sakhe safakwa ohlakeni futhi salengiswa egumbini elisetshenziswa ibhodi yabaqondisi endlunkulu yenkampani. Nakuba ayekuzonda ukusebenzisa izisebenzi ayekanye nazo njengendlela yokukhushulwa esikhundleni, inkampani yamphoqa ukuba ancintisane nazo. Ngenxa yalokhu, ngonyaka owodwa waba nezilonda esiswini nasemathunjini amancane. Ngawo lowonyaka, izikhulu ezingu-15 enkampanini ayesebenza kuyo zalaliswa esibhedlela, futhi esisodwa sazibulala.
Ekhaya, isimo sengqondo sokungafuni ukudlulwa sibangela abantu ukuba babukise ngezinto ekuphileni ngokubanga okungapheli. (1 Johane 2:16) Lokhu kuzuzisa ezohwebo kuphela, kunikeza abathengisi bomhlaba imali.—Qhathanisa nesAmbulo 18:11.
Nakuba ukubanga nomoya wokuncintisana kungase kwenze ukuba umsebenzi wenziwe ngekhono, akumangalisi ukuthi iNkosi uSolomoni yaphawula: “Ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.” (UmShumayeli 4:4) Ngakho singakulondoloza kanjani ukuthula kwengqondo kuyilapho siphila emphakathini oncintisanayo? Ukuze sithole impendulo, ake siqale sibone lapho kwaqala khona umqondo wokuncintisana.