Ukuzimisela Ukukhonza UJehova!
“AWUZUKUYA ukuyoshumayela!” “Ungabalethi abantu bakho lapha!” Abesifazane abaningi abangamaKristu bezwa lamazwi kanye namanye afana nawo evela kubayeni babo abaphikisayo. Kodwa lapho lamadoda esebenza emabuthweni ezempi, omkawo babhekana nezinselele ezikhethekile okholweni lwabo. (Isaya 2:4; Johane 17:16) Khona-ke, abafazi abanjalo abangamaKristu bakwazi kanjani ukuzigcina beqinile ngokomoya futhi beshiseka enkonzweni yoMbuso?
Ukuthembeka kuJehova uNkulunkulu kanye nokuzimisela komuntu siqu kuyabasiza ukuba baphikelele. “Ngicabanga ukuthi kwakumane nje kuwukuzimisela kwami,” kuchaza uYvonne, oshade nesosha. “Ngangazi ukuthi kumelwe zibe khona izindlela zokubalekela ukuphikisa komyeni wami.” Ngempela, zazikhona.
Omunye wesifazane ongumKristu, oshade nesikhulu sezempi, ulandisa indlela ukuma kwakhe kokuzimisela okwenza ngisho nokuphila komyeni wakhe kwaba lula ngayo. “Isimiso sami usazi njengoba azi esakhe, futhi abantu bezempi bayakwazisa lokho,” echaza. Nakuba kunjalo, inkonzo yakhe eqhubekayo eya kuJehova ayiyona inkambo elula.
Ukunqoba Isizungu
Abafazi bamabutho ezempi ngokuvamile babhekana nenselele yokutshelwa ukuthi bayathutha sekusele izinsuku ezimbalwa, uma kufanele bahambe nabayeni babo lapho bethunyelwa kwenye indawo ekude nasekhaya. Khona-ke, besendaweni abangayejwayele, kulula ukuba bazizwe belahliwe. Kodwa akumelwe kube njalo. Labo abakhonza uJehova banokuthile okungcono. Kuyini lokho? Ngokukamphostoli uPetru ongumKristu, “abazalwane.” Manje njengoba bebalelwa ezigidini, oFakazi BakaJehova emazweni angu-231 banjengomkhaya omkhulu wamaKristu, “ubuzalwane.” Ubathola cishe kuyo yonke indawo.—1 Petru 2:17, umbhalo waphansi we-NW.
USusan, owasuswa endaweni yakubo ngokungazelele, wafike wahlala esikhumulweni sezindiza zempi lapho umyeni wakhe ayabelwe khona. Emusha okholweni futhi engaphansi kokucindezela komyeni wakhe ongakholwa kokuba ayeke ukuhlanganyela enkonzweni yobuKristu, uyalandisa: “Ngokushesha ngaya emihlanganweni yendawo, futhi lapho ngakwazi ukuhlala ngixoxe nabanye odade. Ngingasho ngobuqotho ukuthi kwakuyilobudlelwane obangenza ngaqhubeka.”
Ngezinye izikhathi isizungu sibangela ukucindezeleka. Ngisho noma kunjalo, izindaba ezinhle zinikeza isikhuthazo esidingekile. UGlenys, udade oyiNgisi owahamba nomyeni wakhe lapho ethunyelwa phesheya kwezilwandle, uyalandisa: “Lapho ngicindezeleke ngempela, ngokungalindelekile, othile engangimazi eminyakeni eminingi edlule lapho nami ngisesebusosheni wabhala futhi wathi usanda kubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Lokhu kwanginikeza isikhuthazo ngaso kanye isikhathi engangisidinga ngaso.”
UJane, owaya nomyeni wakhe eKenya, wathola ukuthi imihlangano yobuKristu yayivikela ukuphila, ngisho nakuba yayiqhutshwa ngezilimi ayengaziqondi. “Ngangazi ukuthi yilapha lapho uJehova ayefuna ngibe khona,” echaza. “Nganginabafowethu, futhi babeqabula. Bangemukela, futhi ngaba nomuzwa wokuthi siwumkhaya.”
UJane umane nje ungomunye phakathi kwabaningi abasezimweni ezifanayo owathola izihlobo ezingokomoya ayengazi ngisho nokwazi ukuthi unazo!—Marku 10:29, 30.
Ukuqina Lapho Ubhekene Nokuphikiswa
“Ningasho ukuthi ngizé ukuletha ukuthula emhlabeni,” kuxwayisa uJesu. “Angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.” (Mathewu 10:34) Wayesho ukuthini? Ngisho naphakathi komkhaya, lapho ukuthula kungalindeleka khona, kungase kube khona “ukucitshwa okungazelelwe kwenkemba,” kuphawula u-A. T. Robertson kwethi Word Pictures in the New Testament. UJesu waphawula ukuthi, “nezitha zomuntu kuyakuba-ngabendlu yakhe.” (Mathewu 10:36) Yeka indlela lamazwi abonakala eyiqiniso ngayo lapho umngane womshado enobutha ngaseqinisweni!
Lapho uDiane eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, umyeni wakhe, oyisikhulu sebutho lezindiza zempi, wacasuka kakhulu. Lokhu kwaba namuphi umphumela emshadweni wabo? “Kwakunjengokungathi isigaxa seqhwa singena phakathi kwethu,” kuchaza uDiane. “Sasilokhu sinomshado ojabulisayo. Ngokuphazima kweso sase simane sihlala endlini eyodwa.” Khona-ke, wabhekana kanjani nesimo? “Ukuqiniseka nokuzimisela komuntu siqu kanye nosizo lukaJehova nomoya wakhe, kwakubaluleke ngempela.” UDiane wakhuthazwa isibonelo esiseBhayibhelini somprofethi uDaniyeli.
Lapho edingiselwe eBabiloni futhi enikezwa ukudla okungamukeleki encekwini kaNkulunkulu, uDaniyeli “wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi.” Yebo, uDaniyeli wenza isinqumo esinengqondo. Wanquma enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngokudla lokho kudla. Khona-ke yeka ukuqina akubonisa njengoba ‘ayecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi’! Waba yini umphumela? UJehova wakubusisa ukuma kwakhe kokuzimisela.—Daniyeli 1:8, 9, 17.
Ngokufanayo namuhla indoda ephikisayo ingase ifune ukuba umkayo ayeke ukuya emihlanganweni yebandla. Kumelwe asabele kanjani? UJane wazithola ekulesosimo. Uyachaza: “Ngangingeke ngihlehle ngaphansi kokucindezela. Ngangazi ukuthi akukho ukuhlehla. Kwakumelwe ngibonise ukuthi imihlangano yayisho okukhulu kangakanani kimi.” UJehova wasibusisa isinqumo sakhe njengoba aqhubeka eya emihlanganweni.
“Umyeni wami wazama ukungivimbela ukuba ngiye emihlanganweni, kodwa lokho akuzange kuthathe isikhathi eside,” kulandisa uGlenys. “Ngaqhubeka ngiya. Lapho ngiphindela ekhaya, ngezinye izikhathi wayengishaya, futhi ngezinye wayemane angangikhulumisi.” Nokho, wakwazi ukubhekana nalesimo, ethandaza ngokuphindaphindiwe. Futhi, abadala bebandla ababili bathandaza naye njalo, okwamkhuthaza kakhulu ukuba aqhubeke eba khona emihlanganweni.—Jakobe 5:13-15; 1 Petru 2:23.
Ngezinye izikhathi izikhulu eziphethe indoda zingase ziyicindezele ukuba iyekise umkayo ukushumayela izindaba ezinhle. UDiane wathola ukuthi kwakudingeka akwenze kucace kumyeni wakhe ukuthi yiziphi izinto ezaziza kuqala ekuphileni kwakhe. “Ngangikulungele,” esho, “ukwamukela imiphumela yokuqhubeka kwami ngishumayela.” Yeka indlela lokhu kuma okufana ngayo nokwabaphostoli! (IzEnzo 4:29, 31) Nakuba kunjalo, wayeqaphile ekushumayeleni kwakhe. Uyalandisa: “Ngangivame ukwenza imicimbi yekhofi bese nginikeza wonke umuntu owayelapho incwadi ethi IQiniso.”—Mathewu 10:16; 24:14.
Ukuzithoba Ngaphandle Kokuhlehla
Nakuba bekhathazwa ukucindezela komshado, abafazi abangamaKristu babheka esikhathini esizayo futhi bathembela kuJehova. Lokhu kubasiza ukuba babe nombono olinganiselayo. Banikeza abayeni babo noma yikuphi ukusekela abangabanikeza kona ngaphandle kokuhlehla okholweni lwabo. Ngokwenza kanjalo, balandela iseluleko sikaPetru esiphefumlelwe: “Bafazi‚ thobelani amadoda enu.” (1 Petru 3:1) Kuyi-Amplified New Testament, lesiyalo sikamphostoli sifundeka kanje: “Zehliseni njengokungathi ningaphansi kwabo futhi nixhomeké kubo, futhi nizivumelanise nabo.” Phawula indlela uJane asilandela ngayo leseluleko. Uyachaza: “Umyeni wami wangitshela ukuthi engangifuna ukukwenza kwakungamelwe kuphazamise umsebenzi wakhe. Ngakho ngazama ukuthola izindlela engangingamsiza ngazo.”
Ngaleyondlela abanye abafazi abangamaKristu baye bavuma ukuya emicimbini abayeni babo abamenyelwa kuyo. Kodwa basalokhu bemile esinqumwemi sabo sokungahlehli okholweni lwabo. UJane wazinika isikhathi sokuxoxa nomyeni wakhe ngalokhu. Ngomusa wamchazela ukuthi wayengathanda ukuba khona kodwa wayengafuni ukuthi ukuba khona kwakhe kumhlazise. “Ngangazi ukuthi ngezikhathi ezithile bonke abakhona balindeleke ukuba basukume futhi bahlanganyele ekwenzeni i-toast [ukushayanisa izingilazi]. Ngangifunde ukuthi ukudumisa kufanele kuye kuJehova kuphela, futhi ukwenza i-toast kwakungaphezu kokubonisa inhlonipho. Umyeni wami waqaphela indlela isimo esasingaba sibi ngayo, ngakho wamane wathi: ‘Ungezi!’ Ngamlalela.”
Ngakolunye uhlangothi, uGlenys, waya nomyeni wakhe emcimbini onjalo, kodwa waqaphela izikhulu ezazingenhla etafuleni. Lapho ezibona zilungiselela ukwenza i-toast, ngokuhlakanipha wasukuma waya endlini yangasese! Yebo laba besifazane bazivumelanisa nezimo kodwa abazange bahlehle.
“Azuzwe Ngaphandle Kwezwi”
“Uma ngithuthukisa ikhono lami njengomfazi, umyeni wami uyobona ukuthi iqiniso liyangiguqula,” kusho uYvonne. Ngakho wafunda ngokuphindaphindiwe isahluko esithi “Umfazi Othandwa Kakhulu” encwadini ethi Ukuphila Komkhaya.a “Ngagxilisa ukunakekela kwami ekwazisweni okungaphansi kwesihlokwana esithi ‘Abakhalayo, Ababeleselayo’! Kodwa ngathola ukuthi lapho ngizama ngokwengeziwe ukukhuluma nomyeni wami, yilapho nezinto zaziba zimbi ngokwengeziwe.” Nokho, ekugcineni, waphumelela ekusizeni umyeni wakhe ukuba akhonze uJehova. Kanjani? Ngokusebenzisa isimiso esivezwe kweyoku-1 Petru 3:1, esithi amadoda angase “azuzwe ngaphandle kwezwi.”
Indlela abesifazane abangamaKristu abanakekela ngayo imikhaya yabo ifeza okukhulu ekwenzeni ubuKristu bamukeleke kwabanye. “Ngazama ukwenza iqiniso likhange ngangokunokwenzeka,” kulandisa uDiane. “Lapho ngiya emihlanganweni, umyeni wami wayezizwa eshiywe dengwane, ngakho ngaqikelela ukuthi ngifundisa abantwana ukuba baziphathe kahle ngokukhethekile lapho sifika ekhaya. Futhi ngangizama ukugxilisa ukunakekela okwengeziwe kuye lapho sibuya.” Kancane kancane isimo sengqondo somyeni wakhe sashintsha njengoba ayesabela ekunakekeleni komusa komkhaya wakhe.
Ezinye izinceku zikaJehova nazo zingasiza. UJane ulandisa ukuthi umyeni wakhe wabujabulela ubungane bezithunywa zevangeli ezingoFakazi ahlangana nazo eKenya. “Zakha ubungane naye futhi zaxoxa ngebhola likanobhutshuzwayo, futhi zazinomoya wokupha. Ezikhathini eziningi, sasimenyelwa ukudla emakhaya ahlukene ezithunywa zevangeli.” Umyeni wakhe kamuva wachaza: “Ngaqala ukubheka ukholo lukaJane ngombono ohluke ngokuphelele. Abangane bakhe babengabantu abahlakaniphe kakhulu ababekwazi ukuxoxa ngezinto ezihlukahlukene.” Ngokufanayo, umyeni kaDiane washintsha umbono wakhe ngeqiniso. Lapho imoto ayeyishayela iphuka, uFakazi osemusha wamsiza. “Lokho kwangihlaba umxhwele kakhulu,” esho.
Yiqiniso, akubona bonke abangane bomshado abazuzelwa eqinisweni. Khona-ke kuthiwani? UJehova unikeza usizo ukuze abathembekile bakwazi ukukhuthazela. (1 Korinte 10:13) Cabangela isikhuthazo sikaGlenys kulabo abasezimweni ezifana nezakhe: “Ungalokothi nakancane ungabaze ukuthi uJehova nguYena owasungula umshado nokuthi ufuna imibhangqwana ihlale ndawonye. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi yini indoda engase iyenze noma yikuphi ukuphikisa ongase ukuthole kulabo abasondelene nawe, uJehova ngeke akuvumele ukuba untengantenge.” Nakuba umyeni wakhe engamkhulekeli uJehova okwamanje, isimo sakhe sengqondo kuye naseqinisweni siye saba sihle.
‘Hlwanyela Ngezinyembezi; Vuna Ngenjabulo’
Ngempela, laba besifazane abangamaKristu bazimisele ukukhonza uJehova. Uma usezimweni ezifanayo, nawe yenza lokhu kube yisinqumo sakho. Khumbula lokhu kunxusa: “Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye.”—Duteronomi 10:20.
“Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe,” kusho umhubi. (IHubo 126:6) “Ukhala izinyembezi eziningi kakhulu njengoba uzama ukubonisa umngane wakho iqiniso, buthule noma ngamazwi,” kuvuma omunye uFakazi. “Kodwa ekugcineni umemeza ngenjabulo ngoba ngisho noma engalemukeli iqiniso, uJehova uyakubusisa ngomzamo owenzayo.”
Bonke abakhonza uJehova ngokwethembeka naphezu kokuphikisa kwasekhaya bazuza ukutuswa kwangempela. Bafanelwe ukusekelwa nothando. Kwangathi bangalondoloza ukuma kwabo kokungahlehli, bezimisele ukukhonza uJehova!
[Umbhalo waphansi]
a Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. (1978).
[Isithombe ekhasini 28]
Ukutadisha okucatshangelwe ngomthandazo kuqinisa ukuzimisela kobuKristu