Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 5/15 kk. 24-25
  • OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IThailand

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IThailand
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ababaleki Bezwa Izindaba Ezinhle
  • I-video Yenza Abantu Babe Nesithakazelo
  • Ukusiza Ababaleki Ukuba ‘Bakhonze UJehova Ngenjabulo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Liyini Ikhambi?
    I-Phaphama!—1996
  • Amanani Andayo Ababaleki
    I-Phaphama!—1996
  • Izwe Elamukela Bonke Abantu
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 5/15 kk. 24-25

OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IThailand

“IZWE labakhululekileyo.” Yilokho okushiwo igama elithi Thailand. Abantu abahlala lapha abanothando nabakhuthele abangaphezu kuka-57 000 000 banemibono engokwenkolo ehlukahlukene. Nakuba ubuBuddha buvelele, kuqhutshwa nezinkolo zeLobukholwa kulelizwe eliseningizimu-mpumalanga ye-Asia. Bonke labantu kudingeka bezwe izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 24:14.a

Ababaleki Bezwa Izindaba Ezinhle

Emakamu asabalele kuwo wonke amagquma aseThailand ngasemngceleni weMyanmar, iqiniso leBhayibheli liqhubekela phambili phakathi kwalababaleki abangamaKaren abangaphezu kuka-10 000. Amalungu omkhaya othile wamaKaren ohlala kuleyondawo angoFakazi BakaJehova. Ebelokhu esakaza izindaba ezinhle phakathi kwababaleki. Umsebenzi wawo waqala kanjani?

Eminyakeni eminingana edlule insizwa ethile yanqamula ubuhlobo bayo neSonto LaseSheshi yaba omunye woFakazi BakaJehova. Zigqugquzelwa umfundisi wazo, izihlobo zayo zayiphikisa. Nokho, yakhuthazela ngokubekezela, futhi ukuphikisa kwabomkhaya wakubo kwancipha kancane kancane. Abefundisi beSonto LaseSheshi baqhubeka beyihleka usulu kwaze kwaba seminyakeni ecishe ibe mibili edlule lapho bexoshwa ezikhundleni zabo ngenxa yokuziphatha okubi. Njengoba ngalesosikhathi isonto lalingasenamelusi, amalungu omkhaya nezinye izihlobo zaloFakazi zashaqeka futhi zasala dengwane. Abayishumi nanye kubo basula esontweni base becela oFakazi ukuba bafunde nabo iBhayibheli.

Lesisifundo sathuthuka kahle, kuhlanganyela nabanye ababaleki. Iqiniso lasakazeka ngokushesha, kwaphumela ekubeni oFakazi abasanda kuhlanganyela abangu-17 babhapathizwe emfuleni odlula kulelikamu lababaleki. Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani ukubona ugogo oneminyaka engu-88 ubudala ecwiliswa nabo!

I-video Yenza Abantu Babe Nesithakazelo

Ithuba lokwanda likhulu phakathi kwababaleki. Ngo-1993 lapho kugujwa umkhosi weSikhumbuzo, kweza abantu abangu-57. Phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda ngo-May walowonyaka, kwabuthana abangu-67 bezolalela enye yezinkulumo zakhe. Futhi abangaba ngu-250 babuthana bezobuka i-video ye-Watchtower Society ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name.

Umkamfundisi waseBaptist kulelikamu lababaleki waba khona enkulumweni yeningi yeBhayibheli eyayihlelwe oFakazi futhi wabhala imibhalo yeBhayibheli okwakukhulunywa ngayo. Watshela umyeni wakhe ukuthi zazingamenelisi izintshumayelo eziphindaphindwayo ayezizwa esontweni labo. Wamphikisa, ethi uma engaya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, wonke amanye amalungu ayeyomlandela. Lapho ephinda eya emihlanganweni, umyeni wakhe wamjaha ngommese futhi washisa incwadi yakhe ayebhale kuyo amaphuzu omhlangano nezincwadi zeBhayibheli. Naphezu kwalokho, lapho kudlalwa i-video, wabuye weza. Kamuva lowesifazane waxoxela umyeni wakhe ngalokho ayekubonile. Ngenxa yokuthi isimo somyeni wakhe sase sishintshile, wafuna ukuyibona leyo-video futhi wazisola ngokuthi wayeshise incwadi yakhe yokubhala amaphuzu nezincwadi zeBhayibheli.

Ngaleyondlela abantu baseThailand bezwa izindaba ezinhle. Kanjalo bathola inkululeko engokomoya ‘ezweni labakhululekileyo.’—Johane 8:32.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1994.

[Ibhokisi ekhasini 24]

UMBIKO WEZWE Unyaka Wenkonzo Ka-1993

INANI ELIPHAKEME LABABEFAKAZA: 1 434

ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-40 299

ABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 3 342

ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 232

ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 1 489

INANI LABABHAPATHIZWA: 92

INANI LAMABANDLA: 39

IHHOVISI LEGATSHA: IBANGKOK

[Isithombe ekhasini 25]

Abamemezeli boMbuso bashumayela izindaba ezinhle ngentshiseko

[Isithombe ekhasini 25]

Ihhovisi legatsha lokuqala, ngo-1947

[Isithombe ekhasini 25]

Umkhaya waseBethel phambi kwehhovisi legatsha elisha eBangkok, elanikezelwa ngo-February 8, 1992

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela