Imibuzo Evela Kubafundi
Kulezizikhathi ezinzima ngokomnotho, abantu abaningi nezinkampane baphendukela ekubeni ababhekwa njengabashonile ngokwezimali. Ingabe kufanelekile ngokomBhalo ukuba umKristu azifake ohlwini lwalabo ngokomthetho ababhekwa njengabashonile ngokwezimali?
Impendulo yalombuzo inikeza umbono omuhle wendlela iZwi likaNkulunkulu elisinikeza ngayo isiqondiso esisebenzayo ezindabeni ngokusobala ezingase zibonakale zingezamuva nje. Amazwe amaningi anemithetho ephathelene nokushona ngokwezimali. Lemithetho iyehluka ngokwamazwe, futhi akukhona okwebandla lobuKristu ukunikeza isiqondiso esingokomthetho kulokhu. Kodwa ake sithole umbono ofingqiwe walelilungiselelo elingokomthetho lokushona ngokwezimali.
Esinye isizathu sokuba ohulumeni bavumele abantu ngabanye namabhizinisi ukuba kuthiwe bashonile ngokwezimali ukuthi kunikeza labo ababolekisa ngezimali noma abanikeza ngesikweleti (abakweletisi) isilinganiso esithile sesivikelo kubantu noma amabhizinisi aboleka imali noma avula isikweleti (abakweletayo) kodwa angakukhokheli lokho akukweletayo. Kubakweletisi kungase kubonakale sengathi okuwukuphela kwento abangayenza ukunxusa izinkantolo ukuba zigunyaze ukuba okweletayo kuthiwe ushonile ngokwezimali ukuze impahla yokweletayo yabiwe njengengxenye yokukhokhela isikweleti.
Enye indlela ukubhekwa njengoshonile ngokwezimali okusebenza ngayo ukuthi kusebenza njengesivikelo kwabakweletayo labo ngokwethembeka abangasoze babanelisa labo ababakweletayo. Oboleke imali angase avunyelwe ukuba azifake ohlwini lwalabo ababhekwa njengabashonile ngokwezimali, kuyilapho labo abakweletayo bengathatha enye yempahla yakhe. Nakuba kunjalo, umthetho ungase umvumele ukuba asale nendlu yakhe noma izimpahla ezithile ezincane bese eqhubeka nokuphila ekhululekile osongweni oluqhubekayo lokulahlekelwa noma ukuphangwa yilabo ayebakweleta.
Khona-ke, kuyacaca ukuthi lemithetho ihloselwe ukunikeza isilinganiso esithile sokuvikeleka nhlangothi zombili ezinqubweni zezimali noma zebhizinisi. Nokho, ake siphawule ukuthi isiphi iseluleko esiwusizo iBhayibheli elisinikezayo.
Akunakwenzeka ukuba umuntu afunde iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni ngaphandle kokuphawula ukuthi alikukhuthazi ukungena esikweletini. Sithola izixwayiso ezinjengaleso esikuzAga 22:7: “Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.”
Khumbula, futhi, umfanekiso kaJesu okuMathewu 18:23-34 ohilela inceku eyayinesikweleti esikhulu kakhulu. “Inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho,” kodwa kamuva inkosi yathamba futhi yabonisa isihe. Lapho leyonceku kamuva ibonakala ingenasihe, inkosi yayala ukuba ‘inikelwe kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo.’ Ngokusobala, inkambo engcono kakhulu, inkambo etuswayo, ukugwema ukuboleka imali.
Izinceku zikaNkulunkulu kwa-Israyeli wasendulo zazisebenzelana kwezamabhizinisi, futhi ngezinye izikhathi kwakuba nokuboleka nokubolekisa. Yini uJehova ayala ukuba ziyenze? Uma umuntu ayefuna ukuboleka imali ukuze angenele noma andise ibhizinisi, kwakungokomthetho futhi kuyinto evamile ngomHeberu ukuba abize inzalo. Nokho, uNkulunkulu wanxusa abantu bakhe ukuba bangabi nobugovu lapho beboleka umIsrayeli ompofu; kwakungamelwe bafune inzuzo esimweni sohluphekayo ngokubiza inzalo. (Eksodusi 22:25) UDuteronomi 15:7, 8 uthi: “Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, . . . , umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo.”
Umusa ofanayo noma ukucabangela kwakubonakaliswa emithethweni eyayigcizelela ukuthi labo ababebolekisa bangaphangi izidingo zokuphila kowayebolekwa, njengetshe lokusila lomkhaya noma ingubo eyayidingeka ukuze igcine lowomuntu efudumele ebusuku.—Duteronomi 24:6, 10-13; Hezekeli 18:5-9.
Eqinisweni, akuwona wonke amaJuda amukela futhi asebenzisa umoya walemithetho yothando evela kuMahluleli wawo omkhulu noMniki-mthetho. (Isaya 33:22) Amanye amaJuda anobugovu aphatha abafowabo ngonya olukhulu kakhulu. Ngokufanayo namuhla, abanye ababolekisi bangase babe nonya futhi bangacabangeli kulokho abakufunayo, ngisho nakumKristu oqotho okungenzeka wayengenakukwazi ukukhokha ngalesosikhathi ngoba ebhekene nezimo ezithile ezingalindelekile. (UmShumayeli 9:11) Ngokucindezela kwabo kokungavumelani nezimo, kokufuna ngenkani, ababolekisi bezwe bangase baphoqelele umuntu onjalo okweletayo ukuba azithole esesimweni sokuba nomuzwa wokuthi kufanele azivikele. Kanjani? Kwezinye izimo okuwukuphela kwento ababolekisi abayoyiqaphela isinyathelo esingokomthetho sokuzifaka kwalowomuntu ohlwini lwabashonile ngokwezimali. Ngakho umKristu, owayengenabugovu noma ongeyena umuntu ongazinaki izikweleti zakhe, angase aphendukele ekuzifakeni kwabasesimweni esinjalo.
Nokho, kufanele siqaphele olunye uhlangothi lwendaba. UmKristu angase angene esikweletini ngoba nje engazange azithibe ekutheni yini noma okungakanani akusebenzisayo noma ngoba engazange ngokunengqondo abone kusengaphambili lapho enza izinqumo zebhizinisi lakhe. Ingabe kufanele nje angasinaki isikweleti futhi ngokushesha afune ukukhululeka ngokusebenzisa isimiso sokubhekwa njengoshonile ngokwezimali, ngaleyondlela alimaze abanye ngenxa yokwahlulela kwakhe okubi? IBhayibheli alikutusi ukwehluleka okunjalo ukuthwala umthwalo wemfanelo ongokwezimali. Linxusa inceku kaNkulunkulu ukuba uyebo wayo abe uyebo. (Mathewu 5:37) Khumbula, futhi, ukukhulumela kukaJesu ngokubala izindleko ngaphambi kokuqala ukwakha umbhoshongo. (Luka 14:28-30) Ngokuvumelana nalokho, umKristu kufanele ayicabangele kahle imiphumela engafiseleki engaba khona ngaphambi kokuba azifake esikweletini esingokwezimali. Lapho ezifaka esikweletini, kumelwe acabange ngomthwalo wakhe wemfanelo wokukhokhela abantu noma izimkampane azikweleta imali. Uma abanye abaningi bazi umKristu njengongayinaki imithwalo yemfanelo noma ongenakwethenjelwa, uyobe onakalise idumela lakhe elihle ayelilwele futhi ngaleyondlela uyobe engasenabo ubufakazi obuhle kwabangaphandle.—1 Thimothewu 3:2, 7.
Khumbula lokho iHubo 15:4 elisitshela khona ngohlobo lomuntu uJehova alwamukelayo. Siyafunda: ‘[Lowo uNkulunkulu amamukelayo] ufunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe.’ Yebo, uNkulunkulu ulindele ukuba amaKristu aphathe labo abakweletayo ngendlela nawo angathanda ukuphathwa ngayo.—Mathewu 7:12.
Khona-ke, kafushane nje, iBhayibheli alikulahli ukuthi esimweni esinzima ngokwedlulele, umKristu angazenza atholakalele isivikelo esinikezwa imithetho kaKesari yokubhekwa njengoshonile ngokwezimali. Nokho, amaKristu kufanele ahluke ngokwethembeka nokwethenjelwa. Ngakho, kufanele abe yisibonelo esifisweni sawo esiqotho sokuhlangabezana nezibopho zawo ezingokwezimali.