Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UJehova Unamandla Ngaphezu Kwezitha Zakhe
SEKUYISIKHATHI eside uDeveli namademoni akhe bezama ukuvimbela ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle ngenkolo yamanga nokusetshenziswa kwemimoya. IBhayibheli likhuluma ngenhloso embi kaSathane kweyesi-2 Korinte 4:4 lapho lithi khona “abangakholwa unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.”
Kodwa uJehova uNkulunkulu unamandla ngaphezu kukaSathane. Akukho lutho izitha zikaJehova ezingalwenza ukuze zivimbele ukufezwa kwentando yakhe yaphezulu, engukuba “abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Imibiko elandelayo evela kubamemezeli boMbuso e-Australia iyakuqokomisa lokhu.
◻ Ngemva kweminyaka engu-20 ezehlukanisile nenkolo, owesifazane othile waqala ukufunda iBhayibheli futhi. Lesisithakazelo esivuselelwe eBhayibhelini sambangela ukuba abe nemibuzo eminingi, ngakho wathandazela ukuba uNkulunkulu amsize athole izimpendulo. Wayefuna ukuthungatha iqiniso, kodwa wayazi ukuthi ukuphindela enkolweni yakhe endala kwakungeke kuyixazulule inkinga yakhe. Kunalokho, waqala ukuthungatha kwakhe ngokuvakashela isitolo esithengisa izincwadi esezisetshenzisiwe futhi ebuza ukuthi banazo yini izincwadi zenkolo.
Umnini-sitolo wakhumbula ukuthi wayenayo incwadi yenkolo, hhayi esitolo, kodwa ekhaya. Isihloko saleyoncwadi sasithi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, ekhishwa oFakazi BakaJehova. Lona wesifazane wayifunda ngentshiseko lencwadi futhi wathola izimpendulo zeminingi yemibuzo yakhe yeBhayibheli. Ngemva kokuthungatha oFakazi BakaJehova encwadini yezingcingo, ekugcineni wathintana nabo futhi kwaqala isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.
◻ Owesifazane othile wacela ukuba iphephandaba lendawo lazise ngentelezi ayeyithengisa. Isaziso sabhekisela kuyo ‘njengentelezi yangeNkathi Ephakathi enamandla kakhulu.’ Omunye woFakazi BakaJehova wasibona lesisaziso. Wanquma ukushaya ucingo kulenombolo enikeziwe futhi akhulume nalona wesifazane ngomthombo wamandla lentelezi okuthiwa inawo. Kwalandela ingxoxo ephathelene nombono weBhayibheli ngemisebenzi yamademoni. Lona wesifazane osemusha onentelezi wembula ukuthi ngayizolo, wayeye wathandaza kuNkulunkulu ecela usizo ngezinkinga zakhe ngokuphathelene namademoni. LoFakazi wenza amalungiselelo okuba babe nenye ingxoxo ocingweni.
Lapho eshaya ucingo, lona wesifazane osemusha wayengekho ekhaya. Unina waluphendula futhi wathi: “Angazi ukuthi uyitsheleni indodakazi yami, kodwa lokho okwenzekile kuyisimangaliso!” Walandisa ukuthi ngemva kocingo lokuqala, indodakazi yakhe yayilahla yonke imifanekiso nezincwadi zayo zobusathane futhi yaqala ukufunda iBhayibheli.
Ngokushesha ngemva kwalokho, kwenziwa amalungiselelo okuba lowesifazane avakashelwe ngokomuntu siqu. Ngokushesha wavuma ukufunda iBhayibheli njalo noFakazi BakaJehova. Waqala futhi nokuhlanganyela noFakazi ngokuba khona emihlanganweni yobuKristu. Nalapha, uJehova wawanqoba amademoni ngokwenza ulwazi lwamaqiniso eBhayibheli lukhazimule.