Indlela AmaKristu Abhekana Ngayo Nokuhlanjalazwa Obala
UZIZWA kanjani lapho othile ekuhlambalaza noma esakaza amanga ngawe? Kungokwemvelo ukuba uphatheke kabi kakhulu. OFakazi BakaJehova babhekana nokuthile okufanayo lapho beba izisulu zokwaziswa okungelona iqiniso noma okuhlanekezelwe emithonjeni yezindaba. Kodwa njengoba uJesu asho kuMathewu 5:11, 12, basenaso isizathu sokujabula.
Ngokwesibonelo, incwadi ethile yamaKatolika eJalimane yathi “uFakazi ngamunye ubophekile ukuba anikele ngamaphesenti aphakathi kwangu-17 nangu-28 omholo wakhe endlunkulu yalelihlelo.” Nokho, oFakazi BakaJehova abalona ihlelo, futhi umsebenzi wabo usekelwa ngokuphelele ngeminikelo yokuzithandela. Abafundi abaningi baye badukiswa yilokhu kwaziswa okungamanga, oFakazi BakaJehova abakuthola kudumaza. Kodwa amaKristu eqiniso kufanele asabele kanjani ekuhlanjalazweni okuvela emithonjeni yezindaba?
Isibonelo Sokulandelwa AmaKristu
UMathewu isahluko 23 uyichaza ngokucacile indlela uJesu abasola ngayo abaphikisi bakhe benkolo ngobuzenzisi babo nokukhohlisa. Ingabe lokhu kunikeza amaKristu namuhla isibonelo sendlela yokusebenzelana nabagxeki? Akunjalo ngempela. INdodana kaNkulunkulu yabasola abaphikisi bayo benkolo ngenxa yegunya elikhulu nokuqonda eyayinakho, yenza kanjalo ukuze kuzuze izixuku ezazilalele.
UMathewu 15:1-11 ulandisa ukuthi uJesu wagxekwa ngenxa yokuthi kwakuthiwa abafundi bakhe babeqe isiko lamaJuda. UJesu wasabela kanjani? Wama eqinile. Ngezinye izikhathi, uJesu wayemelana ngokungagunci nabagxeki bakhe, enqaba imibono yabo eyiphutha. Ngakho-ke, amaKristu namuhla awenzi phutha ngokuzama ukulungisa ukuhlanekezelwa komsebenzi wawo noma izimfundiso, ezama ukucacisa isimo ngendlela eveza amaqiniso nenobuchule. Bakwenza lokhu ukuze basize abantu abaqotho baqaphele ukuthi ukugxekwa koFakazi BakaJehova akunasiqinisekiso futhi kuyabehlisa.
Kodwa phawula indlela uJesu asabela ngayo kamuva lapho abafundi bakhe bethi: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bakhubekile lapho bezwa lokho okushilo?” LababaFarisi ‘babekhubekile’—babengacasukanga nje kuphela kodwa baba abaphikisi abangenakulungiseka uJesu abalahla. Ngakho waphendula: “Mabakhubeke. Bangabaqondisi abayizimpumputhe.” Ingxoxo eqhubekayo nabaphikisi abanjalo abanobutha yayiyize, ingazuzisi muntu, futhi yayingamane iholele empikiswaneni engenazithelo. (Mathewu 7:6; 15:12-14; qhathanisa no-27:11-14.) Izimpendulo ezanikezwa uJesu zibonisa ukuthi ‘kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.’—UmShumayeli 3:7.
OFakazi BakaJehova abalindele ukuba bonke abantu bakhulume kahle ngabo. Bakhumbula amazwi kaJesu: “Maye, noma nini lapho bonke abantu bekhuluma kahle ngani, ngoba izinto ezinjengalezi yizo okhokho babo abazenza kubaprofethi bamanga.” (Luka 6:26) UC. T. Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society, wake wabuzwa ukuthi kungani ayengazilweli lapho ehlanjalazwa. Waphendula: “Uma uzolibala ukukhahlelana nazo zonke izinja ezikukhonkothayo, ngeke ufike ndawo.”
Ngakho akufanele sivumele izinkulumo zabaphikisi abaphikelelayo zisiphambukise enkonzweni yethu eya kuNkulunkulu. (IHubo 119:69) Masigxile emsebenzini wamaKristu eqiniso, okungukuthi, ukushumayela ivangeli. Njengokuvamile, siyoba namathuba okuphendula imibuzo futhi sichaze ukubaluleka komsebenzi wethu, njengoba sithuthukisa ukuziphatha komuntu futhi simfundisa ngeZwi likaNkulunkulu.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
Ingabe Kufanele Usabele Lapho Ugxekwa?
UJesu wathi ngabalandeli bakhe: “Aniyona ingxenye yezwe . . . Ngenxa yalokhu izwe liyanizonda.” (Johane 15:19) Imibiko eminingi yezindaba eletha isihlamba koFakazi BakaJehova iwukubonakaliswa kwalenzondo, futhi imibiko enjalo kufanele inganakwa. Nokho, ngezinye izikhathi umthombo wezindaba ungase unikeze ukwaziswa okubonisa ukuntula ulwazi ngoFakazi noma okuhlanekezela futhi kuwachaze kabi amaqiniso athile. Ezinye izintatheli zingase zithole ukwaziswa emithonjeni enobandlululo. Ukuthi asikunaki ukwaziswa okungamanga emithonjeni yezindaba noma silwela iqiniso ngezindlela ezifanele kuxhomeke ezimweni, umshoshozeli wokugxeka, nasemgomweni wakhe.
Ngezinye izikhathi amaqiniso angalungiswa ngencwadi ebhalwe ngendlela efanele eqondiswe kumhleli uma leyoncwadi izoshicilelwa yonke. Kodwa incwadi enjalo ingase ifeze okuphambene nje nalokho ehloselwe ukukufeza. Kanjani? Amanga okuqala angase asakazwe ngisho nakakhulu, noma abaphikisi bangase banikezwe elinye ithuba lokwenza ukuba amanga noma ukukhulumela okujivazayo kushicilelwe. Ezikhathini eziningi kuhlakaniphile ukuyishiyela ezandleni zabadala abathintekile indaba yencwadi eya kumhleli. Uma umbiko omubi wephephandaba ubangela ubandlululo, ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society lingazisa amabandla kulelozwe ngamaqiniso, ngaleyondlela lenze bonke abamemezeli bakwazi ukunikeza incazelo eyanelisayo kwababuzayo.
Ingabe kudingeka uhileleke ngokomuntu siqu kulokhu kumangalela okuphendukezelwe? Iseluleko sikaJesu sokuthi “mabakhubeke,” banganakwa, ngokusobala sisebenza kuleliqembu labaphikisi. AmaKristu athembekile anezizathu ezingokomBhalo zokugwema izihlubuki nemibono yazo. (1 Korinte 5:11-13; Thithu 3:10, 11; 1 Johane 2:19; 2 Johane 10, 11) Uma umuntu othile enesithakazelo esiqotho sokwazi ukuthi ukugxekwa koFakazi kusekelwe eqinisweni noma indaba eqanjiwe, ulwazi lwakho siqu olusekelwe ekwazisweni okunezisekelo cishe lwanele ukuba unikeze impendulo.—Bheka INqabayokulinda ka-March 15, 1986, amakhasi 13 no-14.
Uma uhlangabezana nokwaziswa okuhlanekezelwe ephephandabeni, lalela iseluleko sezAga 14:15: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” Abantu abaningi eSwitzerland babethukuthele lapho umbiko wephephandaba othinta imizwelo ubika ukuthi intokazi esentsha enguFakazi ife ngenxa yokwenqaba kwezihlobo zayo ukuvumela izisebenzi zezokwelapha ukuba ziyifakele igazi. Ingabe lawo kwakungamaqiniso? Cha. Lesisiguli senqaba ukumpontshelwa igazi ngenxa yezizathu ezingokwenkolo, kodwa sakwamukela ukusingathwa kwesimo ngenye indlela yezokwelapha engalisebenzisi igazi. Lokhu ngabe kwenziwa ngaphandle kokuchitha isikhathi futhi cishe kwakuzokusindisa ukuphila kwaso. Nokho, isibhedlela sathatha kancane ngokungadingekile, kwaze kwephuza kakhulu. Umbiko waleliphephandaba awuzange uwaveze lamaqiniso.
Ngakho, hlaziya ngokunakekela ukuthi iyiqiniso kangakanani imibiko enjalo. Singachazela ababuzayo ukuthi abadala bendawo bazinakekela ngothando nangokuvumelana neziqondiso zeBhayibheli izindaba ezinjalo. Ukunamathela ezimisweni lapho siphendula kusivimbela ekubeni sisheshe sifinyelele eziphethweni.—IzAga 18:13.
Ukwaziswa Kokuzitholela Mathupha Kubalulekile
Ekhulwini lokuqala, abantu basakaza amanga ngoJesu Kristu ukuze bonakalise idumela lakhe, abanye baze ngisho bamveza njengoyivukela-mbuso. (Luka 7:34; 23:2; qhathanisa noMathewu 22:21.) Kamuva, ibandla lamaKristu elalilisha labhekana nokuphikiswa okusakazekile okwakuvela emanxuseni enkolo nawezwe. Njengoba “uNkulunkulu wakhetha izinto eziwubuwula zezwe,” abaningi bazibukela phansi izinceku zakhe. (1 Korinte 1:22-29) AmaKristu eqiniso namuhla kumelwe akucabangele ukuhlanjalazwa, okuwuhlobo oluthile lokushushiswa.—Johane 15:20.
Nokho, oFakazi BakaJehova bayajabula lapho umuntu abakhuluma naye enengqondo ehluzekile futhi ebonisa isimo sengqondo esifana nesezivakashi zikaPawulu eRoma, ezathi: “Sikucabangela njengokufanelekile ukuzwa kuwe ukuthi iyini imicabango yakho, ngoba ngempela ngokuqondene nalelihlelo siyazi ukuthi kukhulunywa ngokumelene nalo kuyo yonke indawo.”—IzEnzo 28:22.
Nikeza abantu abadukisiwe incazelo, wenza kanjalo ngobumnene. (Roma 12:14; qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 2:25.) Bameme ukuba bazitholele mathupha ukwaziswa okuphathelene noFakazi BakaJehova, okuyobasiza ukuba babone ngalé kokumangalela okungamanga. Ungasebenzisa futhi izincazelo ezikhishwa yi-Watch Tower Society ezinikeza imininingwane ngokuphathelene nenhlangano, umlando wayo, nezimfundiso zayo.a UFiliphu wake waphendula uNathanayeli ngokumane athi: “Woza uzobona.” (Johane 1:46) Nathi singenza okufanayo. Noma ubani ofisayo wemukelwa ngokufudumele ukuba avakashele iHholo LoMbuso lendawo ukuze azibonele ngokwakhe uhlobo lwabantu oFakazi BakaJehova abayilo nalokho abakukholelwayo.
Ungesatshiswa Abaphikisi
Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukwazi ukuthi ukuhlambalaza akubavimbeli abantu ukuba babe oFakazi! Phakathi nohlelo lwezingxoxo ze-TV eJalimane, izihlubuki zahubhuza amanga aluhlaza cwé ngoFakazi. Isilaleli esithile sakuqaphela lokhu kunongwa kwendaba okwakwenziwa izihlubuki njengokungelona iqiniso futhi sashukunyiselwa ukuba siqale kabusha isifundo saso seBhayibheli noFakazi. Yebo, ngezinye izikhathi ukuhlanjalazwa obala kuholela emiphumeleni emihle!—Qhathanisa neyabaseFilipi 1:12, 13.
Umphostoli uPawulu wayazi ukuthi abanye babeyogxilisa ukunaka “ezindabeni ezingamanga” kunaseqinisweni. Ngakho-ke wabhala: “Hlala usangulukile kuzo zonke izinto, ukhuthazelele okubi, wenze umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.” (2 Thimothewu 4:3-5) Ngakho ungazivumeli ukuba uphambukiswe, futhi ‘ungethuswa nangayiphi indlela’ abaphikisi bakho. (Filipi 1:28) Hlala uzolile futhi ushumayele izindaba ezinhle ngenjabulo, futhi uyobhekana ngokuqinile nokuhlanjalazwa obala. Yebo, khumbula isithembiso sikaJesu: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi ngokuqamba amanga besho yonke inhlobo yento embi ngani ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, njengoba umvuzo wenu umkhulu emazulwini; ngoba babashushisa ngaleyondlela abaprofethi ngaphambi kwenu.”—Mathewu 5:11, 12.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke, OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili, nethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
Lapho ebhekene nabaphikisi, uJesu watshela abafundi bakhe: “Mabakhubeke.” Wayesho ukuthini?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
“Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi ngokuqamba amanga besho yonke inhlobo yento embi ngani ngenxa yami.”—Mathewu 5:11