Yamukela IBhayibheli Ngokwalokho Eliyikho Ngempela
“Futhi simbonga ngokungaphezi uNkulunkulu, ngoba ngesikhathi namukela izwi likaNkulunkulu, enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela, okuyilona elisebenzayo futhi kini nina makholwa.”—1 THESALONIKA 2:13.
1. Hlobo luni lokwaziswa okuseBhayibhelini okwenza ukuba lencwadi ibe evelele ngempela?
IBHAYIBHELI Elingcwele liyincwadi ehunyushwa kakhulu nesakazwa kabanzi ukuzedlula zonke emhlabeni. Liqashelwa kalula njengenye yezincwadi ezivelele. Nokho, okubaluleke kakhulu ukuthi iBhayibheli linikeza isiqondiso esidingwa ngokuphuthumayo abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe, kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi noma isikhundla sabo siyini ekuphileni. (IsAmbulo 14:6, 7) Ngendlela eyanelisa kokubili ingqondo nenhliziyo, iBhayibheli liphendula imibuzo enjengethi: Iyini injongo yokuphila komuntu? (Genesise 1:28; IsAmbulo 4:11) Kungani ohulumeni besintu bengakwazanga ukuletha ukuthula nokulondeka okuhlala njalo? (Jeremiya 10:23; IsAmbulo 13:1, 2) Kungani abantu befa? (Genesise 2:15-17; 3:1-6; Roma 5:12) Phakathi kwalelizwe elinezinkathazo, singabhekana kanjani ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila? (IHubo 119:105; IzAga 3:5, 6) Lisiphatheleni ikusasa?—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:3-5.
2. Kungani iBhayibheli linikeza izimpendulo ezinokwethenjelwa ngokuphelele emibuzweni yethu?
2 Kungani iBhayibheli liphendula leyomibuzo ngokuqiniseka? Ngoba liyiZwi likaNkulunkulu. Wasebenzisa abantu ukuba balilobe, kodwa njengoba kushiwo ngokucacile kweyesi-2 Thimothewu 3:16, “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” Aliwona umkhiqizo wencazelo yezenzakalo zabantu abazenzele yona. “Isiprofetho [izimemezelo zezinto ezizokwenzeka, imiyalo yaphezulu, indinganiso yokuziphatha yeBhayibheli] asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 Petru 1:21.
3. (a) Nikeza izibonelo ezibonisa indlela iBhayibheli eliye laziswa kakhulu ngayo abantu emazweni ahlukahlukene. (b) Kungani abanye abantu babezimisele ukufaka ukuphila kwabo engozini ukuze bafunde imiBhalo?
3 Beqaphela ukubaluleka kweBhayibheli, abantu abaningi baye bazifaka engozini yokuboshwa, ngisho neyokufa, ukuze babe nalo futhi balifunde. Lokhu kwakunjalo eminyakeni edlule eSpain yobuKatolika, lapho abefundisi babesaba khona ukuthi ithonya labo lalingeke linakwe uma abantu befunda iBhayibheli ngolimi lwabo siqu; kwakunjalo nase-Albania, lapho kwathathwa khona izinyathelo ezinqala ukuze kuqedwe lonke ithonya elingokwenkolo ngaphansi kwesimiso sokubusa esiphika ubukhona bukaNkulunkulu. Nokho, abantu abesaba uNkulunkulu babewabheka njengayigugu amakhophi emiBhalo, bewafunda, futhi bewahlanganyela ndawonye. Phakathi neMpi Yezwe II, ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen, iBhayibheli lalidluliswa ngokuqapha lisuka kwesinye isitokisi liya kwesinye (nakuba lokhu kwakwenqatshelwe), futhi labo elalifinyelela kubo babebamba izingxenye ezithile zalo ngekhanda ukuze bazihlanganyele nabanye. Phakathi nawo-1950, kulokho okwakuyiMpumalanga Jalimane YobuKhomanisi, oFakazi BakaJehova ababeboshiwe ngenxa yokholo lwabo bazifaka engozini yokuvalelwa ngabodwa isikhathi eside lapho bedlulisa izingxenye ezincane zeBhayibheli zisuka kwesinye isiboshwa ziya kwesinye ukuze zifundwe ebusuku. Kungani babenza lokhu? Kungenxa yokuthi babeqaphela ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, futhi babazi ukuthi “umuntu akaphili ngesinkwa sodwa” kodwa “ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova [amazwi, NW] yikho umuntu aphila ngakho.” (Duteronomi 8:3) Lamazwi, alotshwe eBhayibhelini, enza ukuba laboFakazi bahlale bephilile ngokomoya naphezu kokuba babengaphansi kokuphathwa ngonya okungakholeki.
4. IBhayibheli kufanele libe nayiphi indawo ekuphileni kwethu?
4 IBhayibheli aliyona incwadi yokumane ibekwe nje eshalofini ukuze ifundwe ngezikhathi ezithile, futhi alenzelwanga ukuba lisetshenziswe kuphela lapho abakholwa ndawonye behlangana ngenjongo yokukhulekela. Kufanele lisetshenziswe nsuku zonke ukuze lisikhanyisele ngezimo esibhekana nazo futhi lisibonise indlela efanele okumelwe sihambe ngayo.—IHubo 25:4, 5.
Lalenzelwe Ukuba Lifundwe Futhi Liqondwe
5. (a) Uma kungenzeka, yini sonke okufanele sibe nayo? (b) Kwa-Israyeli wasendulo, abantu babekuthola kanjani lokho okwakuqukethwe imiBhalo? (c) IHubo 19:7-11 lisithinta kanjani isimo sakho sengqondo ngokuphathelene nokufundwa kweBhayibheli?
5 Osukwini lwethu, amakhophi eBhayibheli atholakala kalula emazweni amaningi, futhi sinxusa bonke abafundi be-Nqabayokulinda ukuba bazitholele ikhophi. Phakathi nesikhathi sokulotshwa kweBhayibheli, yayingekho imishini yokunyathelisa. Iningi labantu lalingenawo amakhophi alo siqu. Kodwa uJehova wahlela ukuba izinceku zakhe zizwe lokho okwakulotshiwe. Ngakho, u-Eksodusi 24:7 ubika ukuthi ngemva kokuba uMose elobe lokho uJehova ayemyale ngakho, “wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu.” (Omalukeke sizenzele.) Njengoba babebe ofakazi bokuzibonela bokubonakaliswa kwamandla angaphezu kwawemvelo eNtabeni iSinayi, baqaphela ukuthi lokho uMose ayebafundele khona kwakuvela kuNkulunkulu nokuthi kwakudingeka bakwazi lokhukwaziswa. (Eksodusi 19:9, 16-19; 20:22) Nathi kudingeka sikwazi lokho okulotshwe eZwini likaNkulunkulu.—IHubo 19:7-11.
6. (a) Ngaphambi kokuba isizwe sakwa-Israyeli singene eZweni Lesithembiso, yini uMose ayenza? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaMose?
6 Njengoba isizwe sakwa-Israyeli sasilungiselela ukuwela uMfula iJordani ukuze singene eZweni Lesithembiso, ngaleyondlela sishiya ngemuva ukuphila kwaso kokuzulazula ehlane, kwakufaneleka ngaso ukuba sibukeze uMthetho kaJehova nokusebenzelana kwakhe naso. Eshukunyiswa umoya kaNkulunkulu, uMose wabukeza uMthetho naso. Wasikhumbuza ngemininingwane yoMthetho, futhi waqokomisa izimiso eziyisisekelo nezimo zengqondo okwakumelwe zithonye ubuhlobo baso noJehova. (Duteronomi 4:9, 35; 7:7, 8; 8:10-14; 10:12, 13) Njengoba nathi namuhla sithola izabelo ezintsha noma sibhekana nezimo ezintsha ekuphileni, ngokufanayo senza kahle ukucabangela indlela iseluleko semiBhalo okufanele sithonye ngayo lokho esikwenzayo.
7. Ngokushesha ngemva kokuba ama-Israyeli ewele iJordani, yini eyenziwa ukuze kugxiliswe uMthetho kaJehova ezingqondweni nasezinhliziyweni zawo?
7 Ngokushesha ngemva kokuba u-Israyeli ewele uMfula iJordani, abantu baphinde bahlangana ukuze babukeze lokho uJehova ayebatshele khona ngoMose. Lesisizwe sahlangana endaweni engaba amakhilomitha angu-50 enyakatho yeJerusalema. Ingxenye yezizwe yayingaphambi kweNtaba i-Ebali, futhi ingxenye ingaphambi kweNtaba iGerizimu. Lapho, uJoshuwa “wafunda onke amazwi omthetho, isibusiso nesiqalekiso.” Ngaleyondlela amadoda, abesifazane, nabancane, kanye nabafokazi abagogobeleyo, bezwa ukuphindwa okufike ngesikhathi kwemithetho elawula ukuziphatha eyayiyophumela ekulahlekelweni ukuvunyelwa uJehova nezibusiso ababeyozithola uma babelalela uJehova. (Joshuwa 8:34, 35) Kwakudingeka bakukhumbule ngokucacile lokho okubi nalokho okuhle ngokombono kaJehova. Ngaphezu kwalokho, kwakudingeka bagxilise ezinhliziyweni zabo uthando lokuhle nenzondo yokubi, njengoba ngamunye wethu enza namuhla.—IHubo 97:10; 119:103, 104; Amose 5:15.
8. Yayiyini inzuzo yokufundwa kweZwi likaNkulunkulu kwangezikhathi ezithile emihlanganweni ethile yesizwe kwa-Israyeli?
8 Ngaphezu kokufundwa koMthetho ngalezozenzakalo ezingokomlando, kwakuhlelwe ilungiselelo lokufundwa kweZwi likaNkulunkulu kwasikhathi sonke kuDuteronomi 31:10-12. Njalo ngonyaka wesi-7 isizwe kwakumelwe sihlangane ukuze sizwe ukufundwa kweZwi likaNkulunkulu. Lokhu kwakusinikeza ukudla okungokomoya. Kwagcina izithembiso eziphathelene neMbewu zisezingqondweni nasezinhliziyweni zaso futhi ngaleyondlela kwasiza ekuqondiseni abathembekile kuMesiya. Amalungiselelo okondliwa ngokomoya ayemiswé ngenkathi u-Israyeli esehlane awazange aphele lapho engena eZweni Lesithembiso. (1 Korinte 10:3, 4) Kunalokho, iZwi likaNkulunkulu lacetshiswa ngokuhlanganiswa kwezinye izambulo zabaprofethi.
9. (a) Ingabe ama-Israyeli ayefunda imiBhalo lapho ehlangana ngamaqembu amakhulu kuphela? Chaza. (b) Isiyalo esivela emiBhalweni sasinikezwa kanjani ngaphakathi kwemikhaya ngaminye, futhi ngayiphi injongo?
9 Ukubukezwa kweseluleko seZwi likaNkulunkulu kwakungenakugcina kuphela ngalezozikhathi lapho abantu behlangene njengeqembu elikhulu. Izingxenye zeZwi likaNkulunkulu nezimiso ezazihlanganiswe kulo kwakumelwe kuxoxwe ngazo nsuku zonke. (Duteronomi 6:4-9) Ezindaweni eziningi namuhla, kungenzeka ukuba intsha ibe nekhophi yayo siqu yeBhayibheli, futhi kuzuzisa kakhulu kuyo ukwenza kanjalo. Kodwa ku-Israyeli wasendulo, kwakungenjalo. Emuva ngalesosikhathi, lapho abazali benikeza isiyalo esivela eZwini likaNkulunkulu, kwakudingeka bathembele kulokho ababekufake ekhanda nasemaqinisweni ababewazisa ezinhliziyweni zabo, kanye nakunoma iziphi izindinyana okungenzeka ukuthi babezilobele zona. Ngokuphindaphinda njalo, babeyozama ukwakha uthando ngoJehova nangezindlela zakhe kubantwana babo. Umgomo kwakungekhona nje ukugcwalisa ikhanda ngamaqiniso kodwa kwakuwukusiza ilungu ngalinye lomkhaya ukuba liphile ngendlela yokubonisa uthando ngoJehova nangeZwi lakhe.—Duteronomi 11:18, 19, 22, 23.
Ukufundwa KwemiBhalo Emasinagogeni
10, 11. Isiphi isimiso sokufundwa kwemiBhalo esasilandelwa emasinagogeni, futhi uJesu wayezibheka kanjani lezizikhathi?
10 Esikhathini esithile ngemva kokuba amaJuda edingiselwe eBabiloni, kwamiswa amasinagoge njengezindawo zokukhulekela. Ukuze iZwi likaNkulunkulu lifundwe futhi kuxoxwe ngalo kulezizindawo zokuhlangana, kwenziwa amakhophi emiBhalo engeziwe. Lokhu yikho okwabangela ukuba kusinde amakhophi asendulo alotshwe ngesandla angaba ngu-6 000 anezingxenye zemiBhalo YesiHeberu.
11 Ingxenye eyayibalulekile yenkonzo yasesinagogeni yayiwukufundwa kweTorah, efana nezincwadi ezinhlanu zokuqala zamaBhayibheli osuku lwanamuhla. IzEnzo 15:21 zibika ukuthi ekhulwini lokuqala C.E., ukufunda okunjalo kwakwenziwa njalo ngeSabatha, futhi iMishnah ibonisa ukuthi ngekhulu lesibili, kwakufundwa iTorah nangosuku lwesibili nolwesihlanu lwesonto. Abantu abaningana babehlanganyela ekufundeni izingxenye ezabelwe, befunda ngokulandelana. Umkhuba wamaJuda ayehlala eBabiloni wawuwukufunda yonke iTorah minyaka yonke; umkhuba wasePalestina wawuwukuhlela isimiso sokufunda senkathi yeminyaka emithathu. Ingxenye evela kubaProfethi nayo yayifundwa futhi ichazwe. Kwakuwumkhuba kaJesu ukuba khona ezimisweni zokufundwa kweBhayibheli kwangeSabatha endaweni ayehlala kuyo.—Luka 4:16-21.
Ukusabela Nokukusebenzisa Komuntu Siqu
12. (a) Lapho uMose efundela abantu uMthetho, abantu bazuza kanjani? (b) Abantu basabela kanjani?
12 Ukufundwa kwemiBhalo ephefumulelwe kwakungahloselwe ukuba kube umkhuba nje wokugcina icala. Kwakungenzelwa nje ukumane kwaneliswe ilukuluku labantu. Lapho uMose efundela u-Israyeli “incwadi yesivumelwano” ethafeni elibhekene neNtaba iSinayi, wenza kanjalo ukuze bayazi imithwalo yabo yemfanelo phambi kukaNkulunkulu futhi bayifeze. Ingabe babeyoyifeza? Ukufunda kwakudinga ukusabela. Abantu bakuqaphela lokho, futhi basho ngokuzwakalayo, bethi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”—Eksodusi 24:7; qhathanisa no-Eksodusi 19:8; 24:3.
13. Lapho uJoshuwa efunda iziqalekiso zokungalaleli, yini abantu okwakumelwe bayenze, futhi ngayiphi injongo?
13 Kamuva, lapho uJoshuwa efundela isizwe izibusiso neziqalekiso ezithenjisiwe, kwakudingeka ukusabela. Ngemva kwesiqalekiso ngasinye, kwakunikezwa isiyalo: “Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.” (Duteronomi 27:4-26) Ngakho, ephuzwini ngalinye babevumelana nokulahla kukaJehova okungalungile okuveziwe. Yeka isenzakalo esivusa amadlingozi okumelwe ukuthi kwakuba yiso lapho isizwe sonke sivuma njengokuduma!
14. Ezinsukwini zikaNehemiya, kungani ukufundwa koMthetho kwasobala kwabonakala kuzuzisa ngokukhethekile?
14 Ezinsukwini zikaNehemiya, lapho bonke abantu behlangana eJerusalema ukuze bezwe uMthetho, babona ukuthi babengazenzi ngokugcwele zonke iziyalezo ezazilotshwe lapho. Ngalesosikhathi bakusebenzisa ngokushesha lokho ababekufundile. Waba yini umphumela? “Ukuthokoza okukhulu kakhulu.” (Nehemiya 8:13-17) Ngemva kwesonto befunda iBhayibheli nsuku zonke phakathi nomkhosi, baqaphela ukuthi kwakusadingeka okwengeziwe. Ngobuqotho babukeza umlando wokusebenzelana kukaJehova nabantu bakhe kusukela ezinsukwini zika-Abrahama kuqhubeke. Konke lokhu kwabashukumisela ukuba benze isifungo sokuvumelana nezimfuneko zoMthetho, ukuyeka ukuganiselana nabezizwe, nokwamukela izibopho zokulondoloza ithempeli nenkonzo yalo.—Nehemiya, izahluko 8-10.
15. Imiyalo ekuDuteronomi 6:6-9 ibonisa kanjani ukuthi ngaphakathi emikhayeni, ukufundisa iZwi likaNkulunkulu kwakungamelwe kube umkhuba nje wokugcina icala?
15 Ngokufanayo, ngaphakathi emkhayeni, ukufundisa imiBhalo kwakungahloselwe ukuba kube umkhuba nje wokugcina icala. Njengoba sesibonile kakade, ngamazwi angokomfanekiso kuDuteronomi 6:6-9, abantu batshelwa ukuba ‘babophe amazwi kaNkulunkulu abe-luphawu esandleni sabo’—kanjalo bebonisa ngesibonelo nangesenzo uthando lwabo ngezindlela zikaJehova. Futhi kwakumelwe babeke amazwi kaNkulunkulu ‘njengesikhumbuzo phakathi kwamehlo abo’—kanjalo bahlale bezikhumbula izimiso eziqukethwe imiBhalo futhi bazisebenzise njengesisekelo sezinqumo zabo. (Qhathanisa nolimi olusetshenziswe ku-Eksodusi 13:9, 14-16.) Kwakumelwe ‘bawalobe ezinsikeni zomnyango wendlu yabo nasemasangweni abo’—kanjalo behlukanisa izindlu zabo nemiphakathi yabo njengezindawo lapho izwi likaNkulunkulu lihlonishwa futhi lisetshenziswa khona. Ngamanye amazwi, ukuphila kwabo kwakumelwe kunikeze ubufakazi obuningi bokuthi babeyithanda futhi beyisebenzisa imiyalo kaJehova yokulunga. Yeka indlela lokho okwakungazuzisa ngayo! Ingabe iZwi likaNkulunkulu linalolohlobo lokuvelela ekuphileni kwansuku zonke kwemikhaya yethu? Ngokudabukisayo, amaJuda akushintsha konke lokhu kwaba umkhuba nje wokugcina icala, egqoka amabhokisana aqukethe imibhalo njengokungathi ayeyizintelezi. Ukukhulekela kwawo akubange kusaba okusuka enhliziyweni futhi kwenqatshwa uJehova.—Isaya 29:13, 14; Mathewu 15:7-9.
Umthwalo Wemfanelo Walabo Abasezikhundleni Zobubonisi
16. Kungani ukufunda imiBhalo njalo kwakubalulekile kuJoshuwa?
16 Endabeni yokufundwa kwemiBhalo, kwakunikezwa ukunaka okukhethekile kulabo ababengababonisi besizwe. KuJoshuwa, uJehova wathi: ‘Qaphela ukwenza ngokomthetho wonke.’ Ngombono wokufeza kwakhe lowomthwalo wemfanelo, watshelwa: “Wozindla ngayo imini nobusuku, . . . ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.” (Joshuwa 1:7, 8) Njengoba kunjalo nganoma imuphi umbonisi ongumKristu namuhla, ukufunda imiBhalo njalo kukaJoshuwa kwakuyomsiza ukuba ayikhumbule ngokucacile imiyalo uJehova ayeyinikeze abantu baKhe. Futhi uJoshuwa kwakudingeka ayiqonde indlela uJehova ayesebenzelane ngayo nezinceku zaKhe ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene. Njengoba ayefunda amazwi enjongo kaNkulunkulu, kwakubalulekile ngaye ukuba acabange ngomthwalo wemfanelo wakhe siqu ngokuphathelene naleyonjongo.
17. (a) Ukuze amakhosi azuze ekufundweni kwemiBhalo ngendlela uJehova ayesho ngayo, yini okwakudingeka ihambisane nokufunda kwawo? (b) Kungani ukufunda iBhayibheli njalo nokuzindla kubaluleke kakhulu kubadala abangamaKristu?
17 UJehova wayala ukuthi noma ubani owayekhonza njengenkosi phezu kwabantu baKhe, ekuqaleni kokubusa kwakhe, kwakumelwe enze ikhophi yoMthetho kaNkulunkulu, eyisekela ekhophini eyayigcinwa abapristi. Khona-ke kwakumelwe “ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.” Injongo kwakungekhona ukumane nje abambe ngekhanda ekuqukethe. Kunalokho, yayiwukuba “afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe” futhi “inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo.” (Duteronomi 17:18-20) Lokhu kwakudinga ukuba azindle ngokujulile ngalokho ayekufunda. Ngokobufakazi obutholakalayo amanye amakhosi ayecabanga ukuthi ayematasa kakhulu ngemisebenzi yokuphatha ukuba enze lokho, futhi isizwe sonke sasihlupheka ngenxa yokudebesela kwawo. Indima yabadala ebandleni lobuKristu ayiyona neze indima yamakhosi. Nakuba kunjalo, njengoba kwakunjalo ngamakhosi, kubalulekile ukuba abadala bafunde futhi bazindle ngeZwi likaNkulunkulu. Ukwenza kwabo kanjalo kuyobasiza ukuba balondoloze umbono ofanele ngalabo abaphathiswe ukuba babanakekele. Futhi kuyobenza bafeze umthwalo wabo wemfanelo njengabafundisi ngendlela emdumisa ngempela uNkulunkulu newaqinisayo ngokomoya amaKristu abakanye nawo.—Thithu 1:9; qhathanisa noJohane 7:16-18; bheka umehluko kweyoku-1 Thimothewu 1:6, 7.
18. Isiphi isibonelo esabekwa umphostoli uPawulu ukufunda nokutadisha iBhayibheli njalo okuyosisiza ukuba sisilingise?
18 Umphostoli uPawulu, umbonisi ongumKristu wekhulu lokuqala, wayengomunye owayeyazi kahle imiBhalo ephefumulelwe. Lapho efakaza kubantu eThesalonika lasendulo, wakwazi ukubonisana nabo ngemiBhalo ngokuphumelelayo futhi wabasiza ukuba baqonde lokho eyayikusho. (IzEnzo 17:1-4) Wafinyelela izinhliziyo zezilaleli eziqotho. Ngakho, abaningi abamuzwa baba amakholwa. (1 Thesalonika 2:13) Ngenxa yesimiso sakho sokufunda nokutadisha iBhayibheli, ingabe uyakwazi ukubonisana ngemiBhalo ngokuphumelelayo? Ingabe indawo ukufundwa kweBhayibheli okunayo ekuphileni kwakho nendlela okwenza ngayo kunikeza ubufakazi bokuthi ukwazisa ngempela lokho okushiwo ukuba neZwi likaNkulunkulu? Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela indlela impendulo eqondile enganikezwa ngayo kulemibuzo ngisho nayilabo abenezimiso ezibagcina bematasa kakhulu.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani abantu beye bazimisela ukufaka ukuphila kwabo nenkululeko engozini ukuze bafunde iBhayibheli?
◻ Sizuza kanjani ngokubukeza amalungiselelo ayenzelwe u-Israyeli wasendulo okuzwa iZwi likaNkulunkulu?
◻ Yini okufanele siyenze ngalokho esikufunda eBhayibhelini?
◻ Kungani ukufunda iBhayibheli nokuzindla kubaluleke ngokukhethekile kubadala abangamaKristu?
[Isithombe ekhasini 9]
UJehova watshela uJoshuwa: “Wozindla ngayo imini nobusuku”