Inkosi Icabangela Ikusasa Layo
INKOSI ethile yaseNtshonalanga Afrika yayingumholi othandwayo nohlonishwa kakhulu emphakathini wayo. Ngosuku lwayo lokuzalwa lwama-78, abangane bayo, umkhaya, nabanye ababeyifisela okuhle bahlangana ukuze bayihalalisele. Enkulumweni, lenkosi yakhetha isihloko esingavamile ukuze ixoxe ngaso kulesisenzakalo. Yakhuluma ngemibono yayo ngokuphila ngemva kokufa.
Yathi ngalé kwethuna “kunezwe elisha elingenakho ukukhohlisa, umhawu nobugovu.” Yalichaza njengezwe “elimbozwe imfihlakalo,” okuhlala kulo abalungile kuphela, abasebenzelana noNkulunkulu.
Izinkolelo ezinjalo zivamile kubantu kulo lonke elase-Afrika. Ngokwenkolo engokwesiko yase-Afrika, ukufa akukhona ukuphela kokuphila kodwa kumane kuwukuguqulwa, ukudlulela ekuphileni endaweni yemimoya. Lapho umuntu efa kuthiwa uwelele ngaphesheya ezweni elingabonakali esuka kwelibonakalayo. Njengomoya, lomuntu ungena endaweni okuhlala kuyo okhokho bakhe.
Abantu abaningi baseNtshonalanga Afrika bakholelwa ukuthi okhokho, noma imimoya yokhokho, iqinisekisa inhlalakahle yemikhaya yabo emhlabeni. Incwadi i-West African Traditional Religion ithi: “Awukho umehluko onamandla wethonya phakathi kwamalungu omphakathi aselapha emhlabeni, nalawo asezweni elingalé kokufa. Lapho beselapha emhlabeni, [okhokho] babengabadala emikhayeni yabo. Nakuba manje singasakwazi ukubabona, basengabadala ezweni lemimoya. Abayeki ukuba nesithakazelo enhlalakahleni yemikhaya yabo.”
Ngenxa yalokho, lenkosi esikhulile okukhulunywe ngayo ekuqaleni yayilindele ukuhlangana nokhokho bayo futhi isebenze nabo endaweni yemimoya. Yathi: “Nginenkolelo enamandla yokuphila ngemva kokufa nokuthi kungenzeka ngiqhubeke ngikhonza—ngisho nangemva kokufa.”
Nokho, ngenxa yalokho lenkosi eyakusho ngokulandelayo, iphephandaba i-Sunday Times lasikisela ukuthi ‘yayibonakala ingaqinisekile ngokuphelele’ ngokuphathelene nokuphila ngalé kwethuna. Yatshela isixuku esasihlangene ukuthi yayizwile ngencwadi eyayikhuluma ngokuphila ngemva kokufa. Lenkosi yayisiyifune iminyaka emihlanu lencwadi. Yayikulangazelela kakhulu ukuyifunda kangangokuba yakhipha isamba esilinganiselwa ku-R5 500 esasizonikezwa noma ubani owayezoyilethela ikhophi.
Lenkosi yayingazikhulula enkathazweni ngokuya encwadini okulula ukuyithola. Incwadi etholakala kalula engakhiqizwa umuntu kodwa uMdali wabo bonke abantu. (1 Thesalonika 2:13) Leyoncwadi iBhayibheli. Ithini ngokuphila ngemva kokufa?