Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 6/15 kk. 28-31
  • Ukungashadi Ezikhathini Ezinzima Zezomnotho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukungashadi Ezikhathini Ezinzima Zezomnotho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sisebenzise Ngokunenzuzo Isimo Okuso
  • Bheka Uhlangothi Oluhle Lwezinto
  • Ingabe Ungayandisa Inkonzo Yakho?
  • Ukulondeka Kwesikhathi Esizayo
  • Iseluleko Esihlakaniphile Ngokungashadi Nokushada
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukuba Ongashadile Kodwa Ophelele Ngenxa Yenkonzo KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukungashadi—Umnyango Oholela Emsebenzini Ongenaziphazamiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukuba Ongashadile Futhi Waneliseke Enkonzweni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 6/15 kk. 28-31

Ukungashadi Ezikhathini Ezinzima Zezomnotho

“NGANGIFUNA ukushada lapho ngineminyaka engu-25 ubudala,” kusho uChuks, ohlala eNtshonalanga Afrika. “Kwakunentombazane ethile engangiyicabangela, futhi yayinesithakazelo kimi. Inkinga kwakuyimali. Ubaba nomfowethu omdala babengasebenzi, futhi abafowethu nodadewethu abancane babesesikoleni. Bonke babethembele kimi ukuba ngondle umkhaya. Khona-ke, okwenza izinto zaba zimbi kakhulu, abazali bami bagula, futhi lokho kwasho ukuthola imali eyengeziwe ukuze ngikhokhele izindleko zokwelapha.”

UChuks, uFakazi kaJehova, wayengafuni ukungenela umshado engakwazi ukondla umfazi. Wayewaqaphela amazwi kaPawulu akweyoku-1 Thimothewu 5:8: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”

“Ngazikhandla,” kuqhubeka uChuks, “kodwa imali yayinganele. Ngenxa yalokho, kwadingeka ukuba siwahlehlise ngokuphindaphindiwe amalungiselelo omshado wethu. Ekugcineni ngathola incwadi evela kulentombazane ithi othile uye wakhuluma noyise futhi wacela ukushada nayo. Uyise wavuma. Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kokufika kwencwadi yayo, umkhaya waba nomcimbi wesithembiso somshado.”

NjengoChuks, amadoda amaningi angamaKristu aye abona amalungiselelo emishado yawo eshabalala noma ehlehliswa ngenxa yezimo ezimbi zezomnotho. Emazweni amaningi, kunokuwa okukhulu kakhulu kwamandla omnotho. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe lase-Afrika ephakathi, amanani enyuka ngamaphesenti angu-8 319 ngonyaka owodwa! Kwamanye amazwe kunzima ukuthola imisebenzi. Futhi kaningi, imiholo mincane kakhulu kangangokuba kunzima ngomuntu ukuba azondle yena ngokwakhe, ingasaphathwa eyokondla umfazi nabantwana. Enye insizwa eNigeria yakhala ngokuthi umsebenzi wesikhathi esigcwele eyawunikezwa efektri ethile wawuholela u-R61 kuphela ngenyanga—imali engaphansi kweyokukhokhela ibhasi ukuya nokubuya endaweni yomsebenzi!

Abesifazane abaningi abangamaKristu angashadile nabo bathola ukuthi izinkinga zezomnotho zibhuntshisa amalungiselelo abo emishado. Ngokuvamile kumelwe basebenze ukuze bondle amalungu omkhaya. Amanye amadoda angashadile, ebona lesi simo, ayawushalazelela umshado, eqaphela ukuthi umuntu oshada engaphansi kwezimo ezinjalo kuyodingeka ahole ngokwanele ukuze angondli umfazi kuphela kodwa nabasekhweni. U-Ayo, oneziqu zaseyunivesithi, ulwa kanzima ukuze azondle, ondle unina, nabafowabo nodadewabo abancane. “Ngifuna ukushada,” ebubula, “kodwa lapho abanye bebona inqola [imithwalo yemfanelo engokwezimali] yami ende, bayangibalekela.”

Naphezu kwezinkinga ezingokwezimali, amaKristu amaningi angashadile azithola ecindezelwa izihlobo nabanye ukuba ashade futhi abe nezingane. Ngezinye izikhathi lokhu kucindezela kuba sesimweni sokubhuqwa. Ngokwesibonelo, kwezinye izingxenye ze-Afrika kuvamile ukuthi lapho ubingelela umuntu omdala umbuze ngenhlalakahle yomngane wakhe womshado nabantwana. Ngezinye izikhathi ukubingelela okunjalo kuyasetshenziswa ukuze kuhlekwe usulu abantu abangashadile. UJohn, oseminyakeni yawo-40, uthi: “Lapho abantu bengigcona futhi bethi, ‘Unjani umkakho?,’ ngiphendula ngokuthi, ‘Uyeza.’ Iqiniso liwukuthi, ngingaba kanjani nomfazi uma ngingenakukwazi ukumondla?”

Ngokuqondene noJohn nabanye abaningi abafana naye, lesisimo singafushaniswa ngalesi saga sesiYoruba: “Ukushada ngokushesha akuyona indaba okumelwe kuqhoshwe ngayo; inkinga isezindlekweni zokudla.”

Sisebenzise Ngokunenzuzo Isimo Okuso

Yeka indlela okulula ngayo ukucindezeleka lapho silangazelela okuthile okungafezeki. IzAga 13:12 zithi: “Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo.” Mhlawumbe lena indlela ozizwa ngayo uma ulangazelela ukushada kodwa ngenxa yezimali ungenakukwazi ukwenza kanjalo. Lokhu kungaba njalo ikakhulukazi uma uphakathi kwalabo umphostoli uPawulu abachaza ‘njengabashiswa inkanuko.’—1 Korinte 7:9.

Ukubhekana nalenkinga kungase kungabi lula, kodwa kunezinto ongazenza ukuze ukhuthazele futhi uthole ngisho nenjabulo esimweni okuso. UJesu Kristu, indoda engashadile, waqokomisa isimiso seBhayibheli esiwusizo esingakusiza ukuba unqobe ukudumazeka okubangelwa ithemba elilitshazisiwe. Wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Ungakusebenzisa lokhu ngokwenzela umkhaya wakini nabanye ebandleni izinto ezinhle. Mhlawumbe ungandisa nomsebenzi wakho enkonzweni yobuKristu. Uma uzigcina umatasa ngokugcwele ekupheni okungenabugovu, ungathola ukuthi ‘uyazinza enhliziyweni yakho, unegunya phezu kwentando yakho siqu.’—1 Korinte 7:37.

Enye indoda engashadile, umphostoli uPawulu, yabhala lesi siqondiso esiwusizo: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15, 16) AmaKristu amaningi angashadile aye ‘atholela imiphefumulo yawo ukuqabuleka’ ngokusebenzisa isikhathi sawo ukuze asondele kuJehova ngomthandazo, isifundo seZwi likaNkulunkulu, nokuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu. (Mathewu 11:28-30) Uma ukwenza lokhu, uyokwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nesimo sezomnotho esinzima. Kuyokusiza futhi ukuba ubonakalise ngisho nengokomoya eliphakeme, kukwenze ube indoda noma umfazi ongcono uma ekugcineni ushada.

Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova uyabanakekela bonke labo abamkhonzayo. Uyazazi izinkinga nobunzima obhekene nabo. UBaba wethu wasezulwini onothando uyazi nokuthi yini engcono kakhulu ngawe ngombono wesikhathi eside, kokubili ngokomoya nangokomzwelo. Uma ngokubekezela usebenzisa izimiso zeZwi lakhe ekuphileni kwakho kwansuku zonke, ungaqiniseka ukuthi uyoletha impumuzo ngesikhathi sakhe esifanele futhi anelise izidingo nezifiso zakho ukuze uzuze phakade. IBhayibheli liyaqinisekisa: “[UJehova] akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.”—IHubo 84:11.

Bheka Uhlangothi Oluhle Lwezinto

Khumbula futhi ukuthi kunezinzuzo ezingenakungatshazwa zokuba ongashadile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Onikela ngobumsulwa bakhe bobulili emshadweni wenza kahle, kodwa lowo onganikeli ngabo emshadweni uyokwenza kangcono.”—1 Korinte 7:38.

Kungani ukungashadi ‘kungcono’ kunokushada? UPawulu wachaza: “Indoda engashadile ikhathazeka ngezinto zeNkosi, ukuthi ingakuthola kanjani ukwamukelwa yiNkosi. Kodwa indoda eshadile ikhathazeka ngezinto zezwe, ukuthi ingakuthola kanjani ukwamukelwa umkayo, futhi ihlukene phakathi. Futhi, owesifazane ongashadile, nomsulwa ngokobulili, ukhathazeka ngezinto zeNkosi, ukuze abe ngcwele kokubili emzimbeni wakhe nasemoyeni wakhe. Nokho, owesifazane oshadile ukhathazeka ngezinto zezwe, ukuthi angakuthola kanjani ukwamukelwa umyeni wakhe.”—1 Korinte 7:32-34.

Ngamanye amazwi, amaKristu ashadile akhathazeka ngokufanelekile ngezidingo zabangane bawo bomshado, abakuthandayo nabangakuthandi. Kodwa amaKristu angashadile angagxila kakhulu enkonzweni kaJehova. Uma eqhathaniswa nalawo ashadile, amaKristu angashadile asesimweni esingcono ‘sokukhonza iNkosi njalo ngaphandle kokuthikamezeka.’—1 Korinte 7:35.

UPawulu akasho ukuthi umKristu ongashadile akanazo izithikamezo. Uma usindwa izinkinga zezomnotho, ungase ube nomuzwa wokuthi kunezinto eziningi ezikusongela ngokukuthikameza enkonzweni yakho. Noma kunjalo, inkululeko yomuntu siqu yokukhonza uNkulunkulu ngokuvamile inkulu endodeni noma kowesifazane ongashadile kunokuba kunjalo ngabashadile.

Nakuba etusa ukungashadi njengenkambo engcono, umphostoli uPawulu akazange athi akulungile ukushada. Wabhala: “Ngisho noma ungashada, uyobe awenzi isono.” Nokho, waxwayisa: “Labo abashadayo bayoba nosizi enyameni.”—1 Korinte 7:28.

Wayesho ukuthini ngalokho? Umshado uletha izinkathazo ezithile. Ezikhathini ezinzima zezomnotho, usizi olunjalo lungahlanganisa ukukhathazeka kukababa ngokondla umfazi wakhe nezingane. Ukugula nakho kungaletha eminye imithwalo enzima engokwezimali nengokomzwelo emkhayeni.

Ngakho nakuba isimo sakho singase singabi yilokho okufunayo, ungase ube sesimweni esingcono kunokuba bekuyoba njalo uma ubushadile futhi unomthwalo wemfanelo wokondla izingane. Izinkinga obhekana nazo manje zingezesikhashana; ziyoqedwa esimisweni esisha sikaNkulunkulu—futhi mhlawumbe ezinye ziyoqedwa ngokushesha.—Qhathanisa neHubo 145:16.

Ingabe Ungayandisa Inkonzo Yakho?

Nakuba kungebona bonke abangenza kanjalo, abanye baye bakwazi ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele naphezu kwezinkinga ezingokwezimali. UChuks, okukhulunye ngaye ekuqaleni, wayethenga futhi athengise izincwadi nezinto zokubhala ukuze ondle umkhaya wakubo. Cishe ngesikhathi amalungiselelo omshado wakhe onakala ngaso, wathola incwadi emmemela ukuba azokwenza umsebenzi wokwakha wesikhashana ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society lendawo. Ekhathazeke ngemali, umfowabo omdala akazange amkhuthaze ukuba ahambe. Nokho, uChuks wazitshela ukuthi uJehova wayemsizile ukuba amise ibhizinisi lakhe elithengisa izincwadi nezinto zokubhala, ngakho kufanele abeke izithakazelo zoMbuso kuqala futhi athembele emandleni kaNkulunkulu okondla. (Mathewu 6:25-34) Ngaphandle kwalokho, wacabanga, kumane nje kuyinkathi yezinyanga ezintathu kuphela.

UChuks wasamukela isimemo futhi wadlulisela ibhizinisi kumfowabo. Eminyakeni eyisithupha kamuva, uChuks usesenkonzweni yesikhathi esigcwele, ungumdala ebandleni lobuKristu, futhi ukulungele ngokwezimali ukushada. Ingabe uyazisola ngendlela izinto eziye zenzeka ngayo ekuphileni kwakhe? UChuks uthi: “Ngazizwa ngidumazekile lapho ngihluleka ukushada ngesikhathi engangifuna ukushada ngaso, kodwa ngempela izinto ziye zangihambela kahle ekugcineni. Ngiye ngaba nenjabulo namalungelo amaningi enkonzo cishe engangingenakuwajabulela ukube ngangishade ngaleso sikhathi futhi ngaba nomkhaya.”

Ukulondeka Kwesikhathi Esizayo

Ezikhathini ezinzima abaningi bafuna ukulondeka kwasemshadweni njengesivikelo ezinkingeni ezingokwezimali zesikhathi esizayo. Amanye amazwe, asindwa izikweleti, anikeza usizo oluncane noma awalunikezi nhlobo kwasebekhulile. Ngakho abazali bahlala bethembele emikhayeni yabo, ikakhulukazi ezinganeni zabo, ukuba zibondle lapho sebegugile. Ngenxa yalokho, amadoda nabesilisa abangashadile ngokuvamile bayaphoqeleka ukuba bashade futhi babe nezingane, ngisho nalapho isimo sabo esingokwezimali sibucayi.

Kodwa umshado nokuzala abantwana akusona isiqinisekiso sokulondeka. Ezinye izingane zezwe azizimisele ukunakekela abazali asebekhulile, ezinye azikwazi ukwenza kanjalo, kuyilapho ezinye zifa ngaphambi kokufa kwabazali bazo. AmaKristu abheka ukulondeka ngokuyinhloko kwenye indawo, eqaphela isithembiso sikaNkulunkulu: “Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.”—Heberu 13:5.

Labo abaye bahlehlisa umshado ukuze bakhonze uJehova isikhathi esigcwele abazange balahlwe. UChristiana akashadile futhi uneminyaka engu-32 ubudala. Usekhonze njengephayona elivamile eNigeria iminyaka engu-9 edlule. Uthi: “Ngithembela kuJehova, osiqinisekisa ngokuthi akasoze azilahla izinceku zakhe. Isithembiso sakhe siyithemba lami. UJehova uyanginakekela ngokomoya nangokwezinto ezibonakalayo. Uye wazibonakalisa enguBaba ophanayo. Ngokwesibonelo, ngathutha ukuze ngiyophayona endaweni lapho kwakunendingeko enkulu khona yoFakazi. Nakuba kungekho ukunethezeka okungako lapho, ngiye ngafunda ukubhekana naleso simo. Lapho ngilaliswa esibhedlela ngenxa ye-typhus, abazalwane basebandleni engangikhonza kulo ngaphambili bahlangana ukuze banginakekele.

“Nganeliseke kakhulu ngenkonzo yesikhathi esigcwele. Ngiyibheka njengelungelo elikhulu lokusebenza noMdali wendawo yonke kanye nabazalwane nodade abaningi kangaka emhlabeni wonke. Ngibona intsha eningi ekhungathekile nengenathemba ngenxa yezinto ezenzeka kuyo. Kimina, ukuphila kwami kunenjongo; ngibheka esikhathini esizayo ngethemba. Ngiyazi ukuthi ukusondelana noJehova kuyikhambi elingcono kakhulu ezinkingeni esibhekana nazo namuhla.”

Uma ulangazelela ukushada kodwa ungenakukwazi ngenxa yezinkinga zezomnotho, ungadumazeki! Awuwedwa. Kunabaningi abakhuthazelela uvivinyo olufanayo ngosizo lukaJehova. Sisebenzise ngokunenzuzo isimo okuso ngokuzikhandla ekwenzeleni abanye izinto ezinhle nangokuthuthukisa ingokomoya lakho. Sondela kuNkulunkulu; uzokusiza ngoba ukukhathalela ngempela.—1 Petru 5:7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela