Imivuzo Yokuphikelela
WAYENGOWESIFAZANE ongumGreki owayehlala eFenike ngonyaka ka-32 C.E. Indodakazi yakhe yayigula ibangwa nezibi, futhi lona wesifazane wayekhathazeke kakhulu efuna ikhambi. Lapho ezwa ngomfokazi owayevakashele esifundeni ayehlala kuso—isihambi esasinedumela lokuba namandla okuphulukisa abagulayo—wayezimisele ukumbona futhi acele usizo lwakhe.
Lapho ehlangana naye, waguqa ngamadolo, enxusa: “Yiba nesihe kimi, Nkosi, Ndodana kaDavide. Indodakazi yami ikhwelwe kabi idemoni.” Ngaleyo ndlela, lona wesifazane ongumGreki wanxusa uJesu ukuba aphulukise indodakazi yakhe.
Ungacabanga yini ngesibindi nokuthobeka lona wesifazane ayekudinga ukuze enze lokhu? UJesu wayengumuntu onegunya enamandla nedumela elithile, futhi wayekwenze kwaziwa ngaphambili ukuthi wayengafuni ukuba noma ubani azi ukuthi wayekuphi. Wayethathe abaphostoli bakhe waya nabo eFenike ukuze bathole ukuphumula ababekudinga, hhayi ngenjongo yokusebenza phakathi kwabeZizwe abangakholwa. Ngaphezu kwalokho, uJesu wayengumJuda futhi lona wesifazane engoweZizwe, futhi ngokungangabazeki wayeyazi indlela amaJuda ayekuzonda ngayo ukuzihlanganisa nabantu bezizwe abeyiswayo. Noma kunjalo, wayezimisele ngokuqinile ukutholela indodakazi yakhe ikhambi.
UJesu nabaphostoli bakhe bazama ukuyekisa lona wesifazane ukucela usizo ngaleso sikhathi. Ekuqaleni, uJesu akazange athi vú kuye. Khona-ke, ngenxa yokukhala kwakhe ngokuphindaphindiwe, ephikelela, abaphostoli sebethukuthele batshela uJesu: “Mmukise; ngoba ulokhu ekhamuluka ngemva kwethu.”
Kodwa akadelanga noma sebenqabile. Kunalokho, wakhothama ngasezinyaweni zikaJesu, ethi: “Nkosi, ngisize!”
Eveza umthwalo wakhe wemfanelo anawo ngokuyinhloko emadodaneni akwa-Israyeli, futhi ngesikhathi esifanayo, evivinya ukholo lwakhe nokuzimisela, ngesihawu uJesu wamchazela: “Akulungile ukuthatha isinkwa sabantwana [bakwa-Israyeli] usiphonse ezinjaneni [abeZizwe].”
Kunokuba acunulwe yilokhu kukhulunyelwa kabi kohlanga lwakubo, ngokuthobeka waphikelela esicelweni sakhe ephendula: “Yebo, Nkosi; kodwa empeleni izinjana zidla izimvuthuluka eziwa etafuleni lamakhosi azo.”
UJesu wavuza ukuphikelela kwalona wesifazane ongumGreki ngokutusa ukholo lwakhe nokwenza ngokuvumelana nokunxusa kwakhe. Cabanga ngenjabulo yakhe lapho ephindela ekhaya futhi ethola indodakazi yakhe iphulukiswe ngokuphelele!—Mathewu 15:21-28; Marku 7:24-30.
Njengalowo wesifazane wekhulu lokuqala, kudingeka siphikelele emizamweni yethu yokuthokozisa uJehova futhi sizuze umusa wakhe. Njengasendabeni yowesifazane ongumGreki, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ukuphikelela kwethu ‘ekwenzeni okuhle’ kuyovuzwa.—Galathiya 6:9.
Kuyini ukuphikelela? Kungani kudingeka? Iziphi izici ezingasilahlekisela lemfanelo, zisenze siyeke? Imiphi imivuzo esingalindela ukuyithola uma manje siphikelela ekukhonzeni uMdali noBaba wethu, uJehova?
Esinye isichazamazwi sichaza igama elithi “phikelela” ngokuthi “ukubambelela ngokuqinile nangokungayeki enjongweni ethile, isimo, noma umsebenzi, naphezu kwezihibe, izixwayiso, noma izithiyo. . . . ukuqhubeka ukhona; ukuhlala isikhathi eside.”
Ngokuphindaphindiwe iBhayibheli likhuthaza izinceku zikaJehova ukuba ziphikelele ekwenzeni intando yakhe. Ngokwesibonelo, sitshelwa ukuba ‘siqhubeke sifuna kuqala umbuso,’ ‘sibambelele siqinise kokuhle,’ ‘siphikelele emthandazweni,’ futhi ‘singakhathali’ ekwenzeni okuhle.—Mathewu 6:33; 1 Thesalonika 5:21; Roma 12:12; Galathiya 6:9.
Ezindabeni zokuphila kwansuku zonke, ukuphikelela kuyimfanelo sonke okumelwe sibe nayo futhi siyihlakulele ukuze siphile. Ngaphandle kwayo akukho lutho olubaluleke ngempela, noluhlala njalo esiyolufinyelela. Cabangela isibonelo somntwana ozama ukuma athathe izinyathelo zakhe zokuqala eyenda. Akuvamile ukuba usana lufunde ukuma nokuhamba ngokukhululeka ngosuku olulodwa. Lapho sisengabantwana, cishe sonke siye sazama futhi sahluleka izikhathi eziningi ngaphambi kokuba ekugcineni sifinyelele isilinganiso esithile sempumelelo ekuhambeni. Bekuyokwenzekani uma, lapho siwa okokuqala, sanquma ukuyeka ukuzama? Mhlawumbe ngabe sisakhasa ngamadolo nezandla namanje! Ukuphikelela kubalulekile ukuze sifinyelele imigomo efanele futhi sizuze amakhono athuthukisiwe nokuzihlonipha okuhambisana nakho. Njengoba isisho esivamile sisho, “Inja iyawaqeda amanzi ngolimi.”
Amaphayona asenesikhathi eside ayaqaphela ukuthi impumelelo ayixhomekile emandleni noma emakhonweni akhethekile. Kudinga ukunamathela, ukuzimisela ukwenza intando kaJehova ngokugcwele, nesibindi lapho sibhekene nezithiyo zesikhashana, ngisho nokucindezeleka okukhulu. Umgomo wokuhlanganyela ezibusisweni zikaNkulunkulu phakade kumelwe ugcinwe ukhanya.
Yebo, thina sonke esifuna ukuzuza umusa kaJehova futhi esifuna ukunqoba emncintiswaneni wokuphila kudingeka siphikelele, siqinisele, futhi sikhuthazele. Ngaphandle kwalezi zimfanelo, cishe singase silahlekelwe umusa kaJehova nomvuzo wokuphila kwangempela.—IHubo 18:20; Mathewu 24:13; 1 Thimothewu 6:18, 19.
Ngokuvamile kunzima kakhulu ukuba umKristu aphikelele emisebenzini yakhe engokomoya kunakwezinye izibopho zakhe. Umuntu angase aqhubeke esebenza ngenkuthalo emsebenzini wokuziphilisa ukuze anakekele izidingo zezinto ezibonakalayo zomkhaya wakhe, kodwa angase ‘akhathale kakhulu’ ukuba aqhube isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nomkakhe nezingane. Iziphi izici ezenza ukuphikelela emisebenzini yobuKristu kube nzima kangaka kwabaningi?
Esinye isici ukudumazeka, okubangelwa ukuhluleka kwethu nobuthakathaka bethu siqu. Uma sicabanga njalo ngamaphutha ethu, singase sidangale futhi siyeke, sibe nomuzwa wokuthi uJehova akasoze athethelela zonke izono zethu.
Esinye isici umoya wezwe wokuziphatha okubi, ukonakala, nenzondo. (1 Johane 2:15, 16) Omunye ‘wemikhuba enosizo’ ithonya lezwe elingawonakalisa ukuphikelela kobuKristu.—1 Korinte 15:33.
Ukuphikelela kwethu emsebenzini wokushumayela kungenziwa buthaka ukuphikisa noma ukungayinaki komphakathi inkonzo yethu engcwele. Ngenxa yokukhungatheka, singase siphethe ngokuthi abantu abasensimini yethu abalifuni iqiniso. Lokhu kungasibangela ukuba sibuze, ‘Pho, kusiza ngani?’ bese siyeka ilungelo lethu elikhethekile lenkonzo yokuba izikhonzi.
Singathonywa nawumoya wezwe wokuzitika. Kungani kufanele sizikhandle futhi sidele okuningi kangaka kuyilapho abanye abantu bebonakala benethezekile noma bethatha izinto kalula?—Qhathanisa noMathewu 16:23, 24.
Ukuze siphikelele ekwenzeni intando kaJehova, kudingeka sigqoke ubuntu bobuKristu futhi siphile ngomoya, hhayi ngenyama. (Roma 8:4-8; Kolose 3:10, 12, 14) Ukuba nombono kaJehova ngendaba kuyosenza sikwazi ukuqhubeka nemisebenzi yethu ebalulekile engokomoya.—1 Korinte 16:13.
Izibonelo Zokuphikelela
UJehova usinikeze izibonelo eziningi ezikhuthazayo zezinceku eziye zahlala ziqotho futhi zithembekile kuye phakathi novivinyo oluningi olunzima. Lapho sizifunda, sibona indlela esingathuthukisa futhi sibonakalise ngayo ukuphikelela kobuKristu nokuthi kungani kubaluleke kangaka.
Isibonelo esikhulu kunazo zonke uJesu, owahlupheka kakhulu ukuze akhazimulise igama likaJehova. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sizifunde ngokucophelela izenzo zakhe zokuzinikezela okuphikelelayo: “Ngakho-ke, ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisihaqile, nathi masilahleni konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu, njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu. Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Ngempela, cabangisisani ngalowo okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo ngokumelene nezinzuzo zazo siqu, ukuze ningakhathali futhi niphele amandla emiphefumulweni yenu.”—Heberu 12:1-3.
Umncintiswano wokuphila uyibanga elide kakhulu, awulona ibanga elifushane, ongaligijima ngokushesha. Kungakho sidinga ukuphikelela okufana nokukaKristu. Umgomo, ungase ungabonakali engxenyeni enkulu yomncintiswano. Lomgomo kumelwe ukhanye ezingqondweni zethu ukuze ngezingqondo siwufinyelele phakathi nalo lonke uhambo, olufuna ukuzikhandla. UJesu wayenombono onjalo phambi kwakhe, okungukuthi, ‘injabulo eyayibekwe phambi kwakhe.’
Yini ehlanganiswe kulenjabulo eyotholwa amaKristu namuhla? Phakathi kokunye, umvuzo wokuphila okungenakufa ezulwini ngabambalwa nokuphila okumi phakade emhlabeni ngabaningi. Futhi, kuwumuzwa wokwaneliseka obangelwa ukwazi komuntu ukuthi uthokozise inhliziyo kaJehova futhi waba nengxenye ekungcwelisweni kwegama likaNkulunkulu.—IzAga 27:11; Johane 17:4.
Okuhlanganisiwe kulenjabulo ubuhlobo obuseduze, obujabulisayo noJehova. (IHubo 40:8; Johane 4:34) Lobo buhlobo bunikeza futhi bulondoloze ukuphila, bunikeze umuntu amandla okugijima kulomncintiswano ngokukhuthazela futhi angayeki. Ngaphezu kwalokho, uJehova ubusisa lobo buhlobo ngokuthululela umoya wakhe ongcwele ezincekwini zakhe, okuphumela ekwandeni kwenjabulo nomsebenzi ojabulisayo.—Roma 12:11; Galathiya 5:22.
Ukucabangela isibonelo sikaJobe sokholo oluphikelelayo kuyazuzisa. Wayengaphelele futhi engasazi kahle isimo sakhe ngokuphathelene nesimo ayekuso. Ngakho ngezinye izikhathi, wayeba nesimo sengqondo sokuzithethelela nokuphelelwa ithemba. Nokho, wayekubonisa ngokungaguquki ukuzimisela okuqinile kokugcina ubuqotho bakhe kuJehova futhi angalokothi amshiye. (Jobe 1:20-22; 2:9, 10; 27:2-6) UJehova wamvuza uJobe ngokuzinikezela kwakhe okuphikelelayo, emnikeza izibusiso ezingokomoya nezezinto ezibonakalayo nethemba lokuphila okumi phakade. (Jobe 42:10-17; Jakobe 5:10, 11) NjengoJobe, singase sihlangabezane nokuhlupheka nokulahlekelwa okukhulu ekuphileni kwethu manje, kodwa futhi singaqiniseka ukuthi siyobusiswa uJehova ngenxa yokukhuthazela kwethu kokwethembeka.—Heberu 6:10-12.
Ezikhathini zanamuhla, oFakazi BakaJehova njengeqembu baye babonakalisa ukuphikelela kobuKristu ekwenzeni intando kaJehova. Ngokwesibonelo, ukuphikelela kwabo emsebenzini wendlu ngendlu nokunye ukushumayela kwasobala kuye kwenza ukuba kuqashelwe bona kanye nesigijimi sabo emhlabeni wonke. Imithombo yezindaba iye yaphawula kaningi ngentshiseko yabo nokuzimisela ukushumayela izindaba ezinhle naphezu kokuphikiswa novivinyo. Omunye wayo waze washicilela ngisho nalomusho, “Akekho ongabalekela oFakazi BakaJehova!”—Mathewu 5:16.
UJehova uye wayibusisa imizamo yokuphikelela yoFakazi bakhe ngezithelo ezengeziwe enkonzweni. Phawula okuhlangenwe nakho kwabanye oFakazi abanamasu e-Italy emuva ngawo-1960 lapho kwakusenoFakazi abacishe babe ngu-10 000 ababeshumayela ezweni elinabantu abangaphezu kuka-53 000 000. Kwelinye idolobha elinabantu abangu-6 000, babengekho oFakazi. Inkonzo yabazalwane ababevakashile ayizange yamukelwe kahle.
Isikhathi ngasinye lapho labazalwane beyoshumayela lapho, iningi labesifazane, ngisho nabesilisa bakuleli dolobha, babeqoqela abafana ndawonye bese bebakhuthaza ukuba balandele oFakazi, babashayele amakhwelo futhi babange umsindo omkhulu. Ngemva kwesikhashana kwenzeka lokhu, abazalwane babephoqeleka ukuba bahambe baye kwelinye idolobha. Bezama ukunikeza okungenani ubufakazi obubodwa obuphelele kuzo zonke izakhamuzi zakuleli dolobha, abazalwane banquma ukushumayela lapho ngezinsuku izulu elalina kakhulu ngazo kuphela, benethemba lokuthi babengeke bakhathazwe yilentsha. Baphawula ukuthi abantu bakuleli dolobha babengazimisele ukunethwa ukuze nje baphazamise abamemezeli. Ngalendlela kwanikezwa ubufakazi obuhle. Kwatholwa abantu abathakazelayo. Kwaqalwa izifundo zeBhayibheli ezintsha. Ngenxa yalokho, akuzange kugcine ngokumiswa kwebandla elichumayo nje kuphela kulelo dolobhana kodwa umsebenzi wokushumayela waqala ukwenziwa ngisho nangezinsuku ilanga elalibalele ngazo. UJehova uye waqhubeka ebusisa ukuphikelela koFakazi bakhe kuleyo ndawo nakulo lonke elase-Italy. Manje kunoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-200 000 kulelozwe.
Imivuzo yokuphikelela ekwenzeni okulungile mikhulu. Ngamandla omoya kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova baye bakwazi ukwenza isenzo esikhulu emlandweni womuntu, esokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kubantu abaningi, emakhaya nangezinye izindlela. (Zakariya 4:6) Ngenjabulo baye babona isiprofetho seBhayibheli sigcwaliseka ekwandeni nasentuthukweni emangalisayo yenhlangano kaJehova yasemhlabeni. (Isaya 54:2; 60:22) Banonembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu, futhi bajabulela ithemba lokuphila okumi phakade. Ngaphezu kwakho konke, bajabulela ubuhlobo obuseduze noMdali, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 11:7.
[Izithombe ekhasini 25]
UJesu wavuza ukuphikelela ngokuthobeka kwalona wesifazane ongumGreki
[Isithombe ekhasini 26]
Ukuphila ePharadesi kuhlanganisiwe enjabulweni ebekelwe amaKristu namuhla