Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 8/15 kk. 3-4
  • Ungaqhubeka Kanjani Uphila Endaweni Eyingozi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaqhubeka Kanjani Uphila Endaweni Eyingozi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulondoloza Isimo Sengqondo Esiqondile
  • Ukwehluleka Ukulwa Nobugebengu
    I-Phaphama!—1998
  • Lapho Ubugebengu Babungekho
    I-Phaphama!—1998
  • Kungani Abaningi Kangaka Bephila Ngokwesaba?
    I-Phaphama!—2005
  • Ukulwela Ukuqeda Ubugebengu
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 8/15 kk. 3-4

Ungaqhubeka Kanjani Uphila Endaweni Eyingozi?

“NGANGIHLALA ngethukile. Ekheshini ngangisaba. Emotweni yami ngangisaba. Endlini yami ngangisaba. Kwakunobugebengu yonke indawo. Abantu babephangwa njalo,” kusho uMaria. Ingabe uzizwa njengalona wesifazane waseBrazil, uzizwa usaba endaweni yakini, ikakhulukazi ebusuku lapho kumnyama?

Ukufunda izindaba ezikhuluma ngabaseshi kungase kujabulise, kodwa ngokuvamile ekuphileni kwangempela akubi nesiphetho esihle. Ubugebengu obuthile bungase buhlale bungaxazululiwe. Noma ezindabeni zokubulala, othile kumelwe aqhubeke ephila engasenamyeni, uyise, noma indodana, engasenamfazi, unina, noma indodakazi. Ingabe ubugebengu obunobudlova buyanda endaweni yakini? Ingabe ulangazelela indawo ethulile lapho umkhaya wakho uyolondeka khona? Noma, uma uphoqelekile ukuba ukhulisele izingane zakho endaweni ekhungethwe ubugebengu, yini ongayenza ukuze uqhubeke uphila?

Kuyavunywa, asekhona amadolobha lapho kunobugebengu obuncane khona. Emazweni amaningi, abantu basahlala emaphandleni anokuthula noma emadolobhaneni athokomele. Kodwa izinto zishintsha ngokushesha ngisho nasezindaweni ngaphambili ebezibhekwa njengezingenabugebengu. Ngokwesibonelo, eBrazil eminyakeni engu-50 edlule, amaphesenti angu-70 enani labantu ayehlala emaphandleni. Manje amaphesenti angu-70 ahlala emadolobheni. Amathuba emisebenzi aye afika kanye nokwanda kwezinkinga zasemadolobheni, njengobugebengu nobudlova. Kungakhathaliseki ukuthi uhlala endaweni eyingozi noma cha, kusamelwe ukuba uye emsebenzini noma esikoleni futhi wenze izinto eziningi ungekho ekhaya.

Evuma ukuba khona ‘kwesifo sokwethuka’ esidlangile, umphathi wamaphoyisa eRio de Janeiro ukhomba ukungabi nabulungisa komphakathi nobugebengu obuhleliwe njengezici eziyizimbangela. Futhi unomuzwa wokuthi amaphephandaba nethelevishini kunengxenye ekwesabeni okusakazekile, njengoba “kuthonya umoya womphakathi ngezindaba ezihlasimulisayo.” Ukuba umlutha wezidakamizwa, ukuwohloka kwemikhaya, nemfundo eyiphutha engokwenkolo nakho kunengxenye ekubeni khona kokungabi namthetho okwandayo. Yini-ke ikusasa eliyoyiletha? Ingabe ukondliwa ngokuqhubekayo ngezigcawu ezinobudlova, ezithathwa njengeziyize ezincwadini nakumafilimu ngokubizwa ngokuthi ukuzijabulisa, kuyobangela ukuba abantu bangabi naluzwela kwabanye? Ingabe izindawo ezibhekwa njengezingenabugebengu nazo ziyoba yingozi?

Njengoba ubudlova bungewona umdlalo kulowo oyisisulu sabo, sinesifiso esinamandla sokulondeka. Akumangalisi ukuthi izakhamuzi ezikhathazekile zifuna kube namaphoyisa engeziwe emigwaqweni nezigwebo zasejele eziqine kakhudlwana noma ngisho nokujeziswa ngokubulawa! Naphezu kwamathuba ezingozi, abanye bazitholela izibhamu ukuze bazivikele. Abanye bafuna ukuba iziphathimandla zibeke imingcele ekuthengisweni kwezibhamu. Kodwa naphezu kwezindaba ezimbi zokuthi ubugebengu bugcwele yonke indawo, asikho isidingo sokuphelelwa yithemba. Eqinisweni, abantu abaningi abahlala emadolobheni amakhulu njengeGoli, iMexico City, iNew York, iRio de Janeiro, neSão Paulo abakaze baphangwe. Ake sihlole indlela abantu ababhekana ngayo nesimo endaweni eyingozi.

Ukulondoloza Isimo Sengqondo Esiqondile

Ngokuphathelene nendawo ethile ekhungethwe ubugebengu, omunye umlobi ukhuluma ‘ngobuhlakani nokuphikelela kwezinkulungwane zabantu baseBrazil abaye bazakhela isithunzi nokuhlonipheka okuthile naphezu kwalezi zimo zokuphila ezinokhahlo.’ Ngemva kweminyaka engu-38 eseRio de Janeiro, uJorge uthi: “Ngiyayigwema imigwaqo nezindawo ezithile futhi ngingabonisi lukuluku lokwazi. Ngiyakugwema nokuba semigwaqweni ebusuku kakhulu futhi ngingabonisi ukwesaba ngokweqile. Nakuba ngiqapha, abantu ngibabheka njengokungathi bathembekile, ngibaphatha ngesizotha nangenhlonipho.”

Yebo, gwema inkathazo engadingekile. Ungazifaki ezindabeni zabanye. Ungalithathi kalula nanini iqiniso lokuthi ukwesaba okukhungathekisayo kungathonya imizwa, kwenze ngisho nabantu abaziphatha kahle benze ngokungenangqondo. Ngokuphathelene nomsebenzi wakhe osendaweni eyingozi, u-Odair uyaphawula: “Ngizama ukuba nombono oqondile, ngingagcwalisi ingqondo yami ngokwesaba izinto ezimbi ezingase zenzeke ngoba lokhu kubangela ukungakhululeki nokwethuka okungadingekile. Ngizama ukubonisa inhlonipho kubo bonke abantu.” Ngaphandle kokuqapha nokuzigcina ekude nabantu abasolekayo, unezela olunye usizo umuntu angalawula ngalo imizwa yakhe: “Ngaphezu kwakho konke, ngihlakulela ukwethembela kuJehova uNkulunkulu, ngikhumbula ukuthi akukho lutho angaluboni futhi noma yini eyenzekayo ivunyelwa nguye.”

Nokho, akekho othanda ukuhlala esaba. Ngaphezu kwalokho, ubani ongaphika ukuthi ukwesaba nokucindezeleka okweqile kuyayilimaza impilo engokomzwelo nengokomzimba? Ngakho-ke, kunaliphi ithemba ngalabo abesaba ukuthi bangase bahlaselwe nganoma isiphi isikhathi? Njengoba abaningi bekhathazeke ngokuthi kuseza ubugebengu obubi kakhulu, ingabe ubudlova buyoke buphele? Siyakumema ukuba ufunde isihloko esilandelayo, esithi “Kuyophela Nini Ukwesaba?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela