Isimemo Sothando Kwabakhatheleyo
“Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.”—MATHEWU 11:28.
1. Yini uJesu ayibona eGalile ohambweni lwakhe lwesithathu lokushumayela?
NGASEKUQALENI konyaka ka-32 C.E., uJesu wayesohambweni lwakhe lwesithathu lokushumayela esifundeni saseGalile. Wahamba imizi nemizana, “efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zombuso futhi elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.” Njengoba ayenza lokhu, wabona izixuku, futhi “wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundleke futhi zihlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.”—Mathewu 9:35, 36.
2. UJesu wabasiza kanjani abantu?
2 Nokho, uJesu akazange agcine nje ngokuzidabukela lezi zixuku. Ngemva kokuyaleza abafundi bakhe ukuba bathandaze ‘eNkosini yokuvuna,’ uJehova uNkulunkulu, wabathuma ukuba bayosiza abantu. (Mathewu 9:38; 10:1) Wabe eseqinisekisa abantu ngendlela yokuthola impumuzo nenduduzo yangempela. Wadlulisela kubo lesi simemo esijabulisayo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka.”—Mathewu 11:28, 29.
3. Kungani isimemo sikaJesu sikhanga ngokufanayo namuhla?
3 Namuhla siphila esikhathini lapho abaningi bezizwa bethwele kanzima futhi besindwa. (Roma 8:22; 2 Thimothewu 3:1) Kwabanye, ukuthola izidingo zokuphila nje kudla isikhathi sabo esiningi namandla baze bangabe besaba naso esokuba nemikhaya yabo, abangane, noma sanoma yini enye. Abaningi basindwa ukugula okukhulu, ukuhlupheka, ukucindezeleka, nezinye izinkinga zomzimba nezingokomzwelo. Ngokuzwa lokho kucindezeleka, abanye bazama ukuthola ukukhululeka ngokungena shí ekufuneni injabulo, ukuzitika ngokudla, uphuzo, ngisho nokusebenzisa kabi izidakamizwa. Yebo, lokhu kumane nje kwenze izinkinga zingapheli, kubalethele izinkinga nokucindezeleka okwengeziwe. (Roma 8:6) Ngokusobala, isimemo sikaJesu sothando sizwakala sikhanga namuhla njengoba sasinjalo emuva ngaleso sikhathi.
4. Yimiphi imibuzo okufanele siyicabangele ukuze sizuze esimemweni sikaJesu sothando?
4 Nokho, yini eyayicindezele abantu esikhathini sikaJesu, eyayibenza babonakale ‘bephundlekile futhi behlakazekile,’ eyashukumisa uJesu ukuba abe nesihawu ngabo? Yimiphi imithwalo okwakuye kwadingeka bayithwale, futhi isimemo sikaJesu sasizobasiza kanjani? Izimpendulo zalemibuzo zingasisiza kakhulu ukuba sizuze esimemweni sikaJesu sothando kwabakhatheleyo.
Labo ‘Abakhandlekayo Nabasindwayo’
5. Kungani kwakufaneleka ukuba umphostoli uMathewu abike ngalesi senzakalo enkonzweni kaJesu?
5 Kuyathakazelisa ukuthi uMathewu kuphela obika ngalesi senzakalo enkonzweni kaJesu. Njengoba ayengumthelisi, uMathewu, owayaziwa nangokuthi uLevi, wayejwayelene kahle nowodwa emithwalweni abantu ababeyithwele. (Mathewu 9:9; Marku 2:14) Incwadi ethi Daily Life in the Time of Jesus ithi: “Izintela [amaJuda okwakumelwe] azikhokhe ngemali nangezinye izindlela zazisinda ngokweqile, futhi zazisinda nakakhulu ngenxa yokuthi ayebhekene nezinhlobo ezimbili zezintela, izintela zombuso nezintela zenkolo; futhi ayikho eyayincane.”
6. (a) Sasinjani isimiso sentela esasisetshenziswa ngesikhathi sikaJesu? (b) Kungani abathelisi babenedumela elibi kangaka? (c) Yini uPawulu ezwa kunesidingo sokuba ayikhumbuze amaKristu ayenawo?
6 Okwakwenza konke lokhu kube umthwalo ngokukhethekile kwakuyisimiso sentela ngaleso sikhathi. Izikhulu zamaRoma zathatha amalungelo okuthelisa zawathengisela izifunda ezazizokhokha imali eyedlula eyezinye. Nazo, zaqasha abantu emiphakathini yendawo ukuba baqondise lomsebenzi wokuthelisa. Bonke kulesi simiso bazizwa benelungelo eligcwele lokunezela, noma lokuncozula emvuzweni wabo. Ngokwesibonelo, uLuka ubika ukuthi “kwakukhona indoda ebizwa ngegama elithi uZakewu; futhi yayingumthelisi omkhulu, futhi icebile.” (Luka 19:2) “Umthelisi omkhulu” uZakewu nalabo ayebaphethe ngokusobala baceba nakuba kwakusho ukuhlupheka kwabantu. Ukuxhaphaza nenkohlakalo eyayibangelwa isimiso esinjalo yenza abantu bahlanganisa abathelisi nezoni nezifebe, futhi cishe ezimweni eziningi kube kubafanele. (Mathewu 9:10; 21:31, 32; Marku 2:15; Luka 7:34) Njengoba abantu babesindwa cishe ngokungabekezeleleki, akumangalisi ukuthi umphostoli uPawulu wezwa kunesidingo sokukhumbuza amaKristu ayenawo ukuba angalicasukeli ijoka lamaRoma kodwa ‘anikeze bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela; lowo ofuna inkokhiso, inkokhiso.’—Roma 13:7a; qhathanisa noLuka 23:2.
7. Imithetho yamaRoma yokujezisa yanezela kanjani emthwalweni wabantu?
7 UPawulu futhi wakhumbuza amaKristu ukuba anikeze “lowo ofuna ukwesatshwa, ukwesaba okunjalo; lowo ofuna udumo, udumo olunjalo.” (Roma 13:7b) AmaRoma ayaziwa ngonya nemithetho yawo enzima yokujezisa. Ukubhaxabulwa, ukwebulwa ngesiswebhu, izigwebo zasejele ezinzima, nokubulala kwakuvame ukusetshenziswa ukuze kugcinwe abantu belawuleka. (Luka 23:32, 33; IzEnzo 22:24, 25) Ngisho nabaholi bamaJuda banikezwa igunya lokukhipha isijeziso esinjalo uma bebona kufanelekile. (Mathewu 10:17; IzEnzo 5:40) Isimiso esinjalo ngokuqinisekile sasisinda kakhulu, uma kungekhona ukuthi sasicindezela, kumuntu owayephila ngaphansi kwaso.
8. Abaholi benkolo babebathwesa kanjani abantu umthwalo?
8 Nokho, umthwalo abaholi benkolo bangaleso sikhathi ababewubeke phezu kwabantu abavamile wawunzima ukwedlula izintela nemithetho yamaRoma. Eqinisweni, kubonakala sengathi yilokho uJesu ayekhathazeke kakhulu ngakho lapho echaza abantu ‘njengabakhandlekayo nabasindwayo.’ UJesu wathi esikhundleni sokuba abaholi benkolo banikeze abantu abacindezelwe ithemba nenduduzo, “babopha imithwalo esindayo bayibeke phezu kwamahlombe abantu, kodwa bona ngokwabo abathandi ukuyinyakazisa nangomunwe wabo.” (Mathewu 23:4; Luka 11:46) Akekho ongahluleka ukubona indlela esobala abaholi benkolo—ikakhulukazi ababhali nabaFarisi—abavezwe ngayo emaVangelini njengeqembu eliqhoshayo, elinonya, nelinobuzenzisi. Babebabukela phansi abantu abavamile njengababengafundile nabangahlanzekile, futhi babebeyisa abantu bokufika ababephakathi kwabo. Incwadi yokuhlaziya eyaphawula ngesimo sabo sengqondo ithi: “Umuntu othwesa ihhashi umthwalo onzima kulezi zinsuku angamangalelwa kwabomthetho. Kuthiwani ngomuntu othwese ‘abantu bomhlaba’ abangaqeqeshiwe ngokwenkolo imiyalo engu-613; futhi wangenza lutho ukuze abasize, wabalahla njengabangenankulunkulu?” Yebo, umthwalo wangempela wawuyinqwaba yamasiko ayefumbelwe kubantu, hhayi uMthetho kaMose.
Imbangela Yangempela Yobunzima
9. Izimo zabantu besikhathi sikaJesu ziqhathaniseka kanjani nezosuku lweNkosi uSolomoni?
9 Ngezinye izikhathi umthwalo ongokwezimali owawuphezu kwabantu wawusinda, kangangokuba ubumpofu babusabalele. Ama-Israyeli kwakumelwe akhokhe izintela ezingezinkulu neze ezazimiswe uMthetho kaMose. Khona-ke phakathi nokubusa kukaSolomoni, abantu banakekela imisebenzi yesizwe ebiza kakhulu, njengokwakha ithempeli nezinye izakhiwo. (1 AmaKhosi 7:1-8; 9:17-19) Nokho, iBhayibheli lisitshela ukuthi abantu “[ba]bedla, bephuza, bejabula. . . . OJuda noIsrayeli bahlala belondekile, kwaba-yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube-seBeri-Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.” (1 AmaKhosi 4:20, 25) Yini eyabangela umehluko?
10. Sasibangelwa yini isimo sika-Israyeli ngekhulu lokuqala?
10 Lapho lesi sizwe simi siqinile ekukhulekeleni kweqiniso, sasijabulela umusa kaJehova futhi sasibusiswa ngokulondeka nokuchuma naphezu kwezindleko ezinkulu zesizwe. Nokho, uJehova waxwayisa ngokuthi uma ‘siyeka ukumlandela futhi singagcini imiyalo yakhe,’ sasiyobhekana noshintsho olukhulu. Eqinisweni, ‘uIsrayeli wayeyoba yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.’ (1 AmaKhosi 9:6, 7) Isimo saba njalo ngempela. U-Israyeli wabuswa ezinye izizwe, futhi umbuso owawuke waba nodumo waba ikoloni. Yeka umvuzo wokudebeselela izibopho zabo ezingokomoya!
11. Kungani uJesu aba nomuzwa wokuthi abantu ‘babephundleke futhi behlakazeke njengezimvu ezingenamalusi’?
11 Konke lokhu kusisiza ukuba siqonde ukuthi kungani uJesu aba nomuzwa wokuthi abantu ayebabona ‘babephundlekile futhi behlakazekile.’ Laba babengama-Israyeli, abantu bakaJehova, abaningi babo ababezama ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu nokuqhuba ukukhulekela kwabo ngendlela eyamukelekayo. Noma kunjalo, abaxhashazwanga futhi bacindezelwa amaqembu ezombangazwe nawezentengiselwano kuphela kodwa futhi nangabaholi benkolo abayizihlubuki ababephakathi kwabo. ‘Babenjengezimvu ezingenamalusi’ ngoba babengenabani owayezobanakekela noma abamele. Babedinga usizo ukuze babhekane nezimo ezazinzima kakhulu. Yeka ukuthi safika ngesikhathi kanjani isimemo sikaJesu sothando nobumnene!
Isimemo SikaJesu Namuhla
12. Yikuphi ukucindezeleka izinceku zikaNkulunkulu nabanye abantu abaqotho abakuzwayo namuhla?
12 Ngezindlela eziningi izinto zinjalo nanamuhla. Abantu abaqotho abazama ukuphila ngokwethembeka bathola ukuthi kunzima ukubekezelela ukucindezela nezimfuno zalesi simiso sezinto esonakele. Ngisho nalabo abanikezele ukuphila kwabo kuJehova, abagonyiwe. Imibiko ibonisa ukuthi abanye phakathi kwezinceku zikaJehova bathola ukuthi kuya kuba nzima ukufeza yonke imithwalo yabo yemfanelo, nakuba befuna ukwenze njalo. Bazizwa bethwele kanzima, bekhathele, becobekile. Abanye banomuzwa wokuthi kungabaphumuza ukumane bakhohlwe yiyo yonke into futhi banyamalalele endaweni ethile, ukuze bakwazi ukucabangisisa kahle. Wake wazizwa ngaleyo ndlela? Ingabe kunothile omaziyo oseduze nawe okuleso simo? Yebo, isimemo sikaJesu esijabulisayo sisho lukhulu kithi namuhla.
13. Kungani singaqiniseka ukuthi uJesu angasisiza sithole impumuzo nokuqabuleka?
13 Ngaphambi kokuba uJesu akhiphe isimemo sakhe sothando, wathi: “Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba, futhi akekho oyazi ngokugcwele iNdodana ngaphandle kukaYise, futhi akukho muntu omazi ngokugcwele uYise ngaphandle kweNdodana kanye nanoma ubani iNdodana ethanda ukumambula kuye.” (Mathewu 11:27) Ngenxa yalobu buhlobo obuseduze phakathi kukaJesu noYise, siyaqiniseka ukuthi ngokwamukela isimemo sikaJesu futhi sibe abafundi bakhe, singaba nobuhlobo obuseduze nobomuntu siqu noJehova, ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Korinte 1:3; qhathanisa noJohane 14:6.) Ngaphezu kwalokho, njengoba ‘zonke izinto zinikelwe kuye,’ uJesu Kristu kuphela onamandla negunya lokwenza imithwalo yethu ibe lula. Miphi? Leyo esiyithweswa izimiso ezonakele zezombangazwe, ezentengiselwano, nenkolo, kanye nomthwalo esiwuthweswa isono sethu esasizuza njengefa nokungapheleli. Yeka ukuthi lowo mbono ududuza futhi uqinisekise kangakanani, zisuka nje!
14. Yikuphi ukukhandleka uJesu angaletha ukuqabuleka ngenxa yakho?
14 UJesu waqhubeka wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.” (Mathewu 11:28) Ngokuqinisekile uJesu wayengakulahli ukusebenza ngenkuthalo, ngoba wayevame ukweluleka abafundi bakhe ukuba bazikhandle emsebenzini okwakumelwe bawenze. (Luka 13:24) Kodwa “ukukhandleka” (“ukushikashikeka,” Kingdom Interlinear) kusikisela umsebenzi odonsa isikhathi eside futhi okhathazayo, ngokuvamile ongenanzuzo. Futhi “ukusindwa” kunomqondo wokuthwala umthwalo ongalé kwamandla akho. Umehluko ungase ufaniswe nalowo ophakathi komuntu omba efuna amagugu afihliweyo nomba imisele ekamu lokujeziswa. Bobabili benza umsebenzi onzima ngendlela efanayo. Umsebenzi womunye wenziwa ngentshiseko, kodwa owalona omunye uwumsebenzi okhathazayo, ongapheli. Okubangela umehluko yinjongo yomsebenzi noma ukungabikho kwayo.
15. (a) Yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona uma sinomuzwa wokuthi sithwele umthwalo osindayo emahlombe ethu? (b) Yini engase ishiwo ngembangela yemithwalo yethu?
15 Ingabe unomuzwa wokuthi ‘uyakhandleka futhi uyasindwa,’ ukuthi kuningi kakhulu okufuna isikhathi namandla akho? Ingabe imithwalo oyithwele ibonakala ikusinda kakhulu? Uma kunjalo, kungase kusize ukuzibuza, ‘Ngikhandlekelani? Ngithwele hlobo luni lomthwalo?’ Kulokhu, umhlaziyi weBhayibheli waphawula eminyakeni engaphezu kwengu-80 edlule: “Uma sicabangela imithwalo yokuphila, iwela ezigabeni ezimbili; singase siyibize ngokuthi esizibangela yona nengenakugwemeka: ebangelwa yizenzo zethu, nengabangelwa yizo.” Wabe esenezela: “Ngemva kokuzihlolisisa, abaningi bethu bangamangala ukuthola ukuthi, emithwalweni yethu, miningi kangakanani esizibangela yona.”
16. Yimiphi imithwalo esingase sizithwese yona ngokungahlakaniphile?
16 Yimiphi eminye yemithwalo esingase sizithwese yona? Namuhla siphila ezweni elithanda izinto ezibonakalayo, injabulo, nelinokuziphatha okubi. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngisho namaKristu azinikezele ahlale ecindezelekile ukuba alandele izimfashini nezindlela zokuphila zezwe. Umphostoli uJohane wabhala ‘ngesifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngokokuziphilisa komuntu.’ (1 Johane 2:16) Lawa amathonya anamandla angasithinta kalula. Kuyaziwa ukuthi abanye baye bangaba nandaba nokungena shí ezikweletini ukuze bajabulele izinjabulo ezengeziwe zezwe noma balondoloze indlela ethile yokuphila. Khona-ke bathola ukuthi kumelwe bachithe isikhathi esiningi ngokweqile emsebenzini, noma baqashwe emisebenzini eminingana, ukuze bathole imali yokukhokhela izikweleti zabo.
17. Yisiphi isimo esingakwenza kube nzima nakakhulu ukuthwala umthwalo, futhi singalungiswa kanjani?
17 Nakuba umuntu engase acabange ukuthi akukhona okungalungile ukuba nalokho abanye abanakho noma ukwenza abakwenzayo, kubalulekile ukuhlaziya ukuthi akukhona yini ukunezela emthwalweni wakhe ngokungadingekile. (1 Korinte 10:23) Njengoba umuntu engathwala isilinganiso esithile kuphela, kukhona okumelwe akuyeke ukuze athathe omunye umthwalo. Ngokuvamile, izinto ezibalulekile enhlalakahleni yethu engokomoya—isifundo seBhayibheli somuntu siqu, ukuba khona emihlanganweni, nenkonzo yasensimini—yizo eziyekwa kuqala. Umphumela uba ukukhathala ngokomoya, okukwenza kube nzima nakakhulu ukuthwala lomthwalo. UJesu Kristu waxwayisa ngengozi enjalo lapho ethi: “Zinakeni ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, futhi ngokungazelelwe lolosuku lufike phezu kwenu ngaso lesosikhathi njengogibe.” (Luka 21:34, 35; Heberu 12:1) Kunzima ukubona ugibe futhi ulugweme uma uthwele kanzima futhi ukhathele.
Impumuzo Nokuqabuleka
18. Yini uJesu ayithembisa labo abeza kuye?
18 Ngakho-ke, ngothando uJesu wanikeza ikhambi: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke.” (Mathewu 11:28) Igama elithi “niqabuleke” lapha nelithi “ukuqabuleka” elisevesini 29 avela emagameni esiGreki ahambisana negama inguqulo i-Septuagint elisebenzisa ekuhumusheni igama lesiHeberu elisho “isabatha” noma “ukugcina isabatha.” (Eksodusi 16:23) Ngakho, uJesu akazange athembise ukuthi labo abeza kuye ngeke besasebenza, kodwa wathembisa ukuthi wayezobenza baqabuleke ukuze balungele umsebenzi okumelwe bawenze ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu.
19. Umuntu ‘uza kanjani kuJesu’?
19 Nokho, umuntu ‘uza kanjani kuJesu’? UJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Mathewu 16:24) Ngakho, ukuza kuJesu kusikisela ukudela komuntu intando yakhe siqu enze ekaNkulunkulu noKristu, amukele umthwalo wemfanelo othile, lokho akwenze ngokuqhubekayo. Ingabe konke lokhu kudinga okungaphezu kwamandla? Ingabe esikudelayo kukhulu kakhulu? Ake sicabangele lokho uJesu akusho ngemva kokuba edlulisele lesi simemo kwabakhatheleyo.
Ungakhumbula?
◻ Kungaziphi izindlela abantu bosuku lukaJesu babethwele kanzima?
◻ Yayiyini imbangela yangempela yobunzima babantu?
◻ Kufanele sizihlole kanjani uma sizizwa sithwele kanzima?
◻ Yimiphi imithwalo esingase sizithwese yona ngokungahlakaniphile?
◻ Singayithola kanjani impumuzo eyathenjiswa uJesu?
[Isithombe ekhasini 15]
Yimiphi eminye imithwalo esingase sizithwese yona?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
Courtesy of Bahamas Ministry of Tourism