Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 9/1 kk. 3-4
  • Umgwaqo Obanzi Onenkululeko Encane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umgwaqo Obanzi Onenkululeko Encane
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuphila Eshintshile
  • Indlela Ebanzi Ngempela
  • Indlela Ebanzi Iholela Enhlekeleleni
  • Umgwaqo Owumngcingo Oya Enkululekweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Qhubekani ‘Niyilalela’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Ingabe Zonke Izinkolo Zilungile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 9/1 kk. 3-4

Umgwaqo Obanzi Onenkululeko Encane

Umkhaya onamalungu amathathu—ubaba, umama, nendodakazi encane—wawusekhaya eSydney, e-Australia, lapho indlu yokheleka. Wazama ukuphuma ngamafasitela, kodwa ayenemigoqo yensimbi. Ngenxa yalemigoqo yokulondeka, abacishi-mlilo abakwazanga ukuwusiza. Umama nobaba baphelela entuthwini nasemalangabini. Kamuva indodakazi yashonela esibhedlela.

YEKA ukuthi kudabukisa kanjani ukuthi lomkhaya wafa ngenxa yezinto okwakufanele ziwuvikele! Kuyinkulumo evamile ezikhathini zethu ukuthi lomkhaya akuwona wodwa onekhaya elilondwe ngemigoqo nezihluthulelo zokulondeka. Iningi lomakhelwane nalo linamakhaya nezindawo ezifana nezinqaba. Ngani? Lifuna ukulondeka nokuthula kwengqondo. Yeka ukuthi lokhu kuwukwehluleka kanjani ngomphakathi “okhululekile” lapho abantu bezizwa khona belondekile kuphela lapho bevaleleke njengeziboshwa emakhaya abo siqu! Ezindaweni eziningi ngokwandayo, izingane azisakwazi ukudlala ngokuphephile epaki eliseduze noma ziye esikoleni zingaphelezelwa umzali noma omunye umuntu omdala. Ezicini eziningi zokuphila, inkululeko ihwamuka njengamazolo asekuseni.

Indlela Yokuphila Eshintshile

Izinsuku zogogo nomkhulu bethu zazihlukile. Lapho beseyizingane, ngokuvamile babengadlala lapho bethanda khona ngaphandle kokwesaba. Lapho sebebadala, babengakhathazeki ngokungafanele ngezihluthulelo nemigoqo. Babezizwa bekhululekile, futhi ngokwezinga elithile babekhululekile. Kodwa ogogo nomkhulu bethu baye babona umoya womphakathi ushintsha phakathi nesikhathi sabo sokuphila. Uye wabanda ngokwengeziwe, waba nobugovu ngokwengeziwe; ezindaweni eziningi uthando ngomakhelwane luye lwathathelwa indawo ukwesaba umakhelwane, okwaba nengxenye esenzakalweni esidabukisayo okukhulunywe ngaso ngenhla. Kuye kwaba nokuwohloka okuqhubekayo kwezindinganiso zokuziphatha okuhambisana nalokhu kuntuleka kwenkululeko okukhulayo. Umphakathi uye wakhangwa “ukuziphatha okusha,” kodwa eqinisweni, manje sekufike esimweni lapho izimiso ezinhle zokuziphatha cishe zingasekho nhlobo.

Owayengumfundisi wezemfundo e-University of Queensland, uDkt. Rupert Goodman, uyabhala: “Intsha manje isivulekele endleleni yokuphila ehlukile, eqokomisa injabulo ekuphileni . . . lapho kubusa khona ‘ubumina’: ukuzitika, ukuziqaphela, ukuzanelisa, ubugovu.” Futhi uthi: “Izindinganiso ezinjengokuzithiba, ukuzincisha, ukusebenza kanzima, ukonga, ukuhlonipha igunya, ukuthanda nokwazisa abazali . . . ziyimiqondo engaziwa kwabaningi.”

Indlela Ebanzi Ngempela

Labo abajwayelene nesiprofetho seBhayibheli awubamangazi lomoya wobugovu osakazekile, ngoba uJesu Kristu waxwayisa izilaleli zakhe: “Ubanzi futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngawo; kanti liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Umgwaqo wokuqala, onendawo enganela abahamba kuwo abaningi, “ubanzi” ngoba awuvimbeli ngokwenza izimiso zeBhayibheli zibuse ukuziphatha nokuphila kwansuku zonke. Uyakhanga kulabo abathanda ukucabanga ngendlela abathanda ngayo futhi baphile ngendlela abathanda ngayo—bangabi namithetho, nazibopho.

Kuyiqiniso, abaningi abaye bakhetha indlela ebanzi bathi bayayijabulela inkululeko yabo. Kodwa iningi labo liqhutshwa umoya wobugovu owandile. IBhayibheli lithi babuswa “umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” Lomoya ubashukumisela ukuba baphile ‘ngokuvumelana nenyama, benza izinto ezithandwa yinyama,’ kungaba ukuziphatha okubi, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, noma ukuphishekela ngonya umcebo, udumo, noma amandla.—Efesu 2:2, 3.

Indlela Ebanzi Iholela Enhlekeleleni

Phawula ukuthi labo abahamba endleleni ebanzi bashukunyiselwa ukuba benze “izinto ezithandwa yinyama.” Lokhu kubonisa ukuthi abakhululekile neze—kukhona okubabusayo. Bayizigqila zenyama. Futhi ukukhonza lombusi kungaholela ezinkingeni eziningi—imiqedazwe yezifo ezithathelwana ngobulili, amakhaya ahlukene phakathi, imizimba nezingqondo eziguliswa ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa notshwala, uma sibala okumbalwa nje. Ngisho nezenzo zobudlova, ukugqekeza, nokudlwengula kusuka ekucabangeni kobugovu okukhuthazwa kulomgwaqo obanzi oyekelelayo. Futhi, lapho nje ‘lomgwaqo oholela ekubhujisweni’ usaqhubeka ukhona, izithelo zawo ziyoqhubeka zilimaza ngokwengeziwe.—IzAga 1:22, 23; Galathiya 5:19-21; 6:7.

Cabangela izibonelo ezimbili ezingokoqobo zase-Australia. UMary wavumela ukunqotshwa isilingo, esebenzisa kabi izidakamizwa eziluthayo futhi eziphatha kabi ngokobulili.a Kodwa injabulo ayeyifuna akayitholanga. Ngisho nangemva kokuthola izingane ezimbili, ukuphila kwakhe kwabonakala kungenanjongo. Wadangala kakhulu lapho ethola ukuthi wayesethole ingculaza.

UTom walimala ngendlela ehlukile. “Ngakhulela emishini yesonto enyakatho yeQueensland,” ebhala. “Lapho ngineminyaka engu-16, ngaqala ukudakwa. Ubaba, omalume, nabangane bami bonke babeyizidakwa, ngakho kwabonakala kuyinto evamile. Ngafinyelela ezingeni lapho ngase ngiphuza noma yini, kusukela kubhiya kuya kugologo. Ngaqala nokubhejela amahhashi, ngezinye izikhathi ngidliwe ingxenye enkulu yeholo lami engilijulukele. Kwakungeyona imadlana lena, ngoba umsebenzi wami wokuhlahla umoba wawukhokhela kahle kakhulu.

“Khona-ke ngashada futhi saba nezingane. Kunokuba ngibhekane nemithwalo yami yemfanelo, ngenza lokho abangane bami ababekwenza—ukuphuza, ukugembula, nokulwa. Izikhathi eziningi ngangivalelwa ejele lendawo. Kodwa ngisho nalokhu akungishintshanga. Ukuphila kwami kwakuwohloka. Kwakuyinqaba.”

Yebo, ngokuvumela izifiso ezingalungile, uTom noMary abazilimazanga bona ngokwabo kuphela kodwa balimaza nemikhaya yabo. Ngokudabukisayo, enye intsha eningi ithambekele ekuyengweni umoya wenkululeko ovumela yonke into, odukile onikezwa kulomgwaqo obanzi. Ukube nje intsha ibingabona ngalé kwalesi sigubuzelo esikhohlisayo. Ukube nje ibingawabona amaqiniso alendlela ebanzi—imiphumela emibi bonke abahamba kuyo okumelwe babhekane nayo ekugcineni. Yiqiniso, ibanzi futhi kulula ukuhamba ngayo. Kodwa khona kanye ukuba banzi kwayo kuyisiqalekiso. Inkambo yokuhlakanipha iwukuthatha ngokungathi sína iqiniso elingenakuphikwa lokuthi “lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni yakhe.”—Galathiya 6:8.

Nokho, kunokuthile okungcono. Umgwaqo owumngcingo. Kodwa unemingcele kangakanani, unyinyeke futhi uwumngcingo kanganani lomgwaqo? Futhi uholelaphi?

[Umbhalo waphansi]

a Amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela