Umgwaqo Owumngcingo Oya Enkululekweni
BAMBALWA abantu abakhaliphile abakuphikisayo ukuthi indawo yonke ilawulwa imithetho yemvelo. Lemithetho iqondisa yonke into kusukela kuma-athomu amancanyana kuya emithaleni emikhulukazi enezinkulungwane zezigidi zezinkanyezi. Ukuba kwakungenjalo, kwakungeke kube khona ukuhlela nokuqonda; ukuphila ngokwakho kwakungeke kube khona. Ngokuqonda imithetho yemvelo nokusebenzisana nayo, umuntu uye wakwazi ukufeza izinto ezimangalisayo, njengokuhamba enyangeni nokuthumela ngamaza imifanekiso enombala isuka kunoma iyiphi indawo emhlabeni noma ngisho ngalé komoya osemkhathini womhlaba iye kumathelevishini emakhaya ethu.
Kodwa kuthiwani ngemithetho yokuziphatha? Ingabe ukunamathela kuyo kunenzuzo futhi kunezithelo ngendlela efanayo? Abaningi kubonakala sengathi banomuzwa wokuthi ayikho imithetho yokuziphatha futhi bakhetha ifilosofi noma inkolo eyekelelayo efanelana nezifiso zabo siqu.
Nokho, kukhona abathile abakhetha enye indlela, ‘indlela ewumngcingo eholela ekuphileni’ njengoba ivezwe eBhayibhelini. Akufanele kusimangaze ukuthi ingcosana kuphela eyikhethayo, ngoba uJesu wathi ngalendlela ewumngcingo: ‘Bambalwa abayitholayo.’ (Mathewu 7:14) Kungani kungabambalwa kuphela?
Kungenxa yokuthi lendlela ewumngcingo ibekelwe imingcele yimithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Ikhanga kuphela kumuntu ofisa ngobuqotho ukuvumelanisa ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngokuphambene kakhulu nomgwaqo obanzi, obonakala sengathi unikeza inkululeko kanti eqinisweni uyagqilaza, umgwaqo owumngcingo, obonakala sengathi uyavimbela, ukhulula umuntu kuzo zonke izici ezibalulekile. Imingcele yawo ibekwa “umthetho ophelele ongowenkululeko.”—Jakobe 1:25.
Indlela Indlela Ewumngcingo Ekhulula Ngayo
Yiqiniso, akulula ngaso sonke isikhathi ukuhlala usendleleni ewumngcingo. Bonke abantu abaphilayo abaphelele futhi banokuthambekela okuzuzwe njengefa kokwenza okubi. Ngakho umuntu angase athambekele ekuphambukeni kancane. Noma kunjalo, izinzuzo zokunamathela ‘emgwaqweni onyinyekile’ zifanelwe yinoma ikuphi ukuzithiba noma ukulungisa okudingekile, ngoba uNkulunkulu ‘usifundisa okusisizayo.’—Isaya 48:17; Roma 3:23.
Ngokwesibonelo: Abazali abahlakaniphile bahlelela izingane zabo isimiso sokudla ‘esiwumgwaqo onyinyekile.’ Ngezinye izikhathi lokhu kusho ukuqinisa isandla ngezikhathi zokudla. Kodwa lapho izingane zikhula, ziyosazisa isiyalo sothando sabazali bazo. Lapho sezingabantu abadala, ziyobe zikuthanda ukunambitheka kokudla okunempilo. Futhi izinhlobonhlobo eziningi zokudla okunomsoco ezitholakalayo ziyovala noma imuphi umuzwa wokuvinjelwa ezingase zibe nawo.
Ngendlela engokomoya, uNkulunkulu wenza okufanayo ngalabo abasemgwaqweni owumngcingo oholela ekuphileni. Ukhulisa izifiso ezinempilo ngaphakathi kwabathobekile eziholela enjabulweni nasenkululekweni yeqiniso. Lokhu ukwenza ngokunikeza iZwi lakhe, iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, usimema ukuba sithandazele umoya wakhe ukuba usisize, futhi usiyala ukuba sizihlanganise namaKristu esikanye nawo, angasikhuthaza ukuba siqhubeke sisendleleni ewumngcingo. (Heberu 10:24, 25) Yebo, uNkulunkulu uluthando, futhi lemfanelo evelele iyisisekelo sezinjongo nezindlela zakhe zonke.—1 Johane 4:8.
Lapho kukhona uthando, ukuthula, ubuhle, ukuzithiba, nezinye izithelo zomoya kaNkulunkulu, lomgwaqo owumngcingo awubonakali uvimbela. Njengoba umbhalo usho, “akukho mthetho omelene nezinto ezinjalo.” (Galathiya 5:22, 23) “Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17) Ngisho kwamanje, amaKristu angempela anambitha lenkululeko. Akhululekile ekwesabeni okuningi okukhungethe abantu namuhla, njengokwesaba ikusasa nokusaba ukufa okunezinkolelo-ze. Yeka ukuthi kuvusa amadlingozi kanjani ukucabanga ngekusasa lapho “umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle”! (Isaya 11:9) Ngaleso sikhathi, ngisho nokwesaba ubugebengu ngeke kusaba khona. Izihluthulelo nemigoqo kuyobe kungasekho kuze kube phakade. Bonke bayozizwa bekhululekile futhi bephephile—emini nasebusuku, ekhaya nangaphandle. Leyo kuyoba inkululeko ngempela!
Siyaqinisekiswa Ngosizo LukaNkulunkulu
Yiqiniso, ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu kudinga umzamo, nokho “imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo,” ngisho nakubantu abangaphelele. (1 Johane 5:3) Njengoba sizivumelanisa nendlela ewumngcingo futhi sizwa izinzuzo zokuhamba kuyo, ukungazithandi kwethu izindlela nokucabanga okuwuphawu lwalabo abahamba emgwaqweni obanzi kuyakhula. (IHubo 97:10) Ukulalela umthetho kaNkulunkulu kuyakhanga konembeza bethu sonke. Esikhundleni ‘sokwaphuka komoya’ ‘nobuhlungu benhliziyo’ abaningi abanakho, uNkulunkulu uyethembisa: “Bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo.” Yebo, inhliziyo eqeqeshwe uJehova iyajabula futhi ikhululekile.—Isaya 65:14.
UJesu wafela ukuba enze kube nokwenzeka ngathi ukuthola inkululeko yangempela. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Manje, njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, uJesu unikeza izinzuzo zalowo mhlatshelo. Ngokushesha, ngemva ‘kosizi olukhulu,’ lapho umgwaqo obanzi nalabo abakuwo bebhujiswa, ngesineke uyoqala ukuqondisa isintu esilalelayo engxenyeni esele yendlela ewumngcingo kuze kube sekupheleni kwayo, ukuphelela kobuntu. (IsAmbulo 7:14-17; Mathewu 24:21, 29-31) Ekugcineni siyobona ukugcwaliseka kwalesi sithembiso esihle: “Indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” Lenkululeko evela kuNkulunkulu ayinakudlulwa yilutho. Ngisho nokufa kuyopheliswa.—Roma 8:21; IsAmbulo 21:3, 4.
Ngokubona nokuqonda ngokucacile ukuthi umgwaqo owumngcingo uholelaphi, umuntu ukwazi kangcono ukukhetha lendlela nokuqhubeka ehamba kuyo. Intsha ngokukhethekile isizwa ukuba ingabi nombono omfushane futhi ingakucasukeli lokho ekubheka njengemithetho evimbelayo ebekwa izindinganiso zikaNkulunkulu. Ifunda ukuyibheka njengobufakazi bothando lukaNkulunkulu nanjengesivikelo ebubini bomgwaqo obanzi. (Heberu 12:5, 6) Yiqiniso, umuntu kudingeka abe nesineke, ekhumbula ukuthi kuthatha isikhathi ukuba nezimfanelo nezifiso zokuhlonipha uNkulunkulu, njengoba nje kuthatha isikhathi ukuba umuthi wezithelo uthele izithelo ezinhle. Kodwa lomuthi uyothela uma uhlakulelwa futhi uniselwa.
Ngakho tadisha iZwi likaNkulunkulu, hlanganyela namanye amaKristu, futhi ‘thandaza ngokungaphezi’ ukuze uthole umoya ongcwele. (1 Thesalonika 5:17) Thembela kuNkulunkulu ukuba akusize ‘uqondise imikhondo yakho.’ (IzAga 3:5, 6) Kodwa ingabe konke lokhu kuwusizo? Ingabe kuyasebenza ngempela? Yebo, kwasebenza kuTom kanye nakuMary, okukhulunywe ngabo esihlokweni esandulele.
Bayeka Ukuhamba Emgwaqweni Obanzi
UTom uyabhala: “Phakathi nawo-1970, sahlangana noFakazi BakaJehova lapho omunye wabo efika ekhaya lethu. Ingxoxo yaholela esifundweni seBhayibheli. Kancane kancane ngaqala ukuhlanza ukuphila kwami. Ngabhapathizwa ngo-1982 futhi manje ngikhonza ebandleni lasendaweni yakithi. Indodana yethu nayo isibhapathiziwe. Ngibonga umkami ngokungibekezelela yonke leyo minyaka ngaphambi kokuba ngithole iqiniso. Futhi ngaphezu kwakho konke ngibonga uJehova neNdodana yakhe, uKristu Jesu, ngakho konke abaye basinika kona nangethemba esesinalo ngekusasa.”
Kuthiwani ngoMary? Nokho, wayenomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayengasoze amthethelele, kodwa wayefuna ukufunda ngaye ukuze kuzuze izingane zakhe. Lapho ezwa ukuthi oFakazi BakaJehova babefundisa umakhelwane wakhe iBhayibheli, naye wacela usizo. Nokho, imikhuba yakhe emibi egxilile yenza ukuthuthuka kwaba nzima. Isifundo sasithuthuka sibuye sihlehlele emuva. Nokho, indodakazi yakhe encane eneminyaka engu-7 yayimkhuthaza. Yayithi, “Qhubeka, mama. Ungakwenza!” Khona-ke uMary wayezama kakhudlwana.
Lapho umyeni wakhe womshado wesiko, naye osebenzisa izidakamizwa kabi, ebuyela ekhaya, naye wahlanganyela esifundweni. Ekugcineni bobabili bayinqoba imikhuba yabo emibi. Khona-ke, ngemva kokubhalisa umshado wabo ngokomthetho nokubhapathizwa, baba nenjabulo enkulu futhi bazizwa njengomkhaya wangempela ngokokuqala ngqá. Ngokudabukisayo, ekugcineni ingculaza yadlula noMary, kodwa wafa inhliziyo yakhe igxile esithembisweni seBhayibheli sovuko nokuphila emhlabeni oyipharadesi, okhucululwe zonke izici ezibulalayo zomgwaqo obanzi.
Yebo, kungenzeka ukuphuma emgwaqweni obanzi novulekile oholela ekubhujisweni. UKristu Jesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Khona-ke, kungani unganqumi ukuhamba endleleni ewumngcingo eholela ekuphileni? Ngokulalela nokusebenzisa lokho okufunda eZwini likaNkulunkulu, nawe ngokwakho ungase ujabulele lesi sithembiso esijabulisayo: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:32.