Izwe Elingenayo Impi—Nini?
UMTHETHO-SISEKELO weZizwe Ezihlangene waqala ukusebenza ngo-October 24, 1945. Uyisu lokuthula kwezwe elibanzi kunawo wonke ake aklanywa abantu. Njengoba zazinamaZwe angamalungu azo okuqala angu-51, iZizwe Ezihlangene zaba inhlangano yezizwe ngezizwe enkulu kunazo zonke emlandweni wezwe. Futhi, ngokokuqala ngqá, inhlangano yezizwe ngezizwe yayiyokwazi ukusebenzisa ibutho lempi ukuze iphoqelele ukuthula nokulondeka futhi ilethe izwe elingenayo impi.
Namuhla, njengoba zinamaZwe angamalungu angu-185, iZizwe Ezihlangene zinamandla kunanini ngaphambili. Khona-ke, kungani inhlangano yezizwe ngezizwe enamandla kunazo zonke emlandweni iye yahluleka ukufeza ngokugcwele izinhloso zayo ezinhle?
Inkolo—Isithiyo Esikhulu
Inkinga eyodwa eyinhloko yindima inkolo eyifezayo ezindabeni zezwe. Yiqiniso, kusukela ekuqaleni kwazo iZizwe Ezihlangene, izinkolo zezwe ezivelele ziye zathembisa ukuyisekela lenhlangano. Ebhekisela osukwini lokukhumbula iminyaka engu-50 zikhona, uPapa John Paul II wakhuluma ngeZizwe Ezihlangene ‘njengeziyithuluzi eliwedlula wonke lokukhuthaza nokulondoloza ukuthula.’ Umphakathi wabaholi benkolo embulungeni yonke unombono ofana nowakhe. Kodwa lokhu kusebenzelana kobuciko phakathi kwenkolo nohulumeni akunakulifihla iqiniso lokuthi inkolo iye yaba isithiyo nesicefe eZizweni Ezihlangene.
Sekungamakhulu eminyaka inkolo ifeza indima eyinhloko ekukhuthazeni noma ekusekeleni inzondo engokobuzwe, izimpi, nokuqothulwa kwezinhlanga. Eminyakeni yamuva, ngaphansi kwesigubuzelo sokushisekela inkolo, omakhelwane baye babulalana bodwa. Amazwi athi “ukuhlanzwa kohlanga” aye asetshenziswa kabanzi ngokuphathelene nempi emazweni aseBalkan. Nokho, inzondo enobudlova abaningi kuleyo ndawo abanayo ngomunye nomunye isekelwe emisukeni engokwenkolo kunasohlangeni, njengoba iningi labo linomsuka owodwa wohlanga. Yebo, inkolo kumelwe iyivume ingxenye enkulu yecala lokubulawa okukhulu kwabantu endaweni eyayiyiYugoslavia, futhi iZizwe Ezihlangene azikwazanga ukukuvimbela.
Ngokufanelekile, muva nje uprofesa othile wezenkolo wasekolishi uthe “ezweni langemva kwempi yomshoshaphansi elinokulwa okungokwenkolo okwandayo, ukuhlolwa kwenkolo nokuqothulwa kohlanga kungase kube enye yezinto eziphuthuma kakhulu okumelwe siqale ngazo, naphezu kokuphazamiseka okukubangelayo.” Ukuqashelwa okusha kwendlela inkolo ethiya ngayo imizamo yokuthula kwezwe kusobala namuhla.
Isimemezelo se-UN sango-1981 sathi: “Njengoba sikhathazekile ngokubonakaliswa kokungabekezelelani nangokuba khona kobandlululo ezindabeni zenkolo noma inkolelo okusabonakala kwezinye izingxenye zezwe, Sinquma ukuthatha zonke izinyathelo ezidingekile zokukususa ngokushesha ukungabekezelelani okunjalo ngazo zonke izinhlobo nokubonakaliswa kwakho nokuvimbela nokulwisana nokubandlulula ngenxa yenkolo noma inkolelo.”
Ngokuvumelana nesimemezelo sazo, iZizwe Ezihlangene ziye zamemezela u-1995 njengowuNyaka Wokubekezelelana. Nokho, uma sikhuluma sinombono ongokoqobo, ingabe kuyoke kwenzeke ukufinyelela ukuthula nokulondeka ezweni elihlukaniswe inkolo?
Ikusasa Lenkolo
Isiprofetho esisencwadini yeBhayibheli yesAmbulo sinikeza impendulo. Sikhuluma ‘ngesifebe esikhulu’ esingokomfanekiso esihlezi ‘njengendlovukazi’ futhi ‘esinombuso phezu kwamakhosi omhlaba.’ Lesi sifebe siphila “ngokunethezeka okungenamahloni” futhi sinobuhlobo nohulumeni bezwe. Labohulumeni bachazwa ‘njengesilo sasendle esinombala obomvu klebhu,’ okugibele kuso isifebe ngokunethezeka. (IsAmbulo 17:1-5, 18; 18:7) Njengoba aziwa ngokuthi “iBabiloni Elikhulu,” lona wesifazane onamandla noziphethe kabi uqanjwe ngeBabiloni lasendulo, isikhungo senkolo ekhulekela izithombe. Ngokufanelekile, namuhla lesi sifebe simelela zonke izinkolo zezwe, eziye zazigaxa ezindabeni zohulumeni.
Ukulandisa kuqhubeka kubonise ukuthi, ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu uzokufaka ezinhliziyweni zezingxenye zempi zalesi silo sasendle ukuba zithathe isinyathelo. Lezi “ziyosizonda isifebe futhi ziyosenza sibe esichithakele nesihamba-ze, futhi ziyodla ziqede izingxenye zaso eziyinyama futhi ziyosishisa ngokuphelele ngomlilo.” (IsAmbulo 17:16)a Kanjalo uJehova uNkulunkulu ngokwakhe uyobe ethathe isinyathelo kuqala ngokuqondisa izizwe ezinamandla ukuba zenze umkhankaso wokususa inkolo yamanga. Isimiso senkolo sezwe lonke, kanye namathempeli aso okunethezeka nezindawo zokukhulekela, kuyokwenziwa incithakalo ngokuphelele. Isithiyo senkolo ekuletheni ukuthula nokulondeka siyobe sesingasekho. Kodwa ngisho nangaleso sikhathi, kuyoba khona yini ukuthula nokulondeka kwangempela emhlabeni?
Isimo Sobuntu Sokungapheleli
Ingabe sikhona yini isiqinisekiso sokuthi ukususa inkolo kuyolivulela indlela ngempela izwe elingenayo impi? Cha. IZizwe Ezihlangene zizoqhubeka zibhekana nesimo esididayo. Kolunye uhlangothi, abantu bafuna ukuthula nokulondeka. Nokho, ngakolunye uhlangothi, yibo abantu abawusongo olukhulu ekuthuleni nokulondeka. Inzondo, ukuqhosha, ukuzazisa, ubugovu, nokungazi kuyizici zobuntu eziyimbangela yazo zonke izingxabano nezimpi.—Jakobe 4:1-4.
IBhayibheli labikezela ukuthi osukwini lwethu abantu babeyoba “abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya.”—2 Thimothewu 3:1-4.
UNobhala-jikelele uBoutros Boutros-Ghali wavuma ukuthi “izwe lihlushwa inhlekelele yezenhlalo neyokuziphatha leyo, emiphakathini eminingi, enkulu kakhulu.” Akukho silinganiso sokusetshenziswa kobuciko bezokubuyisana esingathena amandla ezici ezilimazayo zesimo sobuntu sokungapheleli.—Qhathanisa noGenesise 8:21; Jeremiya 17:9.
UJesu Kristu—INkosi Yokuthula
Ngokucacile, iZizwe Ezihlangene azinawo amandla okuletha ukuthula kwezwe. Amalungu nabasekeli bazo bonke bangabantu abangaphelele, nakuba benemigomo ephakeme. IBhayibheli lithi “indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uyaxwayisa: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.”—IHubo 146:3.
IBhayibheli libikezela lokho uJehova ayokufeza ngeNdodana yakhe, “iNkosi Yokuthula.” U-Isaya 9:6, 7 uthi: “Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”
Izizwe zomhlaba ziye zakhathazwa yiminyaka engu-50 yemizamo ebhuntshile. Ngokushesha zizobhubhisa izinhlangano zenkolo ezinjengesifebe. Khona-ke uJesu Kristu, “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi,” nempi yakhe yamabutho asezulwini uyohlakaza bonke ohulumeni babantu futhi abulale bonke abenqaba ubukhosi bukaNkulunkulu. (IsAmbulo 19:11-21; qhathanisa noDaniyeli 2:44.) Ngalendlela uJehova uNkulunkulu uyoletha izwe elingenayo impi.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uhlole ngokujulile isiprofetho sesAmbulo esiphathelene neBabiloni Elikhulu, bheka izahluko 33 kuya ku-37 zencwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, eyanyatheliswa ngo-1988 yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibhokisi ekhasini 7]
UMBONO WAMAKRISTU NGEZIZWE EZIHLANGENE
Esiprofethweni seBhayibheli, ngokuvamile ohulumeni babantu bafanekiselwa izilo zasendle. (Daniyeli 7:6, 12, 23; 8:20-22) Ngakho, sekungamashumi amaningi eminyaka umagazini INqabayokulinda ubonisa izilo zasendle zesAmbulo izahluko 13 no-17 njengezingohulumeni bezwe banamuhla. Lokhu kuhlanganisa neZizwe Ezihlangene, ezichazwa njengesilo esinombala obomvu klebhu esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi kusAmbulo isahluko 17.
Nokho, lesi simo esingokomBhalo asithetheleli noma yiluphi uhlobo lokungahloniphi ohulumeni noma izikhulu zabo. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme, ngoba akukho gunya elikhona kungengoNkulunkulu; amagunya akhona ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe uNkulunkulu. Ngakho-ke lowo ophikisa igunya uthathé ukuma ngokumelene nohlelo lukaNkulunkulu; labo abathathé ukuma ngokumelene nalo bayokwamukela isahlulelo.”—Roma 13:1, 2.
Ngalokho, oFakazi BakaJehova, abalondoloza ukungathathi-hlangothi okuqinile kwezombangazwe, abagxambukeli kohulumeni babantu. Abalokothi baphembe ukuvukela noma bahlanganyele ezenzweni zokungalaleli kwezakhamuzi. Kunalokho, bayaqaphela ukuthi uhlobo oluthile lukahulumeni ludingekile ukuze kulondolozwe umthetho nokuhleleka emphakathini wabantu.—Roma 13:1-7; Thithu 3:1.
OFakazi BakaJehova babheka inhlangano yeZizwe Ezihlangene ngendlela ababheka ngayo ezinye izinhlangano zohulumeni zezwe. Bayaqaphela ukuthi iZizwe Ezihlangene ziqhubeka zikhona ngenxa yokuvunyelwa uNkulunkulu. Ngokuvumelana neBhayibheli, oFakazi BakaJehova banikeza bonke ohulumeni inhlonipho efanele futhi babalalele uma nje ukulalela okunjalo kungadingi ukuba bone kuNkulunkulu.—IzEnzo 5:29.