Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukufakaza Kuthela Izithelo Ekhaya Nasesikoleni
UKUPHILA komKristu kuhilela ukwenza okuhle kwabanye, ikakhulukazi ngokuhlanganyela nabo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. IzAga 3:27 zithi: “Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.” E-Argentina uFakazi osemusha osonyakeni wesithathu esikoleni esiphakeme wayefuna ukuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso nomngane wakhe wasesikoleni. Ukwenza kwakhe kanjalo kwaba nemiphumela efinyelela kude.
Ngolunye usuku loFakazi osemusha watshela umngane wakhe ukuthi akuzona zonke izinkolo ezinhle. Lapho lensizwa iphendula ngokuthi yayingenzi lutho olubi, loFakazi wathi: “Futhi awumenzeli lutho noNkulunkulu.” Lokhu kwabangela ukuba lona osemusha acabange. Kamuva loFakazi wachaza ukuthi lezi izinsuku zokugcina nokuthi ukuze umuntu amukeleke kuNkulunkulu, kumelwe athole ulwazi lweBhayibheli olunembile futhi alusebenzise. Umngane wakhe wasesikoleni wavuma. Kodwa ingabe umkhaya wakubo wawuyomvumela ukuba abe nesifundo seBhayibheli? Ukuze enze umngane wakhe abe nokuthile ayengacabanga ngakho, loFakazi wamcela ukuba afunde incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.
Kwadlula isikhathi eside, futhi lomngane wayeka isikole. Isikhathi esingaphezu konyaka akuzwakalanga lutho ngaye. Khona-ke ngolunye usuku loFakazi osemusha wamangala lapho ethola ucingo oluvela kumngane wakhe owathi wayebona ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zazigcwaliseka ngempela. Ngokushesha loFakazi wahlela ukuba afunde naye iBhayibheli.
Lapho eya kubo kalowo owayengumngane wakhe wasesikoleni, waphawula ukuthi abazali bomngane wakhe babekhathazeke kakhulu ngalokho indodana yabo eyase ihileleka kukho. Ngisho nomfowabo omncane walomngane wayecabanga ukuthi umfowabo wayeseqala ukusangana. Ngakho abazali babo bahlela ukuba lomfowabo omncane abe khona esifundweni esilandelayo. Kamuva, ihlengezela izinyembezi emehlweni, lensizwa yatshela abazali ukuthi umfowabo omdala wayengasangani, okwenza unina wababaza, “Esikhundleni senkinga eyodwa, manje senginezimbili!”
Ngakho, waba khona ngokwakhe esifundweni esilandelayo futhi kwadingeka ukuba avume ukuthi abafana babengasangani. Kamuva kwahlelwa ukuba yena nomyeni wakhe baqhutshelwe isifundo seBhayibheli. Ngokushesha wonke umkhaya waqala ukuya emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso. Ngokuhamba kwesikhathi, ogogo nomkhulu nabo baqala ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni. Kusukela ngaleso sikhathi, insizwa yokuqala iye yabhapathizwa. Yashada, futhi yona nomkayo bangabamemezeli abashisekayo.
Ngaphezu kwalokho, ngokufakaza ngokwethukela esikoleni, loFakazi osemusha uye wasiza abanye ababili afunda nabo esikoleni kanye nonina nodadewabo woyedwa wabo ukuba baqale ukutadisha iBhayibheli. Sebebonke, bangu-11 abantu abathola iqiniso leBhayibheli ngenxa yokuthi loFakazi osemusha akazange azigodle ekwenzeni okuhle kwafunda nabo esikoleni. Yeka umphumela ojabulisayo! Ngempela, “Babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.”—IHubo 144:15.