Induduzo Ngalabo ‘Abanomoya Owaphukileyo’
NAMUHLA, izwe likaSathane ‘alisenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efesu 4:19; 1 Johane 5:19) Ukuphinga nobufebe kudlangile. Emazweni amaningi imishado engamaphesenti angu-50 noma ngaphezulu iphela ngesehlukaniso. Ubungqingili bamukelwa kabanzi. Ukunukubeza ngokobulili—ukudlwengula—kukhishwa njalo ezindabeni. Izithombe zobulili ezingcolile ziyibhizinisi elingenisa izindodla zamadollar.—Roma 1:26, 27.
Phakathi kobulili obuhlanekezelwe obunyanyeka kunabo bonke kukhona ukunukubezwa ngokobulili kwabantwana abangenacala. Njengokuhlakanipha kwezwe likaSathane, ukunukubezwa kwabantwana ngokobulili ‘kuwubulwane, kuwubudemoni.’ (Jakobe 3:15) E-United States kuphela, umagazini i-Time uthi, “unyaka ngamunye othisha nodokotela bagcina emafayilini eziphathimandla imibiko eqinisekisiwe yokuhlaselwa ngokobulili engaphezu kuka-400 000.” Lapho izisulu zalokhu kunukubeza ziba abantu abadala, eziningi ziyaqhubeka zinamanxeba abuhlungu, futhi lawo manxeba angokoqobo! IBhayibheli lithi: “Umoya [ukuthambekela kwengqondo, imizwa yangaphakathi nemicabango] womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe, kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo [olimele, ocindezelekile] na?”—IzAga 18:14.
Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zikhanga kuzo zonke izinhlobo zabantu, kuhlanganise ‘nabanhliziyo zaphukile’ nalabo ‘abanomoya odangeleyo.’ (Isaya 61:1-4) Akumangalisi ukuthi abaningi abanobuhlungu obungokomzwelo bayasabela kulesi simemo: “Noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAmbulo 22:17) Ibandla lobuKristu lingaba indawo yenduduzo kulaba. Bayajabula ngokufunda ukuthi ngokushesha ukuhlupheka kuzoba yinto yesikhathi esidlule. (Isaya 65:17) Nokho, okwamanje bangase badinge ‘ukududuzwa’ ‘nokuboshwa’ amanxeba. UPawulu waweluleka kahle amaKristu: “Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka, nibe ababhekakade kubo bonke.”—1 Thesalonika 5:14.
“Izinkumbulo Ebezinganakekile”
Eminyakeni yamuva abanye baye baba ‘nezinhliziyo ezaphukile’ ngenxa yezizathu abanye abakuthola kunzima ukuziqonda. Laba abantu abadala okuthi, ngesisekelo salokho okuye kwachazwa ngokuthi “izinkumbulo ebezinganakekile,” bathi baye banukubezwa ngokobulili lapho besengabantwana.a Abanye ababi nawo umcabango wokuthi baye banukubezwa kuze kube yilapho, ngokungazelele, beba nemibono yezehlakalo zesikhathi esidlule ezingqondweni zabo ‘nezinkumbulo’ zomuntu omdala (noma abantu abadala) ebanukubeza lapho besebancane. Bakhona yini ebandleni lobuKristu abanemicabango enjalo ephazamisayo? Yebo, bakhona emazweni ambalwa, futhi laba abazinikezele bangaba nokucindezeleka okukhulu, intukuthelo, umuzwa wecala, amahloni, noma isizungu. NjengoDavide bangase bazizwe behlukanisiwe noNkulunkulu futhi bakhamuluke: “Jehova, umeleni kude na? Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?”—IHubo 10:1.
Ochwepheshe bezempilo engokwengqondo abaziqondi kahle izici eziningi zalezi “zinkumbulo.” Nakuba kunjalo, “izinkumbulo” ezinjalo zingathinta ingokomoya lomKristu ozinikezele. Ngakho sibheka eZwini likaNkulunkulu ngethemba ukuze sithole isiqondiso ekuzisingatheni. IBhayibheli linikeza “ukuqonda ezintweni zonke.” (2 Thimothewu 2:7; 3:16) Futhi lisiza bonke abahilelekile ukuba babeke ukholo kuJehova, “uYise wesihe sesisa noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.”—2 Korinte 1:3, 4.
Ingabe Kwenzekile Ngempela?
Ezweni, kunempikiswano enkulu ngokuqondene nokuthi ziyini lezi “zinkumbulo” nokuthi zizibonisa ngezinga elingakanani izinto ezenzeke ngempela. OFakazi BakaJehova “abayona ingxenye yezwe” futhi abahlanganyeli kulempikiswano. (Johane 17:16) Ngokwemibiko ekhishiwe, ngezinye izikhathi lezi “zinkumbulo” ziye zabonakala zinembile. Ngokwesibonelo ngemva kokuba umlungisi wemishwalense uFrank Fitzpatrick “ekhumbule” ukuthi wayenukubezwe umpristi othile, cishe abanye abayikhulu beza bezosho ukuthi nabo babeye banukubezwa umpristi ofanayo. Kuthiwa lompristi wavuma ukuthi wayenukubezile.
Nokho, kufanele kuphawulwe ukuthi abantu abaningana abazange bakwazi ukufakazela “izinkumbulo” zabo. Abanye abacindezeleke ngalendlela baye baba nezinkumbulo ezicacile zabantu abathile benukubeza noma zendawo ethile ukunukubeza okwakwenzelwa kuyo. Nokho, kamuva, ubufakazi obuphikisayo obunokwethenjelwa buye benza kwaba sobala ukuthi lemininingwane “ekhunjulwayo” beyingenakuba yiqiniso.
Ukunikeza Isiphephelo
Nokho, induduzo inganikezwa kanjani kulabo ababa ‘nomoya owaphukileyo’ ngenxa ‘yezinkumbulo’ ezinjalo? Khumbula umfanekiso kaJesu womSamariya olungileyo. Indoda ethile yahlaselwa abaphangi, bayishaya, futhi bayihlubula izimpahla zayo. Lapho umSamariya esondela, wayidabukela lendoda elimele. Wenzani? Ingabe wafuna ukuzwa yonke imininingwane ngokushaywa? Noma ingabe umSamariya wathola ukuthi babenjani abaphangi wabe esebahlala ezithendeni ngokushesha? Cha. Lendoda yayilimele! Ngakho ngobumnene umSamariya wabopha amanxeba ayo futhi ngothando wayiyisa endaweni ephephile endlini yezihambi eseduze lapho yayingalulama khona.—Luka 10:30-37.
Yiqiniso, kunomehluko phakathi kwamanxeba angokoqobo ‘nomoya owaphukileyo’ obangelwa ukunukubezwa ngokobulili kwasebuntwaneni okungokoqobo. Kodwa kokubili kubangela ubuhlungu obukhulu. Ngakho, lokho umSamariya akwenzela umJuda olimele kubonisa lokho okungenziwa ukuze kusizwe umKristu esikanye naye ocindezelekile. Into yokuqala ukuba sinikeze induduzo yothando futhi simsize ukuba alulame.
UDeveli wahlupha uJobe okholekile, ngokusobala eqiniseka ukuthi ubuhlungu obungokomzwelo noma obungokomzimba babuyophula ubuqotho bakhe. (Jobe 1:11; 2:5) Kusukela ngaleso sikhathi, uSathane uye wazama kaningi ukusebenzisa ukuhlupheka—kungakhathaliseki ukuthi ukubangela ngokuqondile noma cha—ukuze enze buthaka ukholo lwezinceku zikaNkulunkulu. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 12:7-9.) Ingabe singakungabaza ukuthi uDeveli manje usebenzisa ukunukubezwa kwabantwana ‘nomoya odangele’ wabantu abadala abaningi abaye banukubezwa (noma abahlushwa “izinkumbulo” zokuthi baye banukubezwa) ukuze azame ukwenza buthaka ukholo lwamaKristu? NjengoJesu lapho engaphansi kokuhlasela kukaSathane, umKristu ozwa ubuhlungu kodwa owenqaba ngokuqinile ukulahla ubuqotho bakhe usuke ethi: “Hamba, Sathane!”—Mathewu 4:10.
Hlala Uqinile Ngokomoya
“Isigqila esikholekile nesiqondayo” siye sanyathelisa ukwaziswa okuwusizo ekusingatheni ukulimala okungokomoya nokungokomzwelo okubangelwa ukunukubezwa kwasebuntwaneni. (Mathewu 24:45-47) Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi isisulu siyasizakala uma sincika ‘emandleni eNkosi nasebukhulwini bezikhwepha zayo,’ sigqoka “sonke isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu.” (Efesu 6:10-17) Lesi sembatho sihlanganisa “iqiniso” leBhayibheli elidalula uSathane njengesitha esivelele futhi liqede ubumnyama asebenza kubo yena nabasekeli bakhe. (Johane 3:19) Bese kuba khona “isivikelo sesifuba sokulunga.” Umuntu ocindezelekile kufanele azame ukunamathela ezindinganisweni zokulunga. Ngokwesibonelo, abanye banesifiso esinamandla sokuzilimaza noma sokuziphatha kabi. Ngazo zonke izikhathi lapho benqaba lesi sifiso, bayanqoba!
Isembatho sokuzivikela esingokomoya sihlanganisa ‘nezindaba ezinhle zokuthula.’ Ukukhuluma nabanye ngezinjongo zikaJehova kuqinisa lowo okhulumayo kanye nanoma ubani olalelayo. (1 Thimothewu 4:16) Uma kungenzeka ukuthi ‘unomoya owaphukileyo,’ okwenza kube nzima ngawe ukukhuluma ngezindaba ezinhle, zama ukuhamba nomunye umKristu lapho enza lomsebenzi obalulekile. Futhi ungasikhohlwa “isihlangu esikhulu sokholo.” Yiba nokholo lokuthi uJehova uyakuthanda nokuthi uyobuyisela konke okukulahlekele. Kholelwa ngaphandle kokungabaza ukuthi noJesu uyakuthanda, futhi lokhu wakufakazela ngokukufela. (Johane 3:16) Ngaso sonke isikhathi uSathane ubelokhu eqamba amanga ethi uJehova akazikhathaleli izinceku zakhe. Lawo amanye nje amanga akhe aluhlaza cwé, amabi.—Johane 8:44; qhathanisa noJobe 4:1, 15-18; 42:10-15.
Uma ubuhlungu benhliziyo benza kube nzima ukukholelwa ukuthi uJehova uyakukhathalela, kuyosiza ukuzihlanganisa nabanye abakukholelwa ngokuqinile ukuthi uyasikhathalela. (IHubo 119:107, 111; IzAga 18:1; Heberu 10:23-25) Yenqaba ukuvumela uSathane ukuba akuphuce umvuzo wokuphila. Khumbula ukuthi “isigqoko sokuzivikela sensindiso” siyingxenye yesambatho sokuzivikela; ngokufanayo “nenkemba yomoya.” IBhayibheli liphefumulelwe ngomoya ongcwele, uSathane angenakuwunqoba. (2 Thimothewu 3:16; Heberu 4:12) Amazwi alo aphulukisayo angadambisa ubuhlungu obungokomzwelo.—Qhathanisa neHubo 107:20; 2 Korinte 10:4, 5.
Okokugcina, thandazela amandla nokukhuthazela njalo. (Roma 12:12; Efesu 6:18) Umthandazo osuka enhliziyweni waqinisa uJesu phakathi nobuhlungu obujulile obungokomzwelo, futhi nawe ungakusiza. (Luka 22:41-43) Ingabe kunzima ukuba uthandaze? Cela abanye ukuba bathandaze kanye nawe futhi bakuthandazele. (Kolose 1:3; Jakobe 5:14) Umoya ongcwele uyosekela imithandazo yakho. (Qhathanisa neyabaseRoma 8:26, 27.) Njengokugula okungokomzimba okubuhlungu, abanye abanamanxeba ajulile angokomzwelo kungenzeka bangalapheki ngokuphelele kulesi simiso sezinto. Kodwa ngosizo lukaJehova singakhuthazela, futhi ukukhuthazela kuwukunqoba, njengoba kwakunjalo endabeni kaJesu. (Johane 16:33) “Thembani [kuJehova] ngezikhathi zonke nina-bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.”—IHubo 62:8.
Kuthiwani Ngalowo Okuthiwa Ungumnukubezi?
Empeleni umuntu onukubeza umntwana ngokobulili ungumdlwenguli futhi kufanele abhekwe njengaye. Noma ubani owenziwa isisulu ngalendlela unelungelo lokumbeka icala omnukubezayo. Nakuba kunjalo, icala akufanele libikwe ngokuxhamazela uma lisekelwe kuphela ‘ezinkumbulweni ebezinganakekile’ eziphathelene nokunukubeza. Kulendaba into ebaluleke kakhulu ukuba isisulu siphinde sibe nemizwelo engaguquguquki ngezinga elithile. Ngemva kokudlula kwesikhathi esithile, singase sibe sesimweni esingcono sokuhlaziya “izinkumbulo” bese sinquma ukuthi sifuna ukwenzani ngazo, uma kukhona esifuna ukukwenza.
Cabangela indaba kaDonna. Kuthiwa wayenezinkinga zokudla wabe eseya kummeli—ngokusobala owayenekhono elingabazekayo. Ngokushesha wabe esemangalela uyise ngokuthi wayelale naye futhi uyise wayiswa enkantolo. Amajaji awazange avumelane, ngakho uyise akazange aye etilongweni, kodwa wayesele nezindleko zasenkantolo ezingu-$100 000 (R360 000). Khona-ke, ngemva kwakho konke lokho, uDonna watshela abazali bakhe ukuthi wayengasakholelwa ukuthi wayenukubeziwe!
Ngokuhlakanipha, uSolomoni wathi: “Ungasheshi ukuphuma [uyoqula icala elingokomthetho, NW].” (IzAga 25:8) Uma kunesizathu esithile esiqinile sokusola ukuthi lowo okuthiwa umenzi wobubi usabanukubeza abantwana, kungase kudingeke ukuba kunikezwe isixwayiso. Abadala bebandla bangasiza endabeni enjalo. Ngaphandle kwalokho, ungajahi. Ekugcineni, kungase kukwanelise ukuyiyeka indaba. Nokho, uma ufuna ukubhekana nalowo okuthiwa umenzi wobubi (ngemva kokuhlaziya kuqala indlela ongazizwa ngayo ngokusabela okungaba khona), unalo igunya lokwenza kanjalo.
Phakathi nesikhathi sokululama komuntu ‘onezinkumbulo,’ kungase kuvele izimo ezingathandeki. Ngokwesibonelo, umuntu angase abe nemibono ecacile engqondweni yokunukubezwa umuntu othile ambona nsuku zonke. Ayikho imithetho engamiswa yokuthi lokhu kufanele kusingathwe kanjani. “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.” (Galathiya 6:5) Ngezinye izikhathi umuntu angase abe nomuzwa wokuthi isihlobo noma ilungu lomkhaya eliseduze lihilelekile. Khumbula ukungabazeka kwezinye “izinkumbulo zokucindezeleka” uma kuziwa ekuvezeni umuntu okusoleka ukuthi ungumenzi wobubi. Esimweni esinjalo, uma nje indaba ingakaqinisekiswa, ukuqhubeka uxhumana nomkhaya—okungenani ngokuvakasha ngezinye izikhathi, ngokubhala incwadi, noma ngokushaya ucingo—kuyobonisa ukuthi umuntu uzama ukulandela inkambo engokomBhalo.—Qhathanisa neyabase-Efesu 6:1-3.
Yini Abadala Abangayenza?
Uma ilungu lebandla elinemibono yezehlakalo zesikhathi esidlule engqondweni noma “izinkumbulo ebezinganakekile” zokunukubezwa kwasebuntwaneni liya kubadala, ngokuvamile kuye kwabelwe ababili babo ukuba basize. Abadala kufanele ngomusa bakhuthaze umuntu ocindezelekile ukuba agxile ekulweni nokucindezeleka okungokomzwelo okwesikhashana. Amagama anoma yibaphi abanukubezi “abakhunjulwayo” kufanele agcinwe eyimfihlo ngokuphelele.
Umsebenzi wabadala oyinhloko uwukuba abelusi. (Isaya 32:1, 2; 1 Petru 5:2, 3) Kufanele ikakhulukazi baqaphele ukuthi ‘bagqoka ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade.’ (Kolose 3:12) Mabalalele ngendlela enomusa bese besebenzisa amazwi elaphayo avela emiBhalweni. (IzAga 12:18) Abanye abacindezelwe “izinkumbulo” ezibuhlungu baye bazwakalisa ukwazisa ngabadala ababavakashela njalo noma ababashayela ngisho nocingo ukuze bahlole ukuthi baphila kanjani. Ukuxhumana okunjalo akudingekile ukuba kudle isikhathi esiningi, kodwa kubonisa ukuthi inhlangano kaJehova iyakhathalela. Lapho umuntu ocindezelekile eqaphela ukuthi abafowabo abangamaKristu bamthanda ngempela, angase asizakale ukuba abe nemizwelo engaguquguquki ngezinga elihle.
Kuthiwani uma isisulu sinquma ukuthi sifuna ukufaka icala?b Khona-ke abadala ababili bangasazisa ukuthi, ngokuvumelana nesimiso esikuMathewu 18:15, kufanele sona ngokwaso siye kummangalelwa ngendaba. Uma isimo esingokomzwelo sommangali singamvumeli ukuba enze kanjalo ebhekene ngqó nalowo muntu, angakwenza ngocingo noma mhlawumbe ngokubhala incwadi. Ngalendlela lowo omangalelwe unikezwa ithuba lokuba enze isifungo phambi kukaJehova ngempendulo yakhe ecaleni abekwa lona. Angase akwazi ngisho nokwethula ubufakazi bokuthi bekungenakwenzeka ukuba anukubeze. Noma mhlawumbe lowo omangalelwe uyovuma, bese kuyabuyiswana. Yeka isibusiso lokho okungaba yiso! Uma kuvunywa, abadala ababili bangaqhubeka besingatha izindaba ngokuvumelana nezimiso ezingokomBhalo.
Uma icala liphikwa, abadala kufanele batshele ummangali ukuthi akukho okwengeziwe okungenziwa ngokuqondene nokwahlulela. Futhi ibandla liyoqhubeka libheka ummangalelwa njengomuntu omsulwa. IBhayibheli lithi kumelwe kube nofakazi ababili noma abathathu ngaphambi kokuba kuthathwe isinyathelo sokwahlulela. (2 Korinte 13:1; 1 Thimothewu 5:19) Ngisho noma abantu abangaphezu koyedwa “bekhumbula” ukunukubeza komuntu oyedwa ofanayo, lezi zinkumbulo aziqinisekile ukuba kungasekelwa izinqumo zokwahlulela kuzo ngaphandle kobunye ubufakazi obusekelayo. Lokhu akusho ukuthi “izinkumbulo” ezinjalo zibhekwa njengezingamanga (noma ukuthi zibhekwa njengeziyiqiniso). Kodwa kumelwe kulandelwe izimiso zeBhayibheli ekuqinisekiseni indaba lapho kwahlulelwa.
Kuthiwani uma ummangalelwa—nakuba esiphika isenzo sobubi—enecala ngempela? Ingabe kuba njengokungathi “uphunyukile”? Ngokuqinisekile akunjalo! Indaba yokuthi unecala noma umsulwa ingashiyelwa ezandleni zikaJehova ngokuphephile. “Izono zabanye abantu zibonakala obala, ziholela ngokuqondile ekwahlulelweni, kodwa ngokuqondene nabanye abantu izono zabo nazo zibonakala kamuva.” (1 Thimothewu 5:24; Roma 12:19; 14:12) Incwadi yezAga ithi: “Ithemba labalungileyo liyakuba-yintokozo, kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.” “Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe.” (IzAga 10:28; 11:7) Ekugcineni, uJehova uNkulunkulu noKristu Jesu abanikeza isahlulelo saphakade ngobulungisa.—1 Korinte 4:5.
Ukumelana NoDeveli
Lapho imiphefumulo ezinikezele ikhuthazela lapho ibhekene nobuhlungu obukhulu obungokomzimba noma obungokomzwelo, yeka ubufakazi obuyibo bamandla ayo angaphakathi nothando ngoNkulunkulu! Futhi yeka ukufakazelwa kwamandla omoya kaJehova oyiqinisayo!—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:7.
Amazwi kaPetru ayasebenza kwabanjalo: “Kodwa thathani ukuma kwenu ngokumelene naye, niqinile okholweni.” (1 Petru 5:9) Ukwenza kanjalo kungase kungabi lula. Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ngisho nokucabanga ngokucacile nangokuhluzeka. Kodwa yima isibindi! Ngokushesha, uDeveli namaqhinga akhe ngeke kusaba khona. Ngempela, siyasilangazelela leso sikhathi lapho ‘uNkulunkulu ngokwakhe eyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, futhi ukufa kungabe kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu kungabe kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’—IsAmbulo 21:3, 4.
[Imibhalo yaphansi]
a Elithi “izinkumbulo ebezinganakekile” namagama afana nalo lifakwe phakathi kwezimpawu zengcaphuno ukuze lihlukaniswe ezinkumbulweni ezivame kakhudlwana sonke esiba nazo.
b Kungase kudingeke nokuba izinyathelo ezivezwe kulesi sigaba zithathwe uma indaba seyaziwa ebandleni.