Kunesithembiso Sokuphila Okungcono
UNGATHANDA yini ukukhululeka ezinkingeni ezenza ukuphila kube nzima? Ingabe uyafuna ukuphila ezweni lapho ukuphila kujabulisa khona njengalokhu okuboniswe esembozweni esingaphambili nesingemuva kulomagazini? Ake uwubuke kahle lowo mfanekiso. Abantu banenala yokudla. Bazokujabulela ngempela lokho kudla okumnandi. Wonk’ umuntu weneme. Abantu bezinhlanga ezihlukene bahlalisene ngokuthula. Ngisho nezilwane zinokuthula! Akekho olwayo. Akekho ompofu. Akekho ogulayo. Kunezindawo ezinhle, imithi emihle, namanzi acwebile, ahlanzekile. Yeka ubuhle bendawo!
Ingabe lomhlaba uyoke ube njena? Yebo, uyoba ipharadesi. (Luka 23:43) UNkulunkulu, owadala umhlaba, uye wajonga ukuba abantu bajabulele ukuphila okungcono emhlabeni oyipharadesi. Nawe ungaba lapho!
Yikuphi Ukuphila Obungakukhetha?
IPharadesi lasemhlabeni lesikhathi esizayo liyohluka kanjani ezweni esiphila kulo manje? Njengamanje, abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane bayalamba nsuku zonke. Kodwa ePharadesi uNkulunkulu alijongele umhlaba, wonk’ umuntu uyoba nenala yokudla. IBhayibheli liyathembisa: “UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo . . . idili lewayini elinenhlese.” (Isaya 25:6) Ngeke kube nakuswelakala kokudla, ngoba iBhayibheli lithi: “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.”—IHubo 72:16.
Namuhla, abaningi bahlala emaxhibeni nasemijondolo, noma bayakhandleka ukuze bakhokhe intela. Abanye abanamakhaya futhi balala emigwaqweni. Ngokwe-World Health Organization, izingane ezingaba izigidi eziyikhulu emhlabeni azinamakhaya. Kodwa ePharadesi elizayo, wonk’ umuntu uyoba nekhaya elithi yena. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo.”—Isaya 65:21.
Abaningi bashikashikeka emisebenzini abangayithandi. Bavamé ukusebenza isikhathi eside nakanzima kodwa bahole kancane kakhulu. Cishe umuntu oyedwa kwabahlanu emhlabeni uphila ngeholo elingaphansi kuka-R1 800 ngonyaka. Nokho, ePharadesi elizayo, abantu bayowujabulela umsebenzi wabo futhi bayobona imiphumela emihle kuwo. UNkulunkulu uyathembisa: “Nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize.”—Isaya 65:22, 23.
Ukugula nezifo kukuyo yonke indawo manje. Abaningi bayizimpumputhe. Abanye bayizithulu. Abanye abakwazi ukuhamba. Kodwa ePharadesi, abantu bayokhululeka ekuguleni nasezifweni. UJehova uthi: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Kulabo abakhubazekile kakade, isithembiso esijabulisayo siwukuthi: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele [inyamazane ethile], nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6.
Esikhathini samanje, kukhona ukuhlupheka nobuhlungu, ukudabuka nokufa. Kodwa ePharadesi emhlabeni, zonke lezi zinto ngeke zibe khona. Yebo, ngisho nokufa kuyobe kungasekho! IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba [nabo]. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni [abo], futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
Khona-ke, kuyacaca ukuthi iPharadesi lasemhlabeni elithenjiswa uJehova liyosho ukuphila okungcono ngesintu. Kodwa singaqiniseka kanjani ukuthi liyofika? Liyofika nini, futhi kanjani? Yini okumelwe uyenze ukuze ube lapho?