Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • sp kk. 30-31
  • Umhlaba Oyipharadesi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umhlaba Oyipharadesi
  • Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kunesithembiso Sokuphila Okungcono
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Abangane BakaNkulunkulu Bayophila Epharadesi
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Okungaphambili—Isikhathi Esihle Kunazo Zonke!
    I-Phaphama!—1995
  • Inkolo Yeqiniso Ingakuzuzisa Kuze Kube Phakade!
    Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
Bheka Okunye
Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
sp kk. 30-31

Umhlaba Oyipharadesi

Abantu bezinhlanga ezingafana bajabulela ukudla ndawonye ePharadesi

UJehova uyobuqeda ngokuphelele bonke ububi uSathane abenzile. UJehova uye wenza uJesu waba iNkosi phezu kwawo wonke umhlaba. Ngaphansi kokubusa kwakhe, umhlaba uyokwenziwa ipharadesi.—Daniyeli 7:13, 14; Luka 23:43.

UJehova uthembisa lezizinto:

  • INALA YOKUDLA: “Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.” “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 67:6; 72:16.

  • IMPI NGEKE ISABA KHONA: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:8, 9.

  • ABANTU ABABI NGEKE BABE KHONA: “Ngokuba ababi bazakuchithwa, . . . Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.”—IHubo 37:9, 10.

  • Indoda ifuna iBhayibheli bese izicabanga isiphila ePharadesi lapho izinyonga sezikwazi ukuhamba, izimpumputhe sezibona nalapho imindeni iyobe isimunye khona

    NGEKE KUBE KHONA UKUGULA, USIZI, NOMA UKUFA: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6.

    “Yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Ngokungafani noSathane namademoni, uJehova akalokothi aqambe amanga. Konke akwethembisayo kumelwe kugcwaliseke. (Luka 1:36, 37) UJehova uyakuthanda futhi ufuna ukuba uphile ePharadesi azolenza. Ngakho thintana noFakazi BakaJehova ukuze ufunde okwengeziwe ngalamaqiniso amangalisayo atholakala eZwini likaNkulunkulu. Uma usebenzisa iqiniso ekuphileni kwakho, uyokhululeka ebugqilini bamanga, bokukholelwa ezeni, nobokungazi. Ngokuhamba kwasikhathi, uyokhululeka ngisho nasebugqilini besono nokufa. Njengoba uJesu asho: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”—Johane 8:32.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela