Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 12/1 kk. 4-7
  • Lapho Isiko Liphikisana Neqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Isiko Liphikisana Neqiniso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukungcolisa Amanzi Eqiniso
  • ELobukholwa Liyanezela Ekungcoleni
  • Imiphumela Yokungcola Okungokomoya
  • Wavivinye Amasiko
  • Ingabe Isiko Kumelwe Liphikisane Neqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Amasiko Enkolo NeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ingabe Ungakholelwa EBhayibhelini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 12/1 kk. 4-7

Lapho Isiko Liphikisana Neqiniso

INGOZI—LAMANZI AWAPHUZWA. Kungenzeka sijwayele ukubona izixwayiso ezinjalo. Ezindaweni eziningi abantu bayakuqaphela abakuphuzayo ngoba bayazi ukuthi eminye imithombo yamanzi ingenwa ubuthi obuye bethiwa ngokuthi “imvubelo yomthakathi” yezinto ezingcolile ezinoshevu. Omunye umbiko wokuhlola uthi, ngenxa yalokhu kungcola, esikhundleni sokuba “umsekeli nomvikeli wokuphila,” amanzi angaba “umdluliseli wamagciwane anezifo . . . namakhemikhali angcolisayo.”—Water Pollution.

Ukungcolisa Amanzi Eqiniso

Amasiko aphikisana neqiniso anjengemithombo yamanzi engcolile. Singase sibambelele ngobumsulwa emasikweni—ukwaziswa, imibono, izinkolelo, noma izinkambiso ezidluliswa zisuka esizukulwane ziya kwesinye—lawo, eqinisweni, aye angcoliswa “imvubelo yomthakathi” eyimibono namafilosofi angamanga, adukisayo. Njengamanzi angcolile, lemibono namafilosofi kungase kubangele ukulimala okukhulu—ukulimala okungokomoya.

Ngisho noma sinomuzwa wokuthi izinkolelo zethu zenkolo ezingokwesiko zisekelwe eBhayibhelini, sonke kufanele sizinike isikhathi sokuzihlola ngokucophelela. Khumbula, lapho uMartin Luther enamathela enkolelweni engokwesiko yosuku lwakhe futhi elahla uCopernicus, wayekholelwa ukuthi wayesekelwa iBhayibheli. Nokho, uLuther wahluleka ukulandela isibonelo esihle sabaseBereya basendulo ‘ababenengqondo enhle ekuhloleni ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezizinto.’—IzEnzo 17:10, 11.

Cabanga ngokulimala izinkolelo ezingokwesiko ezakubangela kwamanye amaJuda osuku lukaJesu. Ayekholelwa ngentshiseko ukuthi amasiko awo ayeyiqiniso. Lapho ekhalaza ngokuthi abafundi bakaJesu babengawagcini amasiko, uJesu wawacela inselele ngalombuzo: “Kungani nani neqa umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu?” (Mathewu 15:1-3) Yini eyayonakele? UJesu wayiveza inkinga lapho ecaphuna amazwi omprofethi u-Isaya: ‘Baqhubeka bekhulekela uNkulunkulu ngeze, ngoba bafundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’—Mathewu 15:9; Isaya 29:13.

Yebo, esikhundleni samaqiniso avela kuNkulunkulu, bafaka imibono evela kubantu noma, okubi nakakhulu, evela emademonini. Ngokwesibonelo, i-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, ikhasi 506, iyachaza: “Ngaleso sikhathi abaFarisi bafundisa ukuthi lapho nje umuntu eseye wabiza impahla yakhe ngokuthi ‘ikorbana,’ noma isipho esinikezelwe kuNkulunkulu, wayengenakuyisebenzisa ukuze anelise izidingo zabazali bakhe, kungakhathaliseki ukuthi babeswele kangakanani, nakuba yena ngokwakhe ayengayisebenzisa impahla enjalo kuze kube sekufeni kwakhe uma ekhetha ukwenza kanjalo.” Ukuhlakanipha komuntu okwakungcolisa amanzi eqiniso kwaba nemiphumela emibi ngokomoya kumaJuda. Iningi lala ngisho nokwala uMesiya walo okwase kuyisikhathi eside elindelwe.

ELobukholwa Liyanezela Ekungcoleni

Umonakalo ongokomoya ofanayo waba khona ngemva kokufa kukaJesu. Abaningi ababethi bangabalandeli bakhe bakhangwa amasiko adluliselwa ngomlomo njengayigunya lezimfundiso ezintsha. Ngokwe-Cyclopedia of Biblical, Theological, and Ecclesiastical Literature, kaMcClintock noStrong, abanye okwakuthiwa bangamaKristu baba nomuzwa wokuthi isiko elinjalo ‘laliwumyalo owamukelwa amasonto okuqala obuKristu ngomlomo wabaphostoli, wadluliswa usuka enkathini yabaphostoli, futhi walondolozwa ngobumsulwa kwaze kwaba isikhathi sabo.”—Omalukeke sizenzele.

Eqinisweni amaningi alamasiko ayeyimibono engemsulwa, engaqondile. Njengoba le-Cyclopedia ichaza, lamafilosofi amasha ‘ayengagcini ngokungafani namanye amasiko, kodwa nanayo kanye imibhalo yabaphostoli ababenayo.’ Lokhu kwakungekhona okungalindelekile ngokuphelele. Umphostoli uPawulu wayexwayise amaKristu: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona othile oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe futhi hhayi ngokukaKristu.”—Kolose 2:8.

Nanamuhla, izinkolelo eziningi ezingokwesiko ‘azifani nayo kanye imibhalo yabaphostoli.’ ELobukholwa liye lafaka ubuthi emanzini eqiniso ngemibono eminingi ephefumulelwe amademoni, njengoZiqu-zintathu, isihogo somlilo, ukungafi komphefumulo womuntu, ubuzwe, nokukhonza izithombe.a (1 Thimothewu 4:1-3) Umlando ufakazela ukugula okungokomoya okuye kwehlela abantu ababa izisulu zezimfundiso zamademoni eziye zaba izimfundiso ezingokwesiko zeLobukholwa.—Qhathanisa no-Isaya 1:4-7.

Ukungcoliswa kweqiniso okunjalo, eqinisweni, bekulokhu kuqhubeka kusukela ekuqaleni komuntu. USathane uye waqhubeka nenqubo ayiqala e-Edene yokufaka ubuthi ezingqondweni zabantu ngamanga nokukhohlisa. (Johane 8:44; 2 Korinte 11:3) Njengoba umkhaya wesintu wawusakazekela kuwo wonke umhlaba ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa, abantu bazo zonke izinkambiso baba izisulu zokufakwa kobuthi ngamabomu emithonjeni yokuhlakanipha kwabantu ngamafilosofi nemibono ephefumulelwe amademoni.

Imiphumela Yokungcola Okungokomoya

Yikuphi ukulimala okungabangelwa ukungcola okungokomoya okunjalo? Singakuqhathanisa nemiphumela amanzi angcolile anayo empilweni yethu engokomzimba. Esinye isazi sithi: “Abantu abangaba izigidi ezingu-200 bayizisulu ze-schistosomiasis (isichenene) [imfiva yomnenke, ebangela ukuntuleka kwegazi noma izakhi zalo, ukungaphatheki kahle, impilo ebuthaka, ngisho nokufa], ebangelwa amanzi angcolile esikhunjeni. Abantu abayizigidi ezingamakhulu amahlanu bane-trachoma, enye yezimbangela eziyinhloko zobumpumputhe, ngenxa yamanzi okugeza angcolile. . . . Abantu abangaba izigidi eziyizinkulungwane ezimbili abanawo amanzi okuphuza aphephile.” (Our Country, the Planet) Izigidi zabantu ziye zenziwa buthaka ngokomoya, zaphuphuthekiswa, zafa ngisho nokufa ngenxa yokulandela amasiko onakaliswe izimfundiso ezingamanga zamademoni.—1 Korinte 10:20, 21; 2 Korinte 4:3, 4.

Ngokwesibonelo, abaningi badidekile noma baphuphuthekisiwe ngokuphathelene nobuhlobo phakathi kukaJesu Kristu noYise, uJehova uNkulunkulu. Kwaba inkambiso phakathi kwabathile ababethi bangamaKristu ukushiya ngaphandle igama likaNkulunkulu elingcwele, elithi Jehova, emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Kuyi-Journal of Biblical Literature uGeorge Howard uthi: “Ngokombono wethu, lokhu kususwa kweTetragram[maton], kwabangela ukudideka ezingqondweni zamaKristu eZizwe okuqala ngokuphathelene nobuhlobo phakathi ‘kweNkosi uNkulunkulu’ ‘neNkosi uKristu.’”

Cabanga nangokudideka, izinkolelo-ze, nokwesaba okubangelwa isiko elingelona elingokombhalo lokuthi umphefumulo womuntu awunakufa. (Qhathanisa nomShumayeli 9:5; Hezekeli 18:4.) Bangaki abantu abagqilazwe ukukhulekela okhokho noma abahlale besaba ukuthi abafileyo bazobuya bazobalimaza? Lenkolelo iye yakhuthaza ngisho nokuba abantu bazibulale bona ngokwabo nabanye.

Abantu abaningi baseJapane banomuzwa wokuthi lapho befa imimoya yabo ephumile iphinde ihlangane ezweni langemva kokufa. Ngakho-ke, abanye abazali abazibulalayo baye bakubona kungcono kakhulu ukuba babulale nezingane zabo. I-English Dictionary of Japanese Ways of Thinking iyachaza: “EJapane ukuzibulala akulahlwa ngaso sonke isikhathi, kodwa ngokuvamile kubhekwa njengendlela eyamukelekayo yokuxolisa komuntu ngephutha lakhe elingathi sína . . . Ngisho nokuzibulala komkhaya kungase kubikwe ngamazwi okuzwelana nawo.”

Wavivinye Amasiko

Ngenxa yezingozi ezihilelekile ekulandeleni izinkolelo nezinkambiso ezingokwesiko ngokungazi, yini okufanele siyenze? Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala, umphostoli uJohane wanikeza lesi seluleko kumaKristu ayekanye nawo: “Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe, kodwa vivinyani izinkulumo eziphefumulelwe [njengoba nje ubungahlola amanzi ukuthi amsulwa yini] ukuze nibone ukuthi zisuka kuNkulunkulu yini, ngoba abaprofethi bamanga abaningi baphumele ezweni.” (1 Johane 4:1; bheka neyoku-1 Thesalonika 5:21.) Ungazi kanjani ukuthi isiko elithile liyingozi yini? Udinga igunya elithile, indinganiso ethile yobumsulwa, ukuze uvivinye lokho okukholelwayo.

IBhayibheli liyigunya elinjalo. UJesu Kristu wathi: “Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Wathi futhi: “Ihora liyeza futhi kuyilo manje lapho abakhulekeli beqiniso beyokhulekela khona uBaba ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:23) Ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, ufinyelela emanzini amsulwa eqiniso kunasemanzini efilosofi yabantu neyobudemoni.—Johane 8:31, 32; 2 Thimothewu 3:16.

Khumbula, ngisho nesilinganiso esincane kakhulu sezinto ezingcolisayo singaba nemiphumela emibi kakhulu. Ngezinye izikhathi kuthatha iminyaka eminingi ngaphambi kokuba imiphumela ivele. UShridath Ramphal, owayengumongameli we-World Conservation Union, uthi: “Amanzi angcolile aye aba umbulali oyingozi kakhulu emhlabeni wonke. Okungenani abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu bayafa nsuku zonke ngenxa yokuwasebenzisa.” Amasiko angcolile ngokomoya ayingozi ngisho nakakhulu.

Ingabe unaso isibindi sokugqashula ezinkolelweni ezingokwesiko okungenzeka uye wazilandela iminyaka eminingi uma kutholakala ukuthi ziyaphikisana neqiniso? Lalela izixwayiso. Zivikele wena nomkhaya wakho ngokuqiniseka ukuthi amasiko akho ayavumelana neZwi likaNkulunkulu elimsulwa leqiniso.—IHubo 19:8-11; IzAga 14:15; IzEnzo 17:11.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka ethi Ukubonisana NgemiBhalo ukuze uthole ubufakazi bokuthi izimfundiso ezinjalo azisekelwe eBhayibhelini. Lencwadi inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 7]

IZwi likaNkulunkulu leqiniso linjengomfula wamanzi amsulwa, ahlanzekile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela