Ingabe Isiko Kumelwe Liphikisane Neqiniso?
UMARTIN LUTHER wayeqiniseka ukuthi unembile. Wayenomuzwa wokuthi iBhayibheli liyamsekela. Ngakolunye uhlangothi, isazi sezinkanyezi sasePoland, uCopernicus, sasicabanga ukuthi inkolelo engokwesiko yangalolo suku yayingaqondile.
Yiphi inkolelo? Yokuthi umhlaba wawumaphakathi endaweni yonke futhi yonke into yayizungeza wona. UCopernicus wathi iqiniso laliwukuthi umhlaba ngokwawo wawuzungeza ilanga. ULuther wakuchitha lokhu, ethi: “Abantu balalela isazi sezinkanyezi esiyimfundamakhwela esalwela ukubonisa ukuthi umhlaba ojikelezayo, hhayi amazulu noma umkhathi, ilanga nenyanga.” —History of Western Philosophy.
IZINKOLELO ezingokwesiko ziye zaphikisana kaningi namaqiniso. Zingabangela ngisho nokuba abantu benze izinto ezilimazayo.
Yebo, lokhu akusho ukuthi ngaso sonke isikhathi isiko liyaphikisana neqiniso. Eqinisweni, umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu osuku lwakhe ukuba aqhubeke elandela amasiko awadlulisela kuwo: “Manje ngiyanitusa ngoba . . . niwabambé ngokuqinile amasiko njengoba nje ngawadlulisela kini.”—1 Korinte 11:2; bheka neyesi-2 Thesalonika 2:15; 3:6.
Wayesho ukuthini uPawulu uma ethi “amasiko”? I-Insight on the Scriptures, Umqulu 2, ikhasi 1118, iveza ukuthi igama lesiGreki alisebenzisa kwelithi “isiko,” elithi pa·raʹdo·sis, lisho okuthile “okudluliselwa ngezwi lomlomo noma ngokubhala.” Igama lesiNgisi elihunyushwe ngokuthi “isiko” lisho “ukwaziswa, izimfundiso, noma imikhuba eye yadluliswa isuka kubazali iya ezinganeni noma eye yaba indlela yokucabanga noma yokwenza eyamukelwayo.”a Ngenxa yokuthi amasiko umphostoli uPawulu awadlulisela ayevela emthonjeni omuhle, amaKristu ayenza kahle ngokubambelela kuwo.
Nokho, ngokusobala isiko lingaba iqiniso noma amanga, libe lihle noma libe libi. Ngokwesibonelo, isazi sefilosofi saseBrithani uBertrand Russell siyabatusa abantu abanjengoCopernicus wekhulu le-16 owayeqotho futhi enesibindi sokuphikisa izinkolelo ezingokwesiko. Baqala “ukuqaphela ukuthi lokho okwakuye kwakholelwa kusukela ezikhathini zasendulo kwakungase kube amanga.” Ingabe nawe uyakubona ukuhlakanipha kokungalandeli isiko ngokuphuphutheka?—Qhathanisa noMathewu 15:1-9, 14.
Kuthiwani-ke ngezinkolelo namasiko angokwenkolo? Singawathatha yini njengokungathi alungile futhi awalimazi? Singazi kanjani? Yini okufanele siyenze uma sithola ukuthi amasiko angokwenkolo empeleni ayaphikisana neqiniso? Isihloko esilandelayo sizohlola lemibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Cover: Jean-Leon Huens © National Geographic Society
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Universität Leipzig