Izimvu ZikaJehova Zidinga Ukunakekelwa Kwesisa
“Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; . . . [singabantu] bakhe nezimvu zedlelo lakhe.”—IHUBO 100:3.
1. UJehova uziphatha kanjani izinceku zakhe?
UJEHOVA unguMalusi Omkhulu. Uma siyizinceku zakhe, usibheka njengezimvu zakhe futhi asinakekele ngesisa. UBaba wethu wasezulwini uyasiduduza, asenze siqabuleke, futhi asiholele “ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.” (IHubo 23:1-4) UMalusi Omuhle, uJesu Kristu, usithanda kakhulu kangangokuba wanikela ngomphefumulo wakhe ngenxa yethu.—Johane 10:7-15.
2. Abantu bakaNkulunkulu bakusiphi isimo?
2 Njengabantu abathola ukunakekelwa kwesisa, singase sisho kanye nomhubi: “Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo. Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, [singabantu] bakhe nezimvu zedlelo lakhe.” (IHubo 100:2, 3) Yebo, siyajabula futhi silondekile. Kunjengokungathi sivikelekile ezilwaneni ezimbi ezidla ezinye, sisesibayeni esinezindonga zamatshe eziqinile.—Numeri 32:16; 1 Samuweli 24:3; Zefaniya 2:6.
Abelusi Bomhlambi Abazinikela Ngokuzithandela
3. Abadala abamisiwe abangamaKristu bawuphatha kanjani umhlambi kaNkulunkulu?
3 Kungakho sijabula njengezimvu zikaNkulunkulu! Abadala abamisiwe bayahola phakathi kwethu. ‘Abazenzi izikhulu,’ izingqongqo phezu kwethu, noma bazame ukuba amakhosi phezu kokholo lwethu. (Numeri 16:13; Mathewu 20:25-28; 2 Korinte 1:24; Heberu 13:7) Kunalokho, bangabelusi abanothando abasebenzisa iseluleko somphostoli uPetru: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ongaphansi kokunakekela kwenu, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela; futhi kungabi ngokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa ngokuba yizibonelo emhlambini.” (1 Petru 5:2, 3) Umphostoli uPawulu watshela abadala ayenabo: “Zinakeni nina nawo wonke umhlambi, umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe siqu.” Futhi yeka indlela izimvu ezibonga ngayo ngokuthi lamadoda amiswe ngomoya ongcwele ‘aphatha umhlambi ngesisa’!—IzEnzo 20:28-30.
4. UCharles T. Russell wayaziwa ngokuba nabuphi ubuhlobo nomhlambi?
4 UJesu wanika ibandla “izipho ezingabantu,” abanye “njengabelusi,” abaphatha umhlambi kaJehova ngesisa. (Efesu 4:8, 11) Enye yalamadoda kwakunguCharles T. Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Society. Wayebizwa ngokuthi uMalusi uRussell ngenxa yemisebenzi yakhe yothando neyobubele ekwaluseni umhlambi ongaphansi kukaMalusi Oyinhloko, uJesu Kristu. Namuhla, abadala abangamaKristu bamiswa iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, futhi kuyaqikelelwa ukuba angasetshenziswa njengeziqu amagama anjengathi “umalusi,” “umdala,” noma “umfundisi.” (Mathewu 23:8-12) Nokho, abadala banamuhla benza umsebenzi wokwalusa ukuze kuzuze izimvu zedlelo likaJehova.
5. Kungani kufanele abasanda kuhlanganyela bajwayelane nabadala abamisiwe ebandleni lobuKristu?
5 Njengabelusi, abadala banengxenye ebalulekile entuthukweni engokomoya yabasanda kuhlanganyela. Ngakho, incwadi entsha ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, ekhasini 168, ithi: “Jwayelana nabadala abamisiwe ebandleni. Banokuhlangenwe nakho okuningi ekusebenziseni ulwazi ngoNkulunkulu, ngoba baye bahlangabezana nezimfanelo zokuba ababonisi ezibekwe eBhayibhelini. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9) Unganqikazi ukuya komunye wabo lapho udinga usizo olungokomoya ukuze unqobe umkhuba othile noma imfanelo ephikisana nezimfuneko zikaNkulunkulu. Uyothola ukuthi abadala balalela isiyalo sikaPawulu: ‘Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka, nibe ababhekakade kubo bonke.’—1 Thesalonika 2:7, 8; 5:14.”
Lapho Abasanda Kuhlanganyela Befuna Ukushumayela
6. Iyiphi inqubo elandelwayo uma umfundi weBhayibheli efuna ukuba ummemezeli woMbuso?
6 Ngemva kokuba umfundi weBhayibheli engenise ulwazi futhi waba khona emihlanganweni isikhathi esithile, angase afune ukuba ummemezeli woMbuso, umshumayeli wezindaba ezinhle. (Marku 13:10) Uma kunjalo, uFakazi omqhubela isifundo seBhayibheli kufanele athintane nombonisi owengamele, oyohlela ukuba omunye wabadala beKomiti Yenkonzo Yebandla nomunye umdala babonane nalowo mfundi weBhayibheli kanye nalowo omfundelayo. Ingxoxo iyosekelwa encwadini ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, emakhasini 98 no-99. Uma laba badala ababili bebona ukuthi lona osanda kuhlanganyela uyazikholelwa izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo futhi uye wazivumelanisa nezimiso zikaNkulunkulu, uyotshelwa ukuthi uyakufanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini.a Lapho ebika inkonzo yakhe ngokuletha umbiko wenkonzo yasensimini, uyofakwa ekhadini elithi Irekhodi Lommemezeli Lebandla elibhalwe igama lakhe. Lowo osanda kuhlanganyela angabika umsebenzi wakhe wokufakaza kanye nezigidi zabanye ‘ezimemezela izwi likaNkulunkulu.’ (IzEnzo 13:5) Isimemezelo sokuthi ungummemezeli ongabhapathiziwe siyokwenziwa ebandleni.
7, 8. Ummemezeli ongabhapathiziwe angalunikezwa ngaziphi izindlela usizo enkonzweni?
7 Ummemezeli ongabhapathiziwe udinga usizo lwabadala namanye amaKristu avuthiwe. Ngokwesibonelo, intuthuko yakhe engokomoya ibalulekile kumqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla akuso. Ummemezeli omusha angase akuthole kunzima ukukhuluma ngokuphumelelayo emsebenzini wendlu ngendlu. (IzEnzo 20:20) Ngakho angase alujabulele usizo, ikakhulukazi oluvela kulowo owayemqhubela isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi. Usizo olunjalo luyafaneleka, ngoba uJesu Kristu walungiselela abafundi bakhe inkonzo.—Marku 6:7-13; Luka 10:1-22.
8 Ukuze inkonzo yethu iphumelele, ukulungiselela okuhle kusengaphambili kubalulekile. Ngakho-ke, labamemezeli ababili bangase bahlangane kuqala ukuze baprakthize izintshumayelo ezisikiselwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso yanyanga zonke. Lapho beqala inkonzo yabo yasensimini, onokuhlangenwe nakho angakhuluma endlini yokuqala noma kwezimbili. Ngemva kwesethulo sobungane, bobabili abamemezeli bangahlanganyela ekunikezeni ubufakazi. Ukusebenza ndawonye enkonzweni amasonto ambalwa kungaholela ezimpindelweni ezinhle ngisho nasesifundweni seBhayibheli sasekhaya ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Lommemezeli onokuhlangenwe nakho angase asiqhube okwesikhashana leso sifundo abese esinika ummemezeli woMbuso omusha. Yeka ukuthi bobabili labo bamemezeli bayojabula kanjani uma lowo mfundi weBhayibheli ebonisa ukulwazisa ulwazi ngoNkulunkulu!
9. Yimaphi amalungiselelo enziwayo uma ummemezeli efisa ukubhapathizwa?
9 Njengoba ummemezeli ongabhapathiziwe ethuthuka ngokomoya, angase azinikezele kuNkulunkulu ngomthandazo abese efuna ukubhapathizwa. (Qhathanisa noMarku 1:9-11.) Kufanele azise umbonisi owengamele webandla ngesifiso sakhe sokubhapathizwa, yena oyohlela ukuba abadala abathile babukeze nalowo mmemezeli imibuzo esekhasini 175 kuya ku-218 kwethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu. Izingxenye ezine imibuzo ehlukaniswe ngazo zingase zihlanganiswe ngezikhathi ezintathu abadala abathathu abahlukene uma kungenzeka. Uma bevumelana ngokuthi lowo mmemezeli ongabhapathiziwe uziqonda ngokwanele izimfundiso zeBhayibheli futhi uyafaneleka nangezinye izindlela, bayomtshela ukuthi angabhapathizwa. Ngenxa yokuzinikezela kwakhe nokubhapathizwa, uba ‘ophawulelwe’ ukusinda.—Hezekeli 9:4-6.
Ukuhlangabezana Nezidingo Ezikhethekile
10. Ngemva kokuba eqede isifundo sakhe sencwadi ethi Ulwazi futhi esebhapathiziwe, umuntu uyolwandisa kanjani ulwazi lwakhe olungokomBhalo?
10 Ngemva kokuba umuntu eqede isifundo sakhe seBhayibheli encwadini Ulwazi futhi esebhapathiziwe, kungase kungadingeki ukumqhubela isifundo esihlelekile ngencwadi yesibili, njengethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso.b Yebo, umuntu osanda kubhapathizwa uyofunda okuningi njengoba elungiselela imihlangano yobuKristu futhi eba khona kuyo njalo. Futhi uyothola ulwazi olwengeziwe njengoba ukomela kwakhe iqiniso kumshukumisela ukuba afunde futhi atadishe izincwadi zobuKristu eyedwa futhi axoxe ngezinto ezingokomBhalo nabantu akholwa nabo. Kodwa kuthiwani uma kuphakama izidingo ezikhethekile?
11. (a) U-Apholo wasizwa kanjani uPrisila no-Akwila? (b) Yiluphi usizo olungase lunikezwe insizwa esanda kubhapathizwa ecabangela ukushada?
11 Ngisho no-Apholo, ‘owayeyazi kahle imiBhalo’ futhi efundisa ngoJesu ngendlela eqondile, wazuza lapho amaKristu anokuhlangenwe nakho uPrisila no-Akwila ‘bemfaka phakathi kwabo futhi bemchasisela indlela kaNkulunkulu ngokuqonde ngokwengeziwe.’ (IzEnzo 18:24-26; qhathanisa nezEnzo 19:1-7.) Ngakho-ke, ake sithi insizwa ethile esanda kubhapathizwa icabangela ukuqomisa nokushada. UmKristu onokuhlangenwe nakho angase ayisize ithole ukwaziswa mayelana nalezi zindaba ezincwadini ze-Watch Tower. Ngokwesibonelo, ukwaziswa okuwusizo mayelana nalokhu kusencwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Ingxenye 7.c Ummemezeli owayeyiqhubela isifundo seBhayibheli angase axoxe nayo ngalendaba, nakuba kungeke kudingeke isifundo sasikhathi sonke.
12. Yiluphi usizo olungase lunikezwe abangane bomshado abasanda kubhapathizwa abanezinkinga emshadweni?
12 Cabangela esinye isibonelo. Mhlawumbe abangane bomshado abasanda kubhapathizwa banezinkinga ekusebenziseni izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu. Bangase bathinte umdala, ongasebenzisa izikhathi zakusihlwa ezimbalwa exoxa nabo ngemiBhalo futhi adonsele ukunakekela kwabo ekwazisweni okutholakala ezincwadini ze-Watch Tower. Nokho, umdala ngeke aqale kabusha isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nalowo mbhangqwana.
Lapho Osanda Kubhapathizwa Ona
13. Kungani abadala bebandla kufanele babonise isihe kumuntu osanda kubhapathizwa owonile kodwa ophendukayo?
13 Abadala balingisa uMalusi Omkhulu, uJehova, othi: “Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, . . . ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo.” (Hezekeli 34:15, 16; Efesu 5:1) Ngokuvumelana nalowo moya, umfundi uJude wanxusa ukuba aboniswe isihe amaKristu agcotshiwe ayenokungabaza noma ayewele esonweni. (Jude 22, 23) Njengoba ngokufanelekile silindele okwengeziwe kumaKristu anokuhlangenwe nakho, ngokuqinisekile kufanele kuboniswe isihe kumuntu osanda kubhapathizwa—iwundlu—owonile kodwa ophendukayo. (Luka 12:48; 15:1-7) Ngenxa yalokho, abadala ‘abahlulelela uNkulunkulu,’ banikeza izimvu ezinjalo ukunakekela kwesisa futhi bazilungise ngomoya wobumnene.—2 IziKronike 19:6; IzEnzo 20:28, 29; Galathiya 6:1.d
14. Yini okufanele yenziwe lapho ummemezeli osanda kubhapathizwa enza isono esingathi sína, futhi angasizwa kanjani?
14 Ake sithi-ke ummemezeli osanda kubhapathizwa wayenenkinga yokuphuza ngaphambili futhi ubuyele emuva ekuzitikeni ngokweqile kanye noma kabili. Noma mhlawumbe wayenqobe umkhuba kagwayi owawususegazini kodwa uwele esilingweni sokubhema ngasese kanye noma kabili. Ngisho noma lowo mfowethu osanda kubhapathizwa eye wathandazela intethelelo kaNkulunkulu, kufanele afune usizo lomdala ukuze isono singabi umkhuba. (IHubo 32:1-5; Jakobe 5:14, 15) Lapho etshela omunye wabadala ngesono sakhe, lowo mdala kufanele azame ukumlungisa ngesihe lowo osanda kubhapathizwa. (IHubo 130:3) Iseluleko esingokomBhalo singase sanele ukuba simsize aqondise imikhondo yakhe ngemva kwalokho. (Heberu 12:12, 13) Lowo mdala uyoxoxa nombonisi owengamele webandla ngesimo ukuze banqume ukuthi yiluphi olunye usizo okufanele lunikezwe.
15. Kwezinye izimo, yini engadingeka lapho umuntu osanda kubhapathizwa ona?
15 Kwezinye izimo kungase kudingeke okwengeziwe. Uma kuyindaba esiyaziwa abaningi, kuyinto eyingozi emhlambini, noma kuhileleke ezinye izinkinga ezingathi sína, indikimba yabadala iyokwabela abadala ababili ukuba bahlole leyo ndaba. Uma laba badala bethola ukuthi lendaba ingengathi sína ngokwanele kangangokuba kudingeka ikomiti yokwahlulela, kufanele babikele indikimba yabadala ngalokhu. Indikimba yabadala iyomisa ikomiti yokwahlulela eyosiza owonile. Ikomiti yokwahlulela kufanele isebenzelane naye ngothando. Kufanele ilwele ukumlungisa ngemiBhalo. Uma esabela emizamweni yomusa yekomiti yokwahlulela, khona-ke inganquma ukuthi kuyoba nenzuzo yini ukuba angasetshenziswa ezingxenyeni zasesiteji emihlanganweni eba seHholo LoMbuso noma ukuthi kufanele yini avunyelwe ukuba aphendule emihlanganweni.
16. Yini abadala abangayenza ukuze basize umuntu owonile?
16 Uma lowo owonile esabela kahle, umdala oyedwa noma ababili abasekomitini yokwahlulela bangahlela ukwenza ukuhambela kokwelusa ngenjongo yokuqinisa ukholo lwakhe nokumenza abe nokwazisa ngezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. Ngamunye wabo angase asebenze naye enkonzweni yasensimini ngezikhathi ezithile. Bangaba nezingxoxo ezimbalwa ezingokomBhalo naye, mhlawumbe besebenzisa izihloko ezifanelekayo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! kodwa hhayi ukuba baqhube isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Ngosizo olunjalo lothando, umuntu owonile angase aqiniswe ukuba alwe nobuthakathaka benyama esikhathini esizayo.
17. Yiziphi izinyathelo ezithathwayo uma umenzi wobubi obhapathiziwe engaphenduki futhi ashiye inkambo yakhe yokona?
17 Yebo, ukuba osanda kubhapathizwa akunikezi zaba zokwenza isono umkhuba ngokungaphenduki. (Heberu 10:26, 27; Jude 4) Uma noma yimuphi umenzi wobubi obhapathiziwe engaphenduki futhi ashiye inkambo yakhe yokona, uyoxoshwa ebandleni. (1 Korinte 5:6, 11-13; 2 Thesalonika 2:11, 12; 2 Johane 9-11) Lapho lesi sinyathelo sibonakala sidingekile, indikimba yabadala iyokhetha ikomiti yokwahlulela. Uma ukuxoshwa kwenziwa, kuyokwenziwa lesi saziso esifushane: “U-. . . ususiwe ekuhlanganyeleni.”e
Basize ‘Baphokophele Ekuvuthweni’
18. Kungani singaqiniseka ukuthi amaKristu asanda kubhapathizwa nabanye bayolokhu benokuningi kokukufunda ngoJehova nangentando yakhe?
18 Iningi lezinceku zikaNkulunkulu liyohlala lisemhlambini. Futhi ngokujabulisayo, sonke siyokwazi ukuqhubeka sisondela kuBaba wethu wasezulwini ngoba ngaso sonke isikhathi siyokwazi ukufunda okwengeziwe ngaye nangentando yakhe. (UmShumayeli 3:11; Jakobe 4:8) Izinkulungwane ezabhapathizwa ngePentekoste lika-33 C.E. ngokuqinisekile zazinokuningi kokukufunda. (IzEnzo 2:5, 37-41; 4:4) Kwakunjalo nangabeZizwe, ababengenasizinda esingokomBhalo. Ngokwesibonelo, kwakunjalo ngalabo ababhapathizwa ngemva kwenkulumo kaPawulu e-Areyophagu e-Athene. (IzEnzo 17:33, 34) Nanamuhla, abasanda kubhapathizwa banokwengeziwe okumelwe bakufunde futhi badinga isikhathi nosizo ukuze baqine ekuzimiseleni kwabo ukuqhubeka benza okulungile emehlweni kaNkulunkulu.—Galathiya 6:9; 2 Thesalonika 3:13.
19. Labo ababhapathizwayo bangasizwa kanjani ukuba ‘baphokophele ekuvuthweni’?
19 Unyaka ngamunye kunezinkulungwane ezibhapathizwayo futhi zidinge usizo ukuze zikwazi ‘ukuphokophela ekuvuthweni.’ (Heberu 6:1-3) Ngamazwi, ngesibonelo, nangosizo oluqondile enkonzweni, ungase ukwazi ukusiza abanye ukuba bagqoke ubuntu obusha futhi ‘baqhubeke behamba eqinisweni.’ (3 Johane 4; Kolose 3:9, 10) Uma ungummemezeli onokuhlangenwe nakho, abadala bangase bakucele ukuba usize okholwa naye osanda kubhapathizwa enkonzweni yasensimini noma ukuba uxoxe naye ngamaphuzu athile angokomBhalo amasonto ambalwa ukuze uqinise ukholo lwakhe kuNkulunkulu, ukwazisa kwakhe ngemihlangano yobuKristu, nokunye. Ubuhlobo babelusi nomhlambi bunjengobukababa ekukhuthazeni nobukamama ngobumnene. (1 Thesalonika 2:7, 8, 11) Kodwa, abadala abambalwa nezinceku ezikhonzayo ngeke banakekele yonke into edingeka ebandleni. Sonke sinjengomkhaya onamalungu asizanayo. Ngamunye wethu angenza okuthile ukuze asize abakhulekeli akanye nabo. Nawe ungakwazi ukunikeza isikhuthazo, ududuze abacindezelekile, usekele ababuthaka.—1 Thesalonika 5:14, 15.
20. Yini ongayenza ukuze usakaze ulwazi ngoNkulunkulu futhi unikeze izimvu zedlelo likaJehova ukunakekela kwesisa?
20 Isintu sidinga ulwazi ngoNkulunkulu, futhi njengoFakazi kaJehova, ungaba nengxenye ejabulisayo ekulusakazeni. Izimvu zikaJehova zidinga ukunakekelwa kwesisa, futhi ungaba nendima yothando yokusiza ekwenzeni lokhu. Kwangathi uJehova angabusisa inkonzo yakho, futhi kwangathi angakuvuza ngenxa yemizamo yakho eqotho yokusiza izimvu zedlelo lakhe.
[Imibhalo yaphansi]
a Kuleli qophelo, osanda kuhlanganyela angathola ikhophi yencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu.
b Ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
c Ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
d Ilungiselelo elinjalo labamemezeli abangabhapathiziwe lachazwa esihlokweni esithi “Ukusiza Abanye Ukuba Bakhulekele UNkulunkulu,” esakhishwa kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1988, amakhasi 15-20.
e Uma isinqumo siwukususa ekuhlanganyeleni kodwa kwenziwe isikhalo, isaziso siyalengiswa. Bheka amakhasi 147-8 encwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ UJehova uziphatha kanjani izimvu zakhe?
◻ Yini eyenziwayo lapho abasanda kuhlanganyela befuna ukushumayela?
◻ Abasanda kubhapathizwa abanezidingo ezikhethekile bangasizwa kanjani abakholwa nabo?
◻ Yiluphi usizo abadala abalunikeza labo abonayo kodwa abaphendukayo?
◻ Ungamsiza kanjani umuntu osanda kubhapathizwa ukuba ‘aphokophele ekuvuthweni’?
[Isithombe ekhasini 16]
UCharles T. Russell wayaziwa njengomalusi womhlambi onothando
[Isithombe ekhasini 18]
Abelusi abanesihawu baphatha umhlambi kaNkulunkulu ngesisa