Siyabadinga Abangane Beqiniso
UJENNY noSue baxoxa kamnandi. Kuqhilika izihlathi, amehlo agcwele injabulo—konke abakwenzayo kubonisa ukuthi bobabili banesithakazelo esikhulu kulokho omunye akushoyo. Nakuba benezizinda ezihlukene, kusobala ukuthi kuningi abafana ngakho futhi bahloniphana kakhulu.
Kwenye indawo, u-Eric noDennis benza umsebenzi othile ndawonye, omunye weminingi asebayenza eminyakeni edlule. Bakhululekile, bayazihlekela nje. Njengoba ingxoxo ishintsha iphatha ezinohlonze, bacobelelana imibono ngobuqotho. Bayahloniphana. NjengoJenny noSue, u-Eric noDennis bangabangane beqiniso.
Lokhu kulandisa kungase kukujabulise, kukwenze ucabange ngabakho abangane. Ngakolunye uhlangothi, kungase kukwenze ulangazelele ubungane obunjalo. Nawe ungaba nabo!
Isizathu Sokuba Sidinge Abangane Beqiniso
Ubungane obunempilo bubalulekile enhlalakahleni yethu engokwengqondo nengokomzimba. Nokho, lapho sizizwa sinesizungu akusho ukuthi kukhona okungalungile ngathi. Abanye abacwaningi bathi isithukuthezi siyindlala, inkomba engokwemvelo yokuthi sidinga ubungane. Njengoba nje ngokuqinisekile ukudla kunciphisa noma kuqede indlala, uhlobo olufanele lobungane lunganciphisa isizungu noma lusiqede nokusiqeda. Ngaphezu kwalokho, ukuba nabangane abahle abasazisayo akuyona into engenakwenzeka.
Abantu badalwa benesidingo sobungane. (Genesise 2:18) IBhayibheli lithi umngane weqiniso “uzalwa ekuhluphekeni.” (IzAga 17:17) Ngakho, abangane bangempela kufanele bakwazi ukucela usizo komunye nomunye lapho beludinga. Kodwa ubungane busho okungaphezu nje kokuba nothile ongakhalela kuye noma ukuba nomngane ongasebenza noma udlale naye. Abangane abahle benza omunye nomunye abe nezimfanelo ezinhle. IzAga 27:17 zithi: “Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.” Njengoba insimbi ingase isetshenziswe ekuloleni izinyo lensimbi efanayo, umngane angase aphumelele ekuloleni isimo esingokwengqondo nesingokomoya somngane wakhe. Uma sicindezelwa ukudumazeka, ukubhekwa umngane ngeso elinozwela nesikhuthazo sakhe esingokomBhalo kungakhuthaza kakhulu.
EBhayibhelini, ubungane buhlotshaniswa nothando, ukusondelana, ukuthululelana izifuba, nokuzwana. Ubungane bungase bube phakathi komakhelwane, abantu abasebenza ndawonye, njalo njalo. Abanye babala nezihlobo zabo ezithile phakathi kwabangane babo abaseduze kakhulu. Nokho, kwabaningi namuhla kunzima ukuthola nokulondoloza abangane beqiniso. Kungani kunjalo? Ingabe ungabujabulela ubungane beqiniso nobuhlala njalo?