Kuza Izindaba Ezinhle!
SONKE siyadabuka lapho sizwa izindaba ezimbi ezithinta thina siqu. Ngakolunye uhlangothi, siyajabula lapho kufika izindaba ezinhle—izindaba ezijabulisa thina noma esibathandayo. Kodwa lapho izindaba ezimbi zithinta abanye, zingathinti thina, ngokuvamile kuba nelukuluku lokwazi; abanye baze ngisho bakujabulele ukuzwa ngosizi lwabanye. Ngokwengxenye lokhu kuchaza isizathu sokuba izindaba ezimbi zithengwe kakhulu kangaka!
Ngasekuqaleni kweMpi Yezwe II, kwakunesibonelo esicacile sesithakazelo esishaqisayo ezinhlekeleleni ezehlela abanye abantu. Ibutho lasemanzini laseJalimane laliziqhenya ngomkhumbi walo wempi i-Graf Spee, ongamathani angu-10 000 owawuhlome uphelele. Kwase kuphele amasonto amaningi lomkhumbi wempi ucekela phansi imikhumbi yabathengisi baMazwe Asizanayo ezilwandlekazi iSouth Atlantic ne-Indian. Ekugcineni, imikhumbi yempi emithathu yaseBrithani yathola i-Graf Spee yabe isiyihlasela, yabangela ukufa kwabathile futhi yaphoqa lomkhumbi ukuba uhambe kanzima uze ufike ethekwini lase-Uruguay iMontevideo ukuze ulungiswe. Uhulumeni wase-Uruguay wayala ukuba lomkhumbi wempi uphindiselwe olwandle ngokushesha, uma kungenjalo wawuzophangwa.
Lapho lizwa ngalokhu, iqembu losomabhizinisi abanothile e-United States laqasha indiza ngezindleko ezingaba ngu-$2 500 umuntu emunye, ukuze iliyise e-Uruguay liyozibonela ngawalo impi yokuchitheka kwegazi. Ladumala lapho lempi ingasabi khona. U-Adolf Hitler wayala ukuba i-Graf Spee iminziswe. Izinkulungwane zezibukeli ezazibuthene ngasogwini zilindele ukubona umbukwane wempi yasolwandle eshubile, zabona futhi zezwa ukuqhuma okwakuvala izindlebe okwaminzisa i-Graf Spee, iminziswa ibutho layo uqobo. Ukaputeni wazibulala ngokuzidubula ekhanda.
Naphezu kokuthambekela ezintweni ezishaqisayo kwabanye abantu, abaningi bangavuma ukuthi bathanda izindaba ezinhle kunezimbi. Ingabe awuzizwa kanjalo? Khona-ke, kungani emlandweni kugcinwa izindaba ezimbi eziningi kangaka nezindaba ezinhle eziyingcosana kangaka? Ingabe lesi simo singake sishintshe?
Izimbangela Zazo Zonke Izindaba Ezimbi
IBhayibheli lisitshela ngesikhathi lapho kwakunezindaba ezinhle kuphela. Izindaba ezimbi zazingaziwa, zingezwiwa. Lapho uJehova uNkulunkulu eqeda imisebenzi yakhe yokudala, iplanethi enguMhlaba yabe isilungele ukujatshulelwa abantu nezilwane. Ukulandisa okukuGenesise kuyasitshela: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:31.
Akubanga isikhathi eside kungenazindaba ezimbi ngemva kokudalwa komuntu. Ngaphambi kokuba u-Adamu no-Eva bazale izingane, kwabikwa izindaba ezimbi zokuhlubuka kuNkulunkulu naselungiselelweni lakhe elihlelekile lendawo yonke lezinto ezinhle. Indodana engumoya eyayinesikhundla esiphakeme yashiya isikhundla sayo eyayethenjwa kuso, futhi yaphumelela ekuthonyeni umbhangqwana wabantu wokuqala ukuba uhlanganyele nayo enkambweni yayo yokuhlubuka, yobumbuka.—Genesise 3:1-6.
Ukugcwala kwezindaba ezimbi okubonwa isintu kwaqala ngaleso sikhathi. Akumangazi ukuthi uzungu, ukukhohlisa, amanga, ukungabi naqiniso, namaqiniso angaphelele kuye kwavelela kangaka ezindabeni ezimbi eziye zagcwala ezweni kusukela ngaleso sikhathi. UJesu Kristu wabeka lonke icala kuSathane uDeveli njengomsunguli wezindaba ezimbi, etshela abaholi benkolo bosuku lwaKhe: “Nina nivela kuyihlo uDeveli, futhi nifisa ukwenza izifiso zikayihlo. Lowo wayengumbulali wabantu lapho eqala, futhi akazange eme eqinile eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe siqu, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.”—Johane 8:44.
Njengoba inani labantu lalanda, izindaba ezimbi nazo zanda. Yebo, lokhu akusho ukuthi azizange zibe khona izikhathi zenjabulo nentokozo, ngoba kunezinto eziningi ekuphileni ezazibangela injabulo. Nakuba kunjalo, amafu ezinkathazo nokudabuka aye abonakala kuzo zonke izizukulwane zesintu kuze kube manje.
Kunenye imbangela eyisisekelo yalesi simo esibi. Lena iwukuthambekela kwethu ekwenzeni okubi nezinhlekelele esikuzuze njengefa. UJehova ngokwakhe uveza lembangela yezindaba ezimbi engenakugwenywa ngokuthi: “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.”—Genesise 8:21.
Kungani Izindaba Ezimbi Zidlondlobala?
Nokho, kunesizathu esibangela ukuba izindaba ezimbi zidlondlobale kuleli khulu lama-20. Lesi sizathu sishiwo ngokucacile eBhayibhelini, elabikezela ukuthi ngekhulu lama-20 isintu sasiyongena enkathini yesikhathi eyingqayizivele ebizwa ngokuthi “izinsuku zokugcina” noma “isikhathi sokuphela.” (2 Thimothewu 3:1; Daniyeli 12:4) Isiprofetho seBhayibheli nokulandelana kwezenzakalo zalo ngokohlelo lwezikhathi kuveza ‘lenkathi yokuphela,’ eyaqala ngo-1914. Ukuze uthole ubufakazi obungokomBhalo obuningiliziwe balokhu, siza ubheke isahluko 11 sencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Izinsuku zokugcina zaziyoqala ngesenzakalo esasiyomane sibangele ukuba izindaba ezimbi zidlondlobale. Isiphi leso senzakalo? Sasiwukulahlelwa phansi kukaSathane uDeveli noquqaba lwakhe lwamademoni besuka ezulwini. Lokhu kuchazwa okucacile kokwanda kwezindaba ezimbi okungenakugwenywa ungakufunda kusAmbulo 12:9, 12: “Wajikijelwa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; wajikijelwa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zajikijelwa phansi kanye naye. . . . ‘Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.’”
Ngakho kuso sonke isikhathi esisasele ngaphambi kokuphela kwezinsuku zokugcina, singalindela ukuba izindaba ezimbi ziqhubeke futhi zande nokwanda ngobuningi nangokujiya.
Ngeke Kuhlale Kunjena
Okujabulisayo ngabakhé emhlabeni ukuthi isimo esidabukisayo esibangela ukudlanga kwezindaba ezimbi kwanamuhla ngeke sihlale njalo. Eqinisweni, singasho ngokuqiniseka ukuthi zibaliwe izinsuku zezindaba ezimbi eziqhubekayo. Isimo akusona esingenathemba, kungakhathaliseki ukuthi sibonakala sinjani. Ukuphela kwazo zonke izindaba ezimbi kuseduze futhi kuzofika nakanjani ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele.
Singaqiniseka ngalokhu ngoba kwaprofethwa ukuthi izinsuku zokugcina ziyofinyelela umvuthwandaba noma isiphetho lapho uNkulunkulu ebhubhisa futhi esusa zonke izimbangela zezindaba ezimbi. Uyosusa abantu ababi abaphehla izingxabano abenqabayo ukushintsha futhi baphenduke enkambweni yabo engalungile. Lokhu kuyofinyelela umvuthwandaba empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke, ngokuvamile eyaziwa ngokuthi impi ye-Armagedoni. (IsAmbulo 16:16) Ngokushesha ngemva kwalokho, uSathane uDeveli nebutho lakhe lamademoni bayokwenziwa bangasebenzi. IsAmbulo 20:1-3 sichaza ukuboshwa kukaSathane, umsunguli wazo zonke izindaba ezimbi: “Futhi ngabona ingelosi yehla ivela ezulwini inesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. Futhi yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, futhi yambopha iminyaka eyinkulungwane. Futhi yamjikijela kwalasha futhi yawuvala yawubeka uphawu phezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe.”
Ngemva kwalezi zenzakalo ezishukumisayo, kuyoba nesikhathi sezindaba ezinhle ngomhlaba nabakhé kuwo ngezinga elingakaze libonwe. Abakhé emhlabeni bayohlanganisa nezigidi ezisinde empini yokugcina ye-Armagedoni nezinkulungwane zezigidi eziyovuswa ebuthongweni bazo bokufa emathuneni. Lezi zindaba ezinhle kunazo zonke zichazwe encwadini yokugcina yeBhayibheli: “Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
Uyasibona yini ngeso lengqondo leso sikhathi senjabulo? Ngempela ikusasa elikhazimulayo lapho izindaba ezimbi zingasekho khona. Yebo, zonke izindaba ezimbi ziyobe ziphelile futhi zingasayikuphinde zizwakale. Khona-ke izindaba ezinhle ziyobusa, futhi ziyogcwala kuze kube phakade.