Gcina Ukuqiniseka Kwakho Kungaxegi Kuze Kube Sekupheleni
CABANGA ngendiza encane endiza endaweni enesimo sezulu esibi. Umshayeli akasakwazi ukubona izimpawu ezibonisa izwe. Umbozwe amafu aminyene. Akaboni ngale kwefasitela, kodwa uyaqiniseka ukuthi uhambo lwakhe angaluqeda ngokuphephile. Yini embangela ukuba aqiniseke?
Unemishini enembayo emenza akwazi ukuhamba phakathi kwamafu nokwehlisela indiza phansi ebumnyameni. Endleleni, ikakhulukazi eduze nesikhumulo sezindiza, uqondiswa imishini ekhipha imibani, futhi uxhumene nabaqondisi bezindiza abaphansi ngomsakazo.
Ngendlela efanayo, singabheka ikusasa ngokuqiniseka, ngisho noma izimo zezwe ziya zifiphala usuku nosuku. Kungenzeka ukuthi uhambo lwethu kulesi simiso esibi luthatha isikhathi eside kunalokho abanye abebekulindele, kodwa singaqiniseka ukuthi sisemzileni ofanele ngesikhathi esifanele. Kungani singaqiniseka kangaka? Ngoba sinesiqondiso esisenza sikwazi ukubona izinto iso lomuntu elingenakuzibona.
IZwi likaNkulunkulu ‘liwukukhanya endleleni yethu,’ futhi ‘liqinisile, lihlakaniphisa oyisiwula.’ (IHubo 19:7; 119:105) Njengemishini ekhipha imibani ebonisa indlela umshayeli wendiza okufanele ahambe kuyo, iBhayibheli liveza izenzakalo zesikhathi esizayo ngokunembile futhi lisinikeza iziyalezo ezicacile ukuze siqiniseke ukuthi sifika ngokuphephile lapho siya khona. Nokho, ukuze sizuze esiqondisweni saphezulu, kumelwe silethembe.
Encwadini yakhe eya kumaHeberu, uPawulu wanxusa amaKristu angamaJuda ukuba ‘aqinise ukubambelela kwawo ekuqinisekeni ayenako ekuqaleni ekwenza kungaxegi kuze kube sekugcineni.’ (Heberu 3:14) Ithemba lingazanyazanyiswa uma singalibambile ‘saliqinisa.’ Ngakho umbuzo uyaphakama, Singakugcina kanjani ukuthembela kwethu kuJehova kungaxegi kuze kube sekupheleni?
Sebenzisa Ukholo Lwakho
Ngaphambi kokuba umshayeli ashayele engaboni, ethembele ngokuphelele emishinini yakhe nakubaqondisi abaphansi, udinga ukuqeqeshwa okwanele nokushayela amahora amaningi. Ngokufanayo, umKristu udinga ukuqhubeka esebenzisa ukholo lwakhe ukuze alondoloze ukuthembela kwakhe esiqondisweni sikaJehova, ikakhulukazi lapho kuphakama izimo ezinzima. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngenxa yokuthi sinomoya wokholo ofanayo nalowo okulotshwe ngawo ukuthi: ‘Ngabonisa ukholo, ngakho-ke ngakhuluma,’ nathi sibonisa ukholo, ngakho-ke siyakhuluma.” (2 Korinte 4:13) Ngakho, lapho sikhuluma ngezindaba ezinhle zikaNkulunkulu, sisebenzisa futhi siqinise ukholo lwethu.
UMagdalena, owahlala ekamu lokuhlushwa iminyaka emine phakathi nempi yezwe yesibili, uchaza ukubaluleka komsebenzi wokushumayela: “Umama wangifundisa ukuthi ukuze sigcine ukholo luqinile, kubalulekile ukukhathalela inhlalakahle yabanye engokomoya. Ngikhumbula esinye isenzakalo esibonisa indlela esasizizwa ngayo. Ngemva kokukhululwa kwami nomama ekamu lokuhlushwa laseRavensbrück, safika ekhaya ngoLwesihlanu. Ngemva kwezinsuku ezimbili, ngeSonto, sahamba nabazalwane sishumayela endlini ngendlu. Ngikholelwa ngokuqinile ukuthi uma sigxila ekusizeni abanye ukuba bathembele ezithembisweni zikaNkulunkulu, zona kanye lezo zithembiso ziyoba ezingokoqobo ngokwengeziwe kithi.”—Qhathanisa nezEnzo 5:42.
Ukugcina ukuqiniseka kwethu kungaxegi kuze kube sekupheleni kudinga ukukhuthala ngokomoya kwezinye izici. Isifundo somuntu siqu singokunye ukuqeqeshwa okuqinisa ukholo okuhle kakhulu. Uma silingisa abaseBereya futhi sihlola imiBhalo nsuku zonke ngenkuthalo, siyosizwa ukuba ‘sibe nesiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.’ (Heberu 6:11; IzEnzo 17:11) Yiqiniso, isifundo somuntu siqu sidinga isikhathi nokuzimisela. Kungenzeka ukuthi yileso isizathu esenza uPawulu axwayise amaHeberu ngengozi ‘yokuvilapha,’ noma ukwenqena ezintweni ezinjalo.—Heberu 6:12.
Isimo sengqondo sokwenqena singaba nemiphumela emibi ezicini eziningi zokuphila. USolomoni waphawula ukuthi “ngokwenqena kwezandla [indlu] iyavuza.” (UmShumayeli 10:8) Ngokushesha imvula iqala ukuconsa ophahleni olunganakekelwa. Uma izandla zethu zinqena ngokomoya futhi sihluleka ukulondoloza ukholo lwethu, singase siqale ukuba nemizwa yokungabaza. Ngakolunye uhlangothi, ukuzindla njalo ngeZwi likaNkulunkulu nokulitadisha kuyokondla futhi kuvikele ukholo lwethu.—IHubo 1:2, 3.
Ukwakha Ithemba Ngokuhlangenwe Nakho
Yebo, umshayeli wendiza ufunda ngokuhlangenwe nakho nangokutadisha ukuthi imishini yakhe ithembekile. Ngokufanayo, ukuthembela kwethu kuJehova kuyakhula lapho sibona ubufakazi bokukhathalela kwakhe kothando ekuphileni kwethu siqu. UJoshuwa wakubona lokhu, futhi wakhumbuza ama-Israyeli ayekanye naye: “Niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini.”—Joshuwa 23:14.
UJosefina, udade oshadile wasePhilippines, wafunda isifundo esifanayo. Uchaza indlela ukuphila okwakungayo ngaphambi kokuba azi iqiniso: “Umyeni wami wayephuza kakhulu, futhi lapho esedakiwe, wayethukuthela angishaye. Umshado wethu ongenanjabulo wawulimaza nendodana yethu. Sobabili mina nomyeni wami sasisebenza, sihola imali enhle kakhulu, kodwa ingxenye enkulu yomholo wethu sasigembula ngayo. Umyeni wami wayenabangane abaningi, kodwa iningi labo lalifuna ukuba abangane bakhe ukuze alithengele utshwala, futhi abanye babezama ngisho nokumenza adakwe ukuze nje bamhleke.
“Izinto zashintsha lapho sesazi ngoJehova futhi sifaka iseluleko sakhe ezinhliziyweni. Umyeni wami akasaphuzi, sesiyekile ukugembula, futhi sinabangane beqiniso abasithandayo nabasisizayo. Umshado wethu unenjabulo, futhi indodana yethu ikhulela ekubeni insizwa enhle. Sisebenza amahora ambalwa kunakuqala, kodwa sinemali eyengeziwe. Okuhlangenwe nakho kuye kwasifundisa ukuthi uJehova unjengoBaba onothando, osiholela endleleni eqondile ngaso sonke isikhathi.”
Ngenxa yeziyalezo ezithunyelwa ngomsakazo noma ukuhlola imishini yabo, ngezinye izikhathi abashayeli baye bathole ukuthi kudingeka bashintshe umzila abahamba ngawo. Nathi ngokufanayo kungase kudingeke sishintshe indlela ngokuvumelana nomyalo kaJehova. “Nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo, noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:21) NgeZwi lakhe nangenhlangano yakhe, sithola iseluleko esisixwayisa ngezingozi ezingokomoya. Enye yalezi zingozi iphathelene nabangane.
Abangane Bangasidukisa
Indiza encane ingaduka kalula uma ingenzi ushintsho oludingekile. Ngokufanayo, namuhla amathonya avela ngaphandle ayaqhubeka egadla kumaKristu. Siphila ezweni elinombono ongokwenyama lapho abaningi bezihleka usulu izindinganiso ezingokomoya, bebheka imali nenjabulo njengokubaluleke kakhulu. UPawulu waxwayisa uThimothewu ngokuthi ‘kwakuyoba nzima ukubhekana’ nezinsuku zokugcina. (2 Thimothewu 3:1-5) Intsha elangazelela ukwamukelwa nokuthandwa, iyona ikakhulukazi engavikelekile kubangane ababi.—2 Thimothewu 2:22.
U-Amanda, oneminyaka engu-17 ubudala, uyachaza: “Okwesikhashana engifunda nabo ekilasini benza ukholo lwami lwaba buthaka ngezinga elithile. Babelokhu bethi inkolo yami iyisithiyo futhi ayicabangeli, futhi lokhu kwaqala ukungidumaza. Nokho, abazali bami bangisiza ukuba ngiqonde ukuthi iziqondiso zobuKristu ziyavikela kunokuba zibe isithiyo. Manje ngiyaqaphela ukuthi lezi zimiso zingisiza ukuba ngibe nokuphila okwanelisa kakhudlwana kunokwalabo ababengabangane bami esikoleni. Ngiye ngafunda ukuthemba labo abangikhathalela ngempela—abazali bami noJehova—futhi ngijabulela inkonzo yamaphayona.”
Kungakhathaliseki ubudala bethu, siyobhekana nabantu abakhuluma amazwi ajivazayo ngezinkolelo zethu. Bangase babonakale behlakaniphile, kodwa kuNkulunkulu bangokwenyama, ababona abangokomoya. (1 Korinte 2:14) Iqembu elalinethonya eKorinte yosuku lukaPawulu lalingabaGxeki ababengosiyazi. Kungenzeka ukuthi izimfundiso zalezi zazi zefilosofi zabangela ukuba amanye amaKristu aseKorinte aphelelwe ukholo ethembeni lovuko. (1 Korinte 15:12) “Ningadukiswa,” kuxwayisa umphostoli uPawulu. “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.”—1 Korinte 15:33.
Ngakolunye uhlangothi, abangane abahle bayasiqinisa ngokomoya. Ebandleni lobuKristu, sinethuba lokuhlangana nabantu abaphila ukuphila kokholo. UNorman, umzalwane owathola iqiniso ngo-1939, usengumthombo wesikhuthazo kubo bonke. Yini eye yagcina umbono wakhe ongokomoya ubukhali? “Imihlangano nobungane obuseduze nabafowethu abakholekile kubalulekile,” ephendula. “Abangane abanjalo baye bangisiza ukuba ngiwubone ngokucacile umehluko phakathi kwenhlangano kaNkulunkulu nekaSathane.”
Amandla Engcebo Akhohlisayo
UBrian, umshayeli wendiza onokuhlangenwe nakho, uchaza ukuthi “ngezinye izikhathi umshayeli wendiza angase akuthole kunzima ukukholelwa imishini yakhe—ngenxa nje yokuthi imizwa yakhe ayivumi. Kuyaziwa ukuthi abashayeli bezindiza zempi abanokuhlangenwe nakho bake bashayele bebheke phezulu ngoba izibani ezisemhlabathini zisuke zibonakala njengezinkanyezi—ngisho noma imishini yabo ibatshela okuhlukile.”
Ngokufanayo, imizwa yethu enobugovu ingasidukisa ngomqondo ongokomoya. UJesu wathi ingcebo ‘inamandla okukhohlisa,’ futhi uPawulu waxwayisa ngokuthi ‘uthando lwemali luye lwadukisa abaningi okholweni.’—Marku 4:19; 1 Thimothewu 6:10.
Njengezibani ezinyazimayo ezikhohlisayo, imigomo yokuba nezinto ezibonakalayo eziwubukhazikhazi ingasidukisa. Kunokuba sijabule ‘ngokulindelwa kwezinto ezithenjwayo,’ singathikamezwa ukugabisa kwezwe elidlulayo. (Heberu 11:1; 1 Johane 2:16, 17) Uma ‘sizimisele’ ukuphila ukuphila okunothile, cishe siyosalelwa isikhathi esincane sokukhula ngokomoya.—1 Thimothewu 6:9; Mathewu 6:24; Heberu 13:5.
Insizwa ethile eshadile egama layo linguPatrick yavuma ukuthi yona nomkayo badela imigomo engokomoya ukuze bajabulele izinga lokuphila elingcono. Iyachaza: “Sathonywa yilabo ebandleni abanezimoto zikanokusho namakhaya anethezekile. Nakuba singazange silahlekelwe umbono wethemba loMbuso, saba nomuzwa wokuthi nathi singaphila ngokunethezeka. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi saqaphela ukuthi injabulo yeqiniso itholakala ngokukhonza uJehova nangokukhula ngokomoya. Manje ukuphila kwethu sekuphinde kwaba lula. Sesiye sanciphisa amahora esiwasebenzayo, futhi saba amaphayona avamile.”
Ukholo Luxhomeke Enhliziyweni Elalelayo
Inhliziyo elalelayo nayo inendima ebalulekile ekwakheni ukuthembela kuJehova. Yiqiniso, “ukholo luwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo, ukuboniswa okusobala [noma, “ubufakazi obukholisayo,” umbhalo waphansi we-NW] kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonwa.” (Heberu 11:1) Kodwa ngaphandle kokuba sibe nenhliziyo elalelayo, cishe ngeke sikholiseke. (IzAga 18:15; Mathewu 5:6) Ngenxa yalesi sizathu umphostoli uPawulu wathi “ukholo alulona olwabo bonke abantu.”—2 Thesalonika 3:2.
Khona-ke, singazigcina kanjani izinhliziyo zethu zisabela kubo bonke ubufakazi obukholisayo obutholakalayo? Ngokuhlakulela izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu, izimfanelo ezicebisa futhi zishukumise ukholo. UPetru usinxusa ukuba ‘sinezele okholweni lwethu ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ukusondelana kobuzalwane, nothando.’ (2 Petru 1:5-7; Galathiya 5:22, 23) Ngakolunye uhlangothi, uma siphila ukuphila okunobugovu noma sinikeza uJehova inkonzo yokugcina icala nje, akunakuba okunengqondo ukulindela ukuba ukholo lwethu lukhule.
U-Ezra “wayebhekisé inhliziyo yakhe” ekufundeni iZwi likaJehova nasekulisebenziseni. (Ezra 7:10) NoMika wayenenhliziyo elalelayo. “Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami. uNkulunkulu wami uyakungizwa.”—Mika 7:7.
UMagdalena, ochashunwe ekuqaleni, naye ulindela uJehova ngesineke. (Habakuki 2:3) Uthi: “Sesinalo kakade ipharadesi elingokomoya. Isigaba esilandelayo, iPharadesi elingokoqobo, sizofika ngokushesha. Okwamanje amakhulu ezinkulungwane azihlanganisa nesixuku esikhulu. Kuyangijabulisa ukubona abaningi kangaka bethuthelekela enhlanganweni kaNkulunkulu.”
Ukubheka KuNkulunkulu Wensindiso Yethu
Ukugcina ukuqiniseka kwethu kungaxegi kuze kube sekupheleni kudinga ukuba sisebenzise ukholo lwethu futhi silalelisise isiqondiso esisithola kuJehova nenhlangano yakhe. Ngokuqinisekile kuwufanele umzamo. Umshayeli wendiza uba nomuzwa ojulile wokwaneliseka lapho, ngemva kohambo olude, olunzima, ehla futhi ekugcineni ephuma emafwini aminyene. Laphaya phambi kwakhe umhlaba undlalekile—uluhlaza futhi uyamamukela. Ngezansi kukhona umgwaqo wesikhumulo sezindiza, ulindele ukumamukela.
Nathi silindelwe okuhlangenwe nakho okujabulisayo. Lelizwe elifiphele, elibi lizodedela umhlaba omusha wokulunga. Silindelwe ukwamukelwa kwaphezulu. Singafika lapho uma silalela amazwi omhubi: “Wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami. . . . ukudumisa kwami kuyakuba-ngawe njalo.”—IHubo 71:5, 6.