Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 6/15 kk. 17-22
  • Izibusiso Noma Iziqalekiso—Izibonelo Kithi Namuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izibusiso Noma Iziqalekiso—Izibonelo Kithi Namuhla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isixwayiso Ngokukhonza Izithombe
  • Isixwayiso Ngobufebe
  • Isixwayiso Ngokukhononda Kokuhlubuka
  • Isixwayiso Ngokububula
  • Funda, Futhi Ujabulele Izibusiso
  • Ningabi Abezwayo Abayizikhohlwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Gwemani ‘Ukububula’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwethu “Usuku Nosuku”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izibusiso Noma Iziqalekiso—Ungazikhethela!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 6/15 kk. 17-22

Izibusiso Noma Iziqalekiso—Izibonelo Kithi Namuhla

“Manje lezizinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe isixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto.”—1 KORINTE 10:11.

1. Yikuphi ukuhlola okufanele sikwenze, ngendlela efana naleyo umuntu ahlola ngayo ithuluzi?

NJENGOBA kucashe ngaphansi kukapende, ukugqwala kungaqala ukudla ithuluzi elenziwe ngensimbi. Kungase kuthathe isikhathi ukuba ukugqwala kubonakale ngaphezulu. Ngokufanayo, izimo zengqondo nezifiso zenhliziyo yomuntu zingaqala ukonakala ngaphambi kokuba lokhu kube nemiphumela emibi noma kubonwe ngisho nangabanye. Njengoba besingahlola ithuluzi ngokuhlakanipha ukuze sibone ukuthi liyagqwala yini, ngakho nokuhlolisiswa kwezinhliziyo zethu nokuzilungisa ngesikhathi kungase kulondoloze ubuqotho bethu bobuKristu. Ngamanye amazwi, singathola izibusiso zikaNkulunkulu futhi singagwema iziqalekiso zaphezulu. Abanye bangase bacabange ukuthi izibusiso neziqalekiso ezamenyezelwa ku-Israyeli wasendulo azisho lutho kulabo ababhekene nokuphela kwalesi simiso sezinto. (Joshuwa 8:34, 35; Mathewu 13:49, 50; 24:3) Nokho, akunjalo. Singazuza kakhulu ezibonelweni eziyizixwayiso ezihilela u-Israyeli, njengoba kuvezwe kweyoku-1 Korinte isahluko 10.

2. Eyoku-1 Korinte 10:5, 6 ithini ngokuhlangenwe nakho kuka-Israyeli ehlane?

2 Umphostoli uPawulu ufanisa ama-Israyeli ngaphansi kukaMose namaKristu ngaphansi kukaKristu. (1 Korinte 10:1-4) Nakuba abakwa-Israyeli babengangena eZweni Lesithembiso, “kwabaningi babo uNkulunkulu akazange azwakalise ukubamukela kwakhe, ngoba bacekwa ehlane.” Ngakho-ke, uPawulu watshela amaKristu ayenawo: “Manje lezizinto zaba izibonelo zethu, ukuze singabi abantu abafisa izinto ezilimazayo, njengoba nje nabo bazifisa.” (1 Korinte 10:5, 6) Izifiso zifukanyelwa enhliziyweni, ngakho kudingeka silalele izibonelo eziyisixwayiso uPawulu abhekisela kuzo.

Isixwayiso Ngokukhonza Izithombe

3. Ama-Israyeli ona kanjani ngokuqondene nethole legolide?

3 Isixwayiso sikaPawulu sokuqala sithi: “Futhi ningabi abakhonza izithombe, njengoba abanye kubo benza; njengoba nje kulotshiwe ukuthi: ‘Abantu bahlala phansi ukuba badle baphuze, futhi basukuma ukuba bazijabulise.’” (1 Korinte 10:7) Lesi sibonelo esiyisixwayiso yileso sokubuyela kwama-Israyeli ezindleleni zaseGibithe futhi enza ithole legolide elaliyisithombe. (Eksodusi, isahluko 32) Umfundi uStefanu wabonisa umsuka wenkinga: “Okhokho bethu benqaba ukumlalela [uMose, ummeleli kaNkulunkulu], kodwa bamkhaphezela eceleni futhi ezinhliziyweni zabo babuyela eGibithe, bethi ku-Aroni, ‘Senzele onkulunkulu ukuba bahambe phambi kwethu. Ngoba loMose, owasihola wasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuthi kwenzekeni kuye.’ Ngakho ngalezozinsuku benza ithole futhi banyusela lesisithombe umhlatshelo futhi baqala ukuzijabulisa emisebenzini yezandla zabo.” (IzEnzo 7:39-41) Phawula ukuthi ‘ezinhliziyweni zawo’ ama-Israyeli angalawuleki ayefukamele izifiso ezingalungile ezaholela ekukhonzeni izithombe. ‘Enza ithole futhi anyusela lesisithombe umhlatshelo.’ Ngaphezu kwalokho, ‘aqala ukuzijabulisa emisebenzini yezandla zawo.’ Kwakunomculo, ukuhlabelela, ukudansa, ukudla, nokuphuza. Ngokusobala, ukukhonza izithombe kwakushukumisa futhi kujabulisa.

4, 5. Yimiphi imikhuba ewukukhonza izithombe okudingeka siyigweme?

4 IGibithe elingokomfanekiso—izwe likaSathane—likhulekela ukuzijabulisa. (1 Johane 5:19; IsAmbulo 11:8) Likhonza abadlali, abaculi, nompetha kwezemidlalo, kanye nokudansa kwabo, umculo wabo, imibono yabo ngokuzijabulisa nezikhathi zobumnandi. Abaningi baye balingeka bangena shí kwezokuzijabulisa bebe bethi bakhulekela uJehova. Lapho umKristu kudingeka asolwe ngenxa yokwenza okubi, ngokuvamile kutholakala ukuthi isimo sakhe sokuba buthakathaka ngokomoya sibangelwe ukuphuza uphuzo oludakayo, ukudansa, nokuzijabulisa okucishe kube njengokukhonza izithombe. (Eksodusi 32:5, 6, 17, 18) Okunye ukuzijabulisa kuhle futhi kuyajabulisa. Nokho, namuhla umculo omningi wezwe, ukudansa, amabhayisikobho, nama-video kukitaza izifiso ezonakele zenyama.

5 AmaKristu eqiniso awanqotshwa ukukhulekelwa kwezithombe. (2 Korinte 6:16; 1 Johane 5:21) Kwangathi ngamunye wethu angaqikelela ngendlela efanayo ukuba angaluthwa ukuzijabulisa okunjengokukhonza izithombe abe sengozini yokubhekana nemiphumela elimazayo yokungena shí ekuzijabuliseni ngendlela yezwe. Uma sizifaka ngaphansi kwamathonya ezwe, izifiso nezimo zengqondo ezimbi zingangena engqondweni nasenhliziyweni cishe ngendlela engabonakali. Lapho zingalungiswa, lezi zingagcina ziphumele ‘ekucekweni ehlane’ lesimiso sikaSathane.

6. Yisiphi isinyathelo esiwujuqu okungadingeka sisithathe ngokuqondene nezokuzijabulisa?

6 NjengoMose ngesikhathi sesenzakalo sethole legolide, eqinisweni “isigqila esikholekile nesiqondayo” sithi: “AbakaJehova mabeze kimi.” Ukuthatha isinyathelo esiwujuqu esibonisa ukuthi simelela ukukhulekela kweqiniso ngokuqinile kungasindisa ukuphila. Isizwe sakubo kaMose samaLevi ngokushesha sathatha isinyathelo sokuqeda amathonya angcolisayo. (Mathewu 24:45-47; Eksodusi 32:26-28) Khona-ke, kuhlole ngokucophelela ukukhetha kwakho ukuzijabulisa, umculo, nama-video, nokunye. Uma konakele ngandlela-thile, yima ngakuJehova. Ngokuthembela kuNkulunkulu ngomthandazo, yenza izinguquko ekukhetheni kwakho okokuzijabulisa nomculo, futhi ushabalalise izinto ezilimazayo ngokomoya, njengoba nje noMose ashabalalisa ithole legolide.—Eksodusi 32:20; Duteronomi 9:21.

7. Singayivikela kanjani inhliziyo engokomfanekiso?

7 Singalwa kanjani nokugqwala kwenhliziyo? Ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo, sivumele amaqiniso alo angene ajule ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu. (Roma 12:1, 2) Yiqiniso, kufanele sibe khona njalo emihlanganweni yobuKristu. (Heberu 10:24, 25) Ukuya emihlanganweni ngendlela yokugcina icala kungafaniswa nokupenda phezu kwendawo egqwalile. Lokhu kungasenza sibe bahle okwesikhashana, kodwa kungawuxazululi umsuka wenkinga. Kunalokho, ngokulungiselela kusengaphambili, ukuzindla, nangokuhlanganyela ngenkuthalo emihlanganweni, singazisusa ngamandla izinto ezibangela ukugqwala ezingasala ezindaweni ezisithekile zenhliziyo yethu engokomfanekiso. Lokhu kuyosisiza ukuba sinamathele eZwini likaNkulunkulu futhi kuyosiqinisa ukuba sikhuthazelele ukuvivinywa kokholo futhi sibe “abaphilile ezicini zonke.”—Jakobe 1:3, 4; IzAga 15:28.

Isixwayiso Ngobufebe

8-10. (a) Yisiphi isibonelo esiyisixwayiso okubhekiselwe kuso kweyoku-1 Korinte 10:8? (b) Amazwi kaJesu atholakala kuMathewu 5:27, 28 angasetshenziswa kanjani ngokunenzuzo?

8 Esibonelweni sikaPawulu esilandelayo, siyalulekwa: “Futhi masingabenzi umkhuba ubufebe, njengoba abanye kubo benza ubufebe, kwamane kwaphumela ekuweni kwabo, abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu kubo ngosuku olulodwa.”a (1 Korinte 10:8) Umphostoli wayekhuluma ngesikhathi lapho ama-Israyeli ekhothamelé onkulunkulu bamanga futhi ‘aphinga namadodakazi akwaMowabi.’ (Numeri 25:1-9) Ukuziphatha okubi kobulili kuyabulala! Ukuvumela imicabango nezifiso zokuziphatha okubi kunjengokuvumela “ukugqwala” kwenhliziyo. UJesu wathi: “Nezwa ukuthi kwathiwa, ‘Akumelwe uphinge.’ Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:27, 28.

9 Okufakazela imiphumela ‘yokubuka ngenjongo yokukhanuka owesifazane’ umphumela wokucabanga okungcolile kwezingelosi ezingalalelanga ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa. (Genesise 6:1, 2) Futhi khumbula ukuthi esinye sezenzakalo eziyinhlekelele ekuphileni kweNkosi uDavide sabangelwa ukuqhubeka kwakhe ebuka owesifazane ngokungafanele. (2 Samuweli 11:1-4) Ngokuphambene, indoda eshadile eyayilungile uJobe ‘yenza isivumelwano namehlo ayo ukuba ingayibuki intombi,’ ngalokho igwema ukuziphatha okubi futhi izibonakalisa ingumgcini wobuqotho. (Jobe 31:1-3, 6-11) Amehlo angafaniswa namafasitela enhliziyo. Futhi izinto eziningi ezimbi zivela enhliziyweni eyonakele.—Marku 7:20-23.

10 Uma sisebenzisa amazwi kaJesu, ngeke sivumele ukubuswa imicabango engalungile ngokubuka izincwadi ezinezithombe ezingcolile noma ngokuvumela imicabango yokuziphatha okubi ngomunye umKristu, umuntu esisebenza naye, noma nanoma ubani omunye. Ukugqwala akususwa ensimbini ngokumane ukuthintithe. Ngakho-ke, ungayizibi imiqondo nokuthambekela kokuziphatha okubi njengokungathi yinto encane. Thatha izinyathelo eziqinile zokukukhipha kuwe ukuthambekela ekuziphatheni okubi. (Qhathanisa noMathewu 5:29, 30.) UPawulu unxusa akholwa nabo: “Bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka, okuwukukhonza izithombe. Ulaka lukaNkulunkulu luyeza ngenxa yalezozinto.” Yebo, ngenxa yezinto ezinjengokuziphatha okubi kobulili, “ulaka lukaNkulunkulu luyeza” njengesibonakaliso sesiqalekiso sakhe. Ngakho kudingeka ‘sibulale’ amalungu emizimba yethu uma kuziwa kulezi zinto.—Kolose 3:5, 6.

Isixwayiso Ngokukhononda Kokuhlubuka

11, 12. (a) Yisiphi isixwayiso esinikezwa kweyoku-1 Korinte 10:9, futhi yisiphi isenzakalo okubhekiselwa kuso? (b) Kufanele sisithinte kanjani isixwayiso sikaPawulu?

11 Ngokulandelayo uPawulu uyaxwayisa: “Futhi masingamfaki ovivinyweni uJehova, njengoba abanye kubo bamfaka ovivinyweni, kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo ngezinyoka.” (1 Korinte 10:9) Lapho ehamba ehlane ngasemngceleni wakwa-Edomi, ama-Israyeli ‘akhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, ethi: Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? Ngokuba akukho-sinkwa, akukho-manzi; umphefumulo wethu uyanengwa yilesisinkwa esilulana,’ imana elalilungiselelwe ngokuyisimangaliso. (Numeri 21:4, 5) Cabanga nje! Lawo ma-Israyeli “akhuluma kabi ngoNkulunkulu,” ethi amalungiselelo akhe adelelekile!

12 Ngokukhononda kwawo, ama-Israyeli ayevivinya ukubekezela kukaJehova. Isijeziso asizange sigodlwe, ngoba uJehova wathumela izinyoka ezinobuthi phakathi kwawo, futhi amaningi abulawa ukulunywa izinyoka. Ngemva kokuba abantu bephendukile futhi uMose ebanxusele, isishayo sanqanyulwa. (Numeri 21:6-9) Ngokuqinisekile lesi senzakalo kufanele sibe isixwayiso kithi sokuba singabonisi umoya wokuhlubuka, nowokukhononda, ikakhulukazi ngoNkulunkulu nangamalungiselelo akhe angokwasezulwini.

Isixwayiso Ngokububula

13. Eyoku-1 Korinte 10:10 ixwayisa ngani, futhi yikuphi ukuhlubuka uPawulu ayecabanga ngakho?

13 Ebhekisela esibonelweni sakhe sokugcina esihilela ama-Israyeli ehlane, uPawulu uyabhala: “Futhi ningabi abantu ababubulayo, njengoba abanye kubo babubula, kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo umbhubhisi.” (1 Korinte 10:10) Kwaba nokuhlubuka lapho uKora, uDathani, no-Abiramu, nabangane babo benza ngendlela engeyona engokwasezulwini futhi bebekela inselele igunya likaMose no-Aroni. (Numeri 16:1-3) Ngemva kokubhujiswa kwalezo zihlubuki, ama-Israyeli aqala ukububula. Lokhu kwabangelwa ukuthi aqala ukucabanga ukuthi ukubhujiswa kwalezo zihlubuki kwakungebona ubulungisa. UNumeri 16:41 uthi: “Ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli yakhonona ngoMose nangoAroni, yathi: Nibabulele abantu bakaJehova.” Ngenxa yokusola kwawo indlela ubulungisa obabusetshenziswe ngayo kuleso senzakalo, ama-Israyeli angu-14 700 abhujiswa inhlupho eyayithunyelwe ngokwaphezulu.—Numeri 16:49.

14, 15. (a) Sasiyini esinye sezono ‘zabantu abangamhloniphi uNkulunkulu’ ababengene ngokunyenya ebandleni? (b) Yini engafundwa esenzakalweni esasihilela uKora?

14 Ekhulwini lokuqala C.E., “abantu abangamhloniphi uNkulunkulu” ababengene ngokunyenya ebandleni lobuKristu bazibonakalisa bengabafundisi bamanga nabantu ababubulayo. Labantu ‘babengabunaki ubukhosi futhi bekhuluma ngokuchapha ngabakhazimulayo,’ amadoda agcotshiwe ngaleso sikhathi ayephathiswe ukuba ababonisi abangokomoya ebandleni. Ngokuqondene nezihlubuki ezingamhloniphi uNkulunkulu, umfundi uJude wathi futhi: “Laba bangabantu ababubulayo, abakhonondayo ngesabelo sabo ekuphileni, beqhubeka ngokwezifiso zabo siqu.” (Jude 3, 4, 8, 16) Namuhla, abanye abantu baba ababubulayo ngoba bavumela isimo sengqondo esigqwalisayo ngokomoya ukuba sakheke ezinhliziyweni zabo. Ngokuvamile bagxila ekungaphelelini kwalabo abanamalungelo obubonisi ebandleni bese beqala ukububula ngabo. Ukububula nokukhononda kwabo kungaze kudlulele ngisho nasekugxekeni izincwadi ‘zesigqila esikholekile.’

15 Kufanelekile ukubuza imibuzo eqotho ngendaba ethile engokomBhalo. Kodwa kuthiwani uma sesiba nesimo sengqondo esiphambene esizibonakalisa engxoxweni egxekayo uma siphakathi kwabangane abaseduze? Kungaba kuhle ukuzibuza, ‘Kuzogcinaphi lokhu? Ngeke yini kube ngcono ukuyeka ukububula futhi ngithandazele ukuhlakanipha ngokuzithoba?’ (Jakobe 1:5-8; Jude 17-21) UKora nabasekeli bakhe, abahlubuka egunyeni likaMose no-Aroni, kungenzeka babeqiniseka ukuthi umbono wabo wawufaneleka baze bangazihlola nezisusa zabo. Noma kunjalo, babenhlanhlathile. Kunjalo nangama-Israyeli abubula ngokubhujiswa kukaKora nezinye izihlubuki. Yeka indlela okuwukuhlakanipha ngayo ukuvumela izibonelo ezinjalo zisishukumisele ekubeni sihlole izisusa zethu, sixoshe ukububula nokukhononda, futhi sivumele uJehova ukuba asicwengisise!—IHubo 17:1-3.

Funda, Futhi Ujabulele Izibusiso

16. Uyini umongo wokunxusa okukweyoku-1 Korinte 10:11, 12?

16 Ngaphansi kokuphefumulelwa kwaphezulu, uPawulu uphetha uhlu lwezigijimi eziyisixwayiso ngokunxusa: “Manje lezizinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe isixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto. Ngenxa yalokho lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi.” (1 Korinte 10:11, 12) Kwangathi singekuthathe kalula ukuma kwethu ebandleni lobuKristu.

17. Uma sizizwa sinesisusa esingafanele ezinhliziyweni zethu, yini okufanele siyenze?

17 Njengoba insimbi ithambekele ekugqwaleni, ngokufanayo nathi esiyinzalo ka-Adamu owayenesono siye sazuza njengefa ukuthambekela ebubini. (Genesise 8:21; Roma 5:12) Ngakho, akufanele sidumale lapho sizizwa sinesisusa esingafanele ezinhliziyweni zethu. Kunalokho, masithathe isinyathelo esiwujuqu. Lapho insimbi ibekwe endaweni enomoya oswakeme noma engayonakalisa, ukuthomba kwayo kushesha kakhulu. Kudingeka sigweme ukuthola “umoya” wezwe likaSathane, nezokuzijabulisa kwalo okungcolile, ukuziphatha okubi okudlangile, nesimo sengqondo esiphambene.—Efesu 2:1, 2.

18. Yini uJehova aye wayenza ecabangela ukuthambekela okungalungile kwesintu?

18 UJehova uye walungiselela isintu indlela yokulwa nokuthambekela okungalungile esikuzuze njengefa. Wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuze labo ababonisa ukholo kuyo babe nokuphila okumi phakade. (Johane 3:16) Uma silandela izinyathelo zikaJesu eduze futhi sibonise ubuntu obunjengobukaKristu, siyoba yisibusiso kwabanye. (1 Petru 2:21) Futhi siyothola izibusiso zaphezulu, hhayi iziqalekiso.

19. Singazuza kanjani ekucabangeleni izibonelo ezingokomBhalo?

19 Nakuba namuhla sisesimweni sokwenza amaphutha njengama-Israyeli asendulo, thina sineZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, eliphelele elingasiqondisa. Emakhasini alo sifunda ngokusebenzelana kukaJehova nesintu kanye nezimfanelo zakhe ezabonakala kuJesu, ‘owukubonakaliswa kwenkazimulo kaNkulunkulu nomfanekiso okuyiwonawona wobuqu bakhe uqobo.’ (Heberu 1:1-3; Johane 14:9, 10) Ngomthandazo nangokutadisha imiBhalo ngenkuthalo, singaba ‘nomqondo kaKristu.’ (1 Korinte 2:16) Lapho sibhekene nezilingo nokunye ukuvivinywa kokholo lwethu, singazuza ekucabangeleni izibonelo zasendulo ezingokomBhalo futhi ikakhulukazi isibonelo esivelele sikaJesu Kristu. Uma senze njalo, ngeke kudingeke sibhekane nokukhishwa kweziqalekiso zaphezulu kithi. Kunalokho, siyojabulela umusa kaJehova namuhla nezibusiso zakhe phakade.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka INqabayokulinda ka-July 15, 1992, ikhasi 4.

Ungaphendula Kanjani?

◻ Singasisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu sokuba singabi abakhonza izithombe?

◻ Yini esingayenza ukuze silalele isixwayiso somphostoli ngobufebe?

◻ Kungani kufanele sigweme ukububula nokukhononda?

◻ Singazithola kanjani izibusiso zaphezulu, hhayi iziqalekiso?

[Isithombe ekhasini 18]

Uma sifuna izibusiso zaphezulu, kumelwe sigweme ukukhonza izithombe

[Izithombe ekhasini 20]

Njengoba nje nokugqwala kudinga ukususwa, masithathe isinyathelo esiwujuqu sokususa izifiso ezingafanele ezinhliziyweni zethu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela