Gwemani ‘Ukububula’
“Qhubekani nenza zonke izinto ngaphandle kokububula.”—FILIPI 2:14.
1, 2. Isiphi iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza amaKristu aseFilipi nawaseKorinte, futhi ngani?
EKHULWINI lokuqala umphostoli uPawulu walitusa kakhulu ibandla lobuKristu laseFilipi encwadini ephefumulelwe uNkulunkulu alibhalela yona. Watusa akholwa nabo kulowo muzi ngomoya wabo wokupha nowentshiseko, wabonisa nokuthi wayeyijabulela imisebenzi yabo emihle. Nokho, uPawulu wabakhumbuza ukuba ‘baqhubeke benza zonke izinto ngaphandle kokububula.’ (Filipi 2:14) Kungani umphostoli anikeza lesi siyalo?
2 UPawulu wayazi ukuthi ukububula kungaholelaphi. Eminyakeni embalwa ngaphambili, wayekhumbuze ibandla laseKorinte ukuthi kungaba ingozi. UPawulu wabonisa ukuthi ngenkathi ama-Israyeli esehlane, ayethukuthelise uJehova ngokuphindaphindiwe. Kanjani? Ngokufisa izinto ezilimazayo, ngokukhonza izithombe, ngokufeba, ngokumvivinya uJehova nangokububula. UPawulu wakhuthaza abaseKorinte ukuba bafunde kulezi zibonelo. Wabhala: “Ningabubuli, njengoba abanye babo babubula, kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo ngumbhubhisi.”—1 Korinte 10:6-11.
3. Kungani sinesithakazelo endabeni yokububula namuhla?
3 Njengezinceku zikaJehova zanamuhla, sibonisa umoya ofana nowebandla laseFilipi. Sishisekela imisebenzi emihle, futhi sinothando phakathi kwethu. (Johane 13:34, 35) Nokho, uma sicabanga ngomonakalo ukububula okwawudala phakathi kwabantu bakaNkulunkulu esikhathini esidlule, sinesizathu esihle sokulalela lesi seluleko: “Qhubekani nenza zonke izinto ngaphandle kokububula.” Ake siqale sihlole izibonelo zokububula ezisemiBhalweni. Sizobe sesixoxa ngezinto esingazenza ukuze sivimbele ukububula kungadali umonakalo namuhla.
Inhlangano Embi Ibubula NgoJehova
4. Ama-Israyeli abubula kanjani ehlane?
4 Lapho likhuluma ngezenzakalo ezenzeka phakathi neminyaka engu-40 u-Israyeli esehlane, iBhayibheli lisebenzisa igama lesiHebheru elisho “ukububula, ukukhala, ukukhononda noma ukugwavuma.” Ngezinye izikhathi, ama-Israyeli ayenganeliseki ngesimo sawo ekuphileni abese ebubula. Ngokwesibonelo, emasontweni ambalwa nje ngemva kokukhululwa ebugqilini eGibhithe, “yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yaqala ukububula ngoMose no-Aroni.” Ama-Israyeli akhononda ngokudla, ethi: “Ngabe kungcono ukube safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibhithe lapho sasihlala ngasezimbizeni zenyama, lapho sasidla isinkwa size saneliseke, ngoba usikhiphele kuleli hlane ukuze ubulale lonke leli bandla ngendlala.”—Eksodusi 16:1-3.
5. Lapho ama-Israyeli ekhononda, empeleni ayebubula ngobani?
5 Empeleni, uJehova wasekela ama-Israyeli ngalokho ayekudinga ehlane, wawanikeza ngothando ukudla namanzi. Abantu bakwa-Israyeli abazange nakanye babe sengozini yokubulawa indlala ehlane. Nokho, benomoya wokunganeliseki, benza ihaba ngesimo sabo esinzima, baqala ukububula. Nakuba babekhononda ngoMose no-Aroni, ngokukaJehova empeleni babenganelisekile ngaYe uqobo. UMose watshela ama-Israyeli: “UJehova ukuzwile ukububula kwenu ngaye. Thina siyini? Anibubuli ngathi kodwa nibubula ngoJehova.”—Eksodusi 16:4-8.
6, 7. Njengoba kuboniswe kuNumeri 14:1-3, isimo sengqondo sama-Israyeli sase sishintshe kanjani?
6 Kungakabiphi, ama-Israyeli aphinda abubula. UMose wayethume amadoda angu-12 ukuba ayohlola iZwe Lesithembiso. Ayishumi kuwo abuya nombiko omubi. Waba yini umphumela? “Bonke abantwana bakwa-Israyeli baqala ukububula ngoMose no-Aroni, futhi yonke inhlangano yaqala ukukhuluma la mazwi kubo: ‘Ukube sasifele ezweni laseGibhithe, noma sasifele kuleli hlane! Futhi uJehova usilethelani kuleli zwe [laseKhanani] ukuba siwe ngenkemba? Omkethu nabancane bethu bayoba impango. Akungcono yini ukuba sibuyele eGibhithe?’”—Numeri 14:1-3.
7 Yeka indlela isimo sengqondo sama-Israyeli esase sishintshe ngayo! Ukwazisa ayenakho ekuqaleni ngokukhululwa eGibhithe nasoLwandle Olubomvu kwakuwenze ahubela uJehova izindumiso. (Eksodusi 15:1-21) Nokho, uma esehlukumezeka ehlane futhi esesaba abaseKhanani, ukwazisa kwabantu bakaNkulunkulu kwajika kwaba umoya wokunganeliseki. Kunokuba bambonge uNkulunkulu ngenkululeko abase benayo, bamsola ngalokho ababekubheka njengokuswela, kube kungekhona neze. Ngakho, ukububula kwakubonisa ukuntula ukwazisa okufanele ngamalungiselelo kaJehova. Shono uJehova athi: “Kuyoze kube nini le nhlangano embi ilokhu ibubula ngami?”—Numeri 14:27; 21:5.
Ukububula Ekhulwini Lokuqala
8, 9. Yisho izibonelo zokububula ezisemiBhalweni YamaKristu YesiGreki.
8 Izibonelo zokububula ezandulele zazihilela amaqembu abantu ababekuzwakalisa obala ukunganeliseki kwabo. Nokho, lapho uJesu Kristu eseJerusalema eze eMkhosini Wamadokodo ngo-32 C.E., “kwakunokuvungama okuningi ngaye phakathi kwezixuku.” (Johane 7:12, 13, 32) Kwakuhletshezwa ngaye, abanye bethi ungumuntu olungile, abanye bephika.
9 Kwesinye isenzakalo, uJesu nabafundi bakhe babemenywe emzini kaLevi, noma uMathewu, umthelisi. “AbaFarisi nababhali babo baqala ukukhononda kubafundi bakhe, bethi: ‘Kungani nidla futhi niphuza nabathelisi nezoni?’” (Luka 5:27-30) Kamuva eGalile “amaJuda akhononda [ngoJesu] ngoba ethé: ‘Mina ngiyisinkwa esehle ezulwini.’” Ngisho nabanye babalandeli bakaJesu kwabacasula lokho akusho, baqala ukububula.—Johane 6:41, 60, 61.
10, 11. Kungani amaJuda akhuluma isiGreki abubula, futhi abadala abangamaKristu bangazuza kanjani endleleni okwasingathwa ngayo lokho kububula?
10 Ngemva nje kwePhentekoste lika-33 C.E., kwaba khona ukububula okwaba nomphumela omuhle. Abafundi abaningi ababesanda kuphenduka ababevela ngaphandle kwakwa-Israyeli babebungazwa amakholwa aseJudiya, kodwa kwavela izinkinga mayelana nokwabelana ngokudla okwakutholakala. Ukulandisa kuthi: “Kwaba khona ukububula kumaJuda akhuluma isiGreki ebubula ngamaJuda akhuluma isiHebheru, ngoba abafelokazi bawo babenganakwa esabelweni sansuku zonke.”—IzEnzo 6:1.
11 Abantu ababebubula lapha babengafani nama-Israyeli ehlane. AmaJuda akhuluma isiGreki awazange aqhutshwe ubugovu, azwakalise ukunganeliseki ngesimo sawo ekuphileni. Abonisa ukuthi izidingo zabanye babafelokazi zazinganakwa. Ngaphezu kwalokho, labo ababebubula abazange basuse udweshu bakhononde obala ngoJehova. Bakhononda kubaphostoli, ababe sebehlela ukuba kwenziwe okuthile ngokushesha ngoba isikhalo sasifanele. Yeka isibonelo esihle abaphostoli abasibekela abadala abangamaKristu namuhla! Laba belusi abangokomoya bayaqaphela ukuba ‘bangavali izindlebe zabo ukuze bangakuzwa ukukhalaza komuntu ophansi.’—IzAga 21:13; IzEnzo 6:2-6.
Qaphela Ithonya Elonakalisayo Lokububula
12, 13. (a) Fanekisa imiphumela yokububula. (b) Yini engase yenze umuntu abubule?
12 Iningi lezibonelo ezisemiBhalweni esixoxe ngazo libonisa ukuthi esikhathini esidlule ukububula kwadala umonakalo omkhulu phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Ngakho-ke, kuhle sicabange ngokungathí sina ngethonya elonakalisayo ukububula okungaba nalo namuhla. Umfanekiso ungase usize. Izinhlobo eziningi zensimbi ziyathomba ngokwemvelo. Uma izinkomba zokuqala kokuthomba kwensimbi zishaywa indiva, ingonakala ize ingabe isasebenziseka. Ziningi izimoto ezilahlwa kungengoba ziphukile, kodwa ngoba sezithombe kangangokuthi azisaphephile. Singawusebenzisa kanjani lo mfanekiso ekububuleni?
13 Njengoba nje izinsimbi ezithile zithomba kalula, abantu abangaphelele bathambekele ekukhonondeni. Kufanele siqaphe ukuze sibone noma iziphi izimpawu zalokhu. Njengoba nje umswakama nomoya onosawoti kungasheshisa inqubo yokuthomba, izinhlupheko zingasenza sithambekele nakakhulu ekububuleni. Ukucindezeleka kungenza into encane esicasulayo iphenduke isikhalo esikhulu. Njengoba izimo ziba zimbi nakakhulu ezinsukwini zokugcina zalesi simiso, izinto ezingabangela ukukhononda cishe zizokwanda. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho, enye inceku kaJehova ingase iqale ukububula ngenye. Kungase kudalwe yinto encane, njengokucasulwa ubuthakathaka bothile, amakhono akhe, noma amalungelo akhe enkonzo.
14, 15. Kungani kungafanele sikuyeke ukuthambekela kokukhononda singakulungisi?
14 Kungakhathaliseki ukuthi yini esenza singajabuli, uma singakulawuli ukuthambekela kokukhononda, kungakha kithi umoya wokunganeliseki, kusenze abantu abahlale bebubula. Yebo, ithonya lokububula elonakalisayo ngokomoya lingasonakalisa ngokuphelele. Lapho ama-Israyeli ebubula ngokuphila kwasehlane, aze asola uJehova imbala. (Eksodusi 16:8) Kwangathi singekulokothe lokho!
15 Ukuthomba kalula kwensimbi kungancishiswa ngokuyipenda ngopende ovimbela ukuthomba nokuzilungisa ngokushesha izindawana eziqala ukuthomba. Ngokufanayo, uma sibona ukuthambekela kokukhononda kithi ngokwethu, singakulawula ngokuthatha izinyathelo ngokushesha futhi sithandaze ngale ndaba. Kanjani?
Bheka Izinto Ngombono KaJehova
16. Uma sinokuthambekela kokukhononda, singakunqoba kanjani?
16 Ukububula kusenza sigxile kithi ngokwethu nasezinkingeni zethu, sikhohlwe izibusiso esizijabulelayo njengoFakazi BakaJehova. Uma sinokuthambekela kokukhononda, kudingeka sihlale sizikhumbula lezi zibusiso ukuze sikunqobe. Ngokwesibonelo, ngamunye wethu unelungelo elimangalisayo lokubizwa ngegama likaJehova. (Isaya 43:10) Singahlakulela ubuhlobo obuseduze naye, futhi siyakwazi ukukhuluma ‘noMuzwi womthandazo’ nganoma isiphi isikhathi. (IHubo 65:2; Jakobe 4:8) Ukuphila kwethu kunenjongo ngempela ngoba siyayiqonda impikiswano yobukhosi bendawo yonke futhi siyakhumbula ukuthi kuyilungelo kithi ukugcina ubuqotho kuNkulunkulu. (IzAga 27:11) Singahlanganyela njalo ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14) Ukuba nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu kusenza sikwazi ukuba nonembeza ohlanzekile. (Johane 3:16) Lezi yizibusiso esizijabulelayo kungakhathaliseki ukuthi yini esiyikhuthazelelayo.
17. Kungani kufanele sizame ukubheka izinto ngombono kaJehova, ngisho noma sinesizathu esizwakalayo sokukhononda?
17 Masizame ukubheka izinto ngombono kaJehova, hhayi owethu kuphela. Umhubi uDavide wahlabelela: “O Jehova, ngazise izindlela zakho; ngifundise imikhondo yakho.” (IHubo 25:4) Uma sinesizathu esizwakalayo sokukhononda, uJehova uyabona. Angayilungisa ngaso leso sikhathi indaba. Pho kungani ngezinye izikhathi evumela izinhlupheko ukuba ziqhubeke? Kungenzeka wenzela ukusisiza sihlakulele izimfanelo ezinhle, njengesineke, ukukhuthazela, ukholo nokubekezela.—Jakobe 1:2-4.
18, 19. Fanekisa lokho okungaba imiphumela yokubekezelela kwethu izimo ezingemnandi singakhonondi.
18 Ukubekezelela kwethu izimo ezingemnandi singakhonondi akugcini ngokusisiza sithuthukise ubuntu bethu kodwa futhi kungabahlaba umxhwele nalabo ababheke indlela esiziphatha ngayo. Ngo-2003 iqembu loFakazi BakaJehova lalihamba ngebhasi lisuka eJalimane liya emhlanganweni omkhulu eHungary. Umshayeli webhasi wayengeyena uFakazi, futhi wayengakuthandisisi ukuthi wayezobe enoFakazi izinsuku eziyishumi. Nokho, uhambo lwaphela eseshintshe ngokuphelele. Kungani?
19 Phakathi nohambo, konakala izinto eziningana. Kodwa oFakazi abazange nanini bakhononde. Umshayeli wathi leli kwakuyiqembu labagibeli eliwadlula wonke ake wawathutha! Empeleni, wathembisa ukuthi ngokulandelayo lapho kufika oFakazi kwakhe, uyobangenisa abalalelisise. Yeka umbono omuhle labo bagibeli abamshiya nawo ‘ngokwenza zonke izinto ngaphandle kokububula’!
Umoya Wokuthethelela Uthuthukisa Ubunye
20. Kungani kufanele sithethelelane?
20 Kuthiwani uma sinesikhalo ngomunye umKristu? Uma kuyindaba engathí sina, kufanele sisebenzise izimiso ezisemazwini kaJesu akuMathewu 18:15-17. Nokho, lokhu ngeke kudingeke njalo ngoba izikhalo eziningi ziphathelene nezinto ezincane. Kungani ungazami ukubheka isimo njengethuba lokubonisa umoya wokuthethelela? UPawulu wabhala: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:13, 14) Ingabe singathethelela? UJehova akanazo yini izizathu zokukhononda ngathi? Noma kunjalo, ubonisa isihawu nomoya wokuthethelela ngokuphindaphindiwe.
21. Abantu abalalele umuntu obubulayo bangase bazizwe kanjani?
21 Kungakhathaliseki ukuthi isikhalo siyini, ukububula ngeke kuyixazulule indaba. Igama lesiHebheru elisho “ukububula” lingasho futhi “ukugwavuma.” Cishe asikujabuleli ukuba seduze komuntu ohlale ebubula; sizama ukuqhela kuye. Uma singase sibubule, noma sigwavume, labo abasilalele bangazizwa ngendlela efanayo. Bangase bangakuthandi ukuba seduze kwethu, baze bafune ukuqhela kithi! Ukugwavuma kungase kwenze umuntu asinake, kodwa ngeke neze kumenze asithande.
22. Enye intombazane yathini ngoFakazi BakaJehova?
22 Umoya wokuthethelela uthuthukisa ubunye—into abayazisayo abantu bakaJehova. (IHubo 133:1-3) Kwelinye izwe laseYurophu, intombazane engumKatolika eneminyaka engu-17 ubudala yabhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova iveza indlela ebahlonipha ngayo. Yathi: “[Lena] ukuphela kwenhlangano engiyaziyo enamalungu angahlukanisiwe inzondo, ukuhaha, ukungabekezelelani, ubugovu noma ukungezwani.”
23. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
23 Ukwazisa izibusiso ezingokomoya esizitholayo njengabakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova, kuyosisiza sithuthukise ubunye, sigweme ukububula ngabanye ezindabeni ezithinta thina nabo. Isihloko esilandelayo sizobonisa indlela izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu eziyosinqanda ngayo singabubuli ngendlela eyingozi nakakhulu—ukububula ngengxenye yasemhlabeni yenhlangano kaJehova.
Uyakhumbula?
• Yini ehilelekile ekububuleni?
• Imiphumela yokububula ingafanekiswa kanjani?
• Yini engasisiza ukuba sinqobe ukuthambekela kokububula?
• Ukuzimisela ukuthethelela kungasisiza kanjani ukuba singabubuli?
[Isithombe ekhasini 14]
Empeleni ama-Israyeli ayebubula ngoJehova!
[Isithombe ekhasini 17]
Uyazama yini ukubheka izinto njengoJehova?
[Izithombe ekhasini 18]
Umoya wokuthethelela uthuthukisa ubunye bobuKristu