Ukuthatha Umhlalaphansi—Ingabe Umnyango Ovulekile Oya Emsebenzini Ongokwasezulwini?
UKUTHATHA umhlalaphansi—kwabaningi kuvala umnyango wenkathi ende yokucindezeleka nobunzima. Ngemva kokuvaleleka endleleni yokuphila eyisicefe noma ephithizelayo, abaningi balangazelela ukuba umhlalaphansi ubavulele umnyango oya eminyakeni yokuphumula nokukhululeka. Nokho, ngokuvamile lowo mnyango uholela ekubeni nesithukuthezi nasekucobekeni. Ukuzilibazisa nemidlalo kumane kunganikezi umuzwa wokubaluleka onikezwa umsebenzi.
KoFakazi BakaJehova, ukuthatha umhlalaphansi kungavula “umnyango omkhulu oholela emsebenzini.” (1 Korinte 16:9) Nakuba ukukhula kunezinkinga nokulinganiselwa kwako, abanye abantu asebekhulile baye bathola ukuthi ngosizo lukaJehova bangayandisa inkonzo yabo eya kuye. Cabangela okuhlangenwe nakho kwamaKristu athile asekhulile aseNetherlands. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1995, amaphayona angu-269 kwangaphezu kuka-1 223 (abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele) ayeneminyaka engu-50 ubudala noma ngaphezulu. Kulawa, angu-81 ayeneminyaka engu-65 ubudala noma ngaphezulu.
Abanye bayakwazi ukuphayona ngokumane baqhubeke nesimiso esimatasa abasimisa ngenkathi besasebenza. (Qhathanisa neyabaseFilipi 3:16.) Omunye umKristu osathatha umhlalaphansi okuthiwa uKarel uyakhumbula: “Lapho ngisenza umsebenzi wokuziphilisa, ngangivame ukuqala ukusebenza ngo-7:30 ekuseni. Lapho ngiqala ukuhola impesheni, nganquma ukuqhubeka naleso simiso. Ngangiqala usuku ngokufakaza ngomagazini phambi kwesiteshi sikaloliwe njalo ekuseni ngehora lesikhombisa.”
Ukuhlela ngokucophelela nakho kuyisihluthulelo sempumelelo. (IzAga 21:5) Ngokwesibonelo, abanye baye bakwazi ukonga imali eyanele ukuze bazisekele enkonzweni yabo. Abanye baye banquma ukunciphisa izindleko zomuntu siqu bese bebamba itoho. Cabangela uTheodore no-Ann. Baqala ukuphila kwasemshadweni bengamaphayona kwaze kwaba yilapho izibopho zomkhaya zidinga ukuba bayeke ukuphayona. Kodwa umoya wabo wokuphayona awuzange ushabalale! Njengoba amadodakazi abo ekhula, ayehlale ekhuthazwa ukuba aphayone. Okubaluleke kakhulu, oTheodore no-Ann babebeka isibonelo esihle, bevamé ukukhonza njengamaphayona asizayo. Lapho lamantombazane esekhulile, uTheodore no-Ann baqala ukunciphisa umsebenzi wokuziphilisa ukuze babe nesikhathi esengeziwe senkonzo yasensimini.
Ngemva kokuba lamadodakazi abo engenele inkonzo yesikhathi esigcwele futhi ahamba ekhaya, u-Ann wathatha ubuphayona. Ngolunye usuku wakhuthaza uTheodore ukuba ayeke umsebenzi wakhe. “Sobabili singaphayona,” esikisela. UTheodore watshela umqashi wakhe ngezinhloso zakhe. Wamangala lapho lomphathi wakhe ezicelela ukumsiza ngokumnikeza umsebenzi oyitoho, ethi: “Ngicabanga ukuthi ufuna ukumsebenzela ngokugcwele umphathi wakho olé phezulu [ezulwini].” UTheodore no-Ann manje bajabulela ukuphayona ndawonye.
Abanye bathatha ubuphayona ngenxa yezimo ezaba khona ekuphileni kwabo. Ukufa okubuhlungu kwendodakazi nomzukulu wabo kwenza omunye umbhangqwana osukhulile wayicabangela ngokungathi sína indlela owawusebenzisa ngayo iminyaka yawo eyayisele. (UmShumayeli 7:2) Kunokuba unqotshwe ukudabuka, wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele, osuneminyaka engu-8 uyijabulela!
Kuyavunywa ukuthi kudinga ukuzimisela kwangempela ukuhlala enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngokwesibonelo, u-Ernst nomkakhe, uRiek, bathatha ubuphayona ngemva nje kokuba izingane zabo zihambile ekhaya. Kungakapholi maseko umuntu othile ababekade benaye ebhizinisini wathembisa u-Ernst umsebenzi oholela kahle. U-Ernst waphendula: “Sinomqashi ongcono kakhulu, futhi asizimisele ukumshiya!” Ngenxa yokuthi u-Ernst nomkakhe bahlala “beqashwe” uJehova, bavulekelwa amanye amalungelo enkonzo. Bakhonza emsebenzini wesifunda iminyaka engaphezu kuka-20 futhi basaqhubeka bephayona kuze kube namuhla. Ingabe bayazisola ngenkambo yabo yokuzidela? Esikhathini esithile esidlule lombhangqwana wabhala: “Uma kuyintando kaJehova, ezinyangeni ezintathu ezizayo sinethemba lokugubha unyaka wama-50 sishadile, ovame ukubizwa ngokuthi unyaka wesikhumbuzo wegolide [golden anniversary]. Kodwa ngokuqiniseka okugcwele sithi iminyaka yethu yegolide ngempela yaqala lapho sithatha ubuphayona.”
Abaningi bathola ukuthi umnyango oholela emsebenzini owengeziwe uholela nasenjabulweni eyengeziwe! Omunye umzalwane owathatha ubuphayona ngemva kwamasonto amabili ehlanganise iminyaka engu-65 ubudala uthi: “Kumelwe ngisho ukuthi ekuphileni kwami akukaze kube nenkathi egcwele izibusiso ezicebe njengaseminyakeni eyishumi edlule ngiphayona.” Umbhangqwana oshadile osuneminyaka engaphezu kwengu-7 uphayona uthi: “Yini enye umbhangqwana ongangathi nonezimo ezinjengezethu okufanele ngabe uyayenza? Sivame ukubona abantu abanjengathi ensimini—behlezi kamnandi emakhaya, bemane nje bekhuluphala, beguga, futhi beqina imisipha. Inkonzo isigcina siphilile engqondweni nasemzimbeni. Sihlale sindawonye. Sihlale sihleka futhi siyakujabulela ukuphila.”
Kuyiqiniso ukuthi akubona bonke abantu asebekhulile abanezimo ezibavumela ukuba baphayone. LamaKristu angaqiniseka ukuthi uJehova uyayazisa noma yini akwazi ukuyenza enkonzweni yakhe. (Qhathanisa noMarku 12:41-44.) Ngokwesibonelo, omunye udade okhubazekile uvaleleke ekhaya lokunakekela abagugile. Nokho, umnyango womsebenzi usamvulekele! Udokotela othile wambuza ukuthi usichitha kanjani isikhathi sakhe. Uyalandisa: “Ngamtshela ukuthi ngihlale ngingenaso isikhathi. Akazange akuqonde lokhu. Ngamtshela ukuthi lokhu kungenxa yokuthi izinsuku zami zigcwele imisebenzi eyanelisayo. Anginaso isizungu, kodwa ngifuna abanye abanesizungu bese ngizama ukubatshela ngalokho uNkulunkulu akugcinele isintu.” Lendaba uyifingqa ngokuthi: “Akukho okungako ongakulindela kumuntu ocishe abe neminyaka engu-80. Ngithandazeleni ukuze ngikwazi ukuqhubeka ngiholela abaningi kuJehova.”
Ingabe ususeminyakeni yokuthatha umhlalaphansi? Umnyango oya ekunethezekeni ungase ukhange kakhulu, kodwa awuwona umnyango oya esibusisweni esingokomoya. Zicabangele ngomthandazo izimo zakho. Kungenzeka ukuthi ungangena ngomnyango oholela emsebenzini owengeziwe enkonzweni kaJehova.
[Izithombe ekhasini 25]
Ukuthatha umhlalaphansi kungaholela emsebenzini owengeziwe enkonzweni