Umhlalaphansi—Ingabe Ungumnyango Oholela Emsebenzini Owengeziwe?
1 Abantu abaningi abasebenza kanzima basibheke ngabomvu isikhathi lapho umhlalaphansi uyobakhulula emshikashikeni nasezingcindezini zomsebenzi wokuziphilisa. Nokho, ngokuvamile umhlalaphansi wenza abantu bazithele ngabandayo, babe nesizungu, futhi baguge ngokushesha. Ukuntula umsebenzi onenjongo kungenza umuntu ahlale ecabanga ngosizi lwakhe. Iphephandaba laseBrazil labika ukuthi izisebenzi zomphakathi esezathatha umhlalaphansi zazikhala ngezinkinga ‘ezinjengokunganeliseki, ukucasulwa ubala, ukungalondeki, ukuzizwa zingadingekile, ukucindezeleka nokuba nomuzwa wokuthi ukuphila kwazo akusenanjongo.’
2 Ngokuphambene, amaKristu amaningi abheka le nkathi ekuphileni kwawo njengomnyango oholela emsebenzini ongokomoya owengeziwe. Omunye umzalwane owaqala ukuphayona emasontweni amabili ngemva kokuhlanganisa iminyaka engu-65 ubudala wathi: “Ekuphileni kwami angikaze ngibe nesikhathi esigcwele izibusiso kangaka njengaseminyakeni eyishumi edlule ngiphayona.” Omunye umbhanqwana wabhala wathi: “Iminyaka yethu yokuguga emnandi ngempela yaqala lapho siqala ukuphayona.” Yebo, kwabaningi, umhlalaphansi uvula ithuba elihle kakhulu lokwandisa inkonzo yabo futhi bathole izibusiso eziningi ezivela kuJehova.
3 Ukuzigcina Umatasa Futhi Ukhiqiza: Abaningi manje asebethathe umhlalaphansi bákhula bengenazo izinto ezenza ukuphila kube lula ezivamile namuhla ngakho bafunda ukusebenza kanzima kusukela besebancane. Nakuba kungenzeka ukuthi abasenawo amandla obusha, baseyizisebenzi ezikhiqiza kakhulu. Ensimini yelinye igatsha, amaphesenti angu-22 amaphayona—abazalwane nodade abangaba ngu-20 000—aneminyaka esukela kwengu-60 ubudala. Laba asebekhulile banengxenye enkulu emsebenzini wokushumayela. Amabandla abakhonza kuwo ayazuza olwazini lwabo nasezimfanelweni zabo zokwesaba uNkulunkulu.—Jak. 3:17, 18.
4 Ukuba matasa enkonzweni yobuKristu kunomthelela ekwenzeni impilo ibe ngcono nasekuthuthukiseni ukuphila. Udade oneminyaka engu-84 ubudala owaqala ukuphayona lapho ethatha umhlalaphansi wathi: “Ukuba nezifundo zeBhayibheli eziningi nabantu abathakazelayo kwenza ingqondo yami ihlale isebenza. Anginayo imoto, ngakho ngihamba kakhulu ngezinyawo. Lokho kungigcina ngingumqemane.” Umbhanqwana ongamaphayona osukhulile wathi: “Inkonzo isigcina siphilile engqondweni nasemzimbeni. Sihlale sindawonye. Sihlale sihleka sijabulela ukuphila.”
5 Ukukhonza Lapho Kunendingeko Khona: Amanye amaKristu asethathe umhlalaphansi azimo zawo zezimali ziyawavumela aye athutha ayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso. Amanye aye andisa inkonzo yawo ayokhonza ensimini yabakhuluma olunye ulimi. Njengomphostoli uPawulu, laba bamemezeli abashisekayo ‘benza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze babe abahlanganyeli bazo nabanye.’—1 Kor. 9:23.
6 Omunye umbhanqwana waqala ukuphayona ngemva kokukhulisa amadodana awo amabili. Ngemva kweminyaka embalwa uphayona, waqala ukufunda ulimi lwesiShayina. Muva nje, usuwevile impela eminyakeni engu-70, uye wajabulela ukubona iqembu labakhuluma isiShayina obulokhu usebenza nalo liba ibandla. Yeka ukuthi imibhanqwana enjengalena ibe yisibusiso kanjani!
7 Awukho Umhlalaphansi Enkonzweni: Nakuba abantu abaningi begcina bethathe umhlalaphansi emsebenzini, awukho umhlalaphansi kunoma imuphi umKristu enkonzweni kaNkulunkulu. Bonke kumelwe baqhubeke bethembekile ‘kuze kube sekupheleni.’ (Math. 24:13, 14) Kuyiqiniso ukuthi ngenxa yokuhamba kweminyaka, abanye abasakwazi ukwenza okuningi ababekwenza ngaphambili enkonzweni kaJehova. Kodwa yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukubabona benza okusemandleni abo ngenhliziyo yabo yonke! IZwi likaNkulunkulu libaqinisekisa ngokuthi uJehova ngeke awukhohlwe umsebenzi wabo nothando abalubonisa kulo igama lakhe.—Luka 21:1-4; Heb. 6:10.
8 Uma kuwukuthi ususondela eminyakeni yokuthatha umhlalaphansi, kungani ungathandazi ucabangele indlela ongazisebenzisa ngayo ngokugcwele izimo zakho esezizoshintsha? Ngosizo lwaphezulu, ungathola ukuthi umhlalaphansi ukuvulela umnyango wokwandisa inkonzo okuyinto eletha udumo kuJehova nezibusiso eziningi.—IHu. 148:12, 13.